Ukujeziswa kukaIsrayeli
1Yizwani lelizwi uJehova alikhulumile ngani-bantwana bakwaIsrayeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi:
2Nginazile nina kuphela emindenini yonke yomhlaba;
ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.
3Kuhamba ababili kanyekanye,
uma bengavumelananga, na?
4Ingonyama iyabhodla ehlathini,
ingenampango, na?
Ibhongo lengonyama liyezwakalisa izwi lalo emphandwini walo,
uma lingabambanga-lutho, na?
5Inyoni iwela ogibeni emhlabathini,
ingenasihibe, na?
Ugibe luyaxhuma emhlabathini,
lungabambanga nokubamba, na?
6Kungabethwa icilongo emzini,
bangesabi abantu, na?
Umuzi ungehlelwa ngokubi,
engakwenzanga uJehova, na?
7Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi-lutho,
ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.
8Ingonyama ibhongile, ngubani ongayikwesaba na?
INkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na?
Ukwahlulelwa kweSamariya
9Zwakalisani ezindlini zamakhosi zaseAshidodi,
nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe, nithi:
Buthanani ezintabeni zaseSamariya,
nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo,
nokucindezelwa okukulo.
10Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo, usho uJehova;
babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.
11Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:
Isitha siyakulihaqa izwe,
sehlise kini izinqaba zenu,
ziphangwe izindlu zenu zamakhosi.
12Usho kanje uJehova, uthi:
Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyama
imilenze emibili noma inxenye yendlebe,
kanjalo abantwana bakwaIsrayeli bayakophulwa,
abahlala eSamariya ezingosini zezihlalo
naphezu kwezingubo zikasilika* zemibhede.
13Yizwani, nifakaze ngendlu kaJakobe, isho iNkosi uJehova,
uNkulunkulu-Sebawoti.
14Ngokuba mhla ngiyakumhambela uIsrayeli ngeziphambeko zakhe,
ngiyakuhambela nama-altare aseBethele,
kunqunywe izimpondo zealtare,
ziwe phansi.
15Ngiyakushaya indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo,
kuphele izindlu zophondo lwendlovu,
yebo, izindlu eziningi ziyakuphela, usho uJehova.