Isivuselelo sikaJosiya
1Inkosi yathumela, babuthela kuyo onke amalunga akwaJuda nawaseJerusalema.
2Inkosi yenyukela endlini kaJehova, bonke abantu bakwaJuda nabo bonke abakhileyo eJerusalema benayo, kanye nabapristi nabaprofethi, yebo, abantu bonke, abancane nabakhulu, yafunda ezindlebeni zabo onke amazwi encwadi yesivumelwano ebifunyenwe endlini kaJehova.
3Inkosi yema ngasensikeni, yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yonke nangomphefumulo wonke ukuqinisa amazwi alesisivumelwano alotshwé kulencwadi; bonke abantu basivuma isivumelwano.
4Inkosi yayisiyala uHilikiya umpristi omkhulu, nabapristi besigaba sesibili, nabalindimnyango ukukhipha ethempelini likaJehova zonke izinto ezazenzelwe oBali, noAshera*, nebandla lonke lasezulwini, yazishisa ngaphandle kweJerusalema emasimini aseKidroni, yayisa umlotha wazo eBethele.
5Yabasusa abapristi bezithombe amakhosi akwaJuda abamisele ukushisa impepho ezindaweni eziphakemeyo emizini yakwaJuda nanxazonke zeJerusalema, kanye nabashisa impepho kuBali nakulo ilanga nenyanga nezinkanyezi nalo lonke ibandla lasezulwini.
6Yakhipha uAshera* endlini kaJehova, yamkhiphela phandle kweJerusalema, yamyisa ngasemfudlaneni iKidroni, yamshisa ngasemfudlaneni iKidroni, yamcolisisa waba-yincushuncushu, yayiphonsa incushuncushu yakhe emathuneni abantu nje.
7Yadiliza izindlu zezifebe zethempeli ezazisendlini kaJehova, lapho abesifazane bemelukela khona uAshera* amatende.
8Yakhipha bonke abapristi emizini yakwaJuda, yangcolisa izindawo eziphakemeyo, lapho abapristi bebeshisé khona impepho, kusukela eGeba kuze kube-seBeri-Sheba; yadiliza izindawo eziphakemeyo zasemasangweni asesikhaleni sesango likaJoshuwa umphathimuzi, ezazingakwesokhohlo somuntu ngasesangweni lomuzi.
9Kodwa abapristi basezindaweni eziphakemeyo babengenyukeli ealtare likaJehova eJerusalema, kepha badla isinkwa esingenamvubelo phakathi kwabafowabo.
10Yangcolisa iThofeti elisesigodini sabantwana bakwaHinomu ukuba kungabikho-muntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni kuMoloki.
11Yasusa namahashi amakhosi akwaJuda anikele ngawo kulo ilanga ngasendleleni yokungena endlini kaJehova ngasekamelweni likaNathani-Meleki induna yasePariwarimi, yashisa izinqola zelanga ngomlilo.
12Ama-altare ayesophahleni lwekamelo eliphezulu lika-Ahazi, elenziwe ngamakhosi akwaJuda, nama-altare enziwe nguManase emagcekeni omabili endlu kaJehova inkosi yawadiliza, yasuka yagijima, yalahla uthuli emfudlaneni iKidroni.
13Izindawo eziphakemeyo ezaziphambi kweJerusalema, ngakwesokunene kweNtaba yokOnakala, uSolomoni inkosi yakwaIsrayeli ayezakhele uAshitaroti isinengiso samaSidoni, noKemoshi isinengiso sakwaMowabi, noMilkomu isinengiso sabantwana bakwa-Amoni, inkosi yazingcolisa.
14Yaphahlaza izinsika, yanquma oAshera*, yagcwalisa izindawo zabo ngamathambo abantu.
15Ialtare elaliseBethele, nendawo ephakemeyo eyenziwe nguJerobowamu indodana kaNebati owonisa uIsrayeli, naleloaltare kanye nendawo ephakemeyo yakudiliza, yayishisa indawo ephakemeyo, yayicolisisa yaba-yincushuncushu, yashisa noAshera*.
16UJosiya waphenduka, wabona amathuna ayelapho entabeni; wathumela wakhipha amathambo emathuneni, wawashisa ealtare, walingcolisa njengezwi likaJehova alimemeza lowomuntu kaNkulunkulu owamemezela lezizinto.
17Wayesethi: Yitshe lini leli engilibonayo na? Abantu bomuzi bamtshela bathi: Yithuna lalowomuntu kaNkulunkulu owavela kwaJuda, wamemezela lezizindaba osuzenzile ngealtare laseBethele.
18Wathi: Myekeni; mawanganyakaziswa-muntu amathambo akhe. Base beyeka amathambo akhe kanye namathambo alowomprofethi owavela eSamariya.
19Nazo zonke izindlu zezindawo eziphakemeyo ezazisemizini yaseSamariya, ezenziwa ngamakhosi akwaIsrayeli acunula ngazo, uJosiya wazisusa, wenza kuzona njengazo zonke izenzo azenzileyo eBethele.
20Wabulala ema-altare bonke abapristi basezindaweni eziphakemeyo ababelapho, washisa amathambo abantu phezu kwawo, wabuyela eJerusalema.
21Inkosi yayisiyala bonke abantu ngokuthi: Yenzelani uJehova uNkulunkulu wenu iphasika njengokulotshiwe kulencwadi yesivumelwano.
22Ngokuba iphasika elinjalo lalingagcinwanga kusukela emihleni yabahluleli abahlulela uIsrayeli, nasemihleni yonke yamakhosi akwaIsrayeli, nakweyakwaJuda.
23Kepha ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJosiya leliphasika lenzelwa uJehova eJerusalema.
24Futhi abanamadlozi, nabathakathi, namatherafi*, nezithombe, nazo zonke izinengiso ezazibonwa ezweni lakwaJuda naseJerusalema uJosiya wakuqeda ukuba afeze amazwi omthetho alotshwé encwadini uHilikiya umpristi ayifuinanayo endlini kaJehova.
25Kwakungekho-nkosi phambi kwakhe eyaphendukela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo onke amandla ayo njengawo wonke umthetho kaMose, nangasemva kwakhe akuvelanga enjengaye.
26Nokho uJehova akabuyanga ekuvutheni kwentukuthelo yakhe enkulu, intukuthelo yakhe eyavuthela ngakho uJuda ngenxa yakho konke ukucunula uManase ayemcunulé ngakho.
27UJehova wathi: Naye uJuda ngiyakumsusa ebusweni bami, njengalokho ngisusé uIsrayeli, ngiwulahle lomuzi engawukhethayo, nendlu engasho ngayo ukuthi igama lami liyakuba-khona lapho.
28Ezinye izindaba zikaJosiya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
Ukufa kukaJosiya
29Emihleni yakhe uFaro-Nekho inkosi yaseGibithe wenyukela enkosini yaseAsiriya ngasemfuleni uEwufrathe; inkosi uJosiya yaya ukuhlangabezana naye; wayibulala eMegido, isanele ukumbona nje.
30Izinceku zayo zayisusa ngenqola eMegido ifile, zayiyisa eJerusalema, zayimbela ethuneni layo. Abantu bezwe bamthatha uJehowahazi indodana kaJosiya, bamgcoba, bambeka inkosi esikhundleni sikayise.
OJehowahazi noJehoyakimi bangamakhosi kwaJuda
31UJehowahazi wayeneminyaka engamashumi amabili nantathu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema; igama likanina lalinguHamuthali indodakazi kaJeremiya waseLibina.
32Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke abakwenzileyo oyise.
33UFaro-Nekho wambopha eRibila ezweni laseHamati ukuba angabe esabusa eJerusalema, wathelisa izwe amatalenta* ayikhulu esiliva netalenta legolide.
34UFaro-Nekho wambeka uEliyakimi indodana kaJosiya inkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waguqula igama lakhe laba-nguJehoyakimi, kepha wamsusa uJehowahazi, waze waya eGibithe, wafela khona.
35UJehoyakimi wamnika uFaro isiliva negolide, kepha wathelisa izwe ukuba anike imali njengezwi likaFaro. Wakhiphisa abantu bezwe isiliva negolide, kwaba-yilowo nalowo njengentela yakhe ukukunika uFaro-Nekho.
36UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; igama likanina lalinguZebida indodakazi kaPhedaya waseRuma.
37Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke abakwenzileyo oyise.