Bible Society of South Africa

To The Word – Day 48

Deuteronomy 11–15, Mark 9

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UDuteronomi 11

Ukuqhubeka kwesiyalezo sokulalela imiyalo kaJehova

1“Ngalokho wothanda uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine imfanelo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke. 2Yazini namuhla ngokuba angikhulumi kubantwana benu abangazanga nabangabonanga ukulaya kukaJehova uNkulunkulu wenu ubukhulu bakhe, nesandla sakhe esinamandla, nengalo yakhe eyeluliweyo, 3nezibonakaliso zakhe, nezenzo zakhe owazenza phakathi kweGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe nakulo lonke izwe lakhe, 4nowakwenzayo kuyo impi yaseGibithe, nakuwo amahhashi abo, nakuzo izinqola zabo, nokwenza kwakhe ukuba amanzi oLwandle Olubomvu abaminzise ekunixosheni kwabo, nokubabhubhisa kukaJehova kuze kube namuhla, 5nowakwenzayo kuwe ehlane naze nafika kule ndawo, 6nowakwenzayo kuDathani naku-Abiramu amadodana ka-Eliyabe kaRubeni ukuthi umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nabendlu yabo, namatende abo, nayo yonke imfuyo eyabalandelayo phakathi kwabo bonke abakwa-Israyeli. 7Ngokuba amehlo enu abonile zonke izenzo ezinkulu zikaJehova azenzileyo.

8“Ngalokho niyakugcina yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba nibe namandla, ningene nilidle izwe eniwela ukuya kulo ukulidla, 9nokuba nandise izinsuku zenu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona nenzalo yabo, izwe elivame ubisi nezinyosi. 10Ngokuba izwe ongena kulo ukulidla alinjengezwe laseGibithe enaphuma kulo, lapho wahlwanyela khona imbewu yakho, wayinisela ngonyawo lwakho njengesivande semifino, 11kepha izwe eniya kulo ukulidla liyizwe lezintaba nelezigodi, liphuza amanzi emvula yezulu, 12izwe elinakekelwa nguJehova uNkulunkulu wakho; amehlo kaJehova uNkulunkulu wakho akulo njalo, kusukela ekuqaleni komnyaka kuze kube sekupheleni komnyaka.

13“Kuyakuthi uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu, 14ngiyakuninika imvula yezwe lakini ngesikhathi sayo, imvula yokuqala nemvula yamuva, ukuba ubuthe amabele akho, newayini lakho, namafutha akho. 15Ngiyakunika izinkomo zakho utshani emadlelweni akho; uyakudla, usuthe.

16“Xwayani funa inhliziyo ikhohliswe, niphambuke, nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo, 17intukuthelo kaJehova inivuthele, avale izulu, ukuze kungabikho mvula, izwe lingabe lisathela izithelo zalo, niphele masinyane ezweni elihle uJehova aninika lona. 18Niyakuwabeka lawa mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe abe luphawu esandleni senu, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu. 19Niyakuwafundisa abantwana benu, ukhulume ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka. 20Uyakuwaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho 21ukuba zandiswe izinsuku zakho nezinsuku zabantwana benu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona, njengezinsuku zezulu phezu komhlaba.

22“Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ngazo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye, 23uJehova uyakuzixosha zonke lezi zizwe phambi kwenu, nizidle izizwe ezinkulu nezinamandla kunani. 24Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebanoni naseMfuleni, umfula u-Ewufrathe, kuze kube selwandle olungasemuva, lube ngumkhawulo wenu. 25Akuyikubakho muntu ongema phambi kwenu; uJehova uNkulunkulu wenu uyakubeka ingebhe novalo ngani ezweni lonke eniyakunyathela kulo, njengalokho akhuluma kini.

26“Bheka, ngibeka phambi kwakho namuhla isibusiso nesiqalekiso, 27isibusiso, uma niyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla, 28nesiqalekiso, uma ningayilaleli imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, kepha niphambuka endleleni enginiyala ngayo namuhla, ukulandela abanye onkulunkulu eningabaziyo.

29“Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni oya kulo ukulidla, usibeke isibusiso entabeni yaseGerizimu nesiqalekiso entabeni yase-Ebali. 30Angithi ziphesheya kweJordani ngalaphaya kwendlela yasentshonalanga ezweni lamaKhanani ahlala e-Araba, malungana neGiligali ngaseceleni kwama-oki* aseMore na? 31Ngokuba niyakuwela iJordani, ningene ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona, nilidle, nihlale kulo. 32Niyakugcina ukuzenza zonke izimiso nezahlulelo engizibeka phambi kwenu namuhla.

UDuteronomi 11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UDuteronomi 12

Ukumkhonza uJehova kumelwe ukuba kube sendaweni eyodwa

1“Lezi ziyizimiso nezahlulelo eniyakugcina ukuzenza ezweni uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akunike lona ukuba ulidle zonke izinsuku zokuphila kwenu emhlabeni. 2Niyakuchitha nokuchitha zonke izindawo, lapho izizwe eniyakuzidla zazikhonza khona onkulunkulu bazo ezintabeni eziphakemeyo, nasemadulini, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, 3niwadilize ama-altare azo, niziphohloze izinsika zazo, nibashise o-Ashera* bazo ngomlilo, nizinqume izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo, nesule igama lazo kuleyo ndawo.

4“Nina aniyikwenze njalo kuJehova uNkulunkulu wenu. 5Kodwa indawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba abeke igama lakhe kuyo, leyo ndlu yakhe niyakuyifuna, nize kuyo, 6nilethe khona iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wenu wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu, neminikelo yenu yesihle, namazibulo ezinkomo zenu nawezimvu zenu, 7nidle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nename kukho konke enibeka kukho isandla senu, nina nabendlu yenu, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ngakho.

8“Aniyikwenza njengezinto zonke esizenzayo lapha namuhla, kube yilowo nalowo njengokulungile emehlweni akhe, 9ngokuba anikafiki ekuphumuleni nasefeni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona. 10Kepha lapho niwela iJordani, nihlale ezweni uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona libe yifa lenu, aniphumuze ezitheni zenu zonke nxazonke ukuba nihlale nilondekile, 11kuyakuthi kuleyo ndawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale khona igama lakhe, niyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa kuJehova; 12niyakwenama phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, namadodakazi enu, nezinceku zenu, nezincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa kini. 13Xwaya ukuba unganikeli ngeminikelo yakho yokushiswa ezindaweni zonke ozibonayo, 14kepha kuleyo ndawo uJehova ayakuyikhetha kwesinye sezizwe zakho, uyakunikela lapho ngeminikelo yakho yokushiswa, wenze khona konke engikuyala ngakho.

15“Nokho ungahlaba, udle inyama ngaphakathi kwawo onke amasango akho njengesifiso somphefumulo wakho nanjengesibusiso sikaJehova uNkulunkulu wakho akuphe sona; ongcolileyo nohlambulukileyo bangadla kukho njengokwensephe nokwendluzele. 16Kuphela igazi aniyikulidla; uyakulithulula emhlabeni njengamanzi. 17Ungekudle ngaphakathi kwamasango akho okweshumi kwamabele akho, noma okwewayini lakho, noma okwamafutha akho, noma okwamazibulo ezinkomo zakho, noma awezimvu zakho, noma izithembiso zakho ozenzayo, noma iminikelo yakho yesihle, noma umnikelo wokuphakanyiswa wesandla sakho, 18kepha ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kukho konke obeka kukho isandla sakho. 19Xwaya ukuba ungameyisi umLevi isikhathi sonke sokuhlala kwakho ezweni lakho.

20“Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakwandisa umkhawulo wakho njengokukwethembisa kwakhe, uze uthi: ‘Ngiyakudla inyama,’ lokhu umphefumulo wakho ufisa ukudla inyama, ungayidla inyama njengesifiso sonke somphefumulo wakho. 21Uma indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba abeke kuyo igama lakhe ikude nawe, uyakuhlaba emhlambini wakho nasezimvini zakho akunike khona uJehova, njengalokho ngakuyala, udle phakathi kwamasango akho njengesifiso somphefumulo wakho. 22Njengalokhu kudliwa insephe nendluzele, uyakukudla kanjalo; ongcolileyo nohlambulukileyo bayakudla ngokufananayo. 23Qaphela kuphela ukuba ungalidli igazi, ngokuba igazi lingumphefumulo; awuyikuwudla umphefumulo kanye nenyama. 24Ungalidli; lithulule emhlabeni njengamanzi. 25Ungalidli ukuba kube kuhle nakubantwana bakho emva kwakho, lapho wenza okulungile emehlweni kaJehova.

26“Izinto zakho ezingcwele onazo nezithembiso zakho wozithatha, uye endaweni ayakuyikhetha uJehova, 27unikele ngeminikelo yakho yokushiswa, inyama negazi, e-altare likaJehova uNkulunkulu wakho, igazi lemihlatshelo yakho lithululwe phezu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wakho, wena uyidle inyama. 28Qaphela, uzwe onke lawa mazwi engikuyala ngawo ukuba kube kuhle kuwe nakubantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, lapho wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.

29“Nxa uJehova uNkulunkulu wakho eyakuzinquma izizwe ngaphambi kwakho, lapho ungena khona ukuzidla, nanxa usuzidlile wahlala ezweni lakubo, 30xwaya ukuba ungacushwa ukuzilandela sezichithiwe phambi kwakho, ungabuzi ngawonkulunkulu bazo, uthi: ‘Lezi zizwe zikhonza kanjani onkulunkulu bazo na? Nami ngiyakwenza kanjalo.’ 31Awuyikwenze njalo kuJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba zenzile konkulunkulu bazo konke okuyisinengiso kuJehova akuzondayo, lokhu ziwashisela ngomlilo onkulunkulu bazo amadodana azo namadodakazi azo.

32“Konke enginiyala ngakho, anoqaphela ukuba nikwenze; awuyikuthasisela kukho, futhi ungakunciphisi.

UDuteronomi 12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UDuteronomi 13

Isixwayiso ngabaprofethi bamanga nokukhonza izithixo

1“Uma kuvuka phakathi kwakho umprofethi, noma umphuphi wamaphupho, akunike isibonakaliso nesimangaliso, 2isibonakaliso noma isimangaliso akhulume ngaso kuwe besesenzeka, athi: ‘Masilandele abanye onkulunkulu ongabaziyo, sibakhonze,’ 3awuyikulalela amazwi alowo mprofethi, noma lowo mphuphi wamaphupho, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakulinga ukuba azi ukuthi uyathanda yini uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho na? 4Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye. 5Lowo mprofethi noma lowo mphuphi wamaphupho wobulawa, ngokuba ukhulumile okunihlubukisa uJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe, wakuhlenga endlini yobugqila, ukuba akuphambukise endleleni uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ukuba uhambe ngayo. Uyakukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.

6“Uma umfowenu, indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho osesifubeni sakho, noma umngane wakho onjengomphefumulo wakho ekuyenga ngasese, ethi: ‘Masiye ukukhonza abanye onkulunkulu ongabaziyo,’ wena nawoyihlo, 7onkulunkulu babantu abakuzungezayo, beseduze nawe noma bekude nawe, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye uhlangothi lomhlaba, 8awuyikumvumela, ungamlaleli; iso lakho aliyikumhawukela, ungamyeki, ungamfihli, 9kepha wombulala impela; isandla sakho siyakuba phezu kwakhe kuqala ukumbulala, ngasemuva isandla sabantu bonke. 10Uyakumkhanda ngamatshe ukuba afe, ngokuba uzamile ukukuhlubukisa uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila. 11U-Israyeli wonke uyakuzwa, esabe, angabe esabenza ububi obunjalo njengalobo obuphakathi kwakho.

12“Uma uyakuzwa ngomunye wemizi yakho uJehova uNkulunkulu wakho akupha wona ukuba wakhe kuwo, kuthiwa: 13Abantu abathile abonakeleyo baphumile phakathi kwakho, bahlubukisile abomuzi wabo ngokuthi: ‘Masiye sikhonze abanye onkulunkulu eningabaziyo,’ 14wobuza, uphenye, ubuzisise; bheka, uma kuyiqiniso, leyo nto iqinisekile ukuthi isinengiso esinjalo senziwe phakathi kwakho, 15woshaya nokushaya abantu balowo muzi ngosiko lwenkemba, uwuchithe impela, nakho konke okuphakathi kwawo, nezinkomo zawo, ngosiko lwenkemba. 16Uyakuyibuthela yonke impango yawo phakathi nesigcawu sawo, uwushise umuzi ngomlilo, nayo yonke impango yawo, ibe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova uNkulunkulu wakho, ube yinxiwa njalo, ungabe usakhiwa futhi. 17Akuyikunamathela lutho lokuqalekisiweyo esandleni sakho ukuba uJehova aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, akuphathe ngomusa, abe nesihe kuwe, akwandise, njengalokho afunga koyihlo, 18nxa ulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, wenze okulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.

UDuteronomi 13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UDuteronomi 14

Izilwane ezihlambulukileyo nezingcolileyo

1“Ningabantwana bakaJehova uNkulunkulu wenu; aniyikuzisika, ningaziphuculi phezu kwamehlo enu ngenxa yabafileyo. 2Ngokuba ningabantu abangcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; uJehova unikhethile nibe yisizwe senzuzo yakhe ngaphezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.

3“Ungadli into enengekayo. 4Nazi izilwane eningazidla: inkomo, nemvu, nembuzi, 5nendluzele, nensephe, nenxala, nempala, nempalampala, newula, negogo. 6Ningadla nezilwane ezahlukanisa inselo, ezidabula inselo kabili, ezetshisayo kuzo izilwane. 7Nokho lezi aniyikuzidla kwezetshisayo nakuzo ezidabula inselo: ikamela, nonogwaja, nembila, ngokuba ziyetshisa, zingahlukanisi kodwa inselo; zingcolile kini; 8nengulube, ngokuba iyahlukanisa inselo, ingetshisi kodwa; ingcolile kini; aniyikuyidla inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo.

9“Lezi ningazidla kuzo zonke ezisemanzini: zonke ezinamaphiko nezingcwecwe; 10zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe ningezidle; zingcolile kini.

11“Ningadla kuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo. 12Kodwa yilezi eningayikudla kuzo: ukhozi, nenqe, nengqungqulu, 13nesiphungumangathi, noheshe, nonhloyile ngezinhlobo zakhe, 14nawo onke amagwababa ngezinhlobo zawo, 15nentshe, nenkovana, nenkanku, noklebe ngezinhlobo zakhe, 16nesikhova, nomxwagele, nefukezi, 17nevuba, nophalane, nomphishamanzi, 18nonogolantethe, nonozalizingwenya ngezinhlobo zakhe, noziningweni, nelulwane.

19“Nezilwanyana zonke ezinamaphiko zingcolile kini: azinakudliwa. 20Kepha ezinyonini zonke ezihlambulukileyo ningadla.

21“Aniyikudla lutho lwengcuba; ungamnika umfokazi ophakathi kwamasango akho ukuba akudle, noma uthengise ngakho kowezizwe, ngokuba wena uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.

Okweshumi

22“Uyakunikela ngokweshumi kwazo zonke izithelo zembewu yakho, lokho okuvela ensimini iminyaka ngeminyaka, 23ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha yena ukuba igama lakhe lihlale kuyo, okweshumi kwamabele akho, nokwewayini lakho, nokwamafutha akho, nokwamazibulo ezinkomo zakho, nokwawezimvu zakho, ukuba ufunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakho njalo. 24Uma indlela ikude nawe, ungenamandla okukuthwala, ngokuba ikude kakhulu nawe indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba alibeke kuyo igama lakhe, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisa, 25uyakukwenana ngemali, uyisonge imali esandleni sakho, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha, 26uthenge ngaleyo mali noma intoni umphefumulo wakho oyithandayo, izinkabi, noma izimvu, noma iwayini, noma uphuzo olunamandla, noma intoni umphefumulo wakho oyifunayo, udle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wename, wena nabendlu yakho; 27nomLevi ophakathi kwamasango akho awuyikumeyisa, ngokuba akanasabelo nafa nawe.

28“Ngasekugcineni kweminyaka emithathu njalo uyakukhipha konke okweshumi kwezithelo zakho ngawona lowo mnyaka, ukubekelele phakathi kwamasango akho; 29nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi, abangaphakathi kwamasango akho, bayakuza, badle, basuthe ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wesandla sakho owenzayo.

UDuteronomi 14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UDuteronomi 15

Umnyaka woyekelo

1“Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa njalo uyakwenza uyekelo. 2Nansi indlela yoyekelo: Yilowo nalowo otshelekileyo uyakuyekela lokho akutshelekile umakhelwane wakhe; akayikukubiza kumakhelwane wakhe nakumfowabo, ngokuba uyekelo lukaJehova lumenyezelwe. 3Kowezizwe ungakubiza, kepha noma yikuphi okwakho okukumfowenu, lokho isandla sakho siyakukuyekela. 4Nokho ngabe kungabikho abampofu kuwe, ngokuba uJehova uyakukubusisa nokukubusisa ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle, 5uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho kuphela, ugcine ukwenza yonke le miyalo engikuyala ngayo namuhla. 6Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa njengokukwethembisa kwakhe, utsheleke izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo; uyakubusa izizwe eziningi, kepha zona aziyikukubusa wena.

7“Uma kukhona kuwe ompofu, omunye wabafowenu, phakathi kwelithile lamasango ezweni lakini uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, awuyikuyenza lukhuni inhliziyo yakho, ungamvaleli umfowenu ompofu isandla sakho, 8kepha umvulele nokumvulela isandla sakho, umtsheleke impela okwanele ukudinga kwakhe akuswelayo. 9Xwaya ukuba kungabikho mcabango omubi enhliziyweni yakho ngokuthi: ‘Umnyaka wesikhombisa, umnyaka woyekelo, ususeduze;’ iso lakho beseliba libi kumfowenu ompofu, ungamniki lutho, abesekhala kuJehova ngawe, kube yisono sakho. 10Womnika nokumnika, inhliziyo yakho ingakhathazeki lapho umnika, ngokuba ngenxa yalokho uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa emsebenzini wakho wonke nakukho konke obeka kukho isandla sakho. 11Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni; ngakho-ke ngiyakuyala ngithi: ‘Womvulela nokumvulela umfowenu isandla sakho, abaswelayo bakho nabampofu bakho ezweni lakini.’

12“Uma umfowenu, umHeberu noma umHeberukazi, ethengiswa kuwe, akukhonze iminyaka eyisithupha, ngomnyaka wesikhombisa uyakumyekela ukuba ahambe. 13Nxa umyekela ukuba ahambe, awuyikummukisa ze. 14Uyakumthwesa nokumthwesa ngezimvu zakho, nangokwesibuya sakho, nangokwesikhamo sakho sewayini; njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisile, kanjalo womnika yena. 15Uyakukhumbula ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga; ngalokho ngiyakuyala ngale nto namuhla.

16“Kuyakuthi uma ethi kuwe: ‘Angiyikusuka kuwe,’ lokhu ekuthanda wena nendlu yakho, ngokuba ehlala kahle kuwe, 17uyakuthatha usungulo, ubhobozele indlebe yakhe emnyango, abeseba yinceku yakho kuze kube phakade. Nakuyo incekukazi yakho uyakwenze njalo.

18“Makungabi lukhuni emehlweni akho lapho umyekela ukuba ahambe, ngokuba ukukhonzile iminyaka eyisithupha ngenxenye yemali yomqashwa; uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kukho konke okwenzayo.

Amazibulo ezinkomo

19“Onke amazibulo amaduna azalwa ezinkomeni zakho nasezimvini zakho wowangcwelisela uJehova uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza ngezibulo lezinkomo zakho, ungaligundi izibulo lezimvu zakho. 20Uyakulidla phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho iminyaka ngeminyaka endaweni uJehova ayakuyikhetha, wena nabendlu yakho. 21Uma linesici, liqhuga, noma liyimpumputhe, noma yisiphi isici, awuyikunikela ngalo kuJehova uNkulunkulu wakho. 22Uyakulidla phakathi kwamasango akho, ongcolileyo nohlambulukileyo ngokufananayo, njengensephe nendluzele. 23Kuphela igazi lalo awuyikulidla; lithululele emhlabathini njengamanzi.

UDuteronomi 15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMarku 9

1Wayesethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu ufikile ngamandla.”

Ukukhazimuliswa kukaJesu entabeni

(Math. 17:1; Luk. 9:28)

2Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa; waphenduka esinye isimo phambi kwabo. 3Izingubo zakhe zacwazimula zaba mhlophe qwa, ngangokuba umhlanzi wasemhlabeni angezenze zibe mhlophe kangaka. 4Kwabonakala kubo u-Eliya enoMose; babekhuluma noJesu.

5Wathatha uPetru, wathi kuJesu: “Rabi, kuhle ukuba silapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.” 6Wayengazi ukuthi uzakuphendula ngokuthini, ngokuba babesaba kakhulu.

7Kwase kufika ifu, libasithibeza; kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; yizweni.”

8Kwathi masinyane beqalaza, ababe besabona muntu, kuphela uJesu yedwa enabo.

9Besehla entabeni, wabayala ukuba bangatsheli muntu abakubonileyo, iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo. 10Bazigcinela lelo zwi bebuzana ngokuthi kuyini lokho ukuvuka kwabafileyo.

11Base bembuza, bethi: “Basholoni ababhali ukuthi u-Eliya umelwe ukufika kuqala na?”

12Wayesethi kubo: “Nempela u-Eliya uyeza kuqala ukuba abuyisele konke; kepha kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe, na? 13Kodwa ngithi kini: U-Eliya sewafika, benza kuye abakuthandayo, njengalokho kulotshiwe ngaye.”

Ukuphulukiswa komfana onesithuthwane

(Math. 17:14; Luk. 9:37)

14Kwathi sebeza kubafundi, babona isixuku esikhulu sibahaqile nababhali bebuzana nabo. 15Isixuku sonke sambona qede sashaywa luvalo, sagijimela kuye, sambingelela.

16Wayesebabuza ethi: “Nibuzana nabo ngantoni na?”

17Omunye wesixuku wamphendula wathi: “Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya oyisimungulu. 18Kuthi lapho eyibambayo, uyidonsela phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, iphele amandla. Ngikhulume nabafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.”

19Waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.”

20Bayiletha kuye. Kwathi umoya embona, wayihlukumeza kakhulu masinyane, yawa phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu.

21Wayesebuza kuyise ukuthi isikhathi sesingakanani ifikelwe yilokhu na?

Wathi: “Kwasebuntwaneni. 22Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.”

23UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”

24Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.”

25UJesu esebona ukuthi isixuku sigijimela ndawonye, wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: “Wena moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye.”

26Wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma; waba njengofileyo, baze bathi abaningi: “Usefile.” 27Kepha uJesu wambamba ngesandla, wamvusa; wasukuma.

28Kuthe esengenile endlini, abafundi bakhe bambuza bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?”

29Wayesethi kubo: “Lolu hlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka nangokuzila ukudla.”

UJesu ukhuluma futhi ngokuhlupheka kwakhe

(Math. 17:22; Luk. 9:43)

30Bamuka lapho, badabula iGalile, wayengathandi ukuba kwaziwe muntu, 31ngokuba wabafundisa abafundi bakhe, wathi kubo: “INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zabantu, bazakuyibulala; kuthi isibulewe, izakuvuka emva kwezinsuku ezintathu.” 32Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, besaba nokumbuza.

Ubukhulu obuyibo nezikhubekiso

(Math. 18:1; Luk. 9:46)

33Base beza eKapernawume. Kwathi esengene endlini, wababuza wathi: “Beniphendulana ngantoni endleleni na?” 34Kepha bathula, ngokuba bebekhulumisene endleleni ngokuthi ngubani omkhulu.

35Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.”

36Wayesethatha umntwana, wammisa phakathi kwabo, wamgona, wathi kubo: 37“Yilowo nalowo oyakwamukela abe munye kubantwana abanje ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina akamukeli mina kodwa ongithumileyo.”

38UJohane wayesethi kuye: “Mfundisi, sabona umuntu ongasilandeli ekhipha amademoni ngegama lakho; samnqabela ngokuba engasilandeli.”

39Kepha uJesu wathi: “Ningamnqabeli, ngokuba akakho owenza umsebenzi wamandla ngegama lami ongasuka masinyane, akhulume kabi ngami. 40Ngokuba ongamelene nathi ungakithi. 41Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe. 42Nalowo okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwayo kungangcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe elwandle. 43Uma isandla sakho sikukhubekisa, sinqume; kungcono ungene ekuphileni uyingini kunokuba uye esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezandla zombili, 44lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. 45Uma unyawo lwakho lukukhubekisa, lunqume; kungcono ungene ekuphileni ulunyonga kunokuba uphonswe esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezinyawo zombili, 46lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. 47Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe; kungcono ungene embusweni kaNkulunkulu uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni unamehlo omabili, 48lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. 49Ngokuba bonke bazakugqunyiswa ngomlilo.

50“Usawoti muhle, kepha uma usawoti engasenabusawoti, niyakumhlaziya ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.”

NgokukaMarku 9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU