Isiprofetho ngokwahlulelwa kukaIsrayeli
1UJehova wathi kimi: Zithathele isibhebhe esikhulu, ubhale kuso ngokwendlela yomuntu ngokuthi uMahere-Shalali-Hashi-Bazi*.
2Ngazifakazisela ofakazi abaqinisileyo, u-Uriya umpristi noZakariya indodana kaJeberekiya.
3Ngase ngiya kumprofethikazi; wakhulelwa, wazala indodana. Wayesethi uJehova kimi: Biza igama layo ngokuthi uMahere-Shalali-Hashi-Bazi*.
4Ngokuba umntwana engakazi ukumemeza ngokuthi baba nomame, kuyakususwa ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya phambi kwenkosi yaseAsiriya.
5UJehova wabuye wakhuluma kimi, wathi:
6Ngenxa yokuba lababantu badelela amanzi aseShilowa ahamba kancane, bathokoza ngoResini nendodana kaRemaliya,
7ngalokho bheka, iNkosi iyabakhuphulela amanzi omfula anamandla namaningi — yinkosi yaseAsiriya nabo bonke ubukhosi bayo — ukhuphuke phezu kwazo zonke izingu zawo, weqe nazo zonke izindonga zawo,
8utheleke kwaJuda, ukhukhule, udlule, ufinyelele entanyeni, besewugcwalisa ngamaphiko awo eluliweyo ububanzi bezwe lakho, Imanuweli.
9Bhevani nina-zizwe, niyakuphela amandla nokho;
bekani indlebe nina-mazwe onke akude:
zibhinceni, kepha niyakudangala,
yebo, zibhinceni, niyakuphela amandla nokho.
10Lulekanani nokululekana, kepha kuyakuchithwa;
khulumani izwi, kodwa aliyikuma,
ngokuba uNkulunkulu unathi.
11Ngokuba uNkulunkulu ukhulumile kanjalo kimi ngesandla esinamandla, wangiyala ukuba ngingahambi ngendlela yalababantu, wathi:
12Ningasho ukuthi kuluzungu konke abakushoyo lababantu ukuthi kuluzungu, ningesabi abakwesabayo, nibe-novalo ngakho.
13UJehova-Sebawoti, mngcweliseni yena, kube-nguye enimesabayo, yebo, kube-nguye eninovalo ngaye.
14Uyakuba-ngokungcwele, futhi abeyitshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa kuzo izindlu zombili zakwaIsrayeli, abelugibe nesihibe kwabakhileyo eJerusalema.
15Abaningi phakathi kwabo bayakukhubeka, bawe, baphuke, bacushwe, babanjwe.
16Bopha ubufakazi, uwunamathelise umthetho phakathi kwabafundi bami.
17Ngiyakumlindela uJehova ositheza ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe, ngethembe kuye.
18Bheka, mina nabantwana uJehova anginiké bona siyizibonakaliso nezimangaliso kwaIsrayeli, ezivela kuJehova-Sebawoti ohlezi entabeni yaseSiyoni.
19Lapho bethi kini: Funani kwabanamadlozi nakubathakathi ababetha imilozi, banyenyeze — pho, abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini? Kuyiwe kwabafileyo ngabaphilayo na?
20Emthethweni-ke nasebufakazini! Impela lelizwi abalikhulumayo alinakho ukusa.
21Bayakudabula izwe bexinekile, belambile; kuyakuthi lapho belamba, bavuke ulaka, bathuke inkosi yabo noNkulunkulu wabo, babheke phezulu.
22Bayakubheka nasemhlabeni; bheka, nakho ukuhlupheka, nobumnyama, nokuhwelela kosizi; yebo, bayakuxoshelwa esigayegayeni.