Inceku kaJehova
1Ngilaleleni nina-ziqhingi,
niqaphele nina-bantu abakude;
uJehova ungibizile kwasekuzalweni,
waqamba igama lami kwasezibilinini zikamame.
2Wawenza umlomo wami njengenkemba ebukhali,
wangithukusa ethunzini lesandla sakhe,
wangenza umcibisholo ophucuziweyo,
wangithukusa esambweni sakhe.
3Wathi kimi: Uyinceku yami,
uIsrayeli, engiyakuzidumisa kuye.
4Kepha ngase ngithi mina: Ngikhandlekele ize,
amandla ami ngiwachithele okuyize nokungelutho;
nokho ilungelo lami likuJehova,
nomvuzo wami ukuNkulunkulu wami.
5Manje uthi uJehova
owangibumba kwasekuzalweni ukuba ngibe-yinceku yakhe
yokubuyisela kuye uJakobe,
kubuthelwe kuye noIsrayeli futhi —
ngidunyisiwe emehlweni kaJehova,
uNkulunkulu wami waba-ngamandla ami —
6yebo, uthi: Kuyinto elula ukuba ubeyinceku yami
ukuvusa izizwe zakwaJakobe,
nokubuyisa abaseleyo bakwaIsrayeli;
ngalokho ngiyakukubeka ube-ngukukhanya kwabezizwe,
ube-yinsindiso yami kuze kube-semkhawulweni womhlaba.
7Usho kanje uJehova,
uMhlengi kaIsrayeli noNgcwele wakhe,
kodelelwa nokudelelwa noyisinengiso esizweni,
koyinceku yababusi, uthi:
Amakhosi ayakubona, asukume,
izikhulu zibone, zikhothame
ngenxa kaJehova othembekile,
oNgcwele kaIsrayeli okukhethileyo.
8Usho kanje uJehova, uthi:
Ngiyakuphendula ngesikhathi somusa,
ngosuku lokusindiswa ngiyakusiza;
ngiyakukulondoloza, ngikubeke
ube-yisivumelwano sabantu
sokubuyisa izwe
nokubenza badle amafa achithekileyo,
9uthi kwababoshiweyo: Phumani,
nakwabasebumnyameni: Velani.
Bayakuklaba ngasezindleleni,
amadlelo abo abe-semagqumeni onke.
10Abayikulamba, abayikoma,
abayikushaywa yisifudumezi nelanga,
ngokuba yena onomusa kubo uyakubahola,
abayise emithonjeni yamanzi.
11Ngiyakuzenza zonke izintaba zami zibe-yizindlela,
imendo yami iphakame.
12Bheka, laba bayakuvela kude;
bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga,
nalaba ezweni laseSinimi.
13Jabulani nina-mazulu, uthokoze nawe-mhlaba,
niqhumuke ngokuhlabelela nina-zintaba,
ngokuba uJehova ududuza abantu bakhe,
abe-nomusa kwabahluphekileyo bakhe.
Isikhathi somusa
14Kepha iSiyoni lithi: UJehova ungishiyile,
iNkosi ingikhohliwe.
15Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayo
ukuba angabi-namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?
Yebo, bona bangakhohlwa,
kodwa mina anginakukukhohlwa wena.
16Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,
izingange zakho ziphambi kwami njalo.
17Abantwana bakho bayashesha;
abakuchithayo nabakwenza ize baphuma kuwe.
18Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone:
bonke bayabuthana, bafika kuwe.
Kuphila kwami, usho uJehova,
impela uyakubembatha bonke njengemvunulo,
uzibhince ngabo njengomakoti.
19Ngokuba izindawo zakho ezichithekileyo neziyize
nezwe lakho eliqothuliweyo
kuyakuminyana ngabakhileyo khona,
nabakugwinyileyo bayakuba-kude.
20Abantwana bokusweziselwa kwakho
basayakusho ezindlebeni zakho ukuthi:
Indawo ingumcingo kimi;
sukani kimi ukuba ngihlale.
21Besewusho enhliziyweni yakho ukuthi:
Ngubani ongizalele laba,
lokhu ngaphuciwe abantwana bami, ngingenalutho,
ngingumthunjwa, ngingozulazulayo, na?
Ngubani okhulisé laba na?
Bheka, ngasala ngedwa;
laba babephi na?
22Isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi:
Bheka, ngiyakuphakamisela izizwe izandla zami,
ngimisele abantu ibhanela* lami;
bayakuletha amadodana akho esifubeni sabo,
namadodakazi akho ayakuthwalwa emahlombe.
23Amakhosi ayakuba-ngabazanyana bakho,
namakhosikazi awo ayakuba-ngabancelisi bakho;
bayakukukhothamela ubuso bubheké phansi,
bakhothe uthuli lwezinyawo zakho;
uyakwazi ukuthi nginguJehova,
abethemba kimi abayikujabha.
24Impango ingasuswa kuwo amaqhawe,
nabathunjwa bangophulwa kubacindezeli, na?
25Noma kunjalo, uJehova uthi:
Yebo, abathunjwa bamaqhawe bangasuswa,
nempango yabacindezeli iyakophulwa,
kepha mina ngiyakulwa naye olwa nawe,
ngisindise abantwana bakho.
26Ngiyakudlisa abacindezeli bakho inyama yabo,
badakwe yigazi labo njengangewayini elimnandi;
inyama yonke iyakwazi ukuthi minaJehova nginguMsindisi wakho,
noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.