Bible Society of South Africa

Umhlahlandlela Wokuphila – Day 1

- Ukuhlakanipha okusendleleni yempilo yansukuzonke
- Yiba nobuhlakani bokukhetha okulungile

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 37

23Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova;

uyayithanda indlela yakhe.

24Noma ekhubeka, akayikuwa phansi,

ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe.

Ihubo 37:23-24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 18

33owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi,

angimise emagqumeni ami;

Ihubo 18:33ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 121

Ukwethemba ukulondoloza kukaNkulunkulu

Igama lokukhuphuka.

1Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;

usizo lwami luvelaphi na?

2Usizo lwami luvela kuJehova

owenzile izulu nomhlaba.

3Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele;

okulondolozayo akayikozela.

4Bheka, olonda u-Israyeli akozeli,

akalali.

5UJehova ungumlondi wakho;

uJehova ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.

6Ilanga aliyikukushaya emini nenyanga ebusuku.

7UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke;

uyakulonda umphefumulo wakho.

8UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho

kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

Ihubo 1

Amahubo 1 – 41

Indlela yabalungileyo nendlela yababi

1Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi,

ongemi endleleni yezoni,

ongahlali enkundleni yabaklolodayo,

2kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova,

ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.

3Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi,

othela isithelo sawo ngesikhathi sawo,

oqabunga lawo lingabuni,

nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.

Ihubo 1:1-3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzAga 16

3Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,

ukuze kuqiniswe amasu akho.

IzAga 16:3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Yiba nobuhlakani bokukhetha okulungile
Nsuku zonke ohambeni lwakho ngempilo lunezinyathelo ezincane, njengokuhamba ekhaya okokuqala kuze kufike lapho ushintsha khona nomsebenzi noma ushada nesithandwa sakho sangempela/seqiniso noma ukhulisa umndeni. Konke lokhu kwenzeka ngenkathi usendaweni engajwayelekile futhi uhlangana nabantu abavela kumasikompilo ehlukene bevela kuzo zonke izindawo emhlabeni. Ungazithola usubambeka noma uphume endleleni ngenkathi ushintshanisa imisebenzi, abantu othandana nabo kanye nezingcindezi zansuku zonke ezijikijelwa yimpilo kuwe. Inselelo wukuphila ngokholo onalo ngendlela enomqondo. NgeBhayibheli njengomkhombandlela (GPS) wakho, qinisekisa ukuthi usendleleni efanele. Bheka izixhumanisi ngendlela ofuna ukuyilandela encwadini yaMahubo.

Yiba nobuhlakani bokukhetha okulungile
Akukhathaleki ukuthi ungazithola ukuphi ohambweni lwakho, uzobhekana nezinqumo zokuziphatha. Uzohlangabezana nezinkolelo eziphikisanayo nezindlela zokuphila ezahlukene. Nokho ezinye izimo zinhle ngokusobala noma zimbi, izimo ezivivinya ukholo lwakho kakhulu ngeke zicace bha. Ukubhekisa amehlo akho kuNkulunkulu kuzokusiza ukuthola indlela yakho kulo mhlaba.

Bible Society of South Africav.4.23.0
SITHOLE KU