Bible Society of South Africa

Umhlahlandlela Wokuphila – Day 12

- IBhayibheli – imanuwali yakho yokusebenza impilo yakho yonke
- IBhayibheli likhuluma nawe
- IBhayibheli liyi GPS yakho
- IBhayibheli linjengesibuko

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 119

105Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami

nokukhanya endleleni yami.

Ihubo 119:105ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseRoma 15

4Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba.

KwabaseRoma 15:4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KumaHeberu 4

Izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla

12Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo;

KumaHeberu 4:12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IBhayibheli – imanuwali yakho yokusebenza impilo yakho yonke
Izigidi zamakholwa emhlabeni wonke zikholwa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. Balifunda njalo, balitadishe futhi balithathe njengo mhlahlandlela wempilo yabo.

IBhayibheli likhuluma nawe
IBhayibheli alifani nencwajana yomyalelo noma iwebhusayithi enikeza izimpendulo ezicocekile nezixazululo esezenziwe ngomumo emibuzweni ehlukahlukene kanye nezinkinga. Le ncwadi ikhuluma nawe uma uvulelekile ukulalela iZwi likaNkulunkulu futhi ulenze libe yingxenye yempilo yakho yansukuzonke.

IBhayibheli liyi GPS yakho
Liphathelene nohla olubanzi lwezindaba, izehlakalo kanye nezimo zangempela zempilo ezibhekana nabalifundayo namhlanje. Iningi lale mibuzo iphendulwa ngendlela yokulinganisa ngesibonelo, iseluleko kanye neziyalo eziqonde ngqo.

Uma, kwesinye isikhathi, kusengathi akunangxenye yeZwi engasetshenziswa odabeni oluthile, kuvamise ukuba kube nemigomo ebanzi engasetshenziswa njengemihlahlandlela, isib. umyalo wokuqala, “Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami” awukhulumi ngemifanekiso yezithombe nje kuphela, kodwa nangempahla noma into umuntu ayithandayo ngaphezu kukaNkulunkulu.

IBhayibheli linjengesibuko

Lena akusiyo incwadi othola kuyo ulwazi ngethemba lokuthola usizo; incwadi futhi lapho sizihlela khona futhi sifunde ukwazi uNkulunkulu, njengoba amakholwa kade enza eminyakeni eminingi eyedlulile.

Ekugcineni, ukukholwa umyalezo weBhayibheli futhi ulenze ingxenye yempilo yakho kuwudaba lokukholwa. Yenza iBhayibheli libe yingxenye “yokuphuma nokungena” kwakho ngokubheka izifundo ezilandelayo futhi uzigcine kwi “diski yakho eqinile” ukuze ubheke kuyo ngokushesha mayelana neseluleko, isikhuthazo kanye nokudla okusheshayo komphefumulo.

Bible Society of South Africav.4.27.6
SITHOLE KU