Iqiniso nobumnene bukaNkulunkulu
1Yizwa lokhu wena-ndlu kaJakobe
obiziwe ngegama likaIsrayeli,
waphuma emanzini akwaJuda,
ofunga igama likaJehova,
odumisa uNkulunkulu kaIsrayeli,
kungengaqiniso nakulunga kodwa.
2Ngokuba bazibiza ngomuzi ongcwele,
bencika kuNkulunkulu kaIsrayeli,
nguJehova-Sebawoti igama lakhe.
3Ngimemezele izinto zakuqala zamandulo,
zaphuma emlonyeni wami, ngazizwakalisa;
ngazenza ngokuzumayo, zenzeka.
4Ngokuba bengazi ukuthi unenkani,
nentamo yakho ingumsipha wensimbi,
nebunzi lakho liyithusi,
5ngazimemezela kwasendulo,
ngazizwisa kungakenzeki,
funa usho uthi: Isithombe sami sizenzile,
isithombe sami esibaziweyo,
nesithombe sami esibunjiweyo siziyalezile.
6Wawukuzwile konke lokho; mawusukubone;
awuyikukumemezela na?
Ngikuzwisile okusha kusukela namuhla,
yebo, nokusithekileyo ongakwazanga.
7Kudaliwe manje, kungesendulo;
awukuzwanga ngaphambi kwalolusuku,
funa uthi: Bheka, bengikwazi.
8Yebo, awuzwanga, awazanga,
kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga,
ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa,
wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni.
9Ngenxa yegama lami ngiyakulibazisa intukuthelo yami,
ngizibambele wena ngodumo lwami
ukuba ngingakunqumi.
10Bheka, ngikucwengisisile, kungavelanga isiliva kodwa;
ngikuvivinyile esithandweni sezinhlupheko.
11Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza,
ngokuba igama lami lingcoliselwani na?
Anginiki omunye inkazimulo yami.
12Ngilalele, Jakobe,
wena-Israyeli, obiziweyo wami;
ngisenguye, ngingowokuqala,
futhi ngingowokugcina.
13Yebo, isandla sami sisibekile isisekelo somhlaba,
nesokunene sami silenekile izulu;
lapho ngikubizayo,
kuma ndawonye.
14Buthanani nina nonke, nizwe;
ngubani phakathi kwabo omemezela lezizinto na?
Amthandayo uJehova uyakuyifeza intando yakhe ngeBabele,
nengalo yakhe iyakuba-phezu kwamaKaledi.
15Mina, mina ngikhulumile, yebo, ngimbizile,
ngimlethile, uyakuphumelela endleleni yakhe.
16Sondelani kimi, nizwe lokhu;
angikhulumanga ekusithekeni kwasekuqaleni;
kusukela esikhathini sokuba kwenzeke, ngangikhona.
Manje uJehova uNkulunkulu ungithumile kanye noMoya wakhe.
17Usho kanje uJehova uMhlengi wakho, oNgcwele kaIsrayeli, uthi:
NginguJehova uNkulunkulu wakho
okufundisile okukusizayo,
okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.
18Sengathi nga ulalele imiyalo yami!
Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba-njengomfula,
nokulunga kwakho njengamaza olwandle;
19nenzalo yakho yayiyakuba-ngangesihlabathi,
nabantwana bezibilini zakho njengezinhlamvu zaso;
igama lakhe nga linganqunywanga,
lachithwa ngaphambi kwami.
Isiyalezo sokuphuma eBabele
20Phumani eBabele, nibalekele amaKaledi,
nimemezele lokhu ngezwi lokujabula, nikuzwakalise lokhu,
nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, ngokuthi:
UJehova uhlengile inceku yakhe uJakobe.
21Kabomanga lapho ebahola emahlane,
wenza ukuba amanzi abagobhozele edwaleni;
futhi waliqhekeza idwala,
amanzi ampompoza.
22Akukho ukuthula kwababi, usho uJehova.