Bible Society of South Africa

To The Word – Day 57

Joshua 7–9, Acts 7–9

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJoshuwa 7

Icala lika Akani nesijeziso sakhe

1Kepha abantwana bakwa-Israyeli beqa ngokuqalekisiweyo, lokhu u-Akani kaKarmi kaZabidi kaZera, owesizwe sakwaJuda, ethatha kukho okuqalekisiweyo; intukuthelo kaJehova yabavuthela abantwana bakwa-Israyeli.

2UJoshuwa wathuma amadoda, asuka eJeriko aya e-Ayi eliseceleni kweBeti Aveni ngasempumalanga kwaseBethele, wakhuluma kuwo, wathi: “Khuphukani, nilihlole izwe.” Amadoda akhuphuka ahlola i-Ayi.

3Abuyela kuJoshuwa, athi kuye: “Mabangakhuphuki bonke abantu; makuhambe amadoda kungathi izinkulungwane ezimbili noma ezintathu, alichithe i-Ayi; ungabakhathazi bonke abantu ngokuya khona, ngokuba bayingcosana nje.” 4Kwase kukhuphukela khona abantu abayizinkulungwane ezintathu, kepha babaleka phambi kwamadoda ase-Ayi. 5Amadoda ase-Ayi abulala abantu abangamashumi amathathu nesithupha, abaxosha esuka phambi kwesango aze afika eShebarimi, ababulala emthambekeni; izinhliziyo zabantu zaphela amandla, zaba njengamanzi.

6UJoshuwa waziklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli; bathela uthuli emakhanda abo. 7UJoshuwa wathi: “Maye, Nkosi Nkulunkulu! Ubaweliseleni iJordani nakanye laba bantu ukuba usinikele esandleni sama-Amori, usibhubhise, na? Sengathi nga saneliswa ukuhlala ngaphesheya kweJordani! 8O Nkosi, ngiyakuthini, lapha abakwa-Israyeli sebefulathele izitha zabo na? 9Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayakukuzwa, basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; uyakwenzela ntoni igama lakho elikhulu na?”

10UJehova wathi kuJoshuwa: “Sukuma; uweleni kanje ngobuso bakho na? 11U-Israyeli wonile, yebo, beqile isivumelwano sami engabayala ngaso, yebo, bathathile nakukho okuqalekisiweyo, futhi bebile, baqambile amanga, bakubeka kweyabo impahla. 12Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli abanakuma phambi kwezitha zabo, bayafulathela izitha zabo, ngokuba sebeqalekisiwe; angisayikuba nani, uma ningachithi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.

13“Suka ungcwelise abantu, uthi: ‘Zingcweliseleni ingomuso, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: Kukhona okuqalekisiweyo phakathi kwakho, Israyeli; awunakuma phambi kwezitha zakho, ningakakususi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.

14“ ‘Kusasa niyakusondezwa ngezizwe zakini; kuyakuthi isizwe asithathayo uJehova sisondele ngemindeni; umndeni awuthathayo uJehova uyakusondela ngezindlu; indlu ayithathayo uJehova iyakusondela ngabantu. 15Kuyakuthi othathwayo enokuqalekisiweyo ashiswe ngomlilo, yena nakho konke anakho, ngokuba eqile isivumelwano sikaJehova nangokuba esebenzile ubuwula kwa-Israyeli.’ ”

16UJoshuwa wayesevuka ekuseni kakhulu, wasondeza u-Israyeli ngezizwe zakubo; isizwe sakwaJuda sathathwa. 17Wayesesondeza imindeni yakwaJuda; wathatha umndeni wakwaZera, wawusondeza umndeni wakwaZera ngabantu, kwathathwa uZabidi. 18Wayisondeza indlu yakhe ngabantu; u-Akani kaKarmi kaZabidi kaZera, owesizwe sakwaJuda, wathathwa.

19UJoshuwa wayesethi ku-Akani: “Ndodana yami, ake umnike uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli inkazimulo, uvume kuye, ungitshele okwenzileyo, ungangifihleli.”

20U-Akani wamphendula uJoshuwa, wathi: “Kuyiqiniso, ngonile kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, ngenza ukuthi nokuthi. 21Ngabona empangweni ingubo enhle yaseShineyari, namashekeli* angamakhulu amabili esiliva, nesigaxa segolide esinesisindo esingamashekeli angamashumi ayisihlanu, ngakufisa, ngakuthatha; bheka, kuthukusiwe emhlabathini phakathi kwetende lami, nesiliva liphansi kwakho.”

22UJoshuwa wayesethuma izithunywa, zagijimela etendeni; bheka kwakuthukusiwe etendeni lakhe, isiliva liphansi. 23Zakukhipha phakathi kwetende, zakuyisa kuJoshuwa nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, bakubeka phansi phambi kukaJehova. 24UJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli benaye bamthatha u-Akani indodana kaZera, nesiliva, nengubo, nesigaxa segolide, namadodana akhe, namadodakazi akhe, nezinkabi zakhe, nezimbongolo zakhe, nezimvu zakhe, netende lakhe, nakho konke anakho, bakukhuphulela esigodini sase-Akori. 25UJoshuwa wayesethi: “Usihlupheleni na? UJehova uzakukuhlupha namuhla.” Bonke abakwa-Israyeli bamkhanda ngamatshe; babashisa ngomlilo, babakhanda ngamatshe. 26Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe; isekhona nanamuhla; uJehova waphenduka entukuthelweni yake enkulu. Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi isigodi sase-Akori kuze kube namuhla.

UJoshuwa 7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJoshuwa 8

Ukuchithwa kwe-Ayi

1UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungesabi, ungabi naluvalo; suka nabo bonke abantu bempi, ukhuphuke uye e-Ayi; bheka, nginikele esandleni sakho inkosi yase-Ayi, nabantu bayo, nomuzi wayo, nezwe layo; 2uyakwenza kulo i-Ayi nenkosi yalo njengalokho wenza kulo iJeriko nenkosi yalo; impango yalo kuphela nezinkomo zalo niyakuziphangela khona. Wuqamekele umuzi emva kwawo.”

3UJoshuwa wasuka kanye nabo bonke abantu bempi ukuba akhuphukele e-Ayi; uJoshuwa wakhetha amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amathathu amaqhawe anamandla, wawathuma ebusuku. 4Wawayala ngokuthi: “Bhekani, niyakuwuqamekela umuzi, emva komuzi, ningayi kude kakhulu nomuzi, nihlale nilungele nonke. 5Mina nabantu bonke abanami siyakusondela emzini; kuyakuthi lapho bephuma ukusihlasela njengakuqala, sibaleke phambi kwabo. 6Bayakuphuma, basilandele, size sibasuse emzini, ngokuba bayakusho ukuthi: ‘Babaleka phambi kwethu njengakuqala,’ bese sibaleka phambi kwabo; 7niyakusuka ekuqamekeleni, niwudle umuzi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uyakuwunikela esandleni senu. 8Kuyakuthi lapho seniwuthathile umuzi, nithungele umuzi ngomlilo, nenze njengezwi likaJehova; bhekani, senginiyalile.”

9UJoshuwa wayesebathuma, baya ukuyoqamekela, bahlala phakathi kweBethele ne-Ayi ngasentshonalanga kwase-Ayi; uJoshuwa walala lobo busuku phakathi kwabantu.

10UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, wabutha abantu, wakhuphuka, yena namalunga akwa-Israyeli, phambi kwabantu, waya e-Ayi. 11Bonke abantu bempi ayenabo bakhuphuka, basondela, baya phambi komuzi, bamisa ngasenyakatho kwase-Ayi; kwakukhona isigodi phakathi kwakhe ne-Ayi. 12Wathatha amadoda kungathi izinkulungwane eziyisihlanu, wawaqamekelisa phakathi kweBethele ne-Ayi ngasentshonalanga komuzi. 13Sebehleliwe abantu, lonke ibandla elalingasenyakatho komuzi nabaqamekeleyo babo ababengasentshonalanga komuzi, uJoshuwa waya ngalobo busuku phakathi kwesigodi.

14Kwathi inkosi yase-Ayi ikubona lokho, ashesha avuka ekuseni amadoda omuzi, aphuma ukuhlasela u-Israyeli, yona nabantu bayo, endaweni enqunyiweyo ngaphambi kwehlane; yayingazi nokho ukuthi babekhona abayiqamekeleyo ngasemva komuzi. 15UJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli benza kungathi bahluliwe phambi kwabo, babaleka ngendlela eya ehlane. 16Bonke abantu basemzini babizwa ukuba babaxoshe; bamxosha uJoshuwa, basuswa emzini. 17Akusalanga muntu e-Ayi naseBethele ongaphumanga ukubaxosha abakwa-Israyeli, bawushiya umuzi ugengelezile, babaxosha abakwa-Israyeli.

18UJehova wathi kuJoshuwa: “Yelulela umkhonto osesandleni sakho ngase-Ayi, ngokuba ngiyakulinikela esandleni sakho.” UJoshuwa welulela-ke umkhonto osesandleni sakhe ngasemzini. 19Abaqamekeleyo bashesha basuka endaweni yabo, bagijima lapho eselula isandla sakhe, bangena emzini, bawuthatha; bawuthungela ngomlilo masinyane.

20Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emva kwabo, abona, bheka, umusi womuzi wenyukela ngasezulwini; ayengenamandla ukubaleka ngalapha noma ngalapha, lapho abantu ababebalekele ngasehlane sebephendukela ababaxoshayo. 21Ngokuba nxa uJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli bebona ukuthi abaqamekeleyo bawuthathile umuzi nokuthi umusi womuzi wenyuka, base bebuyela emuva, bawabulala amadoda ase-Ayi. 22Labo abanye baphuma emzini ukuba babahlasele baze babe phakathi kuka-Israyeli, abanye ngalapha, abanye ngalapha, bababulala, kwaze kwangasala muntu owaphunyuka, wabaleka. 23Inkosi yase-Ayi bayibamba isaphila, bayiyisa kuJoshuwa.

24Kwathi lapho u-Israyeli eseqedile ukubulala bonke abakhileyo e-Ayi endle ehlane, lapho ebebaxoshele khona, bese bewe bonke ngosiko lwenkemba baze baqedwa, bonke abakwa-Israyeli babuyela e-Ayi, balichitha ngosiko lwenkemba. 25Bonke abawa ngalolo suku, abesilisa nabesifazane, babeyizinkulungwane eziyishumi nambili, abantu bonke base-Ayi. 26UJoshuwa akabuyisanga isandla sakhe awelula ngaso umkhonto, engakaqothuli bonke abakhileyo e-Ayi. 27Izinkomo kuphela nempango yalowo muzi u-Israyeli waziphangela khona, njengezwi likaJehova amyala ngalo uJoshuwa.

28UJoshuwa wayeselishisa i-Ayi, walenza laba yiduma lenxiwa kuze kube phakade; liyincithakalo kuze kube namuhla. 29Inkosi yase-Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini, basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi, wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla.

I-altare entabeni yase-Ebali

30Khona uJoshuwa wamakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli i-altare entabeni yase-Ebali, 31njengalokho uMose inceku kaJehova wayala abantwana bakwa-Israyeli, njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose, i-altare lamatshe angabaziwe, angaphakanyiselwanga muntu insimbi; banikela phezu kwalo ngeminikelo yokushiswa kuJehova, banikela ngeminikelo yokuthula. 32Waloba khona ematsheni impinda yomthetho kaMose ayilobayo phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. 33Bonke abakwa-Israyeli namalunga abo, nezinduna zabo, nabahluleli babo babemi ngalapha nangalapha komphongolo phambi kwabapristi bamaLevi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, abafokazi nabokuzalwa ekhaya, inxenye yabo ibhekene nentaba yaseGerizimu, inxenye yabo ibhekene nentaba yase-Ebali, njengalokho uMose inceku kaJehova ebeyalile, ukuba babusise abantu bakwa-Israyeli kuqala.

34Ngasemuva wafunda onke amazwi omthetho, isibusiso nesiqalekiso, njengakho konke okulotshiwe encwadini yomthetho. 35Akwabakho zwi kukho konke akuyalayo uMose, angalifundanga uJoshuwa phambi kwebandla lonke lakwa-Israyeli, nabesifazane, nabantwana, nabafokazi ababehamba phakathi kwabo.

UJoshuwa 8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJoshuwa 9

Ubuqili babaseGibeyoni

1Kwathi lapho onke amakhosi ayengaphesheya kweJordani, ezintabeni, nasemathafeni, nasogwini lonke loLwandle Olukhulu olubhekene neLebanoni, amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, esezwa lokho, 2abuthana ndawonye ukuba alwe noJoshuwa no-Israyeli nganhliziyonye.

3Kepha bathi ukuba abakhileyo eGibeyoni bezwa lokho uJoshuwa ayekwenzile kulo iJeriko ne-Ayi, 4nabo benza ubuqili, bahamba bazenzisa kwangathi bayizithunywa, babeka amasaka agugileyo ezimbongolweni zabo, nezimvaba zewayini ezigugileyo neziklebhukileyo, ebesezithungiwe, 5nezicathulo ezigugileyo eziciciyelweyo zisezinyaweni zabo, bembethe nezingubo ezigugileyo; isinkwa sonke somphako wabo sasomile, sikhuntile. 6Baya kuJoshuwa ekamu* laseGiligali, bathi kuye nakumadoda akwa-Israyeli: “Sivela ezweni elikude; ngalokho manenze manje isivumelwano nathi.”

7Amadoda akwa-Israyeli athi kumaHivi: “Mhlawumbe nakhile phakathi kwethu; singenza kanjani isivumelwano nani na?”

8Bathi kuJoshuwa: “Siyizinceku zakho.”

UJoshuwa wathi kubo: “Ningobani, futhi nivelaphi na?”

9Bathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba siluzwile udumo lwakhe, nakho konke akwenzayo eGibithe, 10nakho konke akwenza kuwo amakhosi omabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani, eyayise-Ashitaroti. 11Amalunga ethu nabo bonke abakhileyo ezweni lakithi bakhuluma kithi, bathi: ‘Phathani ezandleni zenu umphako wendlela, niye nibahlangabeze, nithi kubo: “Siyizinceku zenu; manenze isivumelwano nathi.” ’ 12Lesi sinkwa somphako wethu sasithatha sisashisa ezindlini zethu ngosuku esaphuma ngalo ukuba siye kini; kepha manje, bhekani, sesomile, sikhuntile; 13lezi zimvaba zewayini esazigcwalisa zazizintsha; bhekani, seziklebhukile; lezi zingubo zethu nezicathulo zethu sezigugile ngenxa yendlela ende kakhulu.”

14Amadoda ayesethatha emphakweni wabo engabuzanga umlomo kaJehova. 15UJoshuwa wabethembisa ukuthula, wenza isivumelwano nabo ukuba baphile; izikhulu zenhlangano zafunga kubo.

16Kwathi emva kwezinsuku ezintathu sebesenzile isivumelwano nabo, bezwa ukuthi bangabakhelwane babo nokuthi bahlala phakathi kwabo. 17Abantwana bakwa-Israyeli base besuka, bafika emizini yabo ngosuku lwesithathu; imizi yabo yayiyiGibeyoni, neKefira, neBeroti, neKiriyati Jeharimi. 18Abantwana bakwa-Israyeli ababachithanga, ngokuba izikhulu zenhlangano zazifungile kubo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. Yonke inhlangano yakhonona ngezikhulu. 19Zonke izikhulu zase zithi kuyo yonke inhlangano: “Sifungile kubo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; ngalokho asinakubathinta manje. 20Siyakwenza lokho kubo, sibayeke baphile, funa sehlelwe lulaka ngenxa yesifungo esasifunga kubo.” 21Izikhulu zase zithi kubo: “Mabayekwe baphile; baba ngabagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo yonke inhlangano njengalokho izikhulu zazibatshelile.”

22UJoshuwa wababiza, wakhuluma kubo, wathi: “Nisikhohliseleni ngokuthi: ‘Sikude kakhulu nani,’ lokhu nakhile phakathi kwethu, na? 23Ngalokho seniqalekisiwe, akuyikunqamuka ukuvela kini izigqila, abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo indlu kaNkulunkulu wami.”

24Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Kungokuba izinceku zakho zatshelwa nokutshelwa ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wayala inceku yakhe uMose ukuba aninike izwe lonke, achithe bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu; ngalokho sesaba kakhulu ngokuphila kwethu ngenxa yenu, sakwenza lokho. 25Bheka, manje sesisesandleni sakho; okuhle nokulungile emehlweni akho ukuba ukwenze kithi, kwenze.”

26Wayesenze njalo kubo, wabophula esandleni sabantwana bakwa-Israyeli, baze bangababulali. 27UJoshuwa wabenza ngalolo suku abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo inhlangano nakulo i-altare likaJehova kuze kube namuhla endaweni abeyakuyikhetha.

UJoshuwa 9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzEnzo 7

Ukuziphendulela kukaStefanu

1Umpristi omkhulu wayesethi: “Nembala lokhu kunjalo na?”

2Yena wathi: “Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba u-Abrahama eseMesopotamiya, engakakhi eHarana, 3wathi kuye: ‘Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engizakukukhombisa lona.’

4“Khona waphuma ezweni lamaKaledi, waya wakha eHarana. Kwathi esefile uyise, uNkulunkulu wamsusa lapho, wamhlalisa kuleli zwe enakhe kulo nina manje. 5Kepha akamnikanga ifa kulo, ngisho nelingangonyawo, wathembisa kodwa ukuthi uzakumnika lona libe ngelakhe nelenzalo yakhe emva kwakhe, engakabi namntwana. 6UNkulunkulu wakhuluma kanje, wathi: ‘Inzalo yakhe izakuba ngumfokazi ezweni lezizwe; bayakuyenza izigqila, bayiphathe kabi iminyaka engamakhulu amane. 7Kepha leso sizwe abayakuba yizigqila kuso ngiyakusahlulela mina, washo uNkulunkulu, andukuba baphume, bangikhonze kule ndawo.’ 8Wayesemnika isivumelwano sokusoka; kanjalo-ke wazala u-Isaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili; u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili.

9“Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, bathengisa ngaye, wasiwa eGibithe; kodwa uNkulunkulu wayenaye, 10wamkhipha kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; yena wammisa abe ngumbusi eGibithe nakuyo yonke indlu yakhe.

11“Kepha kwafika indlala kulo lonke iGibithe nakwaKhanani, nokuhlupheka okukhulu; obaba kabafumana ukudla. 12UJakobe esezwile ukuthi kukhona ukudla eGibithe, wathuma obaba ngokokuqala; 13kwathi ngokwesibili uJosefa waziwa ngabafowabo; kwabonakala kuFaro isizwe sakubo kaJosefa. 14UJosefa wayesethumela wabiza uJakobe uyise nabakubo bonke, abantu abangamashumi ayisikhombisa nanhlanu. 15UJakobe wehlela eGibithe; wafa yena nawobaba. 16Bayiswa eSikemi, babekwa ethuneni alithenga u-Abrahama ngenani lesiliva kumadodana kaHamori eSikemi.

17“Kepha sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asisho ku-Abrahama, banda abantu, baba baningi eGibithe, 18kwaze kwavela enye inkosi eGibithe ebingamazi uJosefa. 19Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlupha obaba ngokubalahlisa izingane zabo zingaphili.

20“Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose, waba muhle kuNkulunkulu; wondliwa izinyanga ezintathu endlini kayise; 21eselahliwe, indodakazi kaFaro yamthola, yazondlela yena ukuba abe yindodana yayo. 22UMose wafundiswa ukuhlakanipha konke kwabaseGibithe; waba namandla ngamazwi nangemisebenzi yakhe.

23“Kuthe eseneminyaka engamashumi amane ezelwe, kwafika enhliziyweni yakhe ukuba abamele abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli. 24Wabona umuntu ephathwa kabi, wamvikela, wamphindisela ohlushwayo, wambulala owaseGibithe. 25Ubethemba ukuthi abafowabo bayakuqonda ukuthi uNkulunkulu ubanika ukusindiswa ngesandla sakhe; kepha abakuqondanga. 26Nangangomuso wafika kubo belwa, wazama ukubalamula, babuyisane, wathi: ‘Madoda, ningabazalwane; niphathanelani kabi na?’

27“Kepha lowo owayemona umakhelwane wakhe wamhlohloloza wathi: ‘Ubekwe ngubani ube ngumbusi nomahluleli phezu kwethu na? 28Usufuna ukungibulala nami, njengalokho ubulele owaseGibithe izolo na?’ 29Khona uMose wabaleka ngenxa yalelo zwi, waba ngumfokazi ezweni lakwaMidiyani, lapho azala khona amadodana amabili.

30“Kwathi sekuphelele iminyaka engamashumi amane, kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni. 31UMose ekubona wamangala ngalowo mbono; esasondela ukuba abhekisise, kwafika izwi leNkosi, lathi: 32‘NginguNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe.’ UMose wathuthumela, akaba nasibindi sokubhekisisa.

33“INkosi yayisithi kuye: ‘Khumula izicathulo ezinyaweni zakho, ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele. 34Ngikubonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibithe, ngizwile ukububula kwaso; sengehlile ukuba ngibakhiphe. Woza kalokhu, ngizakukuthumela eGibithe.’

35“UMose lowo abamalayo bethi: ‘Ubekwe ngubani ube ngumbusi nomahluleli na?’ nguyena amthumayo uNkulunkulu ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni, abe ngumbusi nomhlengi. 36Yena lowo wabakhipha enza izimangaliso nezibonakaliso ezweni laseGibithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane.

37“Nguye uMose lowo owathi kubantwana bakwa-Israyeli: ‘UNkulunkulu uyakunivusela umprofethi kubafowenu onjengami.’ 38Nguye lowo owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma naye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, nowamukela amazwi okuphila, ukuze aninike wona.

39“Kepha obaba abavumanga ukumlalela, kodwa bamhlohloloza, babuyela emuva eGibithe ngezinhliziyo zabo, 40bathi ku-Aroni: ‘Senzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu; ngokuba uMose lowo owasikhipha ezweni laseGibithe, asazi ukuba wehlelwe yini.’ 41Benza ithole ngaleyo mihla, baletha umhlatshelo esithombeni, bajabula ngemisebenzi yezandla zabo. 42Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabadedela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaprofethi ukuthi:

“ ‘Naningilethela iminikelo nemihlatshelo

iminyaka engamashumi amane ehlane

nina ndlu ka-Israyeli na?

43Qha, nathatha itende likaMoloki

nenkanyezi kankulunkulu uRemfani,

imifanekiso enayenza ukuba nikhuleke kuyo.

Ngiyakunimukisela ngaphambili kweBabiloni.’

44“Kwakukhona itende lobufakazi kobaba ehlane njengalokho akuyalayo yena owakhuluma noMose ukuba alenze ngomfanekiso abewubonile; 45obaba benoJoshuwa balamukela, balingenisa ezweni lezizwe azixoshayo uNkulunkulu ebusweni bawobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide 46owathola umusa ebusweni bukaNkulunkulu, wacela ukufunela uNkulunkulu kaJakobe idokodo. 47Kepha nguSolomoni owamakhela indlu.

48“Kodwa oPhezukonke akahlali ezindlini ezenziwe ngezandla njengokusho komprofethi ukuthi:

49“ ‘Izulu liyisihlalo sami sobukhosi,

nomhlaba uyisenabelo sezinyawo zami;

ngenjani indlu eniyakungakhela yona,’ isho iNkosi,

‘noma yiyiphi indawo yami

yokuphumula na?

50Isandla sami asikwenzanga

konke lokho na?’

51“Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani. 52Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe, 53nina enamukela umthetho ngokuyala kwezingelosi, kepha aniwugcinanga.”

Ukufa kukaStefanu

54Kwathi bekuzwa lokho, bahlabeka ezinhliziyweni, bamgugudela amazinyo. 55Kepha yena egcwele uMoya oNgcwele wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu, 56wathi: “Bheka, ngibona izulu livuliwe, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.”

57Base bekhamuluka ngezwi elikhulu, bavala izindlebe, batheleka kuye kanyekanye, 58bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa egama layo linguSawulu.

59UStefanu bamkhanda ngamatshe ekhuleka ethi: “Nkosi Jesu, yamukela umoya wami.” 60Wayeseguqa phansi, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nkosi, ungababaleli lesi sono.” Eseshilo lokho walala ubuthongo.

IzEnzo 8

USawulu uzingela amakholwa

1Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe.

Ngalolo suku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa. 2Amadoda akholwayo ammbela uStefanu, amkhalela isililo esikhulu. 3Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni.

UFiliphu ushumayela eSamariya

4Abahlakazekileyo base behamba, beshumayela izwi levangeli. 5UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKristu. 6Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakhulunywa nguFiliphu, zizwa, zibona izibonakaliso azenzayo. 7Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abakhwelwa yibo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa; 8kwaba khona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi.

USimoni oyisanusi

9Kepha kwakukhona indoda ethile, nguSimoni igama layo, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, isimangalisa isizwe saseSamariya, izishaya umuntu omkhulu; 10banamathela kuye bonke kusukela kwabancinyane kuze kube kwabakhulu, bethi: “Lo ungamandla kaNkulunkulu abizwa ngokuthi Makhulu,” 11babenamathela kuye, ngokuba ebamangalisile isikhathi eside ngemilingo yakhe. 12Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane. 13Naye uSimoni wakholwa; wathi esebhapathiziwe, wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyenziwayo.

14Kwathi ukuba abaphostoli baseJerusalema bezwe ukuthi iSamariya lilamukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo oPetru noJohane; 15sebehlele khona babakhulekela ukuba bamukele uMoya oNgcwele, 16ngokuba wayengakehleli nakoyedwa kubo; kodwa babesabhapathiziwe egameni leNkosi uJesu kuphela. 17Khona babeka izandla phezu kwabo; base bamukela-ke uMoya oNgcwele.

18Kepha uSimoni, ebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya, waletha imali kubo, 19wathi: “Ngipheni nami lawo mandla, ukuze yilowo nalowo engibeka izandla phezu kwakhe amukele uMoya oNgcwele.”

20Kepha uPetru wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali. 21Awunasabelo nalifa kuleli zwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu. 22Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse eNkosini, ingabe ungathethelelwa yini isizindlo senhliziyo yakho, 23ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo nasekuboshweni kokubi.”

24USimoni wayesephendula ethi: “Nginxuseleni nina eNkosini, ukuze kungehleli lutho kimi lwalokho enikushiloyo.”

25Kuthe sebefakazile, belikhulumile izwi leNkosi, babuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya.

Ukuphenduka kwenduna yase-Etiyopiya

26Kepha ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehlela eGaza; yona iyihlane.” 27Wayesesuka wahamba. Bheka, nansi indoda yase-Etiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe inkosikazi yase-Etiyopiya, ebiphezu kwengcebo yayo yonke, ebifikile eJerusalema izakukhuleka; 28ibisibuya, ihlezi enqoleni yayo, ifunda umprofethi u-Isaya. 29UMoya wathi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kuleyo nqola.”

30UFiliphu wayesegijimela kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda kambe lokhu okufundayo na?”

31Yona yathi: “Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na?” Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo.

32Kepha isahlukwana sombhalo ebisifunda yilesi esithi:

“Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu;

njengewundlu elithule phambi komgundi walo

kanjalo kawuvulanga umlomo wakhe.

33Ekuthobeleni kwakhe

ukwahlulelwa kwakhe kwasuswa.

Ngubani ongalanda ngesizukulwane sakhe na?

Ngokuba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni.”

34Kepha umthenwa wathatha wathi kuFiliphu: “Ngiyacela, umprofethi ukhuluma lokho ngobani na? Uzisho yena noma omunye na?” 35UFiliphu wavula umlomo wakhe, eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu.

36Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini. Umthenwa wathi: “Bheka, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na?” 37UFiliphu wathi kuye: “Uma ukholwa ngenhliziyo yonke, kungenziwa.”

Waphendula wathi: “Ngiyakholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu.” 38Wayala ukuba inqola ime. Behlela emanzini bobabili, uFiliphu nomthenwa; wambhapathiza. 39Kwathi sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza. 40Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wafika eKesariya.

IzEnzo 9

Ukuphenduka nokubhapathizwa kukaSawulu

1Kepha uSawulu esafutha ngokusongela nokubulala abafundi beNkosi, waya kumpristi omkhulu, 2wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni,* kuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe. 3Kepha ekuhambeni kwakhe, esesondela eDamaseku, kwambaneka masinyane nxazonke ukukhanya okuvela ezulwini. 4Wawa phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.”

5Wayesethi: “Ungubani, Nkosi?”

Yathi: “Mina nginguJesu omzingelayo wena; 6kodwa vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokhu omelwe ukukwenza.”

7Kepha amadoda ayehamba naye ayemi engenakukhuluma, ngokuba ezwa izwi kodwa ayengaboni muntu. 8USawulu wayesevuka phansi; kepha esevulile amehlo akhe, kabonanga lutho. Base bembamba ngesandla, bamyisa eDamaseku. 9Izinsuku zaba ntathu engaboni, engadli, engaphuzi.

10Kwakukhona eDamaseku umfundi othile, igama lakhe lingu-Ananiya; iNkosi yathi kuye ngombono: “Ananiya!”

Yena wathi: “Ngikhona, Nkosi.”

11INkosi yayisithi kuye: “Suka uye esitaladini esithiwa Siqondile, ufune endlini kaJuda umuntu ogama lakhe linguSawulu waseTarsu; ngokuba bheka, uyakhuleka; 12ubonile indoda, igama layo lingu-Ananiya, ingena, ibeka izandla phezu kwakhe ukuba abone.”

13Kepha u-Ananiya waphendula wathi: “Nkosi, ngizwile ngabaningi ngaleyo ndoda konke okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema; 14nalapha unamandla avela kubapristi abakhulu okubopha bonke abakhuleka egameni lakho.”

15INkosi yayisithi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwa-Israyeli, 16ngokuba mina ngizakumbonisa konke amelwe ukuhlushwa ngakho ngenxa yegama lami.”

17Khona wahamba u-Ananiya, wangena endlini, wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu umzalwane, iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.” 18Kwawa masinyane emehlweni akhe kwangathi inkwethu, wabona, wasukuma, wabhapathizwa; 19esedlile wathola amandla.

USawulu ushumayela eDamaseku naseJerusalema

Wahlala nabafundi baseDamaseku izinsuku ezithile. 20Masinyane washumayela emasinagogeni* ngoJesu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu. 21Kepha bamangala bonke abezwayo, bathi: “Lo asiye yini owachitha eJerusalema abakhuleka kulelo gama, nalapha uze ngalokhu ukuba abaqhube beboshiwe kubapristi abakhulu na?” 22Kodwa uSawulu wakhula kakhulu emandleni, wahlula abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lowo unguKristu.

23Sekudlule izinsuku eziningi, abaJuda benza icebo lokuba bambulale. 24Kepha icebo labo laziwa nguSawulu. Babemhlalela nasemasangweni imini nobusuku ukuba bambulale. 25Abafundi base bemthatha ebusuku, bamehlisa ogangeni, bemewula ngeqoma.

26Esefikile eJerusalema wazama ukuzihlanganisa nabafundi; kepha bonke bamesaba, bengakholwa ukuthi ungumfundi. 27Kodwa uBarnaba wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ngokuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi ikhulumile kuye, nokuthi eDamaseku wayeshumayele ngesibindi ngegama likaJesu. 28Wayenabo eJerusalema, engena ephuma, eshumayela ngesibindi ngegama leNkosi, 29ekhuluma ephikisana nabaJuda abakhuluma isiGreki; bona bazama ukumbulala. 30Abazalwane sebekwazi lokho bamehlisela eKesariya, bamthumela eTarsu.

31Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.

UPetru uphilisa u-Eneya

32Kwathi uPetru ehambela izindawo zonke, wehlela nakwabangcwele abakhe eLida. 33Wafumana khona umuntu othile ogama lakhe lingu-Eneya, owayeselele ecansini iminyaka eyisishiyagalombili efe uhlangothi. 34Khona uPetru wathi kuye: “Eneya, uJesu Kristu uyakuphilisa; vuka, wendlule icansi lakho.” Wayesevuka masinyane. 35Bambona bonke abakhe eLida naseSarona, baphendukela eNkosini.

UPetru uvusa uThabitha kwabafileyo

36EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa; yena wayenemisebenzi eminingi emihle nokwabela abampofu izipho. 37Kwathi ngalezo zinsuku wagula, wafa; sebemgezile bambeka ekamelweni eliphezulu. 38Kepha iLida laliseduze neJopha; ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPetru ukhona lapho, bathuma kuye amadoda amabili emncenga ethi: “Ungalibali ukuza kithi.” 39Wayesesuka uPetru, wahamba nabo. Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; abafelokazi bonke beza kuye bekhala, bembonisa izambatho nezingubo abezenzile uDorka esenabo.

40Kepha uPetru wabakhipha bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, waphendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wayesevula amehlo akhe, wabona uPetru, walulama. 41Yena wambamba ngesandla, wamsukumisa. Wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephilile. 42Kwezwakala lokho kulo lonke iJopha; abaningi bakholwa yiNkosi. 43Wayesehlala izinsuku eziningi eJopha kwaSimoni umshuki.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU