Bible Society of South Africa

To The Word – Day 67

Judges 11–15, Psalm 49

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

AbAhluleli 11

UJefta. Ukunqoba kwakhe nesithembiso sakhe

1UJefta wakwaGileyadi wayeyiqhawe elinamandla; wayeyindodana yesifebe; uGileyadi wamzala uJefta. 2UmkaGileyadi wamzalela amadodana; esekhulile amadodana omkakhe amxosha uJefta, athi kuye: “Awuyikulidla ifa endlini kababa, ngokuba uyindodana yomunye owesifazane.” 3UJefta wabalekela abafowabo, wahlala ezweni laseThobi; kwabuthana kuJefta amayiyane, aphuma naye.

4Kwathi emva kwesikhashana abantwana bakwa-Amoni balwa no-Israyeli. 5Bathi abantwana bakwa-Amoni belwa no-Israyeli, amalunga akwaGileyadi aya amlanda uJefta ezweni laseThobi. 6Athi kuJefta: “Woza ube ngumholi wethu, silwe nabantwana bakwa-Amoni.”

7UJefta wathi kumalunga akwaGileyadi: “Aningizondanga yini, nangixosha endlini kababa na? Nizelani kimi manje nisekuhluphekeni na?”

8Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta: “Sibuyele kuwe manje ngalokhu ukuba uhambe nathi, ulwe nabantwana bakwa-Amoni, ube yinhloko phezu kwabo bonke abakhe kwaGileyadi.”

9Wayesethi uJefta kumalunga akwaGileyadi: “Uma ningibuyisa ukulwa nabantwana bakwa-Amoni, uJehova abanikele phambi kwami, ngiyakuba yinhloko yenu.”

10Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta: “UJehova makabe ngufakazi wethu; impela siyakwenza njengezwi lakho.” 11UJefta wayesehamba namalunga akwaGileyadi; abantu bamenza inhloko nomholi phezu kwabo; uJefta wakhuluma onke amazwi akhe phambi kukaJehova eMispa.

12UJefta wathuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa-Amoni, wathi: “Unamsebenzi muni nami ukuba uze kimi ukulwa nezwe lakithi na?”

13Inkosi yabantwana bakwa-Amoni yathi kuzo izithunywa zikaJefta: “Ngokuba u-Israyeli walithatha izwe lakithi ekukhuphukeni kwakhe eGibithe, kusukela e-Arinoni kuze kube seJaboki naseJordani, buyisani lawo mazwe ngokuthula.”

14UJefta wabuye wathuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa-Amoni, 15wathi kuyo: “Usho kanje uJefta, uthi: U-Israyeli akathathanga izwe lakwaMowabi nezwe labantwana bakwa-Amoni. 16Ngokuba ekukhuphukeni kwabo eGibithe, u-Israyeli ehamba ehlane waze wafika eLwandle Olubomvu, wafika naseKadeshi, 17u-Israyeli wathuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi, wathi: ‘Ake ngidabule izwe lakho;’ kepha inkosi yakwa-Edomi ayilalelanga; nasenkosini yakwaMowabi wathuma kanjalo; kepha ayivumanga; u-Israyeli wayesehlala eKadeshi.

18“Wayesehamba ehlane, wazungeza izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, weza ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, wamisa ngaphesheya kwe-Arinoni; kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi.

19“U-Israyeli wayesethuma izithunywa kuSihoni inkosi yama-Amori, inkosi yaseHeshiboni; u-Israyeli wathi kuye: ‘Ake sidabule izwe lakho, siye endaweni yethu.’ 20Kodwa uSihoni akamethembanga u-Israyeli ukuba adabule emkhawulweni wakhe; kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, wamisa eJahasi, walwa no-Israyeli.

21“UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wanikela uSihoni nabo bonke abantu bakhe esandleni sakwa-Israyeli, bababulala; u-Israyeli wadla izwe lonke lama-Amori, abantu balelo zwe. 22Badla izwe lonke lama-Amori, kusukela e-Arinoni kuze kube seJaboki, kusukela ehlane kuze kube seJordani.

23“Manje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uwaxoshile ama-Amori phambi kwabantu bakhe u-Israyeli; wena uyakulidla izwe na? 24Awuyikudla lelo uKemoshi unkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle na? Kanjalo bonke uJehova, uNkulunkulu wethu, abaxosha phambi kwethu, siyalidla elabo. 25Pho, ungcono yini kunoBalaki indodana kaSipori, inkosi yakwaMowabi, na? Wake waphikisana no-Israyeli, wake walwa nabo na? 26U-Israyeli esahlala eHeshiboni nasemizaneni yalo, nase-Aroweri nasemizaneni yalo, nasemizini yonke engaseceleni kwe-Arinoni iminyaka engamakhulu amathathu, anisaphucanga ngani yona ngaleso sikhathi na? 27Mina angikonanga, kepha wena wenza okubi kimi ngokulwa nami; uJehova uMahluleli makahlulele namuhla phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwa-Amoni.” 28Kodwa inkosi yabantwana bakwa-Amoni ayilalelanga amazwi kaJefta awathuma kuyo.

29Khona uMoya kaJehova wafika kuJefta, wadlula kwaGileyadi nakwaManase, wadlula naseMispa lakwaGileyadi; esuka eMispa lakwaGileyadi wadlulela kubantwana bakwa-Amoni. 30UJefta wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma uyakunikela impela abantwana bakwa-Amoni esandleni sami, 31kuyakuthi noma yikuphi okuphuma eminyango yendlu yami ukungihlangabeza, lapho ngibuya ngokuthula kubantwana bakwa-Amoni, kube ngokukaJehova, nginikele ngakho kube ngumnikelo wokushiswa.”

32UJefta wayesedlulela kubantwana bakwa-Amoni ukulwa nabo; uJehova wabanikela esandleni sakhe. 33Wababulala kusukela e-Aroweri kuze kufike eMiniti, imizi engamashumi amabili, nase-Abela Keramimi ngokuceka okukhulu kakhulu. Kanjalo abantwana bakwa-Amoni banqotshwa phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

Indodakazi kaJefta

34UJefta weza eMispa endlini yakhe; bheka, indodakazi yakhe yaphuma ukumhlangabeza, iza nezigubhu nokusina; yayingumntwana oyedwa; ngaphandle kwakhe wayengenandodana nandodakazi. 35Kwathi lapho eyibona, waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Hawu, mntanami, ungithobisile kakhulu, ungomunye wabangihluphayo, ngokuba ngivulile umlomo kuJehova, angisenakubuya.”

36Wathi kuye: “Baba, uvulile umlomo wakho kuJehova; yenza kimi njengokuphumileyo emlonyeni wakho, lokhu uJehova ekuphindisele ezitheni zakho, abantwana bakwa-Amoni.” 37Yathi kuyise: “Mangenzelwe lokhu: ngiyeke izinyanga ezimbili ukuba ngiye, ngehlele ezintabeni, ngililele ubuntombi bami, mina nabangane bami.”

38Wathi: “Hamba.” Wayimukisa izinyanga ezimbili; yamuka yona nabangane bayo, yalilela ubuntombi bayo ezintabeni. 39Kwathi ngasekupheleni kwezinyanga ezimbili, yabuyela kuyise owenza kuyo njengokwesithembiso sakhe asethembisileyo; ayiyazanga indoda.

40Kwaba yisimiso kwa-Israyeli ukuba amadodakazi akwa-Israyeli aye yonke iminyaka ukuyitusa indodakazi kaJefta wakwaGileyadi izinsuku ezine ngomnyaka.

AbAhluleli 11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

AbAhluleli 12

Ukusola kwabakwa-Efrayimi nokunqotshwa kwabo

1Amadoda akwa-Efrayimi abuthana, aya ngasenyakatho; athi kuJefta: “Uwelelani ukulwa nabantwana bakwa-Amoni, ungasibizanga ukuba sihambe nawe, na? Siyakushisa ngomlilo indlu yakho phezu kwakho.”

2UJefta wathi kubo: “Mina nabantu bami sasilwa kakhulu nabantwana bakwa-Amoni; nganibiza, aningisindisanga esandleni sabo. 3Nxa sengibonile ukuthi aningisindisanga, ngabeka ukuphila kwami esandleni sami, ngadlulela kubantwana bakwa-Amoni, uJehova wabanikela esandleni sami; ngalokho nikhuphukeleni kimi namuhla ukulwa nami na?”

4UJefta wayesebutha bonke abantu bakwaGileyadi, walwa no-Efrayimi; abantu bakwaGileyadi bamahlula u-Efrayimi, ngokuba bathi: “Ningababalekileyo bakwa-Efrayimi nina bakwaGileyadi phakathi kwabakwa-Efrayimi naphakathi kwabakwaManase.” 5AbakwaGileyadi bavimba amazibuko aseJordani phambi kwabakwa-Efrayimi; kwathi lapho ababalekileyo bakwa-Efrayimi bethi: “Mangiwele,” abantu bakwaGileyadi bathi kuye: “Ungowakwa-Efrayimi na?” Uma ethi: “Cha,” 6bathi kuye: “Shono uthi: ‘Shiboleti,’ ” abesethi: “Siboleti,” ngokuba engaqaphelanga ukuliphimisa kahle; base bembamba, bambulala ngasemazibukweni aseJordani; kwawa ngaleso sikhathi abakwa-Efrayimi abayizinkulungwane ezingamashumi amane nambili.

Ukufa kukaJefta

7UJefta wamahlulela u-Israyeli iminyaka eyisithupha. Wafa uJefta wakwaGileyadi, wambelwa komunye wemizi yakwaGileyadi.

O-Ibisani, no-Eloni, no-Abidoni

8Emva kwakhe u-Ibisani waseBetlehema wahlulela u-Israyeli. 9Wayenamadodana angamashumi amathathu; amadodakazi angamashumi amathathu wawendisa, wathathela amadodana akhe izintombi ezingamashumi amathathu. Wamahlulela u-Israyeli iminyaka eyisikhombisa. 10U-Ibisani wafa, wembelwa eBetlehema.

11Emva kwakhe u-Eloni wakwaZebuloni wahlulela u-Israyeli; wamahlulela u-Israyeli iminyaka eyishumi. 12U-Eloni wakwaZebuloni wafa, wembelwa e-Ajaloni ezweni lakwaZebuloni.

13Emva kwakhe u-Abidoni indodana kaHileli wasePirathoni wahlulela u-Israyeli. 14Wayenamadodana angamashumi amane namadodana amadodana akhe angamashumi amathathu agibela amathole ezimbongolo angamashumi ayisikhombisa; wamahlulela u-Israyeli iminyaka eyisishiyagalombili. 15U-Abidoni indodana kaHileli wasePirathoni wafa, wembelwa ePirathoni ezweni lakwa-Efrayimi ezintabeni zama-Amaleki.

AbAhluleli 12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

AbAhluleli 13

Ukuzalwa kukaSamsoni

1Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane.

2Kwakukhona umuntu othile waseSora womndeni wakwaDani ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba engazali. 3Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka-ke, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana. 4Ngalokho ake uxwaye ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, ungadli lutho olungcolileyo, 5ngokuba bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana, impuco ayiyikuthinta ekhanda layo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni; uyakuqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.”

6Owesifazane wayeseya ukubika endodeni yakhe, ethi: “Kufikile kimi umuntu kaNkulunkulu, isimo sakhe sasinjengesimo sengelosi kaNkulunkulu, sesabeka kakhulu; angimbuzanga ukuthi uvelaphi, naye akangitshelanga igama lakhe. 7Kepha wathi kimi: ‘Bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana; ngakho ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, ungadli lutho olungcolileyo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni kuze kube sosukwini lokufa kwakhe.’ ”

8UManowa wayesemncenga uJehova, wathi: “O Nkosi, umuntu kaNkulunkulu owamthumayo ake abuyele kithi, asifundise ukuthi siyakwenzani kumntwana ozakuzalwa.”

9UNkulunkulu walalela izwi likaManowa; ingelosi kaNkulunkulu yabuyela kowesifazane ehlezi endle; kepha uManowa indoda yakhe wayengenaye. 10Owesifazane washesha, wagijima, wayitshela indoda yakhe, wathi kuyo: “Bheka, ubonakele kimi lowo muntu owafika kimi ngolunye usuku.”

11UManowa wasukuma wamlandela umkakhe, wafika kulowo muntu, wathi kuye: “Wena ungumuntu lowo owakhuluma kowesifazane na?”

Wathi: “Nginguye.”

12Wayesethi uManowa: “Nxa esenzekile amazwi akho, iyakuba yini indlela yomntwana, kuyakwenziwani na?”

13Ingelosi kaJehova yathi kuManowa: “Konke engakushoyo kowesifazane makakuxwaye. 14Kangadli lutho oluvela ezithelweni zomvini, kangaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, kangadli lutho olungcolileyo; konke engamyaleza ngakho kakugcine.”

15UManowa wayesethi engelosini kaJehova: “Ake sikulibazise, sikulungisele izinyane lembuzi.”

16Ingelosi kaJehova yathi kuManowa: “Noma ungilibazisa, angiyikudla ukudla kwakho; uma ulungisa umnikelo wokushiswa, uyakunikela ngawo kuJehova.” Ngokuba uManowa wayengazi ukuthi uyingelosi kaJehova.

17UManowa wathi engelosini kaJehova: “Ngubani igama lakho ukuba, lapho esenzekile amazwi akho, sikudumise?”

18Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Ubuzelani igama lami, lokhu liyimfihlakalo, na?” 19UManowa walithatha izinyane lembuzi kanye nomnikelo wempuphu, wanikela ngakho kuJehova edwaleni. Yase yenza okumangalisayo, uManowa nomkakhe bebukela. 20Kwathi ilangabi lisaphuma e-altare lenyukela ngasezulwini, ingelosi kaJehova yenyuka elangabini le-altare; uManowa nomkakhe babukela; bawa ngobuso emhlabathini. 21Kepha ingelosi kaJehova ayiphindanga ukubonakala kuManowa nomkakhe. Khona uManowa waqonda ukuthi yingelosi kaJehova.

22UManowa wathi kumkakhe: “Siyakufa nokufa, ngokuba simbonile uNkulunkulu.”

23Kepha umkakhe wathi kuye: “Uma uNkulunkulu ebethanda ukusibulala, nga engamukelanga esandleni sethu umnikelo wokushiswa nomnikelo wempuphu, futhi nga engasibonisanga konke lokho, nga engasitshelanga izinto njengalezi.”

24Owesifazane wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSamsoni; umntwana wakhula, uJehova wambusisa. 25UMoya kaJehova waqala ukumqhuba eMahane Dani phakathi kweSora ne-Eshitawoli.

AbAhluleli 13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

AbAhluleli 14

Umshado kaSamsoni nemfumbe yakhe

1USamsoni wehlela eThimna; wabona owesifazane eThimna wamadodakazi amaFilisti. 2Wakhuphuka, wabatshela uyise nonina, wathi: “Ngibonile owesifazane eThimna wamadodakazi amaFilisti; ngalokho ngithatheleni yena abe ngumkami.”

3Uyise nonina base bethi kuye: “Akakho yini owesifazane phakathi kwamadodakazi abafowenu noma phakathi kwabo bonke abantu bami, ukuze uye kuthatha umfazi kumaFilisti angasokile, na?”

USamsoni wathi kuyise: “Ngithathele yena, ngokuba uyathandeka kimi.” 4Kepha uyise nonina babengazi ukuthi lokho kwavela kuJehova, ngokuba wayefuna ithuba lokulwa namaFilisti. Ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli. 5USamsoni wayesehla noyise nonina, baya eThimna, bafika ezivinini zaseThimna; bheka, ibhongo lengonyama lamhlangabeza libhodla. 6UMoya kaJehova wafika phezu kwakhe ngamandla, walidwengula kungathi udwengula izinyane lembuzi, engaphethe lutho esandleni sakhe: kepha akabatshelanga uyise nonina abekwenzile. 7Wehla, wakhuluma nowesifazane; wathandeka kuSamsoni.

8Emva kwesikhathi wabuya ukuba amthathe, waphambuka ukuyobona isidumbu sengonyama; bheka, kwakukhona iqulo lezinyosi esidumbini sengonyama kanye noju. 9Wazitapa ngezandla zakhe, wahamba, wahamba edla, wafika kuyise nonina, wabapha, badla nabo; kepha akabatshelanga ukuthi wayetape izinyosi esidumbini sengonyama.

10Uyise wehla, waya kulowo wesifazane, uSamsoni wenza idili khona, ngokuba zazenze njalo izinsizwa. 11Kwathi lapho bembona, baletha abayeni abangamashumi amathathu ukuba babe naye.

12USamsoni wathi kubo: “Ake ngininike imfumbe; uma ningitshela yona kahle ngezinsuku eziyisikhombisa zedili, niyiqandele, ngiyakuninika amayembe angamashumi amathathu nezingubo zokuphendulela ezingamashumi amathathu; 13kepha uma ningenakuyiqandela kimi, niyakunginika amayembe angamashumi amathathu nezingubo zokuphendulela ezingamashumi amathathu.”

Bathi kuye: “Yisho imfumbe yakho ukuba siyizwe.”

14Wayesethi kubo:

“Kodlayo kwaphuma ukudla,

konamandla kwavela okumnandi.”

Babengenakuyiqandela imfumbe ngezinsuku ezintathu.

15Kwathi ngosuku lwesikhombisa bathi kumkaSamsoni: “Yenza umyeni wakho ukuba asichasisele imfumbe, funa sikushise wena nendlu kayihlo ngomlilo; nisimemele ukuba nisidle na? Akunjalo na?”

16UmkaSamsoni wakhala phambi kwakhe, wathi: “Uyangizonda kuphela, awungithandi; unikile abakithi imfumbe, awungitshelanga yona.”

Wathi kuye: “Bheka, angibatshelanga ubaba nomame, ngiyakukutshela wena na?” 17Wakhala phambi kwakhe izinsuku eziyisikhombisa, lisekhona idili labo; kwathi ngosuku lwesikhombisa wayesemtshela, ngokuba wamcindezela kakhulu; wayisho imfumbe kwabakubo.

18Abantu bomuzi bathi kuye ngosuku lwesikhombisa, lingakashoni ilanga:

“Kuyini okumnandi kunezinyosi?

Kuyini okunamandla kunengonyama na?”

Wathi kubo:

“Uma beningalimanga ngesithokazi sami,

ngabe ningayiqandelanga imfumbe yami.”

19UMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, wehlela e-Ashikeloni, wabulala abantu abangamashumi amathathu kubo, wathatha isambatho sabo, wabanika abayiqandele imfumbe izingubo zokuphendulela. Intukuthelo yakhe yavutha, wenyukela endlini kayise. 20Kepha umkaSamsoni wanikwa kumngane wakhe owabe ngomunye wabayeni bakhe.

AbAhluleli 14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

AbAhluleli 15

USamsoni nezimpungushe ezingamakhulu amathathu

1Kodwa kwathi emva kwesikhathi, ngesikhathi sokuvuna ukolweni, uSamsoni wahambela umkakhe enezinyane lembuzi; wathi: “Ngiyakungena kumkami ekamelweni.” Kepha uyise kavumanga ukuba angene.

2Uyise wathi: “Bengithi impela umalile nokumala; ngalokho ngamnika umngane wakho; udadewabo omelamayo kamuhle kunaye na? Ake umthathe esikhundleni sakhe.”

3USamsoni wathi kubo: “Okwalesi sikhathi anginacala kumaFilisti, uma ngiwenzela okubi.” 4USamsoni wahamba, wabamba izimpungushe ezingamakhulu amathathu, wathatha izikhuni, wazibhekisana ngemisila, wafaka isikhuni phakathi kwemisila ngamibili. 5Wazithungela izikhuni ngomlilo, wazivumela ukuba zingene phakathi kwamabele amaFilisti engakavunwa, washisa amaqhinqa nezinhlanga zamabele kanye nezivini neminqumo.

6AmaFilisti ayesethi: “Ngubani okwenzile lokho na?”

Bathi: “NguSamsoni, umkhwenyana wowaseThimna, ngokuba yena uthathe umkakhe, wamnika umngane wakhe.” AmaFilisti akhuphuka, amshisa yena noyise ngomlilo. 7USamsoni wathi kubo: “Uma nenze njalo, impela ngiyakuphindisela kini, andukuba ngiyeke.” 8Wababulala ithebe nethanga ngokubulala okukhulu; wehla, wahlala ofantwini lwedwala lase-Etamu.

USamsoni ubulala ngomhlathi wembongolo

9AmaFilisti akhuphuka, amisa kwaJuda, ahlakazeka eLehi. 10Abantu bakwaJuda bathi: “Nisikhuphukeleleni na?”

Bathi: “Sikhuphukele ukuba simbophe uSamsoni, senze kuye njengalokho enze kithina.”

11Abantu abayizinkulungwane ezintathu bakwaJuda behlela ofantwini lwedwala lase-Etamu, bathi kuSamsoni: “Awukwazi yini ukuthi amaFilisti abusa phezu kwethu na? Kuyini, pho, lokho okwenzile kithina na?”

Wathi kubo: “Njengalokho benza kimi, ngenze njalo kubo.”

12Base bethi kuye: “Sehlele ukuba sikubophe, ukuze sikunikele esandleni samaFilisti.”

USamsoni wathi kubo: “Fungani kimi ukuthi nina aniyikungisukela.”

13Basho kuye, bathi: “Qha, kepha siyakukubopha nokukubopha, sikunikele esandleni sawo, kodwa impela asiyikukubulala.” Bambopha ngezintambo ezimbili ezintsha, bamkhuphulela edwaleni. 14Lapho efika eLehi, amaFilisti amhlangabeza ekhamuluka; uMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, izintambo ezazisezingalweni zakhe zaba njengefilakisi* elishiswe ngomlilo, nezibopho zakhe zancibilika, zasuka ezandleni zakhe. 15Wafumana umhlathi wembongolo osemusha, welula isandla sakhe, wawuthatha, wabulala ngawo abantu abayinkulungwane.

16Wathi uSamsoni:

“Ngomhlathi wembongolo ngibulele inqwaba,

yebo, izinqwaba ezimbili,

ngomhlathi wembongolo

abantu abayinkulungwane.”

17Kwathi eseqedile ukukhuluma, wawulahla umhlathi esandleni sakhe; leyo ndawo yathiwa iRamati Lehi.

18Wayesomile kakhulu, wakhala kuJehova, wathi: “Wenzile lokhu kukhululeka okukhulu ngesandla senceku yakho; kepha manje sengiyakufa ukoma, ngiwele esandleni sabangasokile.” 19Kodwa uNkulunkulu wadabula isigoxi esiseLehi, kwaphuma amanzi kuso; lapho esephuzile, umoya wakhe wabuya, wahlumeleleka; ngalokho igama laso labizwa ngokuthi i-Eni Hakore eliseLehi kuze kube namuhla.

20Wahlulela u-Israyeli ngezinsuku zamaFilisti iminyaka engamashumi amabili.

AbAhluleli 15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 49

Ubuze benhlanhla yababi

Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. Ihubo.

1Yizwani lokhu nonke nina bantu;

bekani indlebe nina nonke enakhileyo ezweni,

2abantukazana nezikhulu,

abacebileyo nabampofu.

3Umlomo wami uzakukhuluma ukuhlakanipha,

ukuzindla kwenhliziyo yami kuzakuba ngokokuqonda.

4Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga,

ngiphenye imfumbe yami ngehabhu.*

5Bengizakwesabelani ezinsukwini ezimbi,

lapha ububi babangizingelayo bungihaqa,

6labo abathemba imfuyo yabo

bezigabisa ngomcebo wabo omkhulu, na?

7Umuntu angemhlenge umfowabo,

angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye.

8Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu;

akunakuphela nanini

9ukuba aphile njalo, angaboni ukubola.

10Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa

nokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha,

imfuyo yabo bayishiyele abanye.

11Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo

zizakuma kuze kube phakade,

nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane;

amazwe abo bawabiza ngamagama abo.

12Kepha umuntu, nokuba enodumo, akayikuma;

ufana nezilwane ezibhubhayo.

13Le ndlela yabo ingubuwula babo,

balandelwa ngabavumela umlomo wabo. Sela*

14Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu;

ukufa kuyakubalusa,

abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa,

isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo,

bangabe besaba nandlu.

15Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wami

esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela*

16Ungesabi, nxa umuntu eceba,

nxa ubukhosi bendlu yakhe banda.

17Ngokuba ekufeni kwakhe akayikuphatha lutho;

ubukhosi bakhe abuyikwehla naye.

18Noma ebusisa umphefumulo wakhe esaphila,

futhi abantu bekudumisa,

ngokuba uzondle kahle,

19nokho uyakuya esizukulwaneni sawoyise;

abayikukubona ukukhanya naphakade.

20Umuntu onodumo engenakuqonda unjengezilwane ezibhubhayo.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU