Ukubusa kuka-Abiyamu noAsa kwaJuda
1Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJerobowamu indodana kaNebati uAbiyamu waba-yinkosi kwaJuda.
2Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema; igama likanina lalinguMahakha, indodakazi ka-Abisalomu.
3Wahamba ezonweni zonke zikayise ayezenzile ngaphambi kwakhe; inhliziyo yakhe yayingekho kuNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide uyise.
4Nokho ngenxa kaDavide uJehova uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuvusa indodana yakhe emva kwakhe nokumisa iJerusalema,
5ngokuba uDavide wenza okulungile emehlweni kaJehova, kaphambukanga ngalutho amyala ngalo zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kuphela endabeni kaUriya umHeti.
6Kwakukhona ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.
7Ezinye izindaba zika-Abiyamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiyamu noJerobowamu.
8UAbiyamu wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; uAsa indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
9Ngomnyaka wamashumi amabili kaJerobowamu inkosi yakwaIsrayeli uAsa waqala ukubusa phezu kukaJuda.
10Wabusa iminyaka engamashumi amane nanye eJerusalema; igama likanina lalinguMahakha indodakazi ka-Abisalomu.
11UAsa wenza okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise.
12Waxosha izifebe zethempeli ezweni, wasusa nezithombe ayezenzile uyise.
13Wamsusa uMahakha unina ebukhosikazini, ngokuba wayenzela uAshera* isithombe esinengekayo; uAsa wanquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.
14Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga; nokho inhliziyo ka-Asa yayikuJehova ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe.
15Wangenisa endlini kaJehova izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha.
16Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBahasha inkosi yakwaIsrayeli zonke izinsuku zabo.
17UBahasha inkosi yakwaIsrayeli wenyuka ukuhlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli-muntu ukuphuma nokungena kuAsa inkosi yakwaJuda.
18UAsa wayesethatha lonke isiliva negolide elalisele engcebeni yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, wakunikela ezandleni zezinceku zakhe; inkosi uAsa yazithuma kuBeni-Hadadi indodana kaTabirimoni kaHeziyoni, inkosi yaseAramu, owayehlala eDamaseku, yathi:
19Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo; bheka, ngithuma kuwe isipho sesiliva negolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBahasha inkosi yakwaIsrayeli ukuba asuke kimi.
20UBeni-Hadadi wayilalela inkosi uAsa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwaIsrayeli, wanqoba i-Ijoni, neDani, neAbela-Beti-Mahakha, nalo lonke iKineroti, kanye nalo lonke izwe lakwaNafetali.
21Kwathi lapho uBahasha esekuzwile lokho, wayeka ukwakha iRama, wahlala eTirisa.
22Inkosi uAsa yayisibiza wonke uJuda, akwababikho owayenokuzilandulela, basusa amatshe aseRama nemithi yalo uBahasha ayakhé ngakho; inkosi uAsa yakha ngakho iGeba lakwaBenjamini neMispa.
23Zonke ezinye izindaba zika-Asa, nawo onke amandla akhe, nakho konke akwenzayo, nemizi ayakhayo, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Ngesikhathi sobudala bakhe wayenesifo ezinyaweni zakhe.
24Wayeselala uAsa koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide uyise; uJehoshafati indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
ONadabi noBahasha babusa kwaIsrayeli
25UNadabi indodana kaJerobowamu waqala ukubusa phezu kukaIsrayeli ngomnyaka wesibili ka-Asa inkosi yakwaJuda, wabusa phezu kukaIsrayeli iminyaka emibili.
26Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba endleleni kayise nasesonweni sakhe onisa ngaso uIsrayeli.
27UBahasha indodana ka-Ahiya wendlu kaIsakare wamenzela ugobe; uBahasha wamnqoba eGibethoni elingelamaFilisti, ngokuba uNadabi naye wonke uIsrayeli babelivimbezela iGibethoni.
28Ngomnyaka wesithathu ka-Asa inkosi yakwaJuda uBahasha wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.
29Kwathi eseyinkosi, wabulala yonke indlu kaJerobowamu, kashiyelanga uJerobowamu noyedwa ophefumulayo, waze wamqothula njengezwi uJehova alikhulumile ngesandla senceku yakhe uAhiya waseShilo,
30ngenxa yezono zikaJerobowamu ona ngazo, futhi onisa ngazo uIsrayeli, ngokucunula kwakhe acunula ngakho uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli.
31Ezinye izindaba zikaNadabi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaIsrayeli na?
32Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBahasha inkosi yakwaIsrayeli zonke izinsuku zabo.
33Ngomnyaka wesithathu ka-Asa inkosi yakwaJuda uBahasha indodana ka-Ahiya waqala ukubusa phezu kukaIsrayeli wonke eTirisa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nane.
34Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba endleleni kaJerobowamu nasesonweni sakhe onisa ngaso uIsrayeli.