AbakwaIsrayeli bayabizwa ukuba baphenduke
1Wozani sibuyele kuJehova,
ngokuba yena usidwengulile; uyakusiphulukisa;
usishayile, uyakusibopha.
2Uyakusiphilisa ngezinsuku ezimbili,
asivuse ngosuku lwesithathu,
siphile phambi kwakhe.
3Masimazi, sijonge ukumazi uJehova;
ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengokusa;
uyakufika kithi njengemvula,
njengemvula yamuva enethisa umhlaba.
4Ngiyakwenzani kuwe-Efrayimi,
ngiyakwenzani kuwe-Juda, na?
Uthando lwenu lunjengefu lokusa
nanjengamazolo amuka ekuseni.
5Ngalokho ngiyabashaya ngabaprofethi,
ngibabulale ngamazwi omlomo wami,
ukwahlulelwa kwakho kuqhame ekukhanyeni.
6Ngokuba ngifuna uthando, hayi umhlatshelo;
ngifuna ukumazi uNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.
7Kepha baseqile isivumelwano njengoAdamu;
bangikhohlisa ngalokho.
8IGileyadi lingumuzi wabenza okubi,
linemikhondo yegazi.
9Njengabaphangi beqamekela umuntu,
isigaba sabapristi siyabulala endleleni eya eShekemi,
yebo, benza okunengekayo.
10Endlini yakwaIsrayeli ngibonile into eyesabekayo:
kukhona ubufebe kwaEfrayimi, uIsrayeli ungcolile.
11Nawe-Juda ulungiselwe ukuvunwa,
lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabantu bami.