Isiprofetho ngeTire
1Isiprofetho ngeTire.
Hewulani nina-mikhumbi yaseTharishishi,
ngokuba lichithekile;
indlu ayisekho, nokungena akusenakwenzeka;
kwambulelwe kubo kuvela ezweni laseKitimi.
2Thulani nina enakhileyo ngasogwini,
nina abathengisi baseSidoni abanigcwalisile
bedabula elwandle.
3Emanzini amaningi imbewu yaseSihori
nokuvuna kweNayile
kwakuyinzuzo yalo;
laliyindawo yokuthenga kuzo izizwe.
4Yiba-namahloni wena-Sidoni,
ngokuba lukhulumile ulwandle, inqaba yolwandle, ngokuthi:
Angibanga-namihelo, angizalanga,
angikhulisanga izinsizwa, angondlanga izintombi.
5Lapho kubikwa eGibithe,
bayakuthuthumela ngokuzwa ngeTire.
6Welani niye eTharishishi;
hewulani nina enakhileyo ngasogwini.
7Yilowo ongumuzi wenu ojabulayo,
ubudala bawo busukela ezinsukwini zasendulo,
owayiswa kude yizinyawo zawo
ukuba uhlale khona, na?
8Ngubani ocebé lokhu ngeTire eliqhelisayo,
elibathengi balo bayizikhulu,
nabahwebi balo bangabadumileyo bomhlaba, na?
9NguJehova-Sebawoti okucebileyo
ukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi,
badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.
10Dabula izwe lakho njengeNayile,
ndodakazi yaseTharishishi;
akusekho-bhande*.
11Welulile isandla sakhe phezu kolwandle,
wazamazamisa imibuso;
uJehova uyalezile ngeKhanani
ukuba kuchithwe izinqaba zalo.
12Wathi: Awusayikujabula
wena-ntombi ehlazisiweyo, ndodakazi yaseSidoni;
vuka, uwelele eKitimi;
nalapho awuyikuthola ukuphumula.
13Bheka, izwe lamaKaledi,
lesosizwe esingasekho,
esanqunyelwa yiAsiriya izilwane zasehlane,
limisa imibhoshongo,
lizenza ize izindlu zaso zamakhosi,
lenza laba-yincithakalo.
14Hewulani nina-mikhumbi yaseTharishishi,
ngokuba inqaba yenu ichithekile.
15Kuyakuthi ngalolosuku iTire likhohlakale iminyaka engamashumi ayisikhombisa njengezinsuku zankosinye. Ngasekupheleni kweminyaka engamashumi ayisikhombisa kuyakuba-khona kulo iTire njengasesihlabelelweni sesifebe:
16Thatha ihabhu*, uhambahambe emzini
wena-sifebe esikhohlakeleyo,
ubethe kamnandi, uhlabelele izihlabelelo eziningi,
ukuze ukhunjulwe.
17Kuyakuthi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi ayisikhombisa uJehova ahambele iTire, lona libuyele enzuzweni yalo, lifebe nayo yonke imibuso yezwe ebusweni bomhlaba.
18Intengo yalo nenzuzo yalo iyakubangcwele kuJehova; ayiyikunqwabelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyakuba-ngeyabahlala phambi kukaJehova, ukuze badle basuthe, babe-nezingubo ezinhle.