1Khumbula uMdali wakho
ezinsukwini zobusha bakho,
zingakafiki izinsuku ezimbi,
neminyaka ingakasondeli
oyothi ngayo:
“Angithokozi.”
2Mkhumbule Yena
ilanga nokukhanya,
nenyanga nezinkanyezi
kungakafiphali,
lingakahlomi futhi
emuva kwemvula.
3Ngosuku lapho
abalindi bendlu beyothuthumela,
namadoda anamandla athothobale,
nabasilayo beyoyeka ukugaya,
ngoba sebeyingcosana,
nabalunguza ngamafasitela
bangabe besalunguza,
4lapho neminyango
ephumela emgwaqweni iyovalwa,
nomsindo wesigayo
ushayele phansi,
abantu bavuswe ngukutshiloza kwezinyoni,
nokuhlabelela kwamadodakazi
sekuzwakalela phansi,
5nalapho abantu
besaba okuphakemeyo,
isihlahla somAlimondi
siyoqhakaza,
intethe itotobe,
izihlahla zekaphari zingatheli,
ngokuba umuntu
useya ekhaya lakhe laphakade,
abalilayo bayazulazula
emigwaqweni,
6ngaphambi kokuba
intambo yesiliva igqabuke,
kuphahlazeke nesitsha segolide,
nokhamba lufele emthonjeni,
nesondo lifele
emgodini wamanzi,
7uthuli lubuyele emhlabathini,
njengoba lwalunjalo,
umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu
owawuvele kuye.
8“Yize leze,
konke kuyize,”
kusho uMshumayeli.
Isiphetho Sendaba
9Ngaphezu kokuhlakanipha, uMshumayeli wayebuye afundise abantu ukwazi, walinganisa, wacwaninga, wahlela izaga eziningi. 10UMshumayeli wayefunisisa amazwi athokozisayo, ngobuqotho abhale amazwi aliqiniso.
11Amazwi abahlakaniphile anjengezincijo, anjengezikhonkwane ezishayelwe zagxila, anjalo namazwi aqoqwe ngumalusi munye. 12Ngaphezu kwalokhu, ndodana yami, xwaya; ukwenza izincwadi eziningi akupheli, nokufunda kakhulu kuyawutuba umzimba.
13Nasi isiphetho sendaba,
lapho konke sekuzwakele:
mesabe uNkulunkulu,
ugcine imiyalelo yakhe,
ngokuba lokho kungokwabantu bonke.
14Ngokuba uNkulunkulu
uyoyisa yonke
imisebenzi ekwahluleleni,
nazo zonke izimfihlo,
noma ngabe zinhle noma zimbi.