Amazwi ngabesifazane baseSamariya
1Yizwani lelizwi, nina-zinkomo zaseBashani
enisentabeni yaseSamariya,
enicindezela abaphansi, enichoboza abampofu,
enithi emakhosini enu: Lethani, siphuze.
2INkosi uJehova ifungile ubungcwele bayo
ukuthi: Bhekani, izinsuku ziyakunehlela
lapho niyakususwa ngezingwegwe,
nabaseleyo kini ngezindobo.
3Niyakuphuma emifantwini,
kube-yilowo nalowo ngoqondene naye,
nilahlwe eHermoni, usho uJehova.
UIsrayeli akafundi
4Wozani eBethele, niphambeke,
naseGiligali, nandise iziphambeko,
nilethe imihlatshelo yenu ekuseni njalo,
nokweshumi kwenu kanye ngezinsuku ezintathu,
5nishise umnikelo wokubonga ngokuvutshelweyo,
nimemezele iminikelo yesihle, niyizwakalise,
ngokuba nithanda kanjalo, bantwana bakwaIsrayeli, isho iNkosi uJehova.
6Mina nganinika ukuhlanzeka kwamazinyo emizini yenu yonke
nokuswela isinkwa kuzo zonke izindawo zenu,
kepha anibuyelanga kimi, usho uJehova.
7Futhi ngagodla kini imvula,
kusasele izinyanga ezintathu ukuba kuvunwe,
ngalinisa phezu komunye umuzi,
komunye umuzi angilinisanga;
esinye isiqephu saniselwa,
nesiqephu esinganiselwanga sasha.
8Kwase kuhamba imizi emibili noma emithathu, yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi,
kodwa ayaneliswanga;
kepha nokho anibuyelanga kimi, usho uJehova.
9Nganishaya ngokuhamuka nesikhutha;
izivande zenu nezivini zenu
nemikhiwane yenu neminqumo yenu eminingi kwadliwa yisibotho,
kepha nokho anibuyelanga kimi, usho uJehova.
10Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe,
ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba,
ngathumba amahashi enu,
ngenza ukuba ukunuka kwekamu* lenu kukhuphukele nasemakhaleni enu,
kepha nokho anibuyelanga kimi, usho uJehova.
11Nganichitha njengalokho uNkulunkulu achitha iSodoma neGomora;
naninjengesikhuni esophulwé emlilweni,
kepha nokho anibuyelanga kimi, usho uJehova.
12Ngalokho ngiyakwenze njalo kuweIsrayeli;
njengokuba ngiyakwenza lokhu kuwe,
zilungiselele ukuhlangana noNkulunkulu wakho, Israyeli.
13Ngokuba bheka, owabumba izintaba, nowawudala umoya,
otshela umuntu umqondo wakhe,
owenza ukusa kube-ngubumnyama,
onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba,
igama lakhe linguJehova, uNkulunkulu-Sebawoti.