Bible Society of South Africa

To The Word – Day 53

Deuteronomy 32–34, Hebrews 3*, Psalm 1

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UDuteronomi 32

Ihubo lokuvalelisa kukaMose

1“Bekani indlebe nina mazulu, ngiyakukhuluma;

umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.

2Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula,

inkulumo yami ichiche njengamazolo,

njengomkhizo ohlazeni,

nanjengezihlambi etshanini,

3ngokuba ngiyakumemezela igama likaJehova:

mnikeni uNkulunkulu wethu ubukhulu.

4“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele,

ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga;

unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala;

ulungile, uqotho yena.

5“Bonile kuye;

abasibo abantwana bakhe, kuyisici sabo;

bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.

6UJehova nimvuza kanjalo

nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile na?

Akasiye uyihlo owakudala na?

Wakwenza, wakubumba.

7“Khumbula izinsuku zasendulo,

ubheke iminyaka yezizukulwane ngezizukulwane;

buza kuyihlo, uyakukulandisa,

nasemalungeni akho, akutshele.

8Lapho oPhezukonke wazinika izizwe ifa lazo,

lapho wahlukanisa abantwana babantu,

wamisa imikhawulo yezizwe

njengokomumo wabantwana bakwa-Israyeli.

9Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe;

uJakobe uyisiqephu sefa lakhe.

10“Wamfumana ezweni eliyihlane,

nasoqwatheni lomkhulungwane kwahlongasibi,

wamzungeza, wamnakekela,

wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.

11Njengokhozi olunyakazisa isidleke salo,

lubhakuza phezu kwamazinyane alo,

wawelula amaphiko akhe, wabathatha,

wabathwala ngezimpaphe zakhe.

12UJehova yedwa wamhola,

akwabakho unkulunkulu wabezizwe naye.

13“Wamkhwelisa ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba,

wadla izithelo zamasimu,

wammuncisa izinyosi edwaleni,

namafutha eweni lensengetsha,

14namangqanga ezinkomo,

nobisi lwezimvu,

namafutha amawundlu,

nezinqama zohlobo lwaseBashani,

nezimbuzi,

namanoni omongo kakolweni;

egazini lezithelo zomvini waphuza iwayini.

15“UJeshuruni wayesekhuluphala,

wakhaba;

usukhuluphele, uzimukile,

uchachambile;

wayesemshiya uNkulunkulu owamenza,

walidelela iDwala lensindiso yakhe.

16Bamvusela umhawu ngawonkulunkulu babezizwe,

bamthukuthelisa ngezinengiso.

17“Bahlabela amademoni angesibo onkulunkulu,

onkulunkulu ababengabazi,

onkulunkulu abasha,

abasand'ukuqhamuka,

ababengesatshwa ngoyihlo.

18IDwala elakuzalayo awusalinakekeli,

ukhohliwe uNkulunkulu owakudalayo.

19“UJehova wakubona,

wanengwa yibo,

ngenxa yokuncokoloza kwamadodana akhe

namadodakazi akhe.

20Wayesethi:

‘Ngiyakubafihlela ubuso bami,

ngibone ukugcina kwabo ukuthi kuyakuba yini;

ngokuba bayisizwe esiphambeneyo,

abantwana okungekho kubo ukukholwa.

21Bangivusele umhawu ngokungesiye uNkulunkulu,

bangithukuthelisile ngamaze abo;

ngiyakubavusela umhawu ngabangesiso isizwe,

ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.

22Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami;

uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi,

uqede umhlaba nezithelo zawo,

wokhele izisekelo zezintaba.

23“ ‘Ngiyakubanqwabelela izinhlupheko,

ngiqedele imicibisholo yami phezu kwabo.

24Bayakuphela indlala,

baqedwe ngukushisa komzimba,

nayisifo esibuhlungu,

ngibathumele amazinyo ezilwane,

kanye nesihlungu sezikhasayo othulini.

25Ngaphandle inkemba iyakwaphuca,

ingebhe phakathi emakamelweni:

izinsizwa nezintombi,

oncelayo kanye nempunga.

26Bengiyakuthi: “Ngiyakubaphephula,

ngiqede inkumbulo yabo kubantu,”

27uma bengingesabi ukuncokoloza kwezitha,

funa abamelene nabo baduke,

funa bathi: “Isandla sethu siphakeme,

uJehova akenzanga konke lokhu.” ’

28“Ngokuba bayisizwe esimasu aso aphelile,

akukho ukuqonda kubo.

29Sengathi nga behlakaniphile

ukuba bakuqonde lokho,

bazindle ngokugcina kwabo.

30Emunye angaxosha kanjani inkulungwane;

ababili bangabhengula kanjani

izinkulungwane eziyishumi,

uma iDwala labo lingathengisanga ngabo,

uJehova ebengabakhapheli, na?

31Ngokuba idwala labo alinjengeDwala lethu;

nezitha zethu ziyakubona.

32Ngokuba umvini wabo

ungumvini waseSodoma

nowamasimu aseGomora;

izithelo zabo ziyizithelo zenyongo,

amahlukuzo abo amunyu;

33iwayini labo liyisihlungu sawodrako,*

lingubuthi obesabekayo bamabululu.

34Lokho akubekelelwe kimina,

kunamathelisiwe engcebeni yami na?

35Ngeyami impindiselo nembuyiselo

ngesikhathi sokushelela konyawo lwabo,

ngokuba usuku lwabo lwengozi selusondele,

izinto abazilungiselweyo ziyakuphuthuma.

36“Ngokuba uJehova uyakubahlulela abantu bakhe,

azihawukele izinceku zakhe,

lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile,

kungekho omunye ovalelweyo noma okhululekileyo.

37Uyakuthi: ‘Baphi onkulunkulu babo,

idwala ababephephela kulo,

38ababedla amanoni emihlatshelo yabo,

beliphuza iwayini

lomnikelo wabo wokuphuzwa, na?

Mabavuke, banisize,

babe yisivikelo senu.

39“ ‘Bonani manje ukuthi mina,

yebo, mina nginguye,

akakho unkulunkulu ngaphandle kwami;

mina ngiyabulala, besengiphilisa,

ngilimazile, kepha ngiyakupholisa;

akakho ongophula esandleni sami.

40Ngokuba ngiyaphakamisela isandla sami ezulwini,

ngithi: Mina ngiyaphila kuze kube phakade:

41uma ngilola inkemba yami ebenyezelayo,

nesandla sami sibambelela ekwahluleleni,

ngiyakubuyisela impindiselo kwabamelene nami,

ngibaphindisele abangizondayo.’

42“Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi,

inkemba yami idle inyama,

ngegazi lababuleweyo nelabathunjwa,

kuqala kuwo amakhanda abaholi bezitha.

43Yenanelani abantu bakhe nina zizwe,

ngokuba uyakuphindisela igazi lezinceku zakhe,

abuyisele impindiselo kwabamelene naye,

enzele izwi lakhe nabantu bakhe ukubuyisana.”

44UMose wafika wakhuluma onke amazwi aleli hubo ezindlebeni zabantu, yena noJoshuwa indodana kaNuni. 45UMose eseqedile ukukhuluma onke lawa mazwi kubo bonke abakwa-Israyeli 46wathi kubo: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alo mthetho. 47Ngokuba akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”

48UJehova wayesekhuluma kuMose ngalona lolo suku, ethi: 49“Khuphukela entabeni yase-Abarimi, intaba yaseNebo esezweni lakwaMowabi, emalungana neJeriko, ulibheke izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli ukuba libe yifa labo, 50ufele kuleyo ntaba okhuphukela kuyo, ubuthelwe kubantu bakini, njengalokho u-Aroni umfowenu wafela entabeni yaseHori, wabuthelwa kubantu bakubo, 51ngokuba naphambuka kimi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ngasemanzini aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini, lokhu ningangingcwelisanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli. 52Uyakulibona izwe phambi kwakho, kepha awuyikungena khona, izwe engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli.”

UDuteronomi 32ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UDuteronomi 33

UMose ubusisa izizwe zakwa-Israyeli

1Nasi isibusiso uMose, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantwana bakwa-Israyeli, engakafi; wathi:

2“UJehova wavela eSinayi,

wabaphumela evela eSeyiri,

wanyampuza entabeni yasePharanu,

weza ephuma ezigidini zendawo engcwele;

ngakwesokunene sakhe kwavutha umlilo.

3Yebo, uyazithanda izizwe,

bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho;

bahlala ngasezinyaweni zakho,

bamukele okwamazwi akho.

4UMose wasiyaleza umthetho,

ifa lenhlangano kaJakobe.

5Waba yinkosi eJeshuruni,

lapho izinhloko zabantu zazibuthene,

zonke izizwe zakwa-Israyeli zindawonye.

6“Makaphile uRubeni, angafi;

amadoda akhe abe ngumumo omkhulu.”

7Nalokhu wathi ngoJuda:

“Yizwa, Jehova, izwi likaJuda,

umlethe kubantu bakubo;

izandla zakho mazimlwele,

ube lusizo kwabamelene naye.”

8NgoLevi wathi:

“AmaThumimi nama-Urimi* akho

akuye othembekileyo wakho,

owamvivinya eMasa,

owaphikisana naye ngasemanzini aseMeriba,

9owathi ngoyise nangonina: ‘Angibabonanga,’

angabavuma futhi abafowabo,

angabazi abantwana bakhe,

ngokuba baliqaphele izwi lakho,

bagcina isivumelwano sakho.

10Bafundisa uJakobe izahlulelo zakho,

no-Israyeli umthetho wakho;

babeka impepho phambi kwamakhala akho,

nomnikelo oshiswa wonke e-altare lakho.

11Busisa, Jehova, amandla akhe,

uyamukele imisebenzi yezandla zakhe;

sicila ukhalo lwabo abamvukelayo,

nolwabamzondayo, ukuba bangaphindi bavuke.”

12NgoBenjamini wathi:

“Othandiweyo kaJehova uyakuhlala

elondwa nguye;

uyamsibekela usuku lonke,

ahlale phakathi kwamahlombe akhe.”

13NgoJosefa wathi:

“Izwe lakhe malibusiswe nguJehova

ngamagugu asezulwini, nangamazolo,

nangotwa olwenabileyo phansi,

14nangamagugu ezithelo zelanga,

nangamagugu ezinhlamvu zenyanga,

15nangezinto ezinqabileyo zezintaba zamandulo,

nangamagugu amagquma angunaphakade,

16nangamagugu omhlaba nokugcwala kwawo,

nangentando enhle yowahlala esihlahleni;

isibusiso masifike ekhanda likaJosefa

nasokhakhayini lowahlukaniswa nabafowabo.

17Izibulo lenkunzi yakhe liludumo lwakhe,

nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe;

uyakuqhubukusha ngazo izizwe zonke ekugcineni komhlaba;

zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi,

zinjalo izinkulungwane zakwaManase.”

18NgoZebuloni wathi:

“Yenama, Zebuloni, ekuphumeni kwakho,

nawe Isakare, ematendeni akho.

19Bayakubizela izizwe entabeni,

bahlabele khona imihlatshelo yokulunga;

ngokuba bayakumunca inala yezilwandle,

nengcebo ethukusiweyo yesihlabathi.”

20NgoGadi wathi:

“Makabusiswe owandisa uGadi:

uhlezi njengengonyamakazi,

udwengula ingalo nokhakhayi.

21Wazikhethela isabelo sokuqala,

ngokuba sasigodliwe lapho isabelo somahluleli;

wahamba nezinhloko zabantu,

wafeza ukulunga kukaJehova,

nezahlulelo zakhe kanye no-Israyeli.”

22NgoDani wathi:

“UDani uyibhongo lengonyama, elixhumayo, liphuma eBashani.”

23NgoNafetali wathi:

“Nafetali, wanelisiwe ngomusa,

ugcwele isibusiso sikaJehova:

yidla wena intshonalanga neningizimu.”

24Ngo-Asheri wathi:

“U-Asheri makabusiswe phezu kwabantwana,

amukeleke kubafowabo,

acwilise unyawo lwakhe emafutheni.

25Imigoqo yakho iyakuba ngeyensimbi neyethusi,

nanjengezinsuku zakho oba njalo amandla akho.

26“Akakho ofana noNkulunkulu, Jeshuruni,

okhwela izulu ukuyokusiza,

nomkhathi ngokuphakama kwakhe.

27UNkulunkulu wasendulo uyisiphephelo,

nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade;

wazixosha izitha phambi kwakho,

wathi: ‘Chitha.’

28U-Israyeli usehlezi elondekile;

umthombo kaJakobe wahlukene wodwa

ezweni lamabele nelewayini;

yebo, amazulu akhe aconsisa amazolo.

29Ubusisiwe wena Israyeli;

ngubani ofana nawe,

isizwe esisindisiwe nguJehova

oyisihlangu sosizo lwakho,

oyinkemba yakho ephakanyisiweyo.

Izitha zakho ziyakuzithobela wena,

unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.”

UDuteronomi 33ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UDuteronomi 34

Ukufa kukaMose

1UMose wakhuphuka emathafeni akwaMowabi, waya entabeni yaseNebo esiqongweni sasePisiga esimalungana neJeriko. UJehova wamtshengisa izwe lonke lakwaGileyadi kwaze kwaba kwaDani, 2noNafetali wonke, nezwe lakwa-Efrayimi, nelakwaManase, nezwe lonke lakwaJuda kwaze kwaba selwandle lwasentshonalanga, 3neNingizimu, nethafa lesigodi saseJeriko umuzi wamasundu kwaze kwabaseSowari. 4UJehova wathi kuye: “Nanti izwe engalifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: ‘Ngiyakunika lona inzalo yakho.’ Ngikubonise lona ngamehlo akho, kepha awuyikuwela khona.”

5Wayesefela khona ezweni lakwaMowabi uMose inceku kaJehova njengezwi likaJehova. 6Wammbela esigodini sasezweni lakwaMowabi malungana neBeti Peyori, kepha akukho muntu olaziyo ithuna lakhe kuze kube namuhla. 7UMose wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili ekufeni kwakhe; iso lakhe lalingafiphele, amandla akhe ayengakanciphi. 8Abantwana bakwa-Israyeli bamkhalela uMose emathafeni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu; zaphela-ke izinsuku zokukhala ekumlileleni uMose.

9UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebekile izandla zakhe phezu kwakhe; abantwana bakwa-Israyeli bamlalela-ke, benza njengalokho uJehova emyalile uMose.

10Akuvelanga ngasemuva kwa-Israyeli umprofethi onjengoMose, owazana noJehova ubuso nobuso 11ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke amthumela uJehova ukuba azenze ezweni laseGibithe kuFaro, nakuzo zonke izinceku zakhe, nakulo lonke izwe lakubo, 12nangesandla sonke esinamandla nangayo yonke ingebhe enkulu akwenza uMose emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli.

UDuteronomi 34ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KumaHeberu 3

UKristu mkhulu kunoMose, eyindodana yasendlini

1Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu, 2owayethembeka kuyena owammisayo, njengoMose naye wayenjalo endlini yakhe yonke. 3Ngokuba lowo kwathiwa ufanele inkazimulo enkulu kunoMose, njengalokhu oyakhileyo indlu unodumo olukhulu kunendlu. 4Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu. 5UMose kambe wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa, 6kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni.

Abakholwayo mabangadeleli izwi lakhe

7Ngalokho njengokusho kukaMoya oNgcwele ukuthi:

“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,

8ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni

ngosuku lokulingwa ehlane,

9lapho oyihlo bangilinga bengihlola,

noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;

10ngalokho nganengwa yileso sizukulwane,

ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo,

abazazanga izindlela zami,’

11ngaze ngafunga ekuthukutheleni kwami,

ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami.’ ”

12Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo; 13kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono, 14ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni. 15Uma kuthiwa:

“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,

ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu

njengasekucunuleni,”

16pho-ke, yibaphi abezwayo bacunula na? Akusibo bonke abaphuma eGibithe ngoMose na? 17Yibaphi-ke anengwa yibo iminyaka engamashumi amane na? Kwakungesibo abonayo, abazidumbu zabo zawa ehlane na? 18Yibaphi afunga kubo ngokuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, uma kungesibo abangalalelanga na? 19Siyabona-ke ukuthi babengenakungena ngenxa yokungakholwa kwabo.

KumaHeberu 3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 1

INCWADI YOKUQALA

Amahubo 1 – 41

Indlela yabalungileyo nendlela yababi

1Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi,

ongemi endleleni yezoni,

ongahlali enkundleni yabaklolodayo,

2kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova,

ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.

3Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi,

othela isithelo sawo ngesikhathi sawo,

oqabunga lawo lingabuni,

nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.

4Ababi abanjalo,

kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya.

5Ngalokho ababi abayikuma ekwahlulelweni,

nezoni ebandleni labalungileyo.

6Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo,

kodwa indlela yababi yobhubha.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU