Bible Society of South Africa

To The Word – Day 77

1 Samuel 21–25, Psalms 34 & 54 (optional: Psalms 52 & 56)

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 uSamuweli 21

UDavide ukumpristi u-Ahimeleki eNobi. Ubaleka aye ku-Akhishi

1UDavide wayeseya eNobi ku-Ahimeleki umpristi; u-Ahimeleki waya ukumhlangabeza uDavide ethuthumela, wathi kuye: “Yini ukuba uwedwa, kungekho muntu nawe, na?”

2UDavide wathi ku-Ahimeleki umpristi: “Inkosi ingiyalezile udaba, yathi kimi: ‘Makungazi muntu ngalolu daba engikuthuma ngalo nengikuyale ngalo.’ Izinsizwa zami ngizazisile indawo ethile. 3Manje kuyini okuphansi kwesandla sakho na? Nginike esandleni sami izinkwa eziyisihlanu noma kuyini okukhona.”

4Umpristi wamphendula uDavide, wathi: “Asikho isinkwa esivamileyo nje phansi kwesandla sami, kepha kukhona isinkwa esingcwele, uma izinsizwa zizigcinile esifazaneni kuphela.”

5UDavide wamphendula umpristi, wathi: “Impela abesifazane bavinjelwe kithina ngalezi zinsuku; izinto zezinsizwa zazingcwele ekuphumeni kwami; noma kuyindlela evamileyo nje, izinto zazo zisengcwele nanamuhla.” 6Umpristi wayesemnika isinkwa esingcwele, ngokuba kwakungekho sinkwa lapho, isinkwa sokubukwa kuphela, ebesisusiwe phambi kukaJehova ukuba kubekwe isinkwa esisashisayo mhla sisuswa.

7Kepha umuntu othile wezinceku zikaSawule wayelapho ngalolo suku, ebambekile phambi kukaJehova, ogama lakhe lalinguDowegi wabakwa-Edomi, omkhulu wabelusi bakaSawule.

8UDavide wathi ku-Ahimeleki: “Akukho lapho phansi kwesandla sakho umkhonto noma inkemba na? Ngokuba angifikanga nenkemba yami nezikhali zami, ngokuba udaba lwenkosi lwalusheshisa.”

9Wayesethi umpristi: “Inkemba kaGoliyati umFilisti owambulala esigodini sase-Ela, bheka, ilapho, isongiwe ngengubo emva kwengubo yamahlombe. Uma uthanda ukuyithatha, yithathe, ngokuba ayikho lapha enye ngaphandle kwayo.”

UDavide wathi: “Ayikho enjengayo; nginike yona.”

10Wayesesuka uDavide, wabaleka ngalolo suku ngokwesaba uSawule, waya ku-Akhishi inkosi yaseGati. 11Izinceku zika-Akhishi zathi kuye: “Lo akasiye uDavide, inkosi yezwe, na? Abavumelananga yini ngaye omunye nomunye, besina bethi:

“ ‘USawule ubulele izinkulungwane zakhe,

kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi,’ na?”

12UDavide wabeka lawo mazwi enhliziyweni yakhe, wamesaba kakhulu u-Akhishi inkosi yaseGati. 13Waguquka ingqondo phambi kwabo, wazenza ohlanyayo ezandleni zabo, wadweba ezivalweni zamasango, wehlisela amathe esilevini.

14U-Akhishi wayesethi ezincekwini zakhe: “Bheka, uyabona ukuthi lo muntu uyahlanya; nimletheleni kimi na? 15Ngiswele izinhlanya yini ukuba nimlethe lo muntu ukuzenza uhlanya ebusweni bami na? Angene endlini yami lona na?”

1 uSamuweli 21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 uSamuweli 22

UDavide uyisibaleki emhumeni wase-Adulamu nakwaMowabi

1UDavide wayesesuka khona, wabaleka, waya emhumeni wase-Adulamu; lapho abafowabo nabo bonke abendlu kayise bekuzwa, behlela khona kuye. 2Kwabuthana kuye bonke abanosizi, nabo bonke abanesikwenetu, nabo bonke abanenhliziyo enomunyu, waba yinduna phezu kwabo; kwakukhona naye kungathi abantu abangamakhulu amane.

3UDavide wasuka khona, waya eMispa lakwaMowabi, wathi enkosini yakwaMowabi: “Ake beze ubaba nomame, bahlale kini, ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakwenzani kimi.” 4Wabaletha phambi kwenkosi yakwaMowabi, bahlala kuye zonke izinsuku uDavide esenqabeni.

5Umprofethi uGadi wathi kuDavide: “Ungahlali enqabeni; hamba uye ezweni lakwaJuda.” Wayesesuka uDavide, wafika ehlathini laseHereti.

USawule ubulala abaseNobi

6USawule wezwa ukuthi uDavide uyaziwa nabantu ababe naye; uSawule wayehlezi eGibeya phansi komtamariske* egqumeni ephethe umkhonto esandleni sakhe, zonke izinceku zimi ngakuye. 7USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimi ngakuye: “Yizwani nina bakwaBenjamini; indodana kaJese iyakuninika nonke amasimu nezivini, inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, 8ngokuba ningenzele nonke ugobe, akwababikho ongitshelileyo lapho indodana yami yenza isivumelwano nendodana kaJese, akwababikho kini ongidabukelayo nongitshelayo ukuthi indodana yami ingivusele inceku yami ukuba ingiqamekele njenganamuhla.”

9UDowegi wakwa-Edomi owayemi ngakuzo izinceku zikaSawule waphendula wathi: “Ngabona indodana kaJese iza eNobi ku-Ahimeleki indodana ka-Ahithubi. 10Wambuzela kuJehova, wamnika umphako, wamnika nenkemba kaGoliyati umFilisti.”

11Inkosi yayisithumela ukubiza u-Ahimeleki umpristi, indodana ka-Ahithubi, nendlu yonke kayise, abapristi ababeseNobi; beza bonke enkosini. 12USawule wathi: “Yizwa-ke, wena ndodana ka-Ahithubi.”

Waphendula wathi: “Ngilapha, nkosi.”

13USawule wathi kuye: “Ningenzeleleni ugobe, wena nendodana kaJese, ngokuyinika isinkwa nenkemba, uyibuzele kuNkulunkulu ukuba ingivukele, ingiqamekele njenganamuhla, na?”

14U-Ahimeleki waphendula inkosi, wathi: “Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembekile njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabalindi bakho, nodumileyo endlini yakho, na? 15Ngiqale namuhla yini ukumbuzela kuJehova na? Makube kude nami; inkosi mayingabeki cala encekwini yayo, nakuyo yonke indlu kababa, ngokuba inceku yakho ayazi lutho lwayo yonke le ndaba, oluncane noma olukhulu.”

16Inkosi yayisithi: “Uyakufa nokufa, Ahimeleki, wena nayo yonke indlu kayihlo.”

17Inkosi yathi kuzo izigijimi ezazimi ngakuyo: “Sondelani, nibulale abapristi bakaJehova, ngokuba nesandla sabo sinaye uDavide nangokuba bazi ukuthi uDavide wabaleka, bengakwambulelanga kimi.” Kepha izinceku zenkosi azivumanga ukwelula isandla sazo ukuba zisukele abapristi bakaJehova.

18Inkosi yathi kuDowegi: “Sondela wena, usukele abapristi.” UDowegi wabakwa-Edomi wasondela, wabasukela abapristi, wabulala ngalolo suku abantu abangamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu, abembethe ingubo yamahlombe yelineni. 19INobi, umuzi wabapristi, walichitha ngosiko lwenkemba, abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo, izinkabi nezimbongolo nezimvu, ngosiko lwenkemba.

20Omunye wamadodana ka-Ahimeleki indodana ka-Ahithubi ogama lakhe lingu-Abiyathara wabaleka, wamlandela uDavide. 21U-Abiyathara wamtshela uDavide ukuthi uSawule ubulele abapristi bakaJehova. 22UDavide wathi ku-Abiyathara: “Ngazi ngalolo suku mhla uDowegi wakwa-Edomi elapho ukuthi uyakumtshela nokumtshela uSawule; yimi engibangele ukuba bafe abantu bonke bendlu kayihlo. 23Hlala kimi, ungesabi, ngokuba ofuna ukuphila kwami ufuna ukuphila kwakho, kepha uyakulondolozeka kimi.”

1 uSamuweli 22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 uSamuweli 23

Ukukhululwa kweKeyila

1Kwabikwa kuDavide ukuthi: “Bheka, amaFilisti ayalwa neKeyila, aphanga izibuya.” 2Ngalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngiye ngibulale lawo maFilisti na?”

UJehova wathi kuDavide: “Hamba uwabulale amaFilisti, usindise iKeyila.”

3Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, siyesaba lapha kwaJuda; kakhulu kangakanani, uma siya eKeyila, silwe nezimpi zamaFilisti na?”

4UDavide waphinda wabuza kuJehova. UJehova wamphendula wathi: “Suka wehlele eKeyila, ngokuba ngiyakunikela amaFilisti esandleni sakho.” 5UDavide nabantu bakhe baya eKeyila, balwa namaFilisti, bathumba izinkomo zawo, bawaceka ngokuceka okukhulu. Wayesebasindisa uDavide abaseKeyila.

6Kwathi lapho u-Abiyathara indodana ka-Ahimeleki ebaleka eya kuDavide eKeyila, wehla, ingubo yamahlombe isesandleni sakhe.

7Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKeyila. Wayesethi uSawule: “UNkulunkulu umkhaphele esandleni sami, ngokuba uzivalele ngokungena emzini onamasango nemigoqo.” 8USawule wabiza abantu bonke, baye empini, behlele eKeyila, bavimbezele uDavide nabantu bakhe.

9UDavide wazi ukuthi uSawule uceba okubi ngaye; wathi ku-Abiyathara umpristi: “Letha ingubo yamahlombe.” 10Wayesethi uDavide: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, inceku yakho izwile nokuzwa ukuthi uSawule ufuna ukuza eKeyila ukuba achithe umuzi ngenxa yami. 11Abantu baseKeyila bayakungikhaphela yini esandleni sakhe na? USawule uyakwehla njengalokho inceku yakho izwile na? Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ake uyitshele inceku yakho.”

Wathi uJehova: “Uyakwehla.”

12Wayesethi uDavide: “Abantu baseKeyila bayakungikhaphela mina nabantu bami esandleni sikaSawule na?”

Wathi uJehova: “Bayakukukhaphela.”

13Wayesesuka uDavide nabantu bakhe kungathi abangamakhulu ayisithupha, baphuma eKeyila, bahamba lapho bebenokuhamba khona. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekile eKeyila; wayeseyeka ukuphuma.

UJonathani ukuDavide eZifi

14UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala ezintabeni ezisehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.

15UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukufuna ukuphila kwakhe; uDavide wayesehlane laseZifi eHoreshi. 16Kwasuka uJonathani indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, waqinisa isandla sakhe kuNkulunkulu. 17Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule ubaba asiyikukufumana; wena uyakuba yinkosi phezu kuka-Israyeli, mina ngikwelame; noSawule ubaba uyakwazi lokho.” 18Benza isivumelwano bobabili phambi kukaJehova; uDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.

Inkohliso yabaseZifi

19Kwase kwenyuka abaseZifi, baya kuSawule eGibeya, bathi: “UDavide akacashi yini kithi ezinqabeni zaseHoreshi entabeni yaseHakhila elingaseningizimu kwasehlane na? 20Ngalokho yehla, nkosi, uma kuyisifiso senhliziyo yakho ukwehla, thina simkhaphele esandleni senkosi.”

21USawule wathi: “Manibusiswe, ngokuba ningihawukele. 22Manihambe, niqinise, nazi, nibone indawo yakhe lapho kukhona unyawo lwakhe nokuthi ubonwe ngubani khona, ngokuba ngitsheliwe ukuthi unobuqili impela. 23Bhekani, nizazi zonke izindawo zokucasha, lapho ecasha khona, nibuyele kimi nineqiniso; ngiyakuhamba nani; kuyakuthi uma ekhona ezweni, ngimfice phakathi kwayo yonke imindeni yakwaJuda.”

24Base besuka, baya eZifi phambi kukaSawule; kepha uDavide nabantu bakhe babesehlane laseMahoni e-Araba ngaseningizimu kwasehlane.

UDavide useMahoni

25USawule nabantu bakhe baya ukumfuna. UDavide watshelwa; wehlela-ke eweni, wahlala ehlane laseMahoni. USawule ekuzwa, wamxosha uDavide ehlane laseMahoni.

26USawule wahamba ngalapha kwentaba, uDavide nabantu bakhe bahamba ngale kwentaba; uDavide washesha wahamba ngokumesaba uSawule, ngokuba uSawule nabantu bakhe bahaqa uDavide nabantu bakhe ukuba bababambe. 27Kepha kwafika isithunywa kuSawule, sithi: “Shesha ufike, ngokuba amaFilisti angenele izwe.” 28Wayesebuya uSawule ekumxosheni uDavide, wahamba ukuhlangabezana namaFilisti; ngalokho babiza leyo ndawo ngokuthi iSela Hamalekoti.* 29UDavide wakhuphuka lapho, wahlala ezinqabeni zase-Eni Gedi.

1 uSamuweli 23ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 uSamuweli 24

ODavide noSawule basemhumeni wase-Eni Gedi

1Kwathi uSawule esebuyile ekuxosheni amaFilisti, kwabikwa kuye ukuthi: “Bheka, uDavide usehlane lase-Eni Gedi.” 2USawule wayesethatha abantu abayizinkulungwane ezintathu abakhethiweyo kuye wonke u-Israyeli, wahamba ukumfuna uDavide nabantu bakhe emaDwaleni amaGogo.

3Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kukhona umhume; uSawule wangena khona ukuba embese izinyawo zakhe. UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva emhumeni. 4Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nantu usuku uJehova asho ngalo kuwe ukuthi: ‘Bheka, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze kuso okuhle emehlweni akho.’ ” Wayesesuka uDavide, wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule.

5Kwathi ngasemuva uDavide wahlabeka enhliziyweni, ngokuba wayesikile umphetho wengubo kaSawule. 6Wathi kubantu bakhe: “Makube kude nami, Jehova, ukuba ngenze okunjalo kuyo inkosi yami, ogcotshiweyo kaJehova, ngelulele isandla sami kuye, lokhu engogcotshiweyo kaJehova.” 7UDavide wabathiya ngalawo mazwi, akabavumelanga ukuba bamvukele uSawule. USawule wasuka emhumeni, wahamba.

8Naye uDavide wasuka ngasemuva, waphuma emhumeni, wamemeza emva kukaSawule, ethi: “Nkosi yami, nkosi!” USawule wabheka emuva, uDavide wakhothamela phansi ngobuso, wakhuleka. 9UDavide wathi kuSawule: “Ulalelelani amazwi abantu abathi: ‘Bheka, uDavide ufuna ukukulimaza’? 10Bheka, namuhla amehlo akho abonile ukuthi uJehova wayekunikele esandleni sami emhumeni; abanye bathi mangikubulale, kepha ngakuhawukela, ngathi: ‘Angiyikwelulela isandla sami kuyo inkosi yami, ngokuba ingogcotshiweyo kaJehova.’ 11Futhi, baba, bheka, yebo, bheka, umphetho wengubo yakho usesandleni sami, ngokuba lokhu ngasika umphetho wengubo yakho ngingakubulalanga, yazi, ubone ukuthi akukho bubi nasiphambeko esandleni sami, angonanga kuwe, noma uqamekela ukuphila kwami ukuba ukuthathe. 12UJehova makahlulele phakathi kwami nawe, uJehova angiphindisele kuwe, kepha isandla sami asiyikuba phezu kwakho. 13Kunjengesaga sasendulo esithi: ‘Kwababi kuvela okubi;’ ngalokho isandla sami asiyikuba phezu kwakho.

14“Inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukulandela bani na? Uxosha bani na? Uxosha inja efileyo, intwakumba eyodwa nje. 15UJehova makabe ngumahluleli, ahlulele phakathi kwami nawe, abheke, angimele, angikhulule esandleni sakho.”

16Kwathi uDavide eseqedile ukukhuluma lawo mazwi kuSawule, uSawule wathi: “Yizwi lakho leli, ndodana yami Davide, na?” USawule wadazuluka, wakhala. 17Wayesethi kuDavide: “Ulungile kunami, ngokuba wena ungiphindisele ngokuhle, kepha mina ngikuphindisele ngokubi. 18Ulandile namuhla ukuthi ungenzele okuhle, njengokuba, lapho uJehova ebenginikele esandleni sakho, awungibulalanga. 19Ngokuba uma umuntu efica isitha sakhe, uyasivumela ukuba sihambe ngendlela enhle na? UJehova makakuphindisele ngokuhle ngokwenzileyo kimi namuhla. 20Manje bheka, ngiyazi ukuthi uyakuba yinkosi impela, nombuso wakwa-Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho. 21Ngalokho ngifungele uJehova ukuthi awuyikunquma inzalo yami emva kwami nokuthi awuyikwesula igama lami endlini kababa.”

22UDavide wafunga kuSawule; uSawule wagoduka, kepha uDavide nabantu bakhe bakhuphukela enqabeni.

1 uSamuweli 24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 uSamuweli 25

Ukufa nokumbelwa kukaSamuweli. ONabali no-Abigayili

1USamuweli wafa; wahlangana wonke u-Israyeli, wamlilela, wammbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wasuka, wehlela ehlane lasePharanu.

2Kwakukhona umuntu eMahoni onemfuyo yakhe eKarmeli; lowo muntu wayemkhulu kakhulu, wayenezimvu eziyizinkulungwane ezintathu nezimbuzi eziyinkulungwane; wayezigunda izimvu zakhe eKarmeli. 3Igama lalowo muntu lalinguNabali; igama lomkakhe lalingu-Abigayili; owesifazane wayehlakaniphile, ebukeka emuhle, kepha indoda yayilukhuni inobubi emisebenzini yayo; yayingekaKalebi.

4UDavide wezwa ehlane ukuthi uNabali ugunda izimvu zakhe. 5UDavide wathuma izinsizwa eziyishumi; uDavide wathi kuzo izinsizwa: “Khuphukelani eKarmeli, niye kuNabali, nimbingelele egameni lami, 6nithi kumfowethu: ‘Ukuthula makube kuwe, ukuthula nakube kuyo indlu yakho, ukuthula makube kukho konke onakho.

7“ ‘Manje sengizwile ukuthi unabagundi; abelusi bakho babe nathi, asibalimazanga, abalahlekelwa lutho zonke izinsuku beseKarmeli. 8Buza izinsizwa zakho, ziyakukutshela; ngalokho izinsizwa mazithole umusa emehlweni akho, ngokuba sifikile ngosuku oluhle; ake unike izinceku zakho nendodana yakho uDavide okungafunyanwa esandleni sakho.’ ”

9Sezifikile izinsizwa zikaDavide zakhuluma kuNabali njengawo onke lawo mazwi egameni likaDavide, bese zilinda.

10UNabali waziphendula izinceku zikaDavide, wathi: “Ngubani uDavide na? Ngubani indodana kaJese na? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo. 11Ngithathe yini isinkwa sami, namanzi ami, nengikuhlabele abagundi bami, ngikuphe abantu engingabazi ukuthi bavelaphi, na?”

12Zase ziphenduka izinsizwa zikaDavide endleleni yazo, zabuyela, zamtshela onke lawo mazwi. 13UDavide wathi kubantu bakhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe.” Zabhinca-ke, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe; naye uDavide wabhinca inkemba yakhe; kwakhuphuka emva kukaDavide abantu kungathi abangamakhulu amane, kepha abangamakhulu amabili bahlala empahleni.

14Kodwa enye yezinsizwa yamtshela u-Abigayili umkaNabali, yathi: “Bheka, uDavide wathuma izithunywa zivela ehlane ukuba zibingelele inkosi yethu, kepha yazithukuthelela. 15Nokho labo bantu basiphatha kahle, asilimalanga, asilahlekelwanga lutho zonke izinsuku sisahambisana nabo sisendle; 16babe lugange kithi ubusuku nemini, sonke isikhathi sinabo salusa izimvu. 17Ngalokho yazi, ubone ukuthi uyakwenzani, ngokuba okubi sekunqunyelwe inkosi yethu nendlu yayo yonke, lokhu engumuntu omubi kangaka, ukuze umuntu angekhulume naye.”

18U-Abigayili wayeseshesha, wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili, nezimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, namaseya* ayisihlanu otshwele, nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingamakhulu amabili zamakhiwane, wakubeka ezimbongolweni. 19Wathi kuzo izinsizwa: “Hambani phambi kwami; bhekani, ngiyanilandela.” Kepha akayitshelanga indoda yakhe uNabali.

20Kwathi esakhwele imbongolo, esehla endaweni esithekileyo yentaba, bheka, kwehlela kuye uDavide nabantu bakhe, wahlangana nabo. 21UDavide wayeshilo ukuthi: “Impela ngikugcinele ize konke lowo muntu anakho ehlane ukuba angalahlekelwa lutho lwakho konke okwakhe, ngokuba ungibuyisele okubi ngokuhle. 22UNkulunkulu makenze njalo kuzo izitha zikaDavide, enezele futhi, uma ngishiya ngasekuseni kusasa kukho konke okungokwakhe nokukodwa okungokwesilisa.”

23Lapho u-Abigayili embona uDavide, washesha wehlika embongolweni yakhe, wawa ngobuso phambi kukaDavide, wakhothamela phansi. 24Wawa ngasezinyaweni zakhe, wathi: “Lobo bubi mabube phezu kwami, nkosi; incekukazi yakho mayikhulume ezindlebeni zakho, uzwe amazwi encekukazi yakho. 25Inkosi yami mayinganakekeli lowo muntu omubi uNabali, ngokuba unjengegama lakhe, unjalo yena; nguNabali* igama lakhe, nobuwula bukuye; kepha mina ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami owazithumayo.

26“Ngalokho, nkosi, kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, njengokuba uJehova ekuvimbele ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sakho, ngalokho-ke mazibe njengoNabali izitha zakho nabayifunela inkosi yami ububi. 27Manje-ke, lesi sipho esilethwa yincekukazi yakho enkosini yami, masinikwe izinsizwa ezilandela inkosi yami. 28Ake uthethelele icala lencekukazi yakho, ngokuba uJehova uyakuyenzela nokuyenzela inkosi yami indlu eqinileyo impela, lokhu inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova; ububi abuyikufunyanwa kuwe zonke izinsuku zakho. 29Noma kusukuma umuntu ukukuxosha nokufuna ukuphila kwakho, umphefumulo wenkosi yami uyakube uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuJehova uNkulunkulu wakho; imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana. 30Kuyakuthi lapho uJehova esekwenzile enkosini yami njengakho konke okuhle akukhulumileyo ngawe, akubeke ube ngumbusi kwa-Israyeli, 31akuyikuba yisikhubekiso kuwe, kungabi nesanya enhliziyweni yenkosi yami ukuthi uchithile igazi ngeze nokuthi inkosi yami izisindisile; kepha lapho uJehova eseyenzele inkosi yami okuhle, khumbula incekukazi yakho.”

32UDavide wayesethi ku-Abigayili: “Makabusiswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli okuthume namuhla ukungihlangabeza. 33Futhi makubusiswe ukuhlakanipha kwakho, ubusiswe nawe ongivimbele namuhla ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sami. 34Ngokuba impela, kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ongivimbele ukuze ngingakulimazi, uma ungasheshanga ukuza ukuba ungihlangabeze, impela nga kungasalanga kuNabali ngasekuseni kusasa nokukodwa okungokwesilisa.”

35UDavide wayesamukela esandleni sakhe lokho amlethele khona; wathi kuye: “Khuphukela endlini yakho ngokuthula; bheka, ngililalele izwi lakho, ngibuvumile ubuso bakho.”

36U-Abigayili wafika kuNabali; bheka, wayenedili endlini yakhe, linjengedili lenkosi; inhliziyo kaNabali yayithokoza phakathi kwakhe, ngokuba wayephuze kakhulu; ngalokho akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni. 37Kwathi ekuseni, lapho iwayini seliphumile kuNabali, umkakhe wamtshela lezo zinto, inhliziyo yakhe yafa phakathi kwakhe, waba njengetshe. 38Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi uJehova wamshaya uNabali, wafa.

39UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova omele indaba yehlazo lami esandleni sikaNabali, ovimbele inceku yakhe ebubini, wabuyisela ububi bukaNabali ekhanda lakhe.” UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe. 40Izinceku zikaDavide sezifikile ku-Abigayili eKarmeli, zakhuluma kuye, zathi: “UDavide usithumile kuwe ukuba akuthathe, ube ngumkakhe.”

41Wasukuma, wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi, wathi: “Bheka, incekukazi yakho mayibe yisigqilakazi sokugeza izinyawo zezinceku zenkosi yami.” 42U-Abigayili washesha wasuka, wakhwela imbongolo kanye nezintombi zakhe ezazihamba naye; wazilandela izithunywa zikaDavide, waba ngumkakhe. 43UDavide wathatha no-Ahinohama waseJizreyeli; baba ngomkakhe bobabili. 44Kepha uSawule wayesemnike uPaliti indodana kaLayishi waseGalimi uMikhali indodakazi yakhe.

1 uSamuweli 25ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 34

Ukubonga umusa kaNkulunkulu

ElikaDavide mhla ezishaya uhlanya phambi kuka-Abimeleki owamxosha waze wamuka.

1Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke;

ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.

2Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova;

abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule.

3Mtuseni uJehova kanye nami,

siphakamise igama lakhe kanyekanye.

4Ngamfuna uJehova, wangiphendula;

wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.

5Babheka kuye phezulu, bakhanya;

ubuso babo abusoze bajabha.

6Nasi isihlupheki esakhala,

uJehova wezwa,

wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.

7Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.

8Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;

ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.

9Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe,

ngokuba abasweli lutho abamesabayo.

10Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,

kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.

11Zanini, bantwana, ningilalele;

ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.

12Ngumuphi umuntu othanda ukuphila,

ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na?

13Londa ulimi lwakho kokubi,

nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso.

14Deda kukho okubi, wenze okuhle;

funa ukuthula, ukujonge.

15Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;

izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.

16Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi

ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.

17Labo bayakhala, uJehova uyezwa;

uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.

18UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;

uyabasindisa abanomoya odabukileyo.

19Ziningi izinhlupheko zolungileyo,

kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.

20Uyawagcina onke amathambo akhe;

alaphulwa nelilodwa kuwo.

21Okubi kuyakumbulala omubi;

abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala.

22UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;

akakho kwabamethembayo oyakuba necala.

Ihubo 54

Umkhuleko wocela ukusindiswa ezitheni

Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. IMaskili* likaDavide ekufikeni kwabaseZifi bethi kuSawule: “UDavide ucashile kithina.”

1Nkulunkulu, ngisindise ngegama lakho,

ngahlulele ngamandla akho.

2Nkulunkulu, yizwa umkhuleko wami,

ubeke indlebe emazwini omlomo wami.

3Ngokuba abafo bangivukele;

izidlova zifuna umphefumulo wami;

azimbekile uNkulunkulu phambi kwazo. Sela*

4Bheka, uNkulunkulu ungumsizi wami;

iNkosi ikubo abaphasa umphefumulo wami.

5Uyabuyisela okubi ezitheni zami;

zibhubhise ngokweqiniso lakho.

6Ngizakunikela kuwe ngesihle;

ngizakulibonga igama lakho, Jehova,

ngokuba lihle.

7Ngokuba ungikhululile ekuhluphekeni konke;

neso lami libuka izitha zami, lidele.

Ihubo 52

Ukukhala ngobubi bomkhapheli ozigabisayo

Kumholi wokuhlabelela. IMaskili* likaDavide ekufikeni kukaDowegi wakwa-Edomi emazisa uSawule, ethi kuye: “UDavide ufikile endlini ka-Ahimeleki.”

1Uzigabiselani ngokubi wena siqhwaga na?

Umusa kaNkulunkulu umi njalo.

2Ulimi lwakho lusongoza okubi njengempuco eloliweyo,

wena owenza amacebo.

3Uthanda okubi kunokuhle,

namanga kunokukhuluma ukulunga. Sela*

4Uthanda onke amazwi okubhubhisa wena lulimi lwenkohliso.

5Ngakho-ke uNkulunkulu uyakukubhidliza kuze kube phakade;

uyakukubamba, akukhiphe etendeni lakho,

akusiphule ezweni labaphilayo. Sela*

6Abalungileyo bayakukubona, besabe;

bayakumhleka, bathi:

7“Bheka, nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulunkulu abe yinqaba yaso,

kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso.”

8Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza

endlini kaNkulunkulu;

ngithemba umusa kaNkulunkulu njalonjalo

kuze kube phakade naphakade.

9Ngizakukudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile;

ngizakulindela igama lakho,

ngokuba lihle phambi kwabangcwele bakho.

Ihubo 56

Umkhuleko wocela ukukhululwa ezitheni ezizungezayo

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ijuba elithulayo emajukujukwini. ElikaDavide. IMiktamu,* ekubanjweni kwakhe ngamaFilisti eGati.

1Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu,

ngokuba abantu bafuna ukungigwinya;

usuku lonke bayangicindezela belwa.

2Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke;

ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla.

3Mhla ngesabayo

ngiyakwethemba wena.

4KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe;

ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba;

inyama ingangenzani na?

5Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke;

yonke imicabango yabo iqonde ukungona.

6Bayabuthana, baqamekele,

baqaphele izinyathelo zami,

njengokuba beqamekela umphefumulo wami.

7Bayakuphunyuka yini ebubini babo na?

Diliza izizwe ngentukuthelo, Nkulunkulu.

8Ukuzula kwami ukubalile wena;

yetha izinyembezi zami egabheni lakho;

azikho encwadini yakho na?

9Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo;

ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.

10KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi;

kuJehova ngiyakulidumisa izwi.

11Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba;

umuntu angangenzani na?

12Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami;

ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.

13Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeni

nezinyawo zami ekuweni,

ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkulu

ekukhanyeni kwabaphilayo.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU