Ukwahlulelwa kwezwe
1Bheka, uJehova wenza ize umhlaba, awuchithe,
agumbuqele ubuso bawo,
ahlakaze abakhileyo kuwo.
2Kuyakuthi njengakubantu kube-njalo kumpristi,
nanjengasencekwini kube-njalo enkosini yayo,
nanjengasencekukazini kube-njalo enkosikazini yayo,
nanjengakumthengi kube-njalo kumthengisi,
nanjengakotshelekayo kube-njalo kobolekayo,
nanjengakobiza inzalo kube-njalo kokhokha inzalo.
3Umhlaba uyakuba-yize leze,
uphangwe nokuphangwa,
ngokuba uJehova ukhulumile izwi lakhe.
4Umhlaba uyalila, ubune;
izwe liyaphela amandla, linyamalale,
abaphakemeyo bomhlaba badangale.
5Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo,
ngokuba beqile imithetho,
badlulile ezimisweni,
baphulile isivumelwano esiphakade.
6Ngalokho isiqalekiso sidlile umhlaba,
nabakhileyo kuwo batholiswa icala;
ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa,
kusale abantu abayingcosana nje.
7Iwayini elisha liyalila,
umvini uyawuma,
bonke ababethokoza ngenhliziyo bayabubula.
8Ukujabula kwezigubhu kunqamukile,
ukuxokozela kwabajabulayo kuphelile,
nenjabulo yehabhu* ikhawukile.
9Abasayikuphuza iwayini ngesihlabelelo;
uphuzo olunamandla luyakubaba kubo abaluphuzayo.
10Umuzi oyihlane ubhidliziwe;
zonke izindlu zivaliwe
ukuba kungangeni-muntu.
11Kukhalwa ngewayini ezitaladini;
yonke intokozo inyamalele;
injabulo yezwe idlulile.
12Emzini kusele incithakalo;
isango livithiziwe, lachithwa.
13Ngokuba kuyakuba-njalo emhlabeni phakathi kwabantu,
njengokushaywa kweminqumo
nanjengokukhothoza, lapho sekuvuniwe.
14Laba bayaphakamisa izwi labo, bamemeze;
bajabula ngobukhosi bukaJehova entshonalanga.
15Ngalokho mdumiseni uJehova empumalanga,
nasogwini lolwandle
igama likaJehova uNkulunkulu kaIsrayeli.
16Siyezwa amahubo avela emikhawulweni yomhlaba, athi:
Udumo malube-kolungileyo!
Kepha mina ngithi: Ngifile, ngifile! Maye kimi!
Abakhohlisi bakhohlisile,
yebo, abakhohlisi bakhohlisile nokukhohlisa.
17Ukwesaba, nomgodi, nogibe kuphezu kwakho
wena owakhileyo emhlabeni.
18Kuyakuthi obalekela umsindo wokwesaba
awele emgodini;
okhuphuka emgodini uyakubanjwa lugibe,
ngokuba amafasitele aphezulu avuliwe,
nezisekelo zomhlaba ziyazamazama.
19Umhlaba uyaphuka nokwaphuka,
umhlaba uyavithizwa nokuvithizwa,
umhlaba uyazanyazanyiswa nokuzanyazanyiswa.
20Umhlaba uyatengezela nokutengezela njengesidakwa,
uyantengantenga njengexhiba;
isiphambeko siyakuba-nzima phezu kwawo,
uwe, ungabe usavuka futhi.
21Kuyakuthi ngalolosuku uJehova ahambele
ibandla lasezulwini phezulu,
namakhosi omhlaba emhlabeni.
22Bayakubuthelwa ndawonye
njengeziboshwa zibuthelwa emgodini,
bavalelwe etilongweni,
bajeziswe emva kwezinsuku eziningi.
23Inyanga ekhazimulayo isiyakuyangaza,
nelanga elinkemuzelayo liyakujabha,
ngokuba uJehova-Sebawoti uyakubayinkosi
entabeni yaseSiyoni naseJerusalema,
abe-yinkazimulo phambi kwamalunga akhe.