Bible Society of South Africa

To The Word – Day 60

Joshua 16–18, Acts 16–18

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJoshuwa 16

Isabelo sabantwana bakwaJosefa, ikakhulu esabakwa-Efrayimi

1Isabelo sabantwana bakwaJosefa sasuka eJordani ngaseJeriko emanzini aseJeriko ngasempumalanga, ihlane elenyuka eJeriko ezintabeni ukuya eBethele; 2saphuma eBethele, saya eLuze, sadlula saya emkhawulweni wama-Araki ngase-Atharoti; 3sehlela ngasentshonalanga emkhawulweni wamaJafeleti kuze kube semkhawulweni weBeti Horoni laseNzansi naseGezeri; ukuphuma kwaso kwakuselwandle.

4Abantwana bakwaJosefa, oManase no-Efrayimi, base belidla ifa labo.

5Umkhawulo wabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo wawunje: umkhawulo wefa labo ngasempumalanga wawuyi-Atharoti Adari kuze kube seBeti Horoni laseNhla; 6umkhawulo waphuma ngasentshonalanga ngaseMikemetha ngasenyakatho; umkhawulo wawusujika ngasempumalanga, waya eTawanati Shilo, walidlula ngasempumalanga kwaseJanowa; 7wehla eJanowa, waya e-Atharoti naseNahara, wafika eJeriko, waphumela eJordani. 8Kusukela eTaphuwa umkhawulo waya ngasentshonalanga, wafika emfudlaneni iKhana; ukuphuma kwawo kwakuselwandle. Lelo liyifa lesizwe sabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo 9kanye nemizi eyahlukaniselwa abantwana bakwa-Efrayimi phakathi kwefa labantwana bakwaManase, yonke imizi nemizana yayo.

10Kodwa abawaxoshanga amaKhanani ahlala eGezeri, kepha amaKhanani ahlala phakathi kuka-Efrayimi kuze kube namuhla, aba yizinceku zokusebenza.

UJoshuwa 16ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJoshuwa 17

Isabelo sakwaManase ngasentshonalanga kwaseJordani

1Lesi siyisabelo sesizwe sakwaManase, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakiri-ke, izibulo likaManase, uyise kaGileyadi, wathola elakwaGileyadi neBashani, lokhu eyindoda yempi. 2Abanye abantwana bakwaManase babelwa nabo ngemindeni yabo: abantwana bakwa-Abiyezeri, nabantwana bakwaHeleki, nabantwana bakwa-Asiriyeli, nabantwana bakwaShekemi, nabantwana bakwaHeferi, nabantwana bakwaShemida; labo babe ngabantwana besilisa bakwaManase indodana kaJosefa ngemindeni yabo.

3Kepha uSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase wayengenamadodana, enamadodakazi odwa; lawa angamagama amadodakazi: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa. 4Asondela phambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kukaJoshuwa indodana kaNuni, naphambi kwezikhulu, athi: “UJehova wamyala uMose ukuba asinike ifa phakathi kwabafowethu.” Wayesewanika ifa phakathi kwabafowabo bakayise njengesiyalezo sikaJehova. 5UManase wabelwa izabelo eziyishumi ngaphandle kwelakwaGileyadi neBashani ngaphesheya kweJordani, 6ngokuba amadodakazi kaManase aba nefa phakathi kwamadodana akhe; izwe lakwaGileyadi laba ngelamanye amadodana kaManase.

7Umkhawulo kaManase wasuka kwa-Asheri, waya eMikemetha elingaphambi kweShekemi; umkhawulo wawusuya ngakwesokunene kwabakhileyo e-Eni Taphuwa. 8Izwe laseTaphuwa lalingelikaManase, kepha iTaphuwa elisemkhawulweni kaManase lalingelabantwana bakwa-Efrayimi. 9Umkhawulo wehlela emfudlaneni iKhana ngaseningizimu komfula; leyo mizi yayingeka-Efrayimi phakathi kwemizi kaManase; umkhawulo kaManase wawungasenyakatho komfula; ukuphuma kwawo kwakuselwandle; 10okwaseningizimu kwakungokuka-Efrayimi, okwasenyakatho kwakungokukaManase, ulwandle lwalungumkhawulo wakhe; bafinyelela kwa-Asheri ngasenyakatho nakwa-Isakare ngasempumalanga.

11Kwa-Isakare nakwa-Asheri uManase wabelwa iBeti Sheyani kanye nemizana yalo, neJibileyamu kanye nemizana yalo, nabakhileyo eDori kanye nemizana yalo, nabakhileyo e-Eni Dori kanye nemizana yalo, nabakhileyo eThahanaki kanye nemizana yalo, nabakhileyo eMegido kanye nemizana yalo eyizimpakama ezintathu.

12Kodwa abantwana bakwaManase babengenakunqoba leyo mizi; kepha amaKhanani ayethanda ukuhlala kulelo zwe. 13Kwathi lapho abantwana bakwa-Israyeli sebeqinile, bawasebenzisa amaKhanani, abawaxoshanga ngokupheleleyo.

14Abantwana bakwaJosefa bakhuluma kuJoshuwa, bathi: “Unginikeleni isabelo sibe sinye nje nesinqamu sibe sinye kuphela, kube yifa lami, lokhu ngiyisizwe esikhulu, njengokuba uJehova ungibusisile kuze kube manje, na?”

15UJoshuwa wathi kubo: “Uma uyisizwe esikhulu, khuphukela ehlathini, uzicabele khona ezweni lamaPherizi nakwelamaRefa, lokhu izintaba zakwa-Efrayimi ziminyene kuwe.”

16Bathi abantwana bakwaJosefa: “Izintaba azisanele; onke amaKhanani ahlala ezweni lesigodi anezinqola zensimbi, wona aseBeti Sheyani kanye nemizana yalo nawo asesiGodini saseJizreyeli.”

17UJoshuwa wayesekhuluma kuyo indlu kaJosefa, naku-Efrayimi, nakuManase, ethi: “Uyisizwe esikhulu, unamandla amakhulu; awuyikuba nasabelo esisodwa nje; 18kepha izintaba ziyakuba ngezakho; noma ziyihlathi, woligawula; namaphethelo alo mawabe ngawakho, ngokuba uyakuwaxosha amaKhanani, nakuba enezinqola zensimbi nakuba enamandla.”

UJoshuwa 17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJoshuwa 18

Itende lokuhlangana

1Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana; izwe lanqotshwa phambi kwabo. 2Kwasala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli izizwe eziyisikhombisa ezingakabelwa ifa lazo.

3UJoshuwa wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Niyakuyekethisa kuze kube nini ukuya ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninike lona na? 4Zimiseleni amadoda amathathu izizwe ngezizwe; ngiyakuwathuma ukuba asuke ahambe ezweni, alilobe njengamafa azo, aze afike kimi. 5Ayakwahlukanisa izabelo eziyisikhombisa: uJuda uyakuhlala emkhawulweni wakhe ngaseningizimu, indlu kaJosefa ihlale emkhawulweni wayo ngasenyakatho. 6Anoloba izwe kube yizabelo eziyisikhombisa, nikulethe lapha kimi, nginenzele inkatho lapha phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu. 7Ngokuba amaLevi awanasabelo phakathi kwenu, lokhu ubupristi bukaJehova buyifa lawo; oGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase sebamukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga abanika lona uMose inceku kaJehova.”

8Amadoda ayesesuka, ahamba; uJoshuwa wayala abahambayo ukuba balobe izwe, wathi: “Sukani nihambe ezweni, nililobe, nibuyele kimi, nginenzele inkatho phambi kukaJehova eShilo.” 9Ayesehamba amadoda, adabula izwe, aliloba ngemizi, kwaba yizabelo eziyisikhombisa encwadini; afika kuJoshuwa ekamu* laseShilo. 10UJoshuwa wawenzela inkatho eShilo phambi kukaJehova; uJoshuwa wababela khona abantwana bakwa-Israyeli izwe njengezabelo zalo.

Isabelo sakwaBenjamini

11Inkatho yadla isizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo; umkhawulo wesabelo sabo waphuma phakathi kwabantwana bakwaJuda nabantwana bakwaJosefa.

12Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho waphuma eJordani; umkhawulo wenyuka eceleni kweJeriko ngasenyakatho, wakhuphukela ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakungasehlane laseBeti Aveni. 13Umkhawulo wasuka lapho, waya eLuze eceleni kweLuze eliyiBethele ngaseningizimu; umkhawulo wawusehlela e-Atharoti Adari ngasentabeni engaseningizimu kwaseBeti Horoni laseNzansi.

14Umkhawulo wasuka, wajika ngasohlangothini lwasentshonalanga ngaseningizimu, kusukela entabeni ephambi kweBeti Horoni ngaseningizimu; ukuphuma kwawo kwakungaseKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, umuzi wabantwana bakwaJuda; lokho kwakuluhlangothi lwasentshonalanga.

15Uhlangothi lwaseningizimu lwasuka ekupheleni kweKiriyati Jeharimi, umkhawulo waphuma waya ngasentshonalanga emthonjeni wamanzi aseNefitowa; 16umkhawulo wawusehlela ngasekupheleni kwentaba engaphambi kwesigodi sendodana kaHinomu esiyisigodi samaRefa ngasenyakatho; wehlela esigodini sikaHinomu eceleni kwamaJebusi ngaseningizimu, wehlela e-Eni Rogeli; 17wasuka enyakatho, waphuma e-Eni Shemeshi, waya eGeliloti elibhekene nommango wase-Adumimi, wehlela etsheni likaBohanu indodana kaRubeni; 18wadlula waya eceleni elibhekene ne-Araba ngasenyakatho, wehlela e-Araba; 19umkhawulo wadlula, waya eceleni kweBeti Hogila ngasenyakatho, ukuphuma komkhawulo kwakungasethekwini lasenyakatho koLwandle Lukasawoti ngasekugcineni kweJordani ngaseningizimu; lokho kwakungumkhawulo waseningizimu.

20IJordani lalingumkhawulo walo ngasohlangothini lwasempumalanga. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini njengemikhawulo yabo nxazonke ngemindeni yabo. 21Imizi yesizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo yayiyiJeriko, neBeti Hogila, ne-Emeki Kesisi, 22neBeti Araba, neSemarayimi, neBethele, 23ne-Avimi, nePhara, ne-Ofira, 24neKefari Amoni, ne-Ofini, neGeba, imizi iyishumi nambili nemizana yayo; 25iGibeyoni, neRama, neBeyeroti, 26neMispa, neKefira, neMosa, 27neRekemi, ne-Iripeyeli, neTarala, 28neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeya, neKiriyati, imizi iyishumi nane nemizana yayo. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo.

UJoshuwa 18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzEnzo 16

Uhambo lwesibili lukaPawulu: uPawulu ese-Asiya

1Khona wehlela eDerbe naseListra. Bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, nguThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane wakwaJuda okholiweyo, kepha uyise wayengumGreki, 2owayefakazelwa kahle ngabazalwane baseListra nabase-Ikoniyu. 3Lowo uPawulu wathanda ukuba ahambe naye, wamthatha, wamsoka ngenxa yabaJuda ababekhona kulezo zindawo; ngokuba bonke babemazi ukuthi uyise wayengumGreki. 4Kwathi bedabula imizi, babanika izinqumo ezanqunywa ngabaphostoli namalunga aseJerusalema ukuba bazigcine. 5Njalo-ke amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngobuningi imihla ngemihla.

6Base bedabula izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulikhuluma izwi e-Asiya; 7sebefikile ngaseMisiya, balinga ukuya eBithiniya, kepha uMoya kaJesu akabavumelanga.

UPawulu uwelela eMakedoniya

8Badlula eMisiya, behlela eTrowa. 9Kwabonakala kuPawulu umbono ebusuku; indoda ethile yaseMakedoniya eyayimi imncenga yathi: “Welela eMakedoniya, usisize.” 10Lapho esewubonile umbono, safuna masinyane ukuya eMakedoniya, sathi uNkulunkulu usibizile ukuba sibashumayeze ivangeli.

11Khona samuka eTrowa ngomkhumbi, saqonda eSamotrake, ngangomuso safika eNeyapholi.

UPawulu ushumayela eFilipi; ukukholwa kukaLidiya

12Sisuka lapho saya eFilipi elingumuzi oyikhanda lesifunda saseMakedoniya, ikoloni.* Kulowo muzi sahlala izinsuku ezithile.

13Ngosuku lwesabatha saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho sathi babevama ukukhuleka khona; sahlala phansi, sakhuluma kubo abesifazane ababebuthene. 14Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya, engumthengisi wezibubende, wasemzini waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, walalela, iNkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba aqaphele okwakhulunywa nguPawulu. 15Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe, wasincenga wathi: “Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona;” wasicindezela.

UPawulu uyaboshwa

16Kwathi siya endaweni yokukhuleka, kwahlangana nathi intombazana enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula. 17Yona yamlandela uPawulu nathi, yamemeza yathi: “Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke ezimemezela kini indlela yensindiso.” 18Yakwenza lokho izinsuku eziningi. Kepha uPawulu esecasukile waphenduka, wathi kumoya: “Ngiyakuyala egameni likaJesu Kristu ukuba uphume kuyo.” Wayesephuma ngaso leso sikhathi.

19Kwathi abaniniyo sebebonile ukuthi ithemba lenzuzo yabo limukile, bababamba oPawulu noSila, babahudulela esigcawini phambi kwababusi, 20babayisa ezinduneni, bathi: “Laba bantu banyakazisa umuzi wakithi bengabaJuda; 21bafundisa imikhuba esingavunyelwe ukuba siyamukele, siyenze thina esingamaRoma.”

22Isixuku sase sibavukela, nezinduna zayala ukuba bahlutshulwe izingubo, bashaywe ngenduku; 23sezibashayile imivimbo eminingi, zabaphonsa etilongweni, zayala umgciniziboshwa ukuba abagcine impela; 24yena eyaliwe kanjalo wabaphonsa etilongweni elingaphakathi, wabopha izinyawo zabo ogongolweni.

Ukuphenduka komgciniziboshwa

25Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa; 26kwavela ngokuzuma ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, kwathukuluka nezibopho zabo bonke. 27Kwathi umgciniziboshwa ephaphama, wabona iminyango yetilongo ivulekile; wayesehosha inkemba efuna ukuzibulala, ngokuba wathi iziboshwa ziphunyukile. 28Kepha uPawulu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ungazilimazi, ngokuba sikhona sonke.”

29Wayesebiza izibani, wagijimela phakathi ethuthumela, wawa phansi phambi kukaPawulu noSila, 30wabakhiphela ngaphandle, wathi: “Makhosi, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na?”

31Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.” 32Base bemshumayeza izwi likaNkulunkulu, yena nabo bonke ababesendlini yakhe. 33Wabathatha ngaso leso sikhathi sasebusuku, wabageza imivimbo, wabhapathizwa khona lapho, yena nabo bonke abakhe, 34wabenyusela endlini, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.

35Kepha sekusile, izinduna zathuma izikhonzi, zathi: “Bakhulule labo bantu.” 36Umgciniziboshwa wabikela uPawulu lawo mazwi, wathi: “Izinduna zithumele ukuba nikhululwe. Ngakho phumani manje, nihambe ngokuthula.”

37Kepha uPawulu wathi kuzo: “Basishayile phambi kwabantu singalahlwanga cala, thina singabantu abangamaRoma, basiphonsa etilongweni; manje basikhipha ngasese na? Qhabo, akuze bona, basikhiphe.”

38Izikhonzi zabikela izinduna lawo mazwi. Zona zesaba sezizwa ukuthi bangamaRoma, 39zeza zabancenga; sezibakhiphile zabanxusa ukuba bamuke emzini. 40Base bephuma etilongweni, bangena kwaLidiya; kwathi sebebabonile abazalwane babaduduza, bamuka.

IzEnzo 17

Uhambo lwesibili lukaPawulu: ushumayela eThesalonika

1Kwathi sebedabulile i-Amfipholi ne-Apholoniya, bafika eThesalonika, lapho kwakukhona isinagoge* labaJuda. 2Kepha uPawulu njengokwenza kwakhe wangena kubo, waphendulana nabo amasabatha amathathu, ethathela emibhalweni, 3ebavulela, ebachasisela ukuthi kwakumelwe ukuba uKristu ahlupheke, avuke kwabafileyo, ethi futhi: “UJesu lo engimshumayela kini unguKristu.” 4Base bevuma abanye kubo, bazihlanganisa noPawulu noSila, futhi nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, kanye nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.

5Kepha abaJuda benomhawu bathatha kumabhukudwane abalisa abathile ababi, besusa isiyaluyalu phakathi kwabantu, baxokozelisa umuzi; bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela kubantu; 6kepha bengabafumani bamhudulela uJasoni kanye nabazalwane abathile kubaphathimuzi, bamemeza bathi: “Laba abayaluzisa izwe lonke sebefikile nalapha, 7uJasoni ubamukele; bonke laba benza okuphambene nezimiso zikaKesari, bethi kukhona enye inkosi, nguJesu.” 8Kepha bethusa isixuku nabaphathimuzi abezwa lokho, 9bathatha isibambiso kuJasoni nakwabanye, babakhulula.

UPawulu ushumayela eBereya

10Kepha abazalwane bamukisa oPawulu noSila masinyane ebusuku ukuba baye eBereya; bona sebefikile khona bangena esinagogeni* labaJuda. 11Labo-ke babebahle kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto. 12Ngakho abaningi kubo bakholwa, nabesifazane abanesithunzi abangamaGreki, namadoda angeyingcosana.

13Kwathi abaJuda baseThesalonika sebezwile ukuthi izwi likaNkulunkulu limenyezelwe nguPawulu naseBereya, beza nakhona, bazinyakazisa bezivusa izixuku. 14Khona abazalwane bamukisa masinyane uPawulu ukuba aze afike elwandle; kepha oSila noThimothewu basala khona. 15Abamphelekezelayo uPawulu bamfikisa e-Athene; kwathi sebamukele isiyalezo ngoSila nangoThimothewu sokuba beze kuye ngokushesha okukhulu, bamuka.

UPawulu ushumayela e-Athene

16Kwathi uPawulu esabalinda e-Athene, umoya wakhe wacunuka phakathi kwakhe ebona umuzi ugcwele izithombe. 17Ngakho-ke wakhuluma esinagogeni* kubaJuda nakuwo amakholwa nasesigcawini imihla ngemihla kubo ababesuke bekhona. 18Kepha abathile kuzo izazi zama-Epikhuru nezamaStoyiku baphikisana naye; abanye bathi: “Leli phoshophosho lithini na?” Abanye bathi: “Kungathi ungomemezela onkulunkulu abangaziwayo,” ngokuba wayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo. 19Base bemthatha, bamyisa e-Areyophagu, bethi: “Ungesazise ukuthi siyini lesi sifundiso esisha esikhulunywa nguwe na? 20Ngokuba uletha ezindlebeni zethu okuthile okungaziwayo; ngalokho sifuna ukwazi ukuthi lokhu kungaba yini.” 21Ngokuba bonke abase-Athene nabafokazi abakhe khona babengazilibazisi ngokunye, kuphela ngokukhuluma nokuzwa izindaba ezintsha.

22UPawulu wema-ke phakathi ne-Areyophagu, wathi: “Madoda ase-Athene, ngiyabona ngakho konke ukuthi nikhonza kakhulu onkulunkulu. 23Ngokuba kwathi ngihamba ngibuka izinto enizikhonzayo, ngafumana ne-altare okulotshwe kulo ukuthi: ELIKANKULUNKULU ONGAZIWAYO. Lokho-ke enikukhonza ningakwazi, yikho engikumemezela kini.

24“UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena oyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla; 25futhi akakhonzwa ngezandla zabantu ngokungathi udinga utho, yena obapha bonke ukuphila nokuphefumula nakho konke; 26wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo, 27ukuze zifune uNkulunkulu, ingabe zingamuzwa, zimfumane; ingani kakude kulowo nalowo kithi. 28‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokho izimbongi ezithile zakini zishilo zathi:

“ ‘Ngokuba futhi siyinzalo yakhe.’

29“Ngakho lokhu siyinzalo kaNkulunkulu, akufanele ukuba sithi ubuNkulunkulu bufana negolide noma isiliva noma itshe, okuqoshwe ngekhono nangesu lomuntu. 30Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke, 31njengokuba umisile usuku azakwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngomuntu ammisele lokho, enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.”

32Kwathi bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kepha abanye bathi: “Siyakuphinda sikuzwe ngaleyo ndaba.” 33Kanjalo uPawulu waphuma phakathi kwabo. 34Kepha amadoda athile anamathela kuye, akholwa; phakathi kwawo kwakukhona noDiyonisiyu wase-Areyophagu, nowesifazane ogama lakhe linguDamari, nabanye kanye nabo.

IzEnzo 18

Ukugcina kohambo lwesibili lukaPawulu, eseKorinte nase-Efesu

1Emva kwalokho wamuka e-Athene, wafika eKorinte. 2Wafumana khona umJuda othile ogama lakhe lingu-Akwila, wasePontu ngokuzalwa, owayesanda kufika ephuma e-Italiya, enoPrisila umkakhe, ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda bamuke eRoma; weza kubo; 3lokhu wayemsebenzi munye nabo, wahlala nabo, basebenza. Ngokuba umsebenzi wabo kwakungukuthunga amatende. 4Washumayela esinagogeni* ngamasabatha onke, wazuza abaJuda namaGreki.

5Kepha sebefikile oSila noThimothewu behla eMakedoniya, uPawulu wakhathalela izwi, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu. 6Kwathi benqaba, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”

7Wasuka lapho, weza endlini yomuntu ogama lakhe linguThithiyu Justu, okhonza uNkulunkulu; indlu yakhe yayiseceleni kwesinagoge.* 8Kepha uKrispu umphathi wesinagoge* wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke, nabaningi babaseKorinte balalela, bakholwa, babhapathizwa.

9INkosi yayisithi kuPawulu ngombono ebusuku: “Ungesabi, kepha khuluma, ungathuli, 10ngokuba mina nginawe, akakho ozakukusukela, akulimaze, ngokuba nginabantu abaningi kulo muzi.” 11Wahlala khona umnyaka nezinyanga eziyisithupha efundisa izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo.

12Kwathi uGaliyu engumbusi wase-Akhaya, abaJuda bamvukela uPawulu nganhliziyonye, bamyisa phambi kwesihlalo sokwahlulela, 13bathi: “Lo muntu uphendukisa abantu ukuba bakhonze uNkulunkulu ngokuphambene nomthetho.”

14Khona uPawulu esezakuvula umlomo, uGaliyu wathi kubaJuda: “O nina baJuda, uma bekuyicala noma ubugebengu obubi, bekufanele nginibekezelele; 15kodwa uma kungukuphikisana ngamazwi, nangamagama, nangomthetho wakini, ziboneleni nina; mina angithandi ukuba ngumahluleli walezo zinto.” 16Wayesebaxosha esihlalweni sokwahlulela. 17Khona bonke bambamba uSostene umphathi wesinagoge,* bamshaya phambi kwesihlalo sokwahlulela; kodwa uGaliyu akaze anaka lutho lwalokho.

18Kepha uPawulu esehlale khona izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya kanye noPrisila no-Akwila, esegundile ikhanda lakhe eKenikreya; ngokuba wayezibophe ngesifungo. 19Wehlela e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni,* washumayela kubaJuda. 20Kwathi bemncenga ukuba ahlale khona isikhathi esidana, akaze avuma, 21kepha wavalelisa wathi: “Ngizakubuyela futhi kini, uma uNkulunkulu evuma,” wayesesuka e-Efesu ngomkhumbi; 22esefikile eKesariya wakhuphuka wabingelela ibandla; wehlela e-Antiyokiya.

Ukuqala kohambo lwesithathu; u-Apholo use-Efesu

23Esehlale khona isikhathi esithile wamuka wadabula izwe laseGalathiya nelaseFrigiya ngokulandelana, eqinisa bonke abafundi.

24UmJuda othile ogama lakhe lingu-Apholo, wase-Aleksandriya ngokuzalwa, indoda efundileyo nenamandla emibhalweni, wehlela e-Efesu. 25Yena wayefundisiwe indlela yeNkosi; evutha emoyeni wakhuluma, wafundisa ngesineke izindaba eziqondene noJesu, azi ukubhapathiza kukaJohane kuphela; 26yena waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni.* Kwathi ukuba bamuzwe o-Akwila noPrisila, bamthatha bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngesineke esikhulu.

27Esethanda ukudlulela e-Akhaya, abazalwane balobela abafundi bebayala ukuba bamamukele; esefikile wabasiza kakhulu abakholwayo ngomusa, 28ngokuba waphikisa abaJuda ngamandla phambi kwabantu, ekhomba ngemibhalo ukuthi uJesu unguKristu.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU