Bible Society of South Africa

To The Word – Day 51

Deuteronomy 26–28, Mark 12–14

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UDuteronomi 26

Ulibo

1“Kuyakuthi lapho usufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle, wakhe kulo, 2uthathe ulibo lwezithelo zonke zomhlaba olubuthayo ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo. 3Uyakuya kumpristi oyakuba khona ngalezo zinsuku, uthi kuye: ‘Ngiyabika namuhla kuJehova uNkulunkulu wakho ukuthi sengifikile ezweni uJehova alifungela obaba ukusinika lona.’ 4Umpristi uyakuthatha iqoma esandleni sakho, alibeke phansi phambi kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wakho. 5Wena uyakuphendula, uthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: ‘Ubaba wayengumAramu ozulayo, wehlela eGibithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe khona, esikhulu, nesinamandla, nesiningi; 6abaseGibithe basiphatha kabi, basihlupha, basithwesa ubugqili obulukhuni; 7sase sikhala kuJehova uNkulunkulu wawobaba, uJehova walizwa izwi lethu, wabona ukuhlupheka kwethu, nomshikashika wethu, nokucindezelwa kwethu; 8uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, nangezenzo ezesabekayo nezinkulu, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, 9wasiletha kule ndawo, wasinika leli zwe, izwe elivame ubisi nezinyosi. 10Manje-ke, bheka, sengilethile ulibo lwezithelo zomhlaba onginike wona wena Jehova;’ bese wukubeka phansi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ukhuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, 11wename ngakho konke okuhle uJehova uNkulunkulu wakho akunikile khona wena nendlu yakho, wena nomLevi, nomfokazi ophakathi kwakho.

Okweshumi

12“Lapho uqedile ukuthatha okweshumi kwezithelo zakho ngomnyaka wesithathu ongumnyaka wokweshumi, usumnike uLevi khona, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ukuba badle phakathi kwamasango akho, basuthe, 13uyakuthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: ‘Ngikhiphile izinto ezingcwele endlini yami, ngamnika zona uLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi njengayo yonke imiyalo ongiyale ngayo; angiweqanga nowodwa wemiyalo yakho, futhi angiyikhohlwanga. 14Angikudlanga ekulileni kwami, angisusanga lutho ngingcolile, anginikelanga ngakho kofileyo; ngilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngenzile njengakho konke ongiyale ngakho. 15Bheka phansi usezindlini zakho ezingcwele ezulwini, ubusise abantu bakho u-Israyeli nomhlaba osinike wona njengokufunga kwakho kobaba, izwe elivame ubisi nezinyosi.’

16“Namuhla uJehova uNkulunkulu wakho uyakuyala ukwenza lezi zimiso nezahlulelo; ngalokho wozigcina, uzenze ngayo yonke inhliziyo yakho. 17Umqinisele namuhla uJehova ukuthi uyakuba nguNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nililalele izwi lakhe; 18uJehova ukuqinisele namuhla ukuthi uyakuba yisizwe senzuzo yakhe njengokukwethembisa kwakhe, ugcine yonke imiyalo yakhe, 19ukuze akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe azenzileyo ngokubongwa, nangegama, nangodumo, ube yisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho njengokusho kwakhe.”

UDuteronomi 26ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UDuteronomi 27

Izibhebhe zamatshe zomthetho

1UMose namalunga akwa-Israyeli bayala abantu, bathi: “Gcinani yonke imiyalo esiniyala ngayo namuhla. 2Kuyakuthi mhla niwela iJordani ukuya ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, uzimisele amatshe amakhulu, uwanameke ngodaka, 3ulobe kuwo amazwi onke alo mthetho, nxa usuwelile ukuba ungene ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, izwe elivame ubisi nezinyosi njengokukwethembisa kukaJehova uNkulunkulu wawoyihlo. 4Kuyakuthi lapho seniliwelile iJordani, nimise lawa matshe enginiyala ngawo namuhla entabeni yase-Ebali, uwanameke ngodaka. 5Uyakumakhela khona uJehova uNkulunkulu wakho i-altare, i-altare lamatshe, ungawaphakamiseli into yensimbi. 6Uyakwakha i-altare likaJehova uNkulunkulu wakho ngamatshe apheleleyo, unikele kulo ngeminikelo yokushiswa kuJehova uNkulunkulu wakho, 7uhlabe iminikelo yokuthula, udle khona, wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho. 8Uyakuloba ematsheni onke amazwi alo mthetho, uwaqophisise kahle.”

9UMose nabapristi bamaLevi bakhuluma kuwo wonke u-Israyeli, bathi: “Thula, ulalele, Israyeli: namuhla sewuyisizwe sikaJehova uNkulunkulu wakho. 10Ngalokho wolilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.”

Izibusiso neziqalekiso zabakwa-Israyeli

11UMose wayala abantu ngalona lolo suku, wathi:

12“Laba bayakuma entabeni yaseGerizimu ukubusisa abantu, lapho seniwelile iJordani: oSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noJosefa, noBenjamini; 13laba bayakuma entabeni yase-Ebali babe ngabokuqalekisa: oRubeni, noGadi, no-Asheri, noZebuloni, noDani, noNafetali.

14“AmaLevi ayakuphendula, athi kuwo onke amadoda akwa-Israyeli ngezwi elikhulu:

15“ ‘Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe ezibaziweyo nesibunjiweyo, isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise ngasese.’

“Bonke abantu bayakuphendula bathi: ‘Amen.’

16“ ‘Makaqalekiswe odelela uyise noma unina.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

17“ ‘Makaqalekiswe osusa isikhonkwane somakhelwane wakhe.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

18“ ‘Makaqalekiswe ophundula impumputhe endleleni.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

19“ ‘Makaqalekiswe ophendukezela isahlulelo somfokazi, nesentandane, nesomfelokazi.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

20“ ‘Makaqalekiswe olala nomkayise, ngokuba wambulile umphetho wengubo kayise.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

21“ ‘Makaqalekiswe olala nesilwane.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

22“ ‘Makaqalekiswe olala nodadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

23“ ‘Makaqalekiswe olala nomkhwekazi.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

24“ ‘Makaqalekiswe obulala umakhelwane wakhe ngasese.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

25“ ‘Makaqalekiswe owamukela umvuzo ukuba abulale ongenacala, achithe igazi lakhe.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

26“ ‘Makaqalekiswe ongawaqinisi amazwi alo mthetho ukuba awenze.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

UDuteronomi 27ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UDuteronomi 28

Izibusiso neziqalekiso

1“Kuyakuthi uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba. 2Zonke lezi zibusiso ziyakufika phezu kwakho, zikufice, uma ulilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.

3“Uyakubusiswa emzini, ubusiswe nasensimini.

4“Iyakubusiswa inzalo yesisu sakho, nezithelo zomhlaba wakho, nenzalo yezilwane zakho, nesanda sezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho.

5“Kuyakubusiswa iqoma lakho, nomkhombe wakho wokuxova isinkwa.

6“Uyakubusiswa ekungeneni kwakho, ubusiswe nasekuphumeni kwakho.

7“UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; ziyakukuhlasela ngandlelanye, zikubalekele ngezindlela eziyisikhombisa.

8“UJehova uyakuyala isibusiso sibe phezu kwakho ezinqolobaneni zakho nakukho konke obeka kukho isandla sakho, akubusise ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.

9“UJehova uyakukumisa ube yisizwe esingcwele kuye njengokufunga kwakhe kuwe, uma uyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe. 10Bonke abantu bomhlaba bayakubona ukuthi ubiziwe ngegama likaJehova, bakwesabe. 11UJehova uyakukwandisela okuhle: inzalo yesisu sakho, nenzalo yezinkomo zakho, nezithelo zomhlabathi wakho ezweni uJehova alifungela oyihlo ukukunika lona.

12“UJehova uyakukuvulela indlu yakhe yengcebo, izulu, anise imvula yezwe lakho ngesikhathi sayo, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho; uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo. 13UJehova uyakukwenza ube yinhloko, ungabi ngumsila; woba phezulu kuphela, ungabi ngaphansi, uma uyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho engikuyala ngayo namuhla ukuba uyigcine, uyenze, 14nalapho ungaphambuki nakulo elilodwa lamazwi engikuyala ngawo namuhla ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukulandela abanye onkulunkulu ukuba ubakhonze.

15“Kuyakuthi uma ungalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uqaphele ukwenza yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso zikwehlele, zikufice.

16“Uyakuqalekiswa emzini, uqalekiswe nasensimini.

17“Iqoma lakho liyakuqalekiswa, kuqalekiswe nomkhombe wakho wokuxova isinkwa.

18“Inzalo yesisu sakho iyakuqalekiswa, nezithelo zomhlabathi wakho, nesanda sezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho.

19“Uyakuqalekiswa ekungeneni kwakho, uqalekiswe nasekuphumeni kwakho.

20“UJehova uyakukwehlisela isiqalekiso, nokuphaphatheka, nokusolwa, kukho konke obeka isandla sakho kukho ukuba ukwenze, uze uchithwe, ubhubhe ngokushesha ngenxa yobubi bezenzo zakho ongidelele ngazo. 21UJehova uyakunamathelisa kuwe isifo, aze akuqede ezweni ongena kulo ukulidla. 22UJehova uyakukushaya ngesifuba, nangomkhuhlane, nangesivuvushisa somzimba, nangokushisa okukhulu, nangenkemba, nangokuhamuka, nangesikhutha; kuyakukuxosha uze uphele. 23Izulu lakho eliphezu kwakho liyakuba yithusi, umhlaba ophansi kwakho ube yinsimbi. 24UJehova uyakwenza imvula yezwe lakho ibe ngumsizi nothuli; kuyakwehla ezulwini, kufike phezu kwakho, uze ubhujiswe.

25“UJehova uyakwenza ukuba ubulawe phambi kwezitha zakho, uzihlasele ngandlelanye, uzibalekele ngezindlela eziyisikhombisa phambi kwazo, ube yingebhe emibusweni yonke yomhlaba. 26Isidumbu sakho siyakuba ngukudla kwezinyoni zonke zezulu nokwezilwane zomhlaba; akuyikubakho ozihebezayo. 27UJehova uyakukushaya ngamathumba aseGibithe, nangamaqhubu, nangomuna, nangokhwekhwe ongenakuphulukiswa kukho. 28UJehova uyakukushaya ngobuhlanya, nangobumpumputhe, nangokugcwaneka, 29uphumputhe emini njengempumputhe iphumputha ebumnyameni; awuyikuphumelela ezindleleni zakho, uyakucindezelwa kuphela, uphangwe; akuyikubakho muntu wokukusindisa.

30“Uyakuganwa ngumfazi, omunye umuntu alale naye; uyakwakha indlu, ungahlali kuyo; uyakutshala isivini, ungazikhi izithelo zaso. 31Inkabi yakho iyakuhlatshwa emehlweni akho, ungayidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa ebusweni bakho, ingabuyiselwa kuwe; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, kungabikho okusindisayo. 32Amadodana akho namadodakazi akho ayakunikwa ezinye izizwe, amehlo akho abheke, aphele ngokuwalangazelela lonke usuku, kungabikho lutho emandleni esandla sakho. 33Izithelo zomhlabathi wakho nayo yonke imisebenzi yakho kuyakudliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe 34ukuba ugcwaneke ngokubonwa ngamehlo akho oyakukubona. 35UJehova uyakukushaya emadolweni akho nasemilenzeni ngamathumba amabi ongenakuphulukiswa kuwo, kusukela ematheni onyawo lwakho kuze kufike okhakhayini lwakho.

36“UJehova uyakuyisa wena nenkosi oyibeke phezu kwakho kuso isizwe ongasazi, wena nawoyihlo, ukhonze lapho abanye onkulunkulu, imithi namatshe. 37Uyakuba yisimangaliso, nesaga, nesifenqo phakathi kwezizwe zonke lapho uJehova eyakukuyisa khona.

38“Uyakuphuma nembewu eningi, uye ensimini, ubuthe okuyingcosana, ngokuba kuyakudliwa yisikhonyane. 39Uyakutshala izivini, uzisebenze, kepha awuyikuliphuza iwayini, ungabuthi izithelo zomvini, ngokuba umswenya uyakuzidla. 40Uyakuba neminqumo phakathi kwemikhawulo yakho yonke, ungazigcobi nokho ngamafutha, ngokuba izithelo zeminqumo yakho ziyakuvuthuluka. 41Uyakuzala amadodana namadodakazi, kepha awayikuba ngawakho, ngokuba ayakuthunjwa. 42Yonke imithi yakho nezithelo zomhlabathi wakho kuyakudliwa yisikhonyane.

43“Umfokazi ophakathi kwakho uyakuphakama phezu kwakho njalonjalo, wena wehle njalonjalo. 44Uyakukutsheleka wena, awuyikumtsheleka yena; yena uyakuba yinhloko, wena ube ngumsila.

45“Zonke lezi ziqalekiso ziyakukwehlela, zikuxoshe, zikufice, uze ubhujiswe, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe abekuyala ngakho, 46zibe phezu kwakho isibonakaliso nesimangaliso, naphezu kwenzalo yakho kuze kube phakade. 47Lokhu ungamkhonzanga uJehova uNkulunkulu wakho ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo ngenxa yobuningi bezinto, 48uyakuzikhonza izitha zakho uJehova ayakuzithuma kuwe ngokulamba, nangokoma, nangobunqunu, nangokuswela izinto zonke, abeke ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.

49“UJehova uyakukuthumela isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba njengokundiza kokhozi, isizwe ongayikuqonda ulimi lwaso, 50isizwe esinobuso obujamayo, esingayikunakekela ubuso bomdala, singabi namusa komusha. 51Siyakuyidla inzalo yezinkomo zakho, nezithelo zomhlabathi wakho, uze ubhujiswe, singakushiyeli amabele, noma iwayini, noma amafutha, noma isanda sezinkomo zakho, noma amazinyane ezimvu zakho, aze akuqede. 52Siyakukuvimbezela kuwo onke amasango akho, zize ziwe izingange zakho owazethembayo ezweni lakho lonke, sikuvimbezele kuwo onke amasango akho ezweni lakho lonke uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona.

53“Uyakudla inzalo yesakho isisu, inyama yamadodana akho neyamadodakazi akho uJehova uNkulunkulu wakho akunike wona ekuvinjezelweni nasekuxinekeni izitha zakho eziyakukuxina ngakho. 54Umuntu othambileyo notetemayo phakathi kwenu, iso lakhe liyakuba libi kumfowabo, nakumkakhe osesifubeni sakhe, nakuyo insali yabantwana bakhe abaseleyo, 55ukuba angabaniki inyama yabantwana bakhe abadlayo ngokuba engasalelwanga lutho olunye ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo onke amasango akho. 56Owesifazane othambileyo notetemayo phakathi kwenu obengenasibindi sokubeka amathe onyawo lwakhe emhlabathini ngenxa yokutetema nokuthambeka, iso lakhe liyakuba libi endodeni esesifubeni sakhe, nasendodaneni yakhe, nasendodakazini yakhe, 57nakumzanyama wakhe ophuma phakathi kwezinyawo zakhe, nakubantwana bakhe ayakubazala, ngokuba uyakubadla ngasese ekusweleni kwakhe ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo onke amasango akho.

58“Uma ungaqapheli ukuwenza onke amazwi alo mthetho alotshiwe kule ncwadi ukuba ulesabe igama lakhe elidumisekayo nelesabekayo elithi UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO, 59uJehova uyakwenza izifo zakho ukuba zimangalise, kanye nezifo zenzalo yakho, izifo ezinkulu ezihlala isikhathi eside nokugula okubi okuhlala isikhathi eside. 60Uyakubuyisela phezu kwakho zonke izifo zaseGibithe owazesabayo, zinamathele kuwe. 61Konke ukugula nazo zonke izifo okungalotshiwe encwadini yalo mthetho, lokho uJehova uyakukukhweza phezu kwakho, uze ubhujiswe. 62Niyakushiywa nibe yingcosana, ingani naningangezinkanyezi zezulu ngobuningi, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho. 63Kuyakuthi njengalokho uJehova wayejabula ngani ukunenzela okuhle nokunandisa, kanjalo uJehova ajabule ngani ukwenza ukuba nibhubhe, niqothulwe, nisishulwe ezweni eningena kulo ukulidla.

64“UJehova uyakukuhlakazela phakathi kwabantu bonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye uhlangothi lomhlaba, ukhonze lapho abanye onkulunkulu ongabaziyo, wena nawoyihlo, imithi namatshe. 65Phakathi kwalezo zizwe awuyikuthola ukuthula, kungabikho kuphumula ematheni onyawo lwakho, kepha uJehova uyakukunika khona inhliziyo eqhaqhazelayo, nokuphela kwamehlo, nokudangala komphefumulo, 66ukuphila kwakho kujikiswa phambi kwakho, wesabe ubusuku nemini, ungabe usaba nethemba ngokuphila kwakho; 67ekuseni uyakuthi: ‘Sengathi ngabe kukusihlwa,’ nakusihlwa uyakuthi: ‘Sengathi ngabe kusekuseni,’ ngenxa yengebhe yenhliziyo yakho oyakuba nayo nagenxa yokubonwa ngamehlo akho oyakukubona. 68UJehova uyakukubuyisela eGibithe ngemikhumbi ngendlela engasho ngayo kuwe ukuthi: ‘Awusayikuyibona futhi.’ Lapho niyakuzithengisa ezitheni zenu nibe yizigqila nezigqilakazi, ningathengwa muntu kodwa.”

UDuteronomi 28ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMarku 12

Umfanekiso wabalimi besivini

(Math. 21:33; Luk. 20:9)

1Wayeseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe. 2Ngenkathi efaneleyo wayesethuma inceku kubalimi ukuba ithathe kubalimi ezithelweni zesivini. 3Bayibamba, bayishaya, bayimukisa ze. 4Waphinda wathuma kubo enye inceku; yona bayilimaza ekhanda, bayithuka. 5Wathuma enye futhi; yona bayibulala, nezinye eziningi: ezinye bazishaya, ezinye bazibulala.

6“Kwase kusele umuntu munye, indodana ethandekayo; yona wayithuma kubo ekugcineni, ethi: ‘Bayakuyazisa indodana yami.’

7“Kepha labo balimi bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, ifa libe ngelethu.’ 8Base beyibamba bayibulala, bayiphonsa ngaphandle kwesivini.

9“Uzakwenzani umninisivini na? Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asinike abanye. 10Aniwufundanga yini lo mbhalo othi:

“ ‘Itshe abalinqabayo abakhi

lona laba yinhloko yegumbi;

11lona lavela eNkosini;

liyisimangaliso emehlweni ethu,’ na?”

12Base befuna ukumbamba, kepha besaba isixuku; ngokuba bazi ukuthi ukhulume lo mfanekiso ngabo. Base bemshiya bamuka.

Intela kaKesari

(Math. 22:15; Luk. 20:19)

13Khona abanye babaFarisi nabakaHerode bathunyelwa kuye ukuba bamhile ngezwi. 14Beza bathi kuye: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu, kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso. Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha? Sithele nokuba singatheli na?”

15Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu,* ngimbone.” 16Bamletha. Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?”

Bathi kuye: “NgokaKesari.”

17UJesu wathi kubo: “Nikani uKesari okukaKesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”

Bamangala ngaye.

Ukuvuka kwabafileyo

(Math. 22:23; Luk. 20:27)

18Khona kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza bathi: 19“Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu, eshiya umkakhe engashiyi mntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo. 20Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa, owokuqala wathatha umfazi; wafa engashiyanga nzalo. 21Nowesibili wamthatha; naye wafa engashiyanga nzalo; kanjalo nowesithathu. 22Abayisikhombisa kabashiyanga nzalo. Ekugcineni kwabo bonke kwafa nomfazi. 23Ekuvukeni mhla bevukayo uyakuba ngumkabani kubo, lokhu abayisikhombisa babe naye engumkabo, na?”

24UJesu wathi kubo: “Angithi nidukile ngenxa yokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na? 25Ngokuba mhla bevuka kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini. 26Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa anifundanga yini encwadini kaMose ngesihlahla ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: ‘NginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe,’ na? 27Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo. Nidukile kakhulu.”

Umyalo wokuqala

(Math. 22:34)

28Kwase kusondela omunye wababhali owayebezwile bebuzana, eqonda ukuthi wayebaphendule kahle, wambuza wathi: “Ngumuphi umyalo wokuqala kuyo yonke na?”

29UJesu waphendula wathi: “Owokuqala ngowokuthi: ‘Yizwa, iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye. 30Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho.’ 31Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Awukho omunye umyalo omkhulu kunale.”

32Umbhali wayesethi kuye: “Yebo, Mfundisi, ushilo ngeqiniso ukuthi yinye, ayikho enye ngaphandle kwayo; 33futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.”

34UJesu embona ukuthi uphendule ngokuqonda, wathi kuye: “Awukude nombuso kaNkulunkulu.” Akwabe kusabakho onesibindi sokumbuza.

UMesiya nemvelo yakhe

(Math. 22:41; Luk. 20:41)

35Khona uJesu efundisa ethempelini wabuza wathi: “Basho kanjani ababhali ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na? 36UDavide uqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele ukuthi:

“ ‘INkosi yathi eNkosini yami:

“Hlala ngakwesokunene sami,

ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.” ’

37“UDavide uqobo lwakhe umbiza ngokuthi iNkosi. Pho, uyindodana yakhe kanjani na?”

Ukusolwa kwababhali

(Math. 23:1; Luk. 20:45)

Isixuku esikhulu sasimuzwa ngokujabula.

38Ekufundiseni kwakhe wathi: “Xwayani ababhali abathanda ukuhamba bembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini, 39nezihlalo eziphambili emasinagogeni,* nezindawo ezingenhla ekudleni, 40abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.”

Umnikelo womfelokazi

(Luk. 21:1)

41Wayesehlala phansi maqondana nomphongolo womnikelo, wabuka isixuku sibeka umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babeka kakhulu. 42Kwase kufika umfelokazi ompofu wabeka amafadingi* amabili okuyisitebela.*

43Wayesebabiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubekile kakhulu kunabo bonke ababeke emphongolweni, 44ngokuba bonke babeka kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke anakho, konke abephila ngakho.”

NgokukaMarku 12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMarku 13

Ukuchithwa kweJerusalema nokufika kweNdodana yomuntu

(Math. 24:1; Luk. 21:5)

1Kuthe ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Mfundisi, bheka amatshe anjani nezakhiwo ezinjani!”

2UJesu wathi kuye: “Uyabona lezi zakhiwo ezinkulu na? Akuyikushiywa itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”

3Esahlezi eNtabeni Yeminqumo maqondana nethempeli, oPetru noJakobe noJohane no-Andreya bambuza bebodwa, 4bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakufezeka konke lokhu, na?”

5Khona uJesu waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Qaphelani ningadukiswa muntu. 6Kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye,’ badukise abaningi. 7Nxa nizwa izimpi namahemuhemu ezimpi, ningethuki; kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki. 8Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona indlala; lokhu kungukuqala kwemihelo.

9“Kepha ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emiphakathini; niyakushaywa emasinagogeni;* niyakumiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo. 10Kepha ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke. 11Uma beniqhuba, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; ngokuba kakunina enikhulumayo kodwa nguMoya oNgcwele.

12“Khona umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni noyise umntanakhe, yebo, abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale. 13Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.

14“Kepha nxa nibona amanyala encithakalo emi lapho kungafanele khona – ofundayo makaqaphele – khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, 15ophezu kwendlu angehli, angangeni ukuyothatha utho endlini yakhe, 16osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. 17Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! 18Khulekani ukuba kungabi sebusika. 19Ngokuba lezo zinsuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudalwa akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje, nolungasayikuba khona. 20Uma iNkosi ibingazifinyezi lezo zinsuku, bekungesindiswe muntu, kepha ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha yazifinyeza lezo zinsuku. 21Khona-ke uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKristu,’ noma: ‘Bhekani, nanguya,’ ningakholwa. 22Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise abakhethiweyo, uma kungenzeka. 23Kepha qaphelani nina; senginitshele konke ngaphambili.

24“Kodwa ngalezo zinsuku emva kwalolo sizi ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya, 25nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa. 26Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini, inamandla amakhulu nenkazimulo. 27Lapho iyakuthuma izingelosi, iqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu.

28“Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithamba, lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze. 29Kanjalo nani, nxa nibona lokhu kwenzeka, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango. 30Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke lokhu. 31Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awayikudlula.

32“Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo, nazingelosi ezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela. 33Qaphelani, nilinde, ngokuba anisazi isikhathi ukuthi siyakuba nini. 34Kunjengomuntu owahambela kwelinye izwe; washiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo, wayala umlindisango ukuba alinde.

35“Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi inkosi yendlu iyakufika nini, noma ngokuhlwa, noma phakathi kobusuku, noma ngokukhala kwezinkuku, noma ekuseni, 36funa ifike ngokuzuma, inifumane nilele. 37Kepha lokhu engikusho kini ngikusho kubo bonke, ngithi: ‘Lindani.’ ”

NgokukaMarku 13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMarku 14

Jesu ugcotshwa eBethaniya

(Math. 26:1,6; Luk. 22:1; Joh. 12:1)

1Emva kwezinsuku ezimbili kwaba khona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abapristi abakhulu nababhali bafuna isu lokumbamba ngobuqili, bambulale. 2Ngakho bathi: “Makungabi ngomkhosi, kungaze kube khona isiyaluyalu esizweni.”

3Kwathi eseBethaniya endlini kaSimoni owayenochoko, ehlezi ekudleni, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabaste* wamafutha enadi* lodwa elibiza kakhulu; wachoboza umfuma wathela amafutha ekhanda lakhe.

4Kepha kwakukhona abanye abakhuluma bodwa ngokuthukuthela, bethi: “Kwenzelweni lokho kuchithwa kwamafutha na? 5Ngokuba lawa mafutha nga ethengisiwe ngawodenariyu* abangaphezu kwamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu.” Bamthukuthelela kakhulu.

6Kepha uJesu wathi: “Myekeni; nimhluphelani na? Usebenzile umsebenzi omuhle kimi. 7Ngokuba abampofu ninabo njalo; nanini, uma nithanda, ningabenzela okuhle: kepha mina aninami njalo. 8Wenzile abengakwenza; wandulele ukuwugcobela umzimba wami ukumbelwa. 9Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona ivangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”

Umvuzo wokumkhaphela uJesu

(Math. 26:14; Luk. 22:3)

10UJuda Iskariyothe, omunye wabayishumi nambili, wayeseya kubapristi abakhulu ukuba amkhaphele kubo. 11Sebezwile bathokoza, bathembisa ukumnika imali. Wayesefuna ithuba lokumkhaphela.

Ukumiswa kwesidlo esingcwele

(Math. 26:17; Luk. 22:7; Joh. 13:21)

12Ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo okwakuhlatshwa ngalo iphasika abafundi bakhe bathi kuye: “Uthanda ukuba siye silungiselephi ukuba udle iphasika na?”

13Wayesethuma ababili kubafundi bakhe, wathi kubo: “Hambani niye emzini; khona nizakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni. 14Lapho engena khona, anothi kumninindlu: ‘Uthi uMfundisi: Iphi indlu yami, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na?’ 15Yena uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elendlelweyo, lilungisiwe; silungiseleni khona.”

16Bahamba abafundi bafika emzini, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo; base belungisa iphasika.

17Kusihlwa wafika nabayishumi nambili. 18Sebehlezi ekudleni, uJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini, odla nami, uzakungikhaphela.”

19Baqala ukudabuka, bathi kuye ngamunye: “Kungaba yimi na?”

20Wathi kubo: “Ngomunye wabayishumi nambili, okha kanye nami esitsheni. 21INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga.”

22Kwathi besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.”

23Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika; baphuza kuso bonke.

24Wathi kubo: “Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi. 25Ngiqinisile ngithi kini: Angisayikuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo sisisha embusweni kaNkulunkulu.”

26Kwathi sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo.

27UJesu wathi kubo: “Nonke nizakukhubeka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zihlakazeke.’ 28Kepha emva kokuvuswa kwami ngiyakunandulela ukuya eGalile.”

29UPetru wathi kuye: “Noma beyakukhubeka bonke, hhayi mina.”

30UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namhlanje ngalobu busuku, lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu.”

31Kepha waqinisa ngamandla, wathi: “Noma ngingaze ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Basho njalo bonke.

EGetsemane

(Math. 26:36; Luk. 22:39)

32Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka.” 33Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukuba novalo nosizi. 34Wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde.”

35Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye lo mzuzu. 36Wathi: “Aba, Baba, konke kungenzeka kuwe; ake ususe kimi lesi sitsha, kepha kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.”

37Wayeseza, wabafumana belele; wathi kuPetru: “Simoni, ulele na? Ubungelinde ihora libe linye na? 38Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.”

39Wabuye wasuka waya kukhuleka, esho lona lelo zwi. 40Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima; babengazi ukuthi bazakumphendula ngokuthini.

41Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula. Kwanele, ihora lifikile; bhekani, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni. 42Sukumani sihambe. Bhekani, ongikhaphelayo usesondele.”

Ukuboshwa kukaJesu nokuthethwa kwecala phambi kompristi omkhulu

(Math. 26:47; Luk. 22:47; Joh. 18:2)

43Khona masinyane esakhuluma, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu nababhali namalunga. 44Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mbambeni, nihambe naye, nimqinise.”

45Esefikile wasondela kuye masinyane, wathi: “Rabi!” Wamanga. 46Base bembeka izandla, bambamba. 47Omunye kwababemi khona wahosha inkemba, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe.

48UJesu wathatha wathi kubo: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba. 49Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, anangibamba; kepha nga kugcwaliseka imibhalo.” 50Bamshiya bonke, babaleka.

51Insizwa ethile yamlandela yembethe indwangu nje emzimbeni; bayibamba. 52Yayisiyishiya indwangu, yabaleka ze.

53Base bemusa uJesu kumpristi omkhulu; kwabuthana bonke abapristi abakhulu namalunga nababhali. 54UPetru wamlandela ekude, waze wangena egcekeni lompristi omkhulu; wayehlezi kanye nezikhonzi otha umlilo.

55Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuba bambulale, kepha ababufumananga. 56Ngokuba abaningi bafakaza amanga ngaye, kepha ubufakazi babo abuhlangananga.

57Kwasukuma abathile, bafakaza amanga ngaye, bathi: 58“Thina simzwile ethi: ‘Ngiyakulidiliza leli thempeli elenziwe ngezandla, ngakhe ngezinsuku ezintathu elinye elingenziwe ngezandla.’ ” 59Nakuba kunjalo ubufakazi babo abuhlangananga.

60Kwase kusukuma umpristi omkhulu phakathi kwabo, wambuza uJesu, wathi: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?” 61Kepha wathula, akaphendula lutho. Umpristi omkhulu wabuye wambuza, wathi kuye: “UnguKristu, iNdodana yoBongekayo na?”

62Wathi uJesu: “Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.”

63Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Sisaswelelani ofakazi na? 64Senikuzwile ukuhlambalaza; nithini na?”

Bamlahla bonke ngokuthi ufanele ukufa. 65Abanye base beqala ukumkhafulela ngamathe nokumgubuzela ubuso nokumdushuza, bathi kuye: “Profetha.” Nezikhonzi zamthatha zammukula.

Ukuphika kukaPetru

(Math. 26:69; Luk. 22:54; Joh. 18:17,25)

66UPetru esesegcekeni ngaphansi, kwafika enye yamantombazana ompristi omkhulu, 67yambona uPetru otha, yambheka, yathi: “Nawe ubunoJesu waseNazaretha.”

68Kepha waphika wathi: “Angikwazi, yebo, angikuzwisisi okushoyo;” waphumela enkundleni; lakhala iqhude.

69Intombazana imbona yabuye yaqala ukusho kwababemi khona ukuthi: “Lona ungomunye wabo.” 70Kepha waphinda waphika.

Emva kwesikhashana futhi ababemi khona bathi kuPetru: “Nempela ungomunye wabo, ngokuba ungowaseGalile.”

71Wayeseqala ukuthuka nokufunga, ethi: “Angimazi lowo muntu enikhuluma ngaye.”

72Lase likhala masinyane iqhude ngokwesibili. UPetru wayesekhumbula izwi abelishilo kuye uJesu lokuthi: “Iqhude lingakakhali kabili, uzakungiphika kathathu;” wakhala nokukhala izinyembezi.

NgokukaMarku 14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU