Indlela Yokulunga Nendlela Yobubi (7)
1Amasu enhliziyo angawomuntu,
kepha impendulo yolimi ivela kuSimakade.
2Zonke izindlela zomuntu zimsulwa emehlweni akhe,
kodwa nguSimakade ohlolisisa izinhloso.
3Gingqela imisebenzi yakho kuSimakade,
ukuze amasu akho aphumelele.
4USimakade unenjongo ngakho konke akwenzayo,
yebo, nomubi umenzele usuku lokuhlupheka.
5Bonke abanhliziyo ezikhukhumezayo
bayisinengiso kuSimakade;
impela akayukuyeka ukubajezisa.
6Ngomusa neqiniso isiphambeko siyathethelelwa,
ngokwesaba uSimakade ububi buyadeda.
7Lapho uSimakade ethokozile ngezindlela zomuntu,
wenza izitha zakhe
zihlalisane ngokuthula naye.
8Okuncane okuhle kanye nokulunga,
kungcono kunenzuzo enkulu
etholakala ngokungalungi.
9Inhliziyo yomuntu iceba indlela yakhe,
kodwa uSimakade uyaziqondisa izinyathelo.
10Izimpendulo zikaNkulunkulu zisezindebeni zenkosi;
umlomo wayo awuyukuphambuka ekwehluleleni.
11Ukulinganisa okulungileyo nesilinganiso esilungileyo, kungokukaSimakade;
zonke izisindo ezisesikhwameni zingumsebenzi wakhe.
12Ukwenza inkohlakalo kuyisinengiso emakhosini,
kodwa isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.
13Izindebe ezilungileyo ziyintokozo yamakhosi;
ayabathanda abakhuluma iqiniso.
14Intukuthelo yenkosi ifana nezithunywa zokufa,
kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.
15Uma inkosi ithokozile kukhona ukuphila,
nesisa sayo sinjengefu lemvula yakamuva.
16Kuhle kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide,
nokuzuza ukuqonda kunesiliva lekhethelo!
17Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini;
oqaphela indlela yakhe
ulondoloza umphefumulo wakhe.
18Ukuzidla kwendulela ukuwa,
nomoya oziqhenyayo wandulela ukubhadazela.
19Kungcono ukuba nomoya othobekileyo
phakathi kwabahluphekayo,
kunokuhlukaniselana impango nabazidlayo.
20Oqaphela akukhulumayo ufumana okuhle,
ubusisiwe owethembela kuSimakade.
21Onengqondo ehlakaniphileyo ubizwa ngokuthi unokuqonda,
nenkulumo emtoti yandisa imfundiso.
22Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho,
kepha ubuwula buyisijeziso seziwula.
23Inhliziyo yohlakaniphileyo
inikeza ukuqonda okujulile kokhulumayo,
yenezele imfundiso ezindebeni zakhe.
24Amazwi amnene anjengamakhekheba oju;
amnandi emphefumulweni,
angukuphila emathanjeni.
25Kukhona indlela ebonakala
sengathi ilungile kumuntu,
kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.
26Iphango lesisebenzi liyasisebenzela,
ngokuba siqhutshwa yindlala.
27Isidwanyampuphu siphanda okubi,
nokuphuma ezindebeni zaso
kunjengomlilo weshisandlu.
28Umuntu owonakeleyo udala ingxabano,
nexoki lehlukanisa abangani.
29Umuntu oyisidlova uyenga umakhelwane wakhe,
amholele endleleni embi.
30Ovala amehlo uhlela okuphambeneyo,
noququda imihlathi ufeza okubi.
31Ubumpunga bungumqhele wodumo;
bufunyaniswa endleleni yokulunga.
32Owephuza ukuthukuthela ungcono kuneqhawe,
nobusa umoya wakhe, kunonqoba umuzi.
33Unkatho lwenzelwa emathangeni,
kepha sonke isinqumo salo
sivela kuSimakade.