Bible Society of South Africa

To The Word – Day 92

Isaiah 6–10, Psalm 149

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Isaya 6

1Ngomnyaka wokufa kwenkosi u-Uziya ngabona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo, umsila wengubo yakhe ugcwalisa ithempeli. 2Ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi;* yilelo nalelo lalinamaphiko ayisithupha; ngamabili lamboza ubuso, nangamabili lamboza izinyawo, nangamabili landiza. 3Elinye lamemeza kwelinye, lathi:

“Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti,

wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”

4Izinsika zomnyango zathuthumela ngezwi lomemezayo, indlu yagcwala umusi. 5Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ozindebe zakhe zingcolile, futhi ngihlezi phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile, ngokuba amehlo ami abonile iNkosi uJehova Sebawoti.”

6Kepha landizela kimi elinye lamaserafi* liphethe ilahle elivuthayo esandleni salo, elalilithathe ngodlawu e-altare, 7lathinta umlomo wami, lathi: “Bheka, lokhu kuthintile izindebe zakho; ububi bakho sebususiwe, nezono zakho zihlanguliwe.”

8Futhi ngezwa izwi leNkosi lithi: “Ngiyakuthuma bani, ngubani oyakusiyela na?”

Ngase ngithi: “Bheka, nangu mina; ngithume mina.”

9Yathi: “Hamba usho kulaba bantu ukuthi:

“ ‘Yizwani, yizwani, kepha ningaqondi;

bonani, bonani, kepha ningazi.’

10Yenza inhliziyo yalaba bantu ukuba ikhuluphale,

nezindlebe zabo zibe buthuntu,

ufiphaze amehlo abo,

funa babone ngamehlo abo,

bezwe ngezindlebe zabo,

baqonde ngenhliziyo yabo,

babuye, baphiliswe.”

11Ngase ngithi: “Nkosi, koze kube nini na?”

Yathi:

“Kuze kuchithwe imizi,

kungabe kusaba khona ohlala kuyo,

nezindlu zingabe zisaba namuntu,

nomhlaba uchitheke ube yize,

12uJehova aze adedisele kude abantu,

nencithakalo ibe nkulu ezweni.

13Yebo, noma kusekhona inxenye yeshumi kulo,

yona iyakubuye ishiswe njengomtherebinte* ne-oki*

okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona;

inzalo engcwele iyisiqu sakho.”

U-Isaya 7

Isibonakaliso sika-Imanuweli

1Kwathi ezinsukwini zika-Ahazi indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uResini inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphukela eJerusalema ukulwa nalo, kepha babengenakulinqoba.

2Kwatshelwa indlu kaDavide ukuthi: “I-Aramu limise kwa-Efrayimi.” Yayisiqhaqhazela inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yasehlathini ithuthumela ngomoya.

3Kepha uJehova wathi ku-Isaya: “Mawuphume ukuhlangabeza u-Ahazi, wena noSheyari Jashubi* indodana yakho, ngasekugcineni komsele wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi, 4usho kuye ukuthi: ‘Xwaya, uthule; ungesabi, nenhliziyo yakho mayingadangali ngemisila emibili yalezi zikhuni ezithunqayo, ngokuvutha kolaka lukaResini ne-Aramu nolwendodana kaRemaliya. 5Ngokuba i-Aramu no-Efrayimi nendodana kaRemaliya bacebile okubi ngawe, bathi: 6“Masikhuphukele kwelakwaJuda, silikhathaze, sizinqobele lona, sibeke inkosi phakathi kwalo, indodana kaThabeyeli,” 7ngalokho isho iNkosi uNkulunkulu, ithi:

“ ‘Akuyikuma, futhi akuyikwenzeka.

8Ngokuba inhloko yase-Aramu iyiDamaseku,

nenhloko yeDamaseku inguResini;

phakathi kweminyaka engamashumi

ayisithupha nanhlanu

u-Efrayimi uyakwaphulwa angabe esaba yisizwe.

9Inhloko yakwa-Efrayimi iyiSamariya,

inhloko yeSamariya iyindodana kaRemaliya.

Uma ningakholwa,

impela aniyikuma.’ ”

10UJehova waqhubeka ukukhuluma ku-Ahazi, wathi: 11“Zicelele isibonakaliso kuJehova uNkulunkulu wakho, kujule endaweni yabafileyo, noma kuphakame phezulu.”

12Kepha u-Ahazi wathi: “Angiyikucela, futhi angiyikumlinga uJehova.”

13Wayesethi: “Ake uzwe wena ndlu kaDavide! Kuncane kuwe ukukhathaza abantu, ukuze nimkhathaze noNkulunkulu wami futhi na? 14Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli. 15Uyakudla amangqanga nezinyosi aze azi ukwala okubi, akhethe okuhle. 16Ngokuba umntwana engakazi ukwala okubi nokukhetha okuhle, izwe okhathazwa ngamakhosi omabili alo liyakushiywa. 17UJehova uyakuletha phezu kwakho, naphezu kwabantu bakho, naphezu kwendlu kayihlo izinsuku ezingafikanga kusukela osukwini u-Efrayimi asuka ngalo kwaJuda – yinkosi yase-Asiriya.”

18Kuyakuthi ngalolo suku uJehova ahlabele ikhwelo izimpukane ezingasekugcineni kwemifula yaseGibithe nezinyosi ezisezweni lase-Asiriya. 19Ziyakufika, ziphumule zonke ezigodini ezineziwa, nasemifantwini yamadwala, nasemahlanzeni onke, nasemadlelweni onke. 20Ngalolo suku iNkosi iyakuphucula ngensingo eqashiweyo ngaphesheya koMfula* yinkosi yase-Asiriya ikhanda noboya bezinyawo, futhi iyakuqeda nesilevu. 21Kuyakuthi ngalolo suku indoda yondle isithole nezimvu ezimbili, 22bese kuthi ngobuningi bobisi ezilwehlisayo idle amangqanga, ngokuba amangqanga nezinyosi bayakukudla bonke abasele ezweni. 23Kuyakuthi ngalolo suku yonke indawo lapho kukhona imivini eyinkulungwane, elingene nezinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva, ibe ngeyamakhakhasi nameva. 24Kuyakuyiwa khona nemicibisholo nomnsalo, ngokuba izwe lonke liyakuba ngamakhakhasi nameva. 25Ezintabeni zonke ezilinywa ngegeja akuyikuyiwa khona ngokwesaba amakhakhasi nameva, kepha ziyakuba ngezokuqhubela izinkabi nezokunyathela kwezimvu.

U-Isaya 8

Isiprofetho ngokwahlulelwa kuka-Israyeli

1UJehova wathi kimi: “Zithathele isibhebhe esikhulu, ubhale kuso ngokwendlela yomuntu ngokuthi uMahere Shalali Hashi Bazi.* 2Ngazifakazisela ofakazi abaqinisileyo, u-Uriya umpristi noZakariya indodana kaJeberekiya.”

3Ngase ngiya kumprofethikazi; wakhulelwa, wazala indodana. Wayesethi uJehova kimi: “Biza igama layo ngokuthi uMahere Shalali Hashi Bazi.* 4Ngokuba umntwana engakazi ukumemeza ngokuthi baba nomame, kuyakususwa ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya phambi kwenkosi yase-Asiriya.”

5UJehova wabuye wakhuluma kimi, wathi: 6“Ngenxa yokuba laba bantu badelela amanzi aseShilowa ahamba kancane, bathokoza ngoResini nendodana kaRemaliya, 7ngalokho bheka, iNkosi iyabakhuphulela amanzi omfula anamandla namaningi – yinkosi yase-Asiriya nabo bonke ubukhosi bayo – ukhuphuke phezu kwazo zonke izingu zawo, weqe nazo zonke izindonga zawo, 8utheleke kwaJuda, ukhukhule, udlule, ufinyelele entanyeni, besewugcwalisa ngamaphiko awo eluliweyo ububanzi bezwe lakho, Imanuweli.”

9Bhevani nina zizwe,

niyakuphela amandla nokho;

bekani indlebe nina mazwe onke akude:

zibhinceni, kepha niyakudangala,

yebo, zibhinceni,

niyakuphela amandla nokho.

10Lulekanani nokululekana,

kepha kuyakuchithwa;

khulumani izwi, kodwa aliyikuma,

ngokuba uNkulunkulu unathi.

11Ngokuba uNkulunkulu ukhulumile kanjalo kimi ngesandla esinamandla, wangiyala ukuba ngingahambi ngendlela yalaba bantu, wathi:

12“Ningasho ukuthi kuluzungu konke

abakushoyo laba bantu ukuthi kuluzungu,

ningesabi abakwesabayo,

nibe novalo ngakho.

13UJehova Sebawoti,

mngcweliseni yena,

kube nguye enimesabayo,

yebo, kube nguye eninovalo ngaye.

14Uyakuba ngokungcwele,

futhi abe yitshe lokukhubekisa,

nedwala lokuwisa kuzo izindlu zombili zakwa-Israyeli,

abe lugibe nesihibe kwabakhileyo eJerusalema.

15Abaningi phakathi kwabo bayakukhubeka,

bawe, baphuke, bacushwe, babanjwe.”

16Bopha ubufakazi,

uwunamathelise umthetho phakathi kwabafundi bami.

17Ngiyakumlindela uJehova

ositheza ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe,

ngethembe kuye.

18Bheka, mina, nabantwana uJehova anginike bona, siyizibonakaliso nezimangaliso kwa-Israyeli, ezivela kuJehova Sebawoti ohlezi entabeni yaseSiyoni.

19Lapho bethi kini: “Funani kwabanamadlozi nakubathakathi” ababetha imilozi, banyenyeze pho, abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini? Kuyiwe kwabafileyo ngabaphilayo na? 20Emthethweni-ke nasebufakazini! Impela leli zwi abalikhulumayo alinakho ukusa. 21Bayakudabula izwe bexinekile, belambile; kuyakuthi lapho belamba, bavuke ulaka, bathuke inkosi yabo noNkulunkulu wabo, babheke phezulu. 22Bayakubheka nasemhlabeni; bheka, nakho ukuhlupheka, nobumnyama, nokuhwelela kosizi; yebo, bayakuxoshelwa esigayegayeni.

U-Isaya 9

Inkosi yokuthula

1Kepha ukuhwelela akuyikuba khona kohluphekayo. Njengesikhathi esidlule senza ukuba kufiliswe izwe lakwaZebuloni nezwe lakwaNafetali, isikhathi esizayo siyakwenza ukuba ikhazimule indlela yolwandle ngaphesheya kweJordani, isifunda sabezizwe.

2Abantu abahamba ebumnyameni

babona ukukhanya okukhulu;

abahlezi ezweni lethunzi lokufa

ukukhanya kuyabakhanyisela.

3Uyakwandisa isizwe,

ukhulise intokozo yaso;

bathokoza phambi kwakho

njengokuthokoza ekuvuneni,

njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango.

4Ngokuba ijoka lomthwalo wabo,

nenduku yamahlombe abo,

noswazi lomhluphi wabo

uyakwaphula njengasosukwini lukaMidiyani.

5Ngokuba zonke izicathulo ezifakiweyo esiyaluyalwini sokulwa

nezingubo ezigingqwe egazini ziyakuba ngezokushiswa,

zidliwe ngumlilo.

6Ngokuba sizalelwa umntwana,

siphiwa indodana;

umbuso uyakuba semahlombe akhe,

negama lakhe liyakuthiwa

uMluleki omangalisayo,

uNkulunkulu onamandla,

uYise ongunaphakade,

iNkosi yokuthula.

7Umbuso uyakuba mkhulu,

ukuthula kungabi nakuphela

esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe,

ukuze uqiniswe, usekelwe

ngokwahlulela nangokulunga,

kusukela manje kuze kube phakade.

Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.

Intukuthelo kaNkulunkulu ngaku-Israyeli

8INkosi ithume izwi kuJakobe,

lehlela kwa-Israyeli.

9Bonke abantu bayakwazi,

u-Efrayimi nabakhe eSamariya,

abasho ekuziphakamiseni kwabo

nasekuziqhenyeni kwenhliziyo ukuthi:

10“Izitini ziwile,

kepha siyakwakha ngamatshe abaziweyo;

imithombe igawuliwe,

kepha siyakutshala imisedari* ezikhundleni zayo.”

11UJehova uyabaphakamisela izitha zikaResini,

ahlomise abamelene nabo,

12i-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva,

bamudle u-Israyeli ngomlomo okhamisiweyo;

kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,

isandla sakhe siseluliwe.

13Abantu ababuyelanga nokho kobashayileyo,

futhi abamfunanga uJehova Sebawoti.

14Ngalokho uJehova uyanquma kwa-Israyeli

ikhanda nomsila, igatsha lesundu nomhlanga,

ngalusuku lunye.

15Ilunga nophakemeyo bayikhanda,

nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.

16Ngokuba abahola laba bantu bayabadukisa,

nabaholwa yibo bayagwinywa.

17Ngalokho iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo,

ayihawukeli izintandane nabafelokazi babo,

ngokuba bonke bangabangenaNkulunkulu nabenza okubi,

nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula;

kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,

isandla sakhe siseluliwe.

18Ngokuba ububi bushisa njengomlilo,

buqeda amakhakhasi nameva,

buthungela ezihlahleni zamahlathi,

zize zifuquke insika yomusi.

19Ngentukuthelo kaJehova Sebawoti

izwe lishisiwe;

abantu bangukudla komlilo,

akakho osindisa umfowabo.

20Umuntu uyahlwitha ngakwesokunene,

abe esalambile nokho,

adle ngakwesokhohlo, kepha angasuthi;

bayakudla, kube yilowo nalowo inyama yengalo yakhe,

21uManase u-Efrayimi,

no-Efrayimi uManase,

bobabili basukele kanyekanye uJuda;

kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,

isandla sakhe siseluliwe.

U-Isaya 10

1Wo kubona abamisa izimiso ezimbi,

nakubabhali ababhalisisa okuyingozi,

2ukuchezukisa abampofu ekwahluleleni,

nokwaphuca abaswelayo babantu bami umthetho,

ukuze abafelokazi babe yimpango yabo,

baqhwage izintandane.

3Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwa

nasekuchithakaleni okuvela kude na?

Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na?

Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?

4Uma ningaguqi phakathi kwababoshiweyo,

niyakuwa phakathi kwababuleweyo;

kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,

isandla sakhe siseluliwe.

I-Asiriya liyalahlwa

5“Wo kulo i-Asiriya,

intonga yentukuthelo yami,

nokusesandleni salo ukufutheka kwami kuyinduku.

6Ngiyalithuma esizweni esingenaNkulunkulu,

ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yami

ukuba liphange impango, liqhwage,

libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.

7Nokho akusiwo umqondo walo,

inhliziyo yalo ayicabangi kanjalo,

kepha kusenhliziyweni yalo ukuchitha

nokunquma izizwe ezingeyingcosana.

8Ngokuba lithi:

‘Izikhulu zami zonke azisiwo amakhosi na?

9IKalino alinjengeKharikemishi na?

IHamati alinjenge-Aripadi na?

ISamariya alinjengeDamaseku na?

10Njengalokhu isandla sami

siyitholile imibuso yezithombe

ezimifanekiso yazo ebaziweyo yahlula

eyaseJerusalema neyaseSamariya,

11anginakwenza yini kulo iJerusalema nezithombe zalo,

njengalokhu ngenzile kulo iSamariya nezithombe zalo, na?’ ”

12Kuyakuthi lapho iNkosi isiqedile wonke umsebenzi wayo entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, ijezise isithelo senhliziyo ezidlayo yenkosi yase-Asiriya nokuzikhukhumeza kwamehlo ayo aziphakamisayo. 13Ngokuba uthi:

“Ngamandla esandla sami ngikwenzile,

nangokuhlakanipha kwami,

ngokuba nginokuqonda;

ngisusile imikhawulo yezizwe,

ngiphangile ingcebo yazo,

njengesiqhwaga ngawisa phansi abakhileyo khona.

14Isandla sami sifumene imfuyo yabantu njengesidleke,

nanjengalokhu umuntu ebutha amaqanda ashiyiweyo

ngibuthile wonke umhlaba,

akwababikho oshaya phiko,

novula mlomo, notshiyozayo.”

15Izembe liyakuzikhukhumeza kuye ogawula ngalo na?

Isaha liyakuzikhulisa kuye oliqhubayo,

njengokungathi induku izamazamisa abayiphakamisayo,

nodondolo luphakamisa ongesiwo umuthi, na?

16Ngalokho iNkosi uJehova Sebawoti iyakuthuma

ukonda phakathi kwabakhulupheleyo bakhe,

nangaphansi kodumo lwakhe kuyakuphembeka ukushisa

njengokushisa komlilo.

17Ukukhanya kuka-Israyeli kuyakuba ngumlilo,

oNgcwele wakhe abe yilangabi;

kuyakushisa kuqede ameva akhe

namakhakhasi akhe ngalusuku lunye.

18Iyakuqeda udumo lwehlathi lakhe nensimu yakhe,

umzimba nomphefumulo,

kube njengesiguli esinyamalalayo.

19Insali yemithi yakhe iyakuba yingcosana,

ukuze ibhalwe ngumntwana.

20Kuyakuthi ngalolo suku insali yakwa-Israyeli

nabasindileyo bendlu kaJakobe

bangasenciki kobashayileyo,

kepha bencike ngeqiniso kuJehova oNgcwele ka-Israyeli.

21Insali iyakubuya, insali kaJakobe,

ibuyele kuNkulunkulu onamandla.

22Ngokuba noma abantu bakho, Israyeli,

bengangesihlabathi solwandle,

kuyakubuya phakathi kwabo insali nje;

ukuchithwa kunqunyiwe, okuchichima ukulunga.

23Ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti

iyakwenza ukubhujiswa okunqunyiweyo

phakathi kwawo wonke umhlaba.

24Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi:

“We bantu bami, enakhe eSiyoni,

ningalesabi i-Asiriya,

lapho likushaya ngentonga yalo,

liphakamisele kuwe udondolo lwalo ngendlela yaseGibithe.

25Ngokuba kusezakuba yisikhashana nje

kuze kuphele ukufutheka kwami,

intukuthelo yami ibe sekuchithweni kwalo.”

26UJehova Sebawoti uyakulivusela isiswebhu

njengasekubulaweni kwabakwaMidiyani ngasedwaleni lika-Orebi,

nentonga yakhe iyakuba phezu kolwandle,

ayiphakamise ngendlela yaseGibithe.

27Kuyakuthi ngalolo suku umthwalo walo

ususwe emahlombe akho nejoka lalo entanyeni yakho.

Liyakhuphuka eRimoni,

28liyeza e-Ayati,

lidlula eMigroni;

lethula impahla yalo eMikimashi;

29badlula esikhaleni,

ebusuku bahlala eGeba;

iRama liyaqhaqhazela,

iGibeya likaSawule liyabaleka.

30Zamuluka ngezwi lakho,

ndodakazi yaseGalimi;

qaphela, Layishi,

yiphendule, Anathoti.

31IMadimena selibalekile,

abakhileyo eGebimi bathutha impahla.

32Namhla nje liyema ngaseNobi,

linikinele isandla salo intaba yendodakazi yaseSiyoni,

intaba yaseJerusalema.

33Bheka, iNkosi uJehova Sebawoti

iyanquma amagatsha ngokwesabekayo,

kugawulwe abaphakemeyo,

nabazikhukhumezayo behliswe.

34Izihlahla zehlathi ziyacatshwa ngensimbi,

neLebanoni liyawa ngoNamandla.

U-Isaya 10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 149

Dumisani uJehova

1Haleluya!

Hlabelelani kuJehova igama elisha,

indumiso yakhe emhlanganweni wabangcwele.

2U-Israyeli makathokoze ngowamEnzayo,

abantwana baseSiyoni bethabele iNkosi yabo.

3Mabadumise igama lakhe ngokusina,

bamhubele ngesigubhu nehabhu.*

4Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe;

abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.

5Abalungileyo mabethabe ngobukhosi,

6Ukumphakamisa uNkulunkulu makube semlonyeni wabo,

nenkemba esika nhlangothi zombili esandleni sabo,

7ukuba benze impindiselo kubo abezizwe

nezijeziso kubantu,

8babophe amakhosi abo ngamaketanga

nabadumileyo babo ngezibopho zensimbi,

9bafeze phezu kwabo isahlulelo esilotshiweyo;

kuludumo kubo bonke abangcwele bakhe.

Haleluya!

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU