Ukungazisoli kukaIsrayeli
1Lapho bengiyakumphulukisa uIsrayeli,
bambulelwa ububi bukaEfrayimi nokubi kweSamariya,
ngokuba benza inkohliso,
amasela ayafohla, nabaphangi baphanga ngaphandle.
2Abacabangi ezinhliziyweni zabo
ukuthi ngiyakhumbula konke okubi kwabo;
sebezungeziwe yizenzo zabo,
ziphambi kobuso bami.
3Ngobubi babo bayathokozisa inkosi,
nezikhulu ngamanga abo.
4Bayiziphingi bonke;
benjengeziko elishiswa ngumphekisinkwa
oyeka ukukhwezela kusukela ekuxovweni kwenhlama
kuze kube-sekubileni kwayo.
5Ngosuku lwenkosi yethu izikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini;
yona yayiselulela izideleli isandla.
6Lapho sebeshisile izinhliziyo zabo ngamacebo zibe-njengeziko,
umphekisinkwa wabo ulala ubusuku bonke;
ekuseni liyavutha njengomlilo wamalangabi.
7Bonke bashisa njengeziko,
badla abahluleli babo;
onke amakhosi abo ayawa,
kungekho phakathi kwabo ongibizayo.
8UEfrayimi uyazihlanganisa nabanye abantu;
uEfrayimi uyiqebelengwane elingaphendulwanga.
9Abafokazi badlile amandla akhe, kepha yena akazi;
izimvi zikhahlele kuye, kepha yena akazi.
10Ukuzidla kukaIsrayeli kuyafakaza ebusweni bakhe,
nokho ababuyelanga kuJehova uNkulunkulu wabo,
abamfunanga kukho konke lokhu.
11UEfrayimi unjengejuba elidukiswayo lingenangqondo;
bayabiza iGibithe, baya eAsiriya.
12Lapho sebehamba, ngiyabenekela inetha lami,
ngibehlise njengezinyoni zezulu,
ngibajezise njengokuzwakeleyo ebandleni labo.
13Maye kubo, ngokuba bangibalekele!
Makube-ngukuchithwa kubo, ngokuba baphambukile kimi!
Bengiyakubahlenga mina
labo abakhulumé amanga ngami na?
14Abakhalanga kimi ngezinhliziyo zabo,
kepha bahewula emibhedeni yabo;
banovalo ngamabele abo nangewayini labo,
kepha mina bayangihlubuka.
15Mina-ke ngafundisa, ngaqinisa izingalo zabo,
nokho baceba okubi ngami.
16Bayabuyela, kepha hayi kongaPhezulu,
bafana nomnsalo ogejayo;
izikhulu ziyakuwa ngenkemba
ngenxa yolaka lolimi lwabo.
Lokhu kuyakuba-yinhlekiso yabo ezweni laseGibithe.