Isiprofetho sikaJehu ngoBahasha
1Izwi likaJehova lafika kuJehu indodana kaHanani ngoBahasha, lathi:
2Njengokuba ngakuphakamisa othulini, ngakubeka umbusi wabantu bami uIsrayeli, kepha uhambé endleleni kaJerobowamu, wonisa abantu bami uIsrayeli ukuba bangicunule ngezono zabo,
3bheka, ngiyakukhukhula nokukhukhula uBahasha nendlu yakhe, ngenze indlu yakho ibe-njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati.
4Yena wakwaBahasha ofela emzini uyakudliwa yizinja, nalowo wakwakhe ofela endle uyakudliwa yizinyoni zezulu.
5Ezinye izindaba zikaBahasha, nakwenzayo, namandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaIsrayeli na?
6UBahasha wayeselala koyise, wembelwa eTirisa; uEla indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
7Kwafika ngesandla somprofethi uJehu indodana kaHanani izwi likaJehova ngoBahasha nendlu yakhe ngenxa yakho konke okubi akwenza emehlweni kaJehova ukuthi wamcunula ngomsebenzi wezandla zakhe, waba-njengendlu kaJerobowamu, nangenxa yokuba wayiqothula.
OEla noZimri no-Omri noAhabi bangamakhosi kwaIsrayeli
8Ngomnyaka wamashumi amabili nesithupha ka-Asa inkosi yakwaJuda uEla indodana kaBahasha waqala ukubusa phezu kukaIsrayeli eTirisa, wabusa iminyaka emibili.
9Inceku yakhe uZimri, induna yenxenye yezinqola zakhe, yamenzela ugobe; eseTirisa ephuzile waze wadakwa endlini ka-Arisa owayephezu kwabendlu yaseTirisa,
10uZimri wangena, wamshaya, wambulala ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka-Asa inkosi yakwaJuda, waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
11Kwathi esaqala nje ukubusa, esehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, wabulala yonke indlu kaBahasha, kamshiyelanga nomntwana oyedwa owesilisa kwabazalana naye nakubo abangane bakhe.
12UZimri waqeda kanjalo yonke indlu kaBahasha njengezwi likaJehova alikhuluma ngoBahasha ngesandla sikaJehu umprofethi,
13ngenxa yezono zonke zikaBahasha nezono zikaEla indodana yakhe oné ngazo, futhi onisé ngazo uIsrayeli baze bacunula uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli ngezithombe zabo.
14Ezinye izindaba zikaEla nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaIsrayeli na?
15Ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka-Asa inkosi yakwaJuda uZimri waba-yinkosi izinsuku eziyisikhombisa eTirisa. Abantu base bemisile ngaseGibethoni elalingelamaFilisti.
16Abantu ababemisile bezwa kuthiwa: UZimri wenzile ugobe, ubulele nenkosi; ngalokho wonke uIsrayeli wambeka uOmri induna yempi abe-yinkosi phezu kukaIsrayeli ngalolosuku ekamu*.
17UOmri wenyuka eGibethoni wonke uIsrayeli enaye, bavimbezela iTirisa.
18Kwathi uZimri esebonile ukuthi umuzi uthathiwe, wangena enqabeni yendlu yenkosi, wayishisa indlu yenkosi phezu kwakhe ngomlilo, wafa
19ngenxa yezono zakhe oné ngazo ngokwenza okubi emehlweni kaJehova, ngokuhamba endleleni kaJerobowamu nasesonweni sakhe asenzayo ukuba onise uIsrayeli.
20Ezinye izindaba zikaZimri nogobe alwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaIsrayeli na?
21Khona abantu bakwaIsrayeli bahlukana kabili; inxenye yabantu yalandela uThibini indodana kaGinati ukuba bambeke inkosi, inxenye yalandela uOmri.
22Kepha abantu ababemlandela uOmri bahlula abantu ababemlandela uThibini indodana kaGinati; wayesefa uThibini, uOmri waba-yinkosi.
23Ngomnyaka wamashumi amathathu nanye ka-Asa inkosi yakwaJuda uOmri waba-yinkosi phezu kukaIsrayeli, wabusa iminyaka eyishumi nambili; wabusa iminyaka eyisithupha eTirisa.
24Wathenga intaba yaseSamariya kuShemere ngamatalenta* amabili esiliva, wakha entabeni, waqamba igama lomuzi awakhileyo ngegama likaShemere umninintaba ngokuthi iSamariya.
25Kepha uOmri wenza okubi emehlweni kaJehova, wenza kabi kunabo bonke ababengaphambi kwakhe.
26Ngokuba wahamba ezindleleni zonke zikaJerobowamu indodana kaNebati nasezonweni zakhe onisa ngazo uIsrayeli, baze bacunula uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli ngezithombe zabo.
27Ezinye izindaba zikaOmri azenzayo namandla awabonakalisayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaIsrayeli na?
28UOmri wayeselala koyise, wembelwa eSamariya; uAhabi indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
29UAhabi indodana kaOmri waqala ukubusa phezu kukaIsrayeli ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili ka-Asa; uAhabi indodana kaOmri wabusa phezu kukaIsrayeli eSamariya iminyaka engamashumi amabili nambili.
30Kepha uAhabi indodana kaOmri wenza okubi emehlweni kaJehova kunabo bonke ababengaphambi kwakhe.
31Kwathi lapho kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati, wathatha uIzebeli indodakazi kaEtibali inkosi yamaSidoni, abe-ngumkakhe, waya wakhonza uBali, wakhuleka kuye.
32Wammisela uBali ialtare endlini kaBali abeyakhile eSamariya.
33UAhabi wamenza uAshera*; uAhabi wenezela waze wacunula uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli kunawo onke amakhosi akwaIsrayeli ayengaphambi kwakhe.
34Ezinsukwini zakhe uHiyeli waseBethele wabuye wakha iJeriko; wabeka isisekelo salo ngokulahlekelwa nguAbiramu izibulo lakhe, wamisa amasango alo ngokulahlekelwa yithunjana lakhe uSegubi njengezwi likaJehova owalikhuluma ngesandla sikaJoshuwa indodana kaNuni.