Bible Society of South Africa

To The Word – Day 7

Genesis 21–24, John 12–13

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UGenesise 21

Ukuzalwa kuka-Isaka

1UJehova wamhambela uSara njengokusho kwakhe; UJehova wenza kuSara njengalokho ekhulumile. 2USara wakhulelwa, wamzalela u-Abrahama indodana esemdala kuleyo nkathi uNkulunkulu abeyishilo kuye. 3U-Abrahama waqamba igama lendodana yakhe azalelwe yona, ayizalelwe nguSara, ngokuthi u-Isaka. 4U-Abrahama wayisoka indodana yakhe u-Isaka isinezinsuku eziyisishiyagalombili, njengalokho uNkulunkulu emyalile. 5U-Abrahama wayeneminyaka eyikhulu, lapho ezalelwa u-Isaka indodana yakhe.

6USara wathi: “UNkulunkulu ungenzile ukuba ngihlekeke; bonke abakuzwayo bayakungihleka.” 7Wathi futhi: “Ngubani obengasho ku-Abrahama ukuthi uSara ubeyakuncelisa abantwana na? Ngokuba sengimzalele indodana esemdala.”

O-Ishmayeli noHagari besehlane

8Umntwana wakhula, walunyulwa; u-Abrahama wenza idili elikhulu mhla u-Isaka elunyulwa. 9USara wabona indodana kaHagari owaseGibithe ayizalele u-Abrahama idlalisa. 10Wathi ku-Abrahama: “Sixoshe lesi sigqilakazi nendodana yaso, ngokuba indodana yalesi sigqilakazi ayiyikudla ifa kanye nendodana yami u-Isaka.”

11Leli zwi lalilibi kakhulu emehlweni ka-Abrahama ngenxa yendodana yakhe. 12UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “Akungabi lukhuni emehlweni akho ngenxa yomfana nangenxa yesigqilakazi sakho; kukho konke uSara akusho kuwe, lalela izwi lakhe, ngokuba inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka. 13Nayo indodana yesigqilakazi ngiyakuyenza isizwe, ngokuba iyinzalo yakho.”

14U-Abrahama wavuka ekuseni, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi, wakunika uHagari ekubeka ehlombe lakhe kanye nomntwana, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane laseBeri Sheba.

15Amanzi esephelile emvabeni, waphonsa umntwana phansi kwesihlahla. 16Waya wahlala phansi kukhashana phambi kwakhe, kungathi ibanga lokuphonsa umcibisholo, ngokuba wathi: “Ngingebone ukufa komntwana.” Wahlala phambi kwakhe, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.

17UNkulunkulu wezwa izwi lomfana. Ingelosi kaNkulunkulu yamemeza kuHagari isezulwini, yathi kuye: “Kuyini, Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ulizwile izwi lomntwana, lapho ekhona. 18Vuka uphakamise umfana, umbambe ngesandla sakho, ngokuba ngiyakumenza isizwe esikhulu.”

19UNkulunkulu wavula amehlo akhe, wabona umthombo wamanzi, waya, wagcwalisa imvaba ngamanzi, wamphuzisa umfana.

20UNkulunkulu wayenaye umfana; wakhula, wahlala ehlane, waba ngophethe umnsalo. 21Wahlala ehlane lasePharanu; unina wamthathela umfazi ezweni laseGibithe.

Isivumelwano sika-Abrahama no-Abimeleki

22Kwathi ngaleso sikhathi u-Abimeleki noPikoli, induna yempi yakhe, bakhuluma ku-Abrahama, bathi: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo. 23Ngalokho ngithembise lapha ngokufunga uNkulunkulu ukuthi awuyikungikhohlisa mina nendodana yami nomzukulwana wami; kepha ngokomusa engiwenzile kuwe, mawuwenze nakimi nakulo izwe osugogobele kulo.”

24U-Abrahama wathi: “Ngizakufunga.”

25Kepha u-Abrahama wamsola u-Abimeleki ngomthombo wamanzi ebeziwuqhwagile izinceku zika-Abimeleki. 26Kepha u-Abimeleki wathi: “Angazi ukuthi kwenziwe ngubani lokhu; nawe awungitshelanga, nami angikuzwanga kuze kube namuhla.”

27U-Abrahama wayesethatha izimvu nezinkabi, wazipha u-Abimeleki; labo bobabili benza isivumelwano. 28U-Abrahama wabeka izimvukazana eziyisikhombisa zomhlambi ngokwazo. 29U-Abimeleki wathi ku-Abrahama: “Lezi zimvukazana eziyisikhombisa ozibeke zodwa ziyini na?”

30Wathi: “Lezi zimvukazana eziyisikhombisa uyakuzithatha esandleni sami, zibe ngubufakazi bokuthi ngiwumbile lomthombo.”

31Ngalokho waqamba leyo ndawo ngokuthi iBeri Sheba,* ngokuba bafunga khona bobabili.

32Base benza isivumelwano eBeri Sheba; u-Abimeleki wasukuma noPikoli induna yempi yakhe, babuyela ezweni lamaFilisti. 33U-Abrahama watshala umtamariske* ngaseBeri Sheba, wakhuleka khona egameni likaJehova uNkulunkulu Ongunaphakade. 34U-Abrahama wagogobala ezweni lamaFilisti izinsuku eziningi.

UGenesise 21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 22

Ukuyalezwa kuka-Abrahama kokunikela ngo-Isaka

1Kwathi emva kwalezo zinto uNkulunkulu wamvinvinya u-Abrahama, wathi kuye: “Abrahama!” Yena wathi: “Ngilapha.” 2Wayesethi: “Thatha manje indodana yakho eyodwa oyithandayo, u-Isaka, uye ezweni laseMoriya, unikele khona ngaye abe ngumnikelo wokushiswa entabeni ethile engizakukutshela yona.”

3U-Abrahama wavuka ekuseni, wabophela imbongolo yakhe, wathatha ezimbili ezincekwini zakhe, no-Isaka indodana yakhe; wacanda izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu abemtshele yona. 4Ngosuku lwesithathu u-Abrahama waphakamisa amehlo akhe, wayibona indawo isekude. 5U-Abrahama wathi ezincekwini zakhe: “Hlalani lapha nembongolo; mina nomfana sisaya laphaya, sikhuleke, sibuye size kini.”

6U-Abrahama wathatha izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wazibeka phezu kuka-Isaka indodana yakhe, waphatha esandleni sakhe umlilo nomese; bahamba bobabili kanyekanye. 7U-Isaka wathi ku-Abrahama uyise: “Baba.”

Wathi yena: “Ngilapha, ndodana yami.”

Wayesethi: “Bheka, nanku umlilo nezinkuni, kepha iphi imvu yomnikelo ezakushiswa na?”

8U-Abrahama wathi: “UNkulunkulu uzakuzibonela imvu yomnikelo ezakushiswa, ndodana yami,” bahamba bobabili kanyekanye.

9Bafika endaweni uNkulunkulu abemtshele yona; u-Abrahama wakha khona i-altare, walungisa izinkuni, wambopha u-Isaka indodana yakhe, wambeka e-altare phezu kwezinkuni. 10U-Abrahama waselula isandla sakhe, wathatha umese ukuba ahlabe indodana yakhe. 11Kwase kumemeza kuye ingelosi kaJehova isezulwini, ithi: “Abrahama, Abrahama!”

Yena wathi: “Ngilapha.”

12Yayisithi: “Ungabeki isandla sakho kumfana, ungenzi lutho kuye, ngokuba ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu, lokhu ungagodlanga kimi nandodana eyodwa yakho.”

13U-Abrahama waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, ngemuva yinqama, ibhajiwe esihlahleni ngezimpondo zayo; u-Abrahama waya wayithatha inqama, wanikela ngayo umnikelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe. 14U-Abrahama waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi uJehova uyabonelela, njengalokhu kuthiwa nanamuhla: Entabeni kaJehova kuyakubonelelwa.

15Ingelosi kaJehova yayisimemeza ku-Abrahama ngokwesibili isezulwini, 16ithi: “Ngizifungile, usho uJehova, ukuthi njengokuba ukwenzile lokhu, ungagodlanga indodana yakho eyodwa, 17ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo, 18nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.”

19U-Abrahama wayesebuyela ezincekwini zakhe; basuka, baya eBeri Sheba; u-Abrahama wakha eBeri Sheba.

Inzalo kaNahori

20Kwathi emva kwalokho kwabikwa ku-Abrahama ukuthi: “Bheka, naye uMilka umzalele uNahori umfowenu abantwana: 21Ngu-Use izibulo lakhe, noBusi umfowabo, noKemuweli uyise ka-Aramu, 22noKesede, noHazo, noPilidashe, noJidilafe, noBetuweli,” 23uBetuweli wazala uRebeka; laba abayisishiyagalombili uMilka wabazalela uNahori umfowabo ka-Abrahama. 24Nesancinza sakhe esigama laso lalinguRewuma sazala oTheba, noGahamu, noTahashi, noMahakha.

UGenesise 22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 23

Ukufa kukaSara

1Ukuhamba kukaSara kwaba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili nesikhombisa; yileyo iminyaka yokuhamba kukaSara. 2USara wafela eKiriyati Araba okuyiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama wafika ukumlilela uSara nokumkhalela.

U-Abrahama uthenga ithuna

3U-Abrahama wasuka kofileyo wakhe, wakhuluma nabantwana bakwaHeti, wathi: 4“Ngingumfokazi nozulane phakathi kwenu; ngipheni indawo yethuna phakathi kwenu ukuba ngimmbele ofileyo wami, angabikho ebusweni bami.”

5Abantwana bakwaHeti baphendula u-Abrahama, bathi kuye: 6“Sizwe, nkosi; wena uyisikhulu sikaNkulunkulu phakathi kwethu; mmbele ofileyo wakho kwelihle kuwo onke amathuna ethu; akakho phakathi kwethu ozakugodlela wena ithuna lakhe ukuba ummbele ofileyo wakho.”

7U-Abrahama wayesesukuma, wakhothamela abantu balelo zwe, abantwana bakwaHeti, 8wakhuluma nabo, wathi: “Uma kuyintando yenu ukuba ngimmbele ofileyo wami, angabikho ebusweni bami, ngizweni, ninginxusele ku-Efroni indodana kaSowari 9ukuba angiphe umhume waseMakaphela anawo emkhawulweni wensimu yakhe, awunike kimi ngemali efanele wona, ube yindawo yokumbela phakathi kwenu.”

10U-Efroni wayehlezi phakathi kwabantwana bakwaHeti: u-Efroni umHeti wamphendula u-Abrahama ezindlebeni zabantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe, wathi: 11“Cha, nkosi; ngilalele: ngiyakunika le nsimu, nomhume okuyo ngikunika wona; ebusweni bamadodana abantu bami ngikunika wona; mmbele lapho ofileyo wakho.”

12U-Abrahama wakhothamela ebusweni babantu balelo zwe. 13Wakhuluma ku-Efroni ezindlebeni zabantu balelo zwe, wathi: “Ake ungilalele: ngizakukunika imali yensimu; yamukele kimi, ngimmbele khona ofileyo wami.”

14U-Efroni wamphendula u-Abrahama, wathi kuye: 15“Nkosi yami, ngilalele: izwe elilingene namashekeli* angamakhulu amane esiliva liyini phakathi kwami nawe na? Mmbele ofileyo wakho.”

16U-Abrahama wamuzwa u-Efroni; u-Abrahama wamlinganisela u-Efroni isiliva abelishilo ezindlebeni zabantwana bakwaHeti, amashekeli angamakhulu amane esiliva, avunywa ngabathengisi.

17Kanjalo insimu ka-Efroni yaseMakaphela elingaphambi kweMamre, insimu nomhume okuyo, nemithi yonke esensimini nxazonke kuze kube semikhawulweni yonke 18kwaba yinzuzo ka-Abrahama emehlweni abantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe. 19Emva kwalokho u-Abrahama wammbela uSara umkakhe emhumeni wasensimini yaseMakaphela phambi kweMamre okuyiHebroni ezweni laseKhanani. 20Insimu nomhume okuyo kwase kunqunyelwa u-Abrahama ngabantwana bakwaHeti, kube yindawo yethuna.

UGenesise 23ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 24

U-Isaka uganwa nguRebeka

1U-Abrahama wayesemdala, eseneminyaka eminingi; uJehova wayembusisile u-Abrahama kukho konke. 2Wayesethi u-Abrahama encekwini enkulu yendlu yakhe eyayibusa konke anakho: “Beka isandla sakho phansi kwethanga lami. 3Ngizakukufungisa uJehova, uNkulunkulu wezulu noNkulunkulu womhlaba, ukuthi awuyikuthathela indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi phakathi kwawo, 4kepha uye ezweni lakithi nasezihlotsheni zami, uyithathele khona indodana yami u-Isaka umfazi.”

5Inceku yathi kuyo: “Mhlawumbe owesifazane akayikuvuma ukungilandela, eze kuleli zwe; imbala ngiyakuyibuyisela indodana yakho ezweni, lapho wavela khona na?”

6U-Abrahama wathi kuye: “Qaphela ukuba ungayibuyiseli khona indodana yami. 7UJehova uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nasezweni lokuzalwa kwami wakhuluma kimi, wafunga kimi, wathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho leli zwe;’ uzakuthuma ingelosi yakhe phambi kwakho, ukuze ungitholele khona indodana yami umfazi. 8Kepha uma owesifazane engathandi ukukulandela, uyobe ukhululekile kulesi sifungo sami; kodwa ungabuyiseli khona indodana yami.” 9Inceku yayisibeka isandla sayo phansi kwethanga lika-Abrahama inkosi yayo, yafunga kuye ngale ndaba.

10Inceku yayisithatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo, yahamba, izinto zonke ezinhle zenkosi yayo zisesandleni sayo; yasuka, yaya eMesopotamiya emzini kaNahori. 11Yaguqisa amakamela ayo ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi kusihlwa, ngesikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.

12Yathi: “Jehova, Nkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ngiphumelelise kahle namuhla, uyenzele inkosi yami u-Abrahama umusa. 13Bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi, amadodakazi abantu bomuzi eza ukukha amanzi. 14Makuthi intombazana engizakusho kuyo ukuthi: ‘Mawubeke phansi imbiza yakho, ngiphuze,’ ithi: ‘Phuza, ngizakuphuzisa namakamela akho,’ ibe yileyo-ke oyimisele inceku yakho u-Isaka; ngalokho ngizakwazi ukuthi wenzele inkosi yami umusa.”

15Kwathi ingakaqedi ukukhuluma, bheka, kweza uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka, umkaNahori, umfowabo ka-Abrahama, enembiza yakhe ehlombe. 16Intombazana yayibukeka kahle, iyintombi, engaziwa yindoda; yehlela ngasemthonjeni, yagcwalisa imbiza yayo, ibisenyuka.

17Inceku yayisigijima ukuyihlangabeza, yathi: “Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho.”

18Yathi: “Phuza, nkosi,” yashesha yehlisa imbiza yayo esandleni sayo, yayiphuzisa.

19Kwathi isiqedile ukuyiphuzisa, yathi: “Ngiyakukhelela namakamela akho, aze aphuze onke.” 20Yashesha yathululela imbiza yayo emqengqeni, yabuye yaphuthuma emthonjeni ukuyokukha, yakhelela onke amakamela ayo. 21Indoda yayibhekisisa ithule ukuba yazi, uma uJehova ebephumelelisile indlela yayo noma qha.

22Kwathi amakamela eseqedile ukuphuza, indoda yathatha icici legolide, isisindo salo siyinxenye yeshekeli,* namasongo amabili ezandla zayo, isisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide, yathi: 23“Wena uyindodakazi kabani na? Ake ungitshele. Kukhona indawo endlini kayihlo ukuba silale na?”

24Yathi kuyo: “Indodakazi kaBetuweli indodana kaMilka, amzalela yona uNahori.” 25Yaqhubeka yathi kuyo: “Sinotshani nefoliji eliningi, nendawo yokulala.”

26Indoda yayisikhothama, yakhuleka kuJehova, 27yathi: “Makabongwe uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ongayekile ukwenzela inkosi yami umusa neqiniso; uJehova ungiholile mina endleleni kuze kube sendlini yabafowabo benkosi yami.”

28Kepha intombazana yagijima, yatshela abendlu kanina lezo zinto. 29URebeka wayenomnewabo ogama lakhe linguLabani; uLabani wagijimela endle kulowo muntu ngasemthonjeni. 30Kwathi esebone icici namasongo ezandleni zikadadewabo, wezwa amazwi kaRebeka udadewabo, ethi: “Washo njalo lo muntu kimi,” waya kulowo muntu; bheka, wayemi ngakuwo amakamela ngasemthonjeni. 31Wathi: “Ngena wena obusisekileyo kaJehova; umelani ngaphandle na? Mina sengilungisile indlu nendawo yamakamela.”

32Wayesengena endlini lowo muntu, wakhumula amakamela, wapha amakamela utshani nefoliji, waletha namanzi okugeza izinyawo zakhe nezinyawo zamadoda anaye. 33Kwabekwa phambi kwakhe ukudla ukuba adle, kepha wathi: “Angiyikudla ngingakakhulumi indaba yami.”

Wathi: “Khuluma.”

34Wayesethi: “Ngiyinceku ka-Abrahama. 35UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami, yaze yaba nkulu; uyinike izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo. 36USara umkankosi yami wayizalela inkosi yami indodana esemdala; kuyona inikele konke enakho. 37Inkosi yami yangifungisa yathi: ‘Ungathatheli indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi ezweni lawo, 38kepha uye endlini kababa nasezihlotsheni zami, uyithathele khona indodana yami umfazi.’

39“Ngase ngithi enkosini yami: ‘Mhlawumbe owesifazane akayikungilandela.’

40“Wathi kimi: ‘UJehova, engihambe ebusweni bakhe, uzakuthuma ingelosi yakhe nawe, aphumelelise indlela yakho; uyakuyithathela indodana yami umfazi ezihlotsheni zami nasendlini kababa. 41Lapho uyobe ukhululekile esifungweni sami, nxa ufika ezihlotsheni zami; noma bengamniki kuwe, uyobe usukhululekile esifungweni sami.’

42“Ngase ngifika emthonjeni namuhla, ngithi: ‘Jehova Nkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, uma uphumelelisa indlela yami engiyihambayo, 43bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi; kuyakuthi intombazana eza ukuyokukha, engisho kuyo ukuthi: “Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho,” 44ithi kimi: “Phuza wena, futhi ngizakuwakhelela namakamela akho,” kube yiyo engumfazi uJehova ammiseleyo indodana yenkosi yami.’

45“Ngingakaqedi ukukhuluma enhliziyweni yami, bheka, kweza uRebeka enembiza yakhe ehlombe; wehlela emthonjeni, wakha; ngathi kuye: ‘Ake ungiphuzise.’

46“Washesha wehlisa imbiza yakhe ehlombe, wathi: ‘Phuza; ngizakuwaphuzisa namakamela akho;’ ngaphuza-ke; namakamela wawaphuzisa.

47“Ngambuza ngathi: ‘Wena uyindodakazi kabani na?’

“Wathi: ‘Indodakazi kaBetuweli indodana kaNahori, amzalela yona uMilka;’ ngase ngifaka icici emakhaleni akhe namasongo ezandleni zakhe. 48Ngakhothama, ngakhuleka kuJehova, ngabonga uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, obengihole endleleni elungileyo ukuba ngithathele indodana yayo indodakazi yomfowabo wenkosi yami. 49Manje-ke uma nithanda ukuyenzela inkosi yami umusa neqiniso, ngitsheleni; uma kungenjalo, ngitsheleni, ukuze ngiphendukele ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.”

50Base bephendula oLabani noBetuweli, bethi: “Le ndaba ivela kuJehova; asinakusho lutho kuwe, noma okubi noma okuhle. 51Bheka, uRebeka usebusweni bakho; mthathe, uhambe, abe ngumkandodana yenkosi yakho, njengalokho wakhuluma uJehova.”

52Yathi ukuzwa amazwi abo, inceku ka-Abrahama yakhothama emhlabathini phambi kukaJehova. 53Inceku yakhipha izinto zesiliva nezinto zegolide kanye nezingubo, yazipha uRebeka; yabanika nomnewabo nonina amagugu. 54Base bedla bephuza, yona nabantu eyayinabo, balala; sebevuke ekuseni, yathi: “Ngithumeni enkosini yami.”

55Umnewabo nonina bathi: “Ake ihlale kithina intombazana izinsukwana, mhlawumbe eziyishumi, andukuba ihambe.”

56Yathi kubo: “Ningangilibazisi, njengokuba uJehova eyiphumelelisile indlela yami; ngimukiseni ukuba ngiye enkosini yami.”

57Base bethi: “Sizakuyibiza intombazana, sizwe emlonyeni wayo.” 58Bambiza uRebeka, bathi kuye: “Uzakuhamba nale ndoda na?”

Wathi: “Ngizakuhamba.”

59Base bemukisa udadewabo uRebeka, nomzanyana wakhe, nenceku ka-Abrahama, namadoda ayo. 60Bambusisa uRebeka, bathi kuye:

“Dadewethu,

yiba wena izinkulungwane zezigidi,

inzalo yakho inqobe amasango ezitha zayo.”

61URebeka wasuka namantombazana akhe; bagibela amakamela, balandela indoda; inceku yamthatha uRebeka, yamuka.

62Kepha u-Isaka wabuya ngaseBeri Lahayi Royi, ngokuba wayehlala ezweni laseningizimu. 63U-Isaka waphuma ntambama ukuyozindla endle; waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, kweza amakamela. 64NoRebeka waphakamisa amehlo akhe; esembonile u-Isaka wehla ekameleni. 65Wathi encekwini: “Ngubani le ndoda ehamba endle ukuzosihlangabeza na?”

Yathi inceku: “Yinkosi yami,” wayesethatha imvakazi yakhe, wagubuzela.

66Inceku yayisimtshela u-Isaka konke ebikwenzile. 67U-Isaka wamngenisa etendeni likanina uSara, wamthatha uRebeka, wabangumkakhe; wamthanda; u-Isaka wayeseduduzeka emva kokufa kukanina.

UGenesise 24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 12

UJesu ugcotshwa eBethaniya

(Math. 26:6; Mark. 14:3)

1Ngakho kuseyizinsuku eziyisithupha ngaphambi kwePhasika, uJesu wafika eBethaniya, lapho wayekhona uLazaru uJesu amvusa kwabafileyo. 2Base bemenzela ukudla khona; uMarta wayephaka, kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi ekudleni naye. 3UMariya wayesethatha ilitra* lamafutha enadi* lodwa elinenani elikhulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wesula izinyawo zakhe ngezinwele zakhe; indlu yagcwala iphunga lamafutha.

4Kepha uJuda Iskariyothe, omunye wabafundi bakhe obezakumkhaphela, wathi: 5“Yini ukuba lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu* abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu, na?” 6Washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso.

7Ngakho uJesu wathi: “Myeke ukuba awalondolozele usuku lokumbelwa kwami. 8Ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.”

9Ngakho isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi ulapho. Beza-ke kungengenxa kaJesu kuphela, kepha nokuba babone uLazaru abemvusile kwabafileyo. 10Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru, 11ngokuba ngenxa yakhe abaningi babaJuda bamuka bakholwa nguJesu.

UJesu ungena eJerusalema

(Math. 21:1; Mark. 11:1; Luk. 19:29)

12Ngangomuso abantu abaningi abafike emkhosini sebezwile ukuthi uJesu uyeza eJerusalema, 13bathatha amahlamvu esundu, baphuma ukumhlangabeza. Bamemeza bathi:

“Hosiyana!

Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi,

yebo, iNkosi ka-Israyeli.”

14UJesu esefumene imbongolo entsha wakhwela kuyo njengokulotshiwe ukuthi:

15“Ungesabi, ndodakazi yaseSiyoni;

bheka, iNkosi yakho iza,

ikhwele etholeni lembongolo.”

16Lokho abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni; kodwa esekhazimulisiwe uJesu, base bekhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye nokuthi babekwenzile lokho kuye.

17Ngakho safakaza isixuku esasinaye, lapho ebiza uLazaru aphume ethuneni, emvusa kwabafileyo. 18Ngenxa yalokho isixuku saya samhlangabeza, ngokuba sase sizwile ukuthi wayesenzile leso sibonakaliso. 19Ngakho abaFarisi bakhuluma bodwa, bathi: “Niyabona ukuthi anisizi lutho; bheka, izwe lonke liyamlandela.”

UJesu ukhuluma ngokufa kwakhe

20Kwakukhona amaGreki athile phakathi kwababenyuka ukuba bakhuleke emkhosini. 21Lawo-ke aya kuFiliphu waseBetsayida laseGalile, acela kuye, athi: “Nkosi, sithanda ukubona uJesu.” 22UFiliphu weza wamtshela u-Andreya. Weza u-Andreya noFiliphu, basho kuJesu.

23UJesu waphendula, wathi kubo: “Sesifikile isikhathi sokuba ikhazimuliswe iNdodana yomuntu. 24Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma inhlamvu kakolweni iwela emhlabathini ingafi, ihlala yodwa; kepha uma ifa, ithela izithelo eziningi. 25Lowo othanda ukuphila kwakhe ulahlekelwa yikho, nozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyakukulondela ukuphila okuphakade. 26Uma umuntu engikhonza, akangilandele; nalapha ngikhona mina, soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.

27“Kalokhu umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Baba, ngisindise kulo mzuzu. Kodwa ngenxa yalokhu ngize kulo mzuzu. 28Baba, khazimulisa igama lakho.”

Kwase kufika izwi livela ezulwini, lithi: “Ngilikhazimulisile, ngobuye ngilikhazimulise.” 29Ngakho abantu ababemi bezwa bathi: “Beliduma;” abanye bathi: “Ingelosi ikhulume kuye.”

30UJesu waphendula wathi: “Leli zwi alizanga ngenxa yami kepha ngenxa yenu. 31Kalokhu kungukwahlulelwa kwaleli zwe; kalokhu umbusi waleli zwe uzakuxoshwa. 32Mina, nxa ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.” 33Lokho-ke wakusho efanekisa ukufa okumfanele afe ngakho.

34Ngakho isixuku samphendula sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uyakuma phakade; usho kanjani wena ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?”

35Wayesethi kubo uJesu: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona kini. Hambani nise nokukhanya, ukuze ubumnyama bunganehleli. Ohamba ebumnyameni akazi ukuthi uya ngaphi. 36Nise nokukhanya kholwani ngukukhanya, ukuze nibe ngabantwana bokukhanya.” Washo lokho uJesu, wamuka, wasithela kubo.

Ukwahlulelwa kwabaJuda ngokungakholwa kwabo

37Kepha noma ebezenzile izibonakaliso ezingaka phambi kwabo, abakholwanga nguye 38ukuba izwi lika-Isaya umprofethi ligcwaliseke, alikhuluma lokuthi:

“Nkosi, ngubani owakholwa ngukushumayela kwethu na?

Ingalo yeNkosi yambulelwa bani na?”

39Ngalokho babengekholwe, ngokuba u-Isaya washo futhi ukuthi:

40“Uphuphuthekisile amehlo abo,

wayenza lukhuni inhliziyo yabo,

funa babone ngamehlo,

baqonde ngenhliziyo,

baphenduke, ngibaphulukise.”

41U-Isaya wakusho lokho, ngokuba ebona inkazimulo yakhe, ekhuluma ngaye.

42Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni;* 43ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.

44Khona uJesu wamemeza wathi: “Okholwa yimi kakholwa yimi kepha ngongithumileyo. 45Obona mina ubona ongithumileyo. 46Ngize ezweni ngingukukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.

47“Uma umuntu ezwa amazwi ami engawalondi, lowo angimahluleli mina, ngokuba angizanga ukuba ngahlulele izwe, kepha ukuba ngisindise izwe. 48Ongalayo engawamukeli amazwi ami unomahlulelayo; izwi engalikhulumayo yilona eliyakumahlulela ngosuku lokugcina. 49Ngokuba mina angikhulumanga ngokwami, kodwa uBaba ongithumileyo nguye onginike umyalo wokuba ngizakuthini, ngikhulumeni. 50Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade. Ngakho-ke lokho engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokho uBaba angitshela khona.”

NgokukaJohane 12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 13

Isidlo sokugcina sikaJesu nabafundi bakhe

1Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.

2Sekudliwa, uSathane esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele, 3uJesu ekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu, 4wasuka ekudleni, wabeka izingubo zakhe, wathabatha indwangu, wakhwica. 5Emva kwalokho wathela amanzi emcengezini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngendwangu abekhwice ngayo.

6Wafika-ke kuSimoni Petru. Wathi kuye: “Nkosi, wena ugeza izinyawo zami na?”

7UJesu waphendula, wathi kuye: “Lokhu engikwenzayo awukwazi manje, kodwa uzakukuqonda emva kwalokhu.”

8UPetru wathi kuye: “Awusoze wageza izinyawo zami naphakade.”

UJesu waphendula wathi: “Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.”

9USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, akungabi yizinyawo zodwa kepha nezandla nekhanda.”

10UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo kadingi lutho, kuphela ukugezwa izinyawo, kepha ugezekile wonke. Nina-ke nigezekile, kodwa angisho nonke.” 11Ngokuba emazi obezakumkhaphela kungalokho athi: “Anigezekile nonke.”

12Esegeze izinyawo zabo wathabatha izingubo zakhe, wabuye wahlala, wathi kubo: “Niyakwazi yini engikwenzile kini na? 13Ningibiza nithi: ‘Mfundisi, Nkosi;’ nisho kahle, ngokuba ngiyikho. 14Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke nifanele ukugezana izinyawo. 15Ngokuba ngininikile isibonelo ukuba nenze nani njengokuba ngenzile kini. 16Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo. 17Uma nazi lokho, nibusisiwe uma nikwenza.

18“Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethileyo; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi:

“ ‘Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.’

19“Kusukela manje ngiyanitshela kungakenzeki ukuba, nxa sekwenzeka, nikholwe ukuthi nginguye. 20Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Owamukela engimthumayo wamukela mina; ongamukelayo mina wamukela ongithumileyo.”

UJesu ukhuluma ngokukhashelwa kwakhe

(Math. 26:20; Mark. 14:17; Luk. 22:7)

21UJesu eseshilo lokho wakhathazeka emoyeni, wafakaza wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu uyakungikhaphela.”

22Abafundi babhekana bengabaza ukuthi ukhuluma ngobani. 23Kwakuhlezi ekudleni omunye wabafundi bakhe uJesu amthandayo, encike esifubeni sikaJesu. 24USimoni Petru wayesemqhweba ethi: “Yisho ukuthi ubekhuluma ngobani na?”

25Yena encike esifubeni sikaJesu wathi kuye: “Nkosi, ngubani na?”

26Ngakho waphendula uJesu, wathi: “Yilowo engiyakumcwilisela ucezu, ngimnike lona.” Eselucwilisile-ke ucezu, walunika uJuda Iskariyothe. 27Emva kocezu uSathane wayesengena kuye. Wayesethi kuye uJesu: “Okwenzayo kwenze masinyane.” 28Kepha akabakho kwababehlezi ekudleni owayekwazi lokho ukuthi ukusho ngani kuye. 29Kepha abanye bacabanga ukuthi, ngokuba uJuda ephethe isikhwama, uJesu uthi kuye: “Thenga esikuswele emkhosini,” noma ukuthi kabele abampofu okuthile. 30Kuthe eseluthathile ucezu waphuma masinyane; kwakuse busuku.

Ukukhazimuliswa kukaJesu; umyalo wokuthandana; uJesu uthi uzophikwa nguPetru

31Ngakho esephumile, uJesu wathi: “Kalokhu iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazimulisiwe kuyo. 32Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuyo, noNkulunkulu uyakuyikhazimulisa kuye, uyakuyikhazimulisa masinyane.

33“Bantwanyana, ngise khona nani isikhashana. Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona ningeze nina, ngisho nakinina manje.

34“Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane. 35Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”

36USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, uya ngaphi na?”

UJesu waphendula wathi: “Lapho ngiya khona, ungengilandele kalokhu; kepha uyakungilandela kamuva.”

37Wathi kuye uPetru: “Nkosi, ngingekulandele kalokhu ngani na? Ngizakudela ukuphila kwami ngenxa yakho.”

38UJesu waphendula wathi: “Uzakudela ukuphila kwakho ngenxa yami na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Iqhude alizukukhala, ungakangiphiki kathathu.”

NgokukaJohane 13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU