Ukubusa kukaJosiya
1UJosiya wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amathathu nanye eJerusalema; igama likanina lalinguJedida indodakazi ka-Adaya waseBosikati.
2Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngendlela yonke kaDavide uyise, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo.
3Kwathi ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJosiya inkosi yathuma uShafani indodana ka-Asaliya kaMeshulamu, umbhali, endlini kaJehova, yathi:
4Yenyukela kuHilikiya umpristi omkhulu ukuba abale imali eyiswé endlini kaJehova, iqoqwé ngabalindimnyango kubantu,
5bayibeke esandleni sezisebenzi eziphethe indlu kaJehova, bakhokhele ngayo abasebenza umsebenzi wasendlini kaJehova ukulungisa izimfa zendlu,
6ababazi, nabakhi, nabakha ngamatshe, nokuthenga imithi namatshe abaziweyo ukulungisa indlu.
7Nokho akubalelwananga nabo ngemali eyabekwa esandleni sabo, ngokuba babethembekile ekuphatheni kwabo.
Incwadi yomthetho
8UHilikiya umpristi omkhulu wathi kuShafani umbhali: Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova. UHilikiya wanika uShafani leyoncwadi, wayifunda.
9UShafani umbhali waya enkosini, waletha umbiko enkosini, wathi: Izinceku zakho zithululile imali eyafunyanwa endlini, zayibeka esandleni sezisebenzi eziphethe indlu kaJehova.
10UShafani umbhali wayitshela inkosi, wathi: UHilikiya umpristi unginiké incwadi. UShafani wayifunda phambi kwenkosi.
11Kwathi lapho inkosi isizwile amazwi encwadi yomthetho, yaziklebhula izingubo zayo.
12Inkosi yayala uHilikiya umpristi, noAhikamu indodana kaShafani, noAkibori indodana kaMikhaya, noShafani umbhali, noAsaya inceku yenkosi, ithi:
13Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabantu, naye wonke uJuda ngamazwi alencwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba abalalelanga amazwi alencwadi ukwenza njengakho konke okulotshiwe ngathi.
Umprofethikazi uHulida
14Base behamba uHilikiya umpristi, noAhikamu, noAkibori, noShafani, noAsaya, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva kaHarihasi, umgcinizingubo — wahlala eJerusalema enxenyeni yesibili — bakhuluma kuye.
15Wathi kubo: Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Tshelani umuntu onithumé kimi ukuthi:
16Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwalendawo naphezu kwabakhileyo kuyo, onke amazwi aleyoncwadi eyifundile inkosi yakwaJuda,
17ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo; intukuthelo yami iyakuvuthela lendawo, ayiyikucinywa.
18Kepha enkosini yakwaJuda eyanithuma ukubuza kuJehova niyakusho kuyo kanje, nithi: Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Maqondana namazwi owezwileyo,
19ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile wazithoba phambi kukaJehova, lapho wezwa lokho engakukhuluma ngalendawo nangabakhileyo kuyo ukuthi kuyakuba-yincithakalo nesiqalekiso, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova.
20Ngalokho bheka, ngiyakukubuthela koyihlo, ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwalendawo. Babuyisela enkosini lelizwi.