Bible Society of South Africa

To The Word – Day 46

Deuteronomy 5, Mark 3–7

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UDuteronomi 5

Isivumelwano saseHorebe

1UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde, uqaphele ukuzenza. 2UJehova uNkulunkulu wethu wenza isivumelwano nathi eHorebe. 3UJehova akasenzanga lesi sivumelwano nawobaba, wasenza nathi, yebo, thina esikhona lapha sonke namuhla siphilile. 4UJehova wakhuluma kinina ubuso nobuso entabeni ephakathi komlilo. 5Mina ngema phakathi kukaJehova nani ngaleso sikhathi ukunazisa izwi likaJehova, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anakhuphukela entabeni. Wathi:

Imiyalelo eyishumi

6“ ‘NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.

7“ ‘Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.

8“ ‘Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo zomfanekiso wokusezulwini phezulu, nokusemhlabeni phansi, nokusemanzini phansi komhlaba; 9ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo, 10kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.

11“ ‘Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.

12“ ‘Gcina usuku lwesabatha, ulungcwelise, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekuyalile. 13Izinsuku eziyisithupha uyakusebenza, uwenze wonke umsebenzi wakho, 14kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nenkabi yakho, nembongolo yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho, ukuba inceku yakho nencekukazi yakho ziphumule njengawe. 15Wokhumbula ukuthi wawuyinceku ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukugcina usuku lwesabatha.

16“ ‘Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala, ukuze izinsuku zakho zibe zinde, kube kuhle kuwe ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.

17“ ‘Ungabulali.

18“ ‘Ungaphingi.

19“ ‘Ungebi.

20“ ‘Ungafakazi amanga ngomakhelwane wakho.

21“ ‘Ungafisi umfazi womakhelwane wakho; ungafisi indlu yomakhelwane wakho, nensimu yakhe, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.’

22“Lawo mazwi uJehova wawakhuluma kuyo yonke inhlangano yenu entabeni, evela phakathi komlilo, nefu, nesigayegaye, ngezwi elikhulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika zona.

23“Kwathi lapho nilizwa izwi elivela phakathi kobumnyama, intaba ivutha umlilo, nasondela kimi, zonke izinhloko zenu zezizwe zenu namalunga enu, 24nathi: ‘Bheka, uJehova uNkulunkulu wethu usibonisile inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, salizwa izwi lakhe livela phakathi komlilo; sibonile namuhla ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma nomuntu, adlule aphile. 25Ngalokho siyakufelani na? Ngokuba lo mlilo omkhulu uyakusiqeda; uma silizwa futhi izwi likaJehova uNkulunkulu wethu, siyakufa. 26Ngokuba ngubani enyameni yonke ozwile njengathi izwi likaNkulunkulu ophilayo livela phakathi komlilo, waphila, na? 27Sondela wena, uzwe konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma, usitshele konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma kuwe, sikuzwe, sikwenze.’

28“UJehova wawezwa amazwi enu ekukhulumeni kwenu kimi; uJehova wayesethi kimi: ‘Ngiwezwile amazwi alaba bantu abawakhulume kuwe; basho kahle konke abakukhulumile. 29Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.

30“ ‘Hamba, usho kubo ukuthi: “Buyelani ematendeni enu.” 31Kepha wena, yima lapha ngakimi, ngikhulume kuwe yonke imiyalo, nezimiso, nezahlulelo oyakubafundisa khona ukuba bakwenze ezweni engibanika lona ukuba balidle.’

32“Niyakuqaphela ukwenza njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphenduki ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. 33Niyakuhamba njalo endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile, kube kuhle kini, nandise izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.

UDuteronomi 5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMarku 3

UJesu uphilisa ngesabatha

(Math. 12:1; Luk. 6:6)

1Khona wabuye wangena esinagogeni.* Kwakukhona lapho umuntu onesandla esishwabeneyo. 2Bamqaphela ukuba uzakumphilisa yini ngesabatha, ukuze bambeke icala. 3Wathi kumuntu onesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi.”

4Wayesethi kubo: “Kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala na?” Kepha bathula.

5Waqalaza ebabuka ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo; wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe. 6AbaFarisi base bephuma masinyane bacebisana ngaye nabakaHerode ukuthi bangambhubhisa kanjani.

7UJesu wasuka kanye nabafundi bakhe, waya ngaselwandle; isixuku esikhulu samlandela sivela eGalile, naseJudiya, 8naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, nangaseTire, naseSidoni; isixuku esikhulu sesizwile konke akwenzayo seza kuye. 9Wayeseyala abafundi bakhe ukuba isikebhe simlindele ngenxa yesixuku sabantu, ukuze bangamcindezeli, 10ngokuba wayephulukisa abaningi, kwaze kwathi bonke abanezifo bawela phezu kwakhe ukuba bamnamathe. 11Nawomoya abangcolileyo bathi ukuba bambone, bawa phansi phambi kwakhe, bamemeza bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” 12Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi.

Ukukhethwa kwabaphostoli

(Math. 10:1; Luk. 6:12)

13Wayesenyukela entabeni, wabizela kuye abebafuna yena; beza kuye. 14Wamisa abayishumi nambili ukuba babe naye nokuba abathume baye kushumayela, 15babe namandla okukhipha amademoni. 16Wayesemisa laba abayishumi nambili: uSimoni owamqamba igama lokuthi uPetru, 17noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo kaJakobe; laba wabaqamba igama lokuthi oBowanergesi okungukuthi amadodana okuduma; 18no-Andreya, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani, 19noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.

Isono sokuhlambalaza

(Math. 12:22; Luk. 11:14)

20Wayesefika ekhaya; isixuku sabuthana futhi, ababe besaba nathuba lokudla nasinkwa. 21Abakubo sebekuzwile baphuma ukuyombamba, ngokuba bathi uyahlanya.

22Nababhali abehla bevela eJerusalema bathi: “UnoBelzebule, ukhipha amademoni ngombusi wamademoni.”

23Wayesebabiza, wakhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “USathane angakhipha kanjani uSathane na? 24Uma umbuso wahlukene wodwa, lowo mbuso ungeme. 25Nendlu, uma yahlukene yodwa, leyo ndlu ayizukuma. 26NoSathane, uma ezivukela yena, ahlukane, akanakuma, kepha uyaphela. 27Yebo, akakho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso. 28Ngiqinisile ngithi kini: Abantwana babantu bayakuthethelelwa izono zonke nokuhlambalaza noma kungakanani abangahlambalaza ngakho, 29kepha lowo ohlambalaza uMoya oNgcwele kanakuthethelelwa naphakade, kodwa unecala lesono esingapheliyo.” 30Ngokuba bathi unomoya ongcolileyo.

Izihlobo eziyizo zikaJesu

(Math. 12:46; Luk. 8:19)

31Kwase kufika unina nabafowabo, bema ngaphandle, bathumela kuye bembiza. 32Isixuku sabantu sasimphahlile; bathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu nawodadewenu bangaphandle bekufuna.”

33Wabaphendula wathi: “Ngubani umame nabafowethu na?”

34Waqalaza ebuka ababehlezi bemphahlile, wathi: “Bhekani, nangu umame nabafowethu. 35Ngokuba owenza intando kaNkulunkulu nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”

NgokukaMarku 3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMarku 4

Umfanekiso womhlwanyeli nowembewu ezimilelayo noweyesinaphi

(Math. 13:1; Luk. 8:4; 13:18)

1Khona wabuye waqala ukufundisa ngaselwandle. Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu, waze wangena emkhunjini, wahlala elwandle; isixuku sonke sasisemhlabathini ngaselwandle. 2Wabafundisa okuningi ngemifanekiso; wathi kubo ekufundiseni kwakhe: 3“Lalelani; bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela. 4Kwathi ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda. 5Enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo. 6Kwathi ukuba liphume ilanga, yahamuka; nangokuba ingenampande, yabuna. 7Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela isithelo. 8Enye yawela emhlabathini omuhle; yahluma, yakhula, yathela isithelo, yaveza ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu.”

9Wayesethi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.”

10Lapho esengasesitha, ababe naye kanye nabayishumi nambili bambuza ngale mifanekiso. 11Wathi kubo: “Nina niphiwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle benzelwa konke ngemifanekiso, 12ukuze ngokubona babone, bangabonisisi, nangokuzwa bezwe, bangaqondi, funa baphenduke, bathethelelwe.”

13Wayesethi kubo: “Aniwazi lo mfanekiso; pho, niyakuyazi kanjani yonke imifanekiso na? 14Umhlwanyeli uhlwanyela izwi. 15Abangasendleleni yilabo abathi lapho kuhlwanyelwa khona izwi, nanxa sebelizwile, kufike masinyane uSathane, alisuse izwi elihlwanyelwe kubo. 16Kanjalo abahlwanyelwe edwaleni yilabo abathi sebelizwile izwi, balamukele masinyane ngokuthokoza; 17kepha kabanampande phakathi kwabo, kodwa bahlala isikhashana nje, kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, bakhubeke masinyane. 18Abanye bangabahlwanyelwe emeveni; yibo abalizwile izwi, 19kepha iminako yalesi sikhathi, nokukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto kungena kuliminyanise izwi, libe ngelingatheliyo. 20Nabahlwanyelwe emhlabathini omuhle yilabo abalizwa izwi, balamukele, bathele isithelo ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu.”

21Wayesethi kubo: “Imbala isibani siza ukuba sibekwe phansi kwesitsha nokuba phansi kombhede yini, singabekwa othini, na? 22Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlalukiswa; akukho okuyisifuba okungayikuba sobala. 23Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.”

24Wayesethi kubo: “Qaphelani enikuzwayo; ngaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso, nenezelwe nina. 25Ngokuba onakho uyakuphiwa; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.”

26Wayesethi: “Unjalo umbuso kaNkulunkulu; unjengokuba umuntu ephonsa imbewu emhlabathini, 27alale, avuke ubusuku nemini, imibewu imile, ikhule, engazi ukuthi kanjani. 28Umhlabathi uthela isithelo ngokwawo, kuqala ikhaba, khona isikhwebu, besekuba yizinhlamvu ezipheleleyo esikhwetshini. 29Nxa sesivuthiwe isithelo, afake masinyane isikela, ngokuba ukuvuna sekufikile.”

30Wathi futhi: “Siyakuwufanisa nani umbuso kaNkulunkulu? Siyakuwuchaza ngamfanekiso muni na? 31Unjengenhlamvu yesinaphi ethi, nxa ihlwanyelwe emhlabathini, incinyane kunazo zonke izimbewu ezisemhlabeni, 32kodwa nxa isihlwanyelwe imila ibe nkulu kunazo zonke izilimo, ixhante amagatsha amakhulu, ukuze izinyoni zezulu zakhele emthunzini wawo.”

33Walikhuluma izwi kubo ngemifanekiso eminingi enjalo njengamandla abo okuzwa; 34kodwa ngaphandle komfanekiso kakhulumanga kubo; kepha sebebodwa wabachasisela abafundi bakhe konke.

Ukuthuliswa kwesivunguvungu

(Math. 8:23; Luk. 8:22)

35Ngalolo suku sekuhlwile, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya.” 36Base bemukisa isixuku, bahamba naye, njengalokho ebesemkhunjini; kwakukhona neminye imikhumbi ihambisana naye. 37Kwase kuvuka isivunguvungu esikhulu somoya, amaza aphonseka phakathi emkhunjini, umkhumbi waze waqala ukugcwala. 38Kepha yena wayengasemuva emkhunjini elele esicamelweni; bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, awunaki, nakuba sibhubha, na?”

39Wayesevuka, wakhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Kwanqamuka umoya, kwaba khona ukuthula okukhulu.

40Wathi kubo: “Yini ukuba nesabe kangaka na? Yini ukuba ningabi nakukholwa na?”

41Besaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: “Kanti lo ungubani, lokhu nomoya nolwandle kuyamlalela?”

NgokukaMarku 4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMarku 5

Ukukhishwa kwamademoni

(Math. 8:28; Luk. 8:26)

1Base befika phesheya kolwandle ezweni lamaGerasa. 2Esephume emkhunjini, kwahlangana naye masinyane umuntu ovela emathuneni, enomoya ongcolileyo. 3Wayehlala emathuneni, kungasekho muntu ongambopha nangeketanga; 4ngokuba wayeseboshwe kaningi ngawozankosi nangamaketanga, kepha amaketanga ayegqashuliwe nguye nawozankosi babephuliwe, kungekho noyedwa owayenamandla okumthambisa. 5Ngesikhathi sonke ubusuku nemini wayesemathuneni nasezintabeni, ememeza, ezilimaza ngamatshe.

6Wathi ukuba ambone uJesu esekude, wagijima, wakhuleka kuye; 7wayesememeza ngezwi elikhulu, ethi: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi.” 8Ngokuba wathi kuye: “Phuma kulo muntu, moya ongcolileyo.”

9Wayesembuza ethi: “Ngubani igama lakho?”

Wathi kuye: “NginguLegiyona* igama lami, ngokuba sibaningi.” 10Wamncenga kakhulu ukuba angabamukisi kulelo zwe.

11Kwakukhona lapho ngasentabeni umhlambi omkhulu wezingulube ziklabile. 12Bamncenga bathi: “Sithumele ezingulubeni ukuba singene kuzo.” 13Wabavumela. Omoya abangcolileyo baphuma, bangena ezingulubeni; umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle kungathi izinkulungwane ezimbili, zaminza elwandle.

14Ababezalusa babaleka, baya babika emzini nasemaphandleni; base beza ukuyobona okwenzekileyo. 15Bafika kuJesu, bambona obekhwelwe ngamademoni ehlezi embethe, esangulukile, yena owayenelegiyona;* base besaba. 16Ababekubonile babatshela ukuthi kwenzeke kanjani kowayekhwelwe ngamademoni, nangezingulube. 17Base beqala ukumncenga ukuba amuke ezweni lakubo.

18Wathi ukuba angene emkhunjini, lowo owayekhwelwe ngamademoni wamncenga ukuba abe naye. 19Akamvumelanga, kepha wathi kuye: “Hamba uye ekhaya kwabakini, ubabikele ukuthi kungakanani iNkosi ekwenzele khona, yakuhawukela.” 20Wamuka-ke, waqala ukulanda eDekapholi ngokuthi kungakanani abekwenzile kuye uJesu; bamangala bonke.

Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni

(Math. 9:18; Luk. 8:40)

21Khona uJesu esebuye ewelele ngaphesheya ngomkhumbi, kwabuthana isixuku esikhulu kuye engaselwandle. 22Kwase kufika omunye wabaphathi besinagoge,* nguJayiru igama lakhe, owathi ukuba ambone, waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe, 23wamncenga kakhulu, wathi: “Indodakazi yami isiyalela; ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isindiswe, iphile.” 24Wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samcindezela.

25Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, 26ehluphekile ngokuningi ezinyangeni eziningi, echithile konke ayenakho, engasizakalanga ngalutho, kodwa kwayilokhu kuqhubeka, 27esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo yakhe, 28ngokuba wathi: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa.” 29Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe.

30Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?”

31Abafundi bakhe bathi kuye: “Uyabona isixuku sikucindezela, usuthi: ‘Ngubani ongithintileyo na?’ ”

32Waqalaza ukuba ambone owenzile lokho. 33Khona owesifazane esaba ethuthumela, azi okwenzekile kuye, weza waziphonsa phansi phambi kwakhe, wamtshela iqiniso lonke. 34Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.”

35Esakhuluma, kwafika abomphathi wesinagoge,* bathi: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?”

36Kwathi ukuba uJesu ezwile izwi elishiwoyo, wathi kumphathi wesinagoge*: “Ungesabi, kholwa kuphela.”

37Akavumelanga muntu amlandele, kuphela oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo kaJakobe. 38Bafika-ke endlini yomphathi wesinagoge,* wabona isiyaluyalu nabakhalayo nabalila kakhulu. 39Wangena, wathi kubo: “Niyaluzelani, nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.” 40Bamhleka usulu.

Kepha yena wabakhipha bonke, wathatha uyise womntwana nonina kanye nababe naye, wangena lapho kulele khona umntwana. 41Wabamba umntwana ngesandla, wathi kuye: “Thalitha, kumi,” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!” 42Yayisivuka masinyane intombazana, yahamba; ngokuba yayineminyaka eyishumi nambili. Khona bamangala ngokumangala okukhulu. 43Wabayalisisa ukuba lokhu kungaziwa muntu; futhi wathi mayiphiwe ukudla.

NgokukaMarku 5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMarku 6

UJesu udelelwa ngabaseNazaretha

(Math. 13:53; Luk. 4:16)

1Khona wamuka lapho, waya ezweni lakubo; abafundi bakhe bamlandela. 2Sekufikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni.* Abaningi abamuzwayo bamangala bathi: “Lo ukuthathaphi lokhu na? Ukuhlakanipha kuni akunikiwe lona na? Nemisebenzi yamandla enje yenziwe ngezandla zakhe na? 3Lo akusiye umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, noJose, noJuda, noSimoni, na? Nawodadewabo abakho yini lapha kithi na?” Base bekhubeka ngaye.

4Wayesethi kubo uJesu: “Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo, nasezihlotsheni zakhe, nasendlini yakwabo.” 5Wayengenakwenza lapho nowodwa umsebenzi wamandla ngaphandle kokuthi wabeka izandla phezu kwabagulayo abayingcosana, wabaphulukisa. 6Wamangala ngokungakholwa kwabo.

Wahamba imizi ngemizi efundisa.

Ukuthunywa kwabaphostoli

(Math. 10:1; Luk. 9:1)

7Wayesebabiza abayishumi nambili, waqala ukubathuma ngababili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo. 8Wabayala ukuba bangaphathi lutho lwendlela, kuphela udondolo lodwa, bangaphathi nasinkwa, nasikhwama, nathusi emixhakeni, 9kepha bafake izicathulo, bangembathi kodwa amabhantshi amabili. 10Wathi kubo: “Nakuphi lapho ningena khona endlini, hlalani kuyo, nize nimuke khona. 11Nayiphi indawo engayikunamukela, nalapho bengayikunizwa khona, anothi nimuka kuyo, nivuthulule uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, kube ngubufakazi kubo.”

12Base behamba beshumayela ukuba abantu baphenduke. 13Bakhipha amademoni amaningi, bagcoba abagulayo abaningi ngamafutha, babaphulukisa.

Ukubulawa kukaJohane uMbhapathizi

(Math. 14:1; Luk. 9:7)

14Yayisikuzwa inkosi uHerode, ngokuba lalidumile igama lakhe. Kwathiwa uJohane uMbhapathizi uvukile kwabafileyo; kungalokho lawa mandla asebenza kuye.

15Kodwa abanye bathi: “Ngu-Eliya;” abanye bathi: “Ngumprofethi njengomunye wabaprofethi.”

16Kepha uHerode ekuzwile wathi: “UJohane engamnquma ikhanda nguye ovukile.”

17Ngokuba yena uHerode wayethumele wambamba uJohane, wambopha etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, ngokuba wayeganwe nguye. 18Ngokuba uJohane wayethe kuHerode: “Awuvunyelwe ukuthatha umkamfowenu.” 19Njalo uHerodiya wambambela amagqubu, wafuna ukumbulala; kepha kabanga namandla, 20ngokuba uHerode wayemesaba uJohane emazi ukuthi uyindoda elungileyo engcwele, wamlonda; nalapho emuzwa, wayesambatheka kaningi, nokho kwabamnandi kuye ukumuzwa.

21Kwathi sekufikile usuku oluhle, lapho uHerode ngosuku lokuzalwa kwakhe ezenzela idili izikhulu zakhe, nezinduna zempi, nabanumzane baseGalile, 22kwangena indodakazi kaHerodiya uqobo, yasina, yajabulisa uHerode nababehlezi naye. Inkosi yayisithi entombazaneni: “Cela kimi noma yini okuthandayo, ngizakukunika.” 23Wafunga kuyo, wathi: “Noma yini ongakucela kimi ngizakukunika, nakuba kungaze kube yinxenye yombuso wami.”

24Yayisiphuma, yathi kunina: “Ngizakucelani na?”

Yena wathi: “Ikhanda likaJohane uMbhapathizi.”

25Yakhawuleza yangena masinyane enkosini, yacela yathi: “Ngithanda ukuba ungiphe khona manje ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.”

26Inkosi yadabuka kakhulu, kepha ngenxa yezifungo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni ayithandanga ukuyilandulela. 27Inkosi yayisithuma masinyane ibutho, waliyala ukuba lilethe ikhanda lakhe. Lahamba, lamnquma ikhanda etilongweni. 28Laletha ikhanda lakhe ngoqwembe, layinika intombazana, intombazana yamnika unina. 29Kwathi ukuba abafundi bakhe bakuzwe lokho, beza bathatha isidumbu sakhe, basibeka ethuneni.

UJesu usuthisa amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu

(Math. 14:13; Luk. 9:12; Joh. 6:1)

30Abaphostoli babuthana kuJesu, bambikela ababekwenzile nababekufundisile. 31Wayesethi kubo: “Zanini nina nodwa endaweni eyihlane, niphumule ingcosana.” Ngokuba babe baningi abezayo nabahambayo, abaze bathola nasikhathi sokudla.

32Base bemuka ngomkhumbi, baya endaweni eyihlane bebodwa. 33Abaningi sebebabona bemuka, baqonda, baze bagijimela khona ngezinyawo, bephuma kuyo yonke imizi, babandulela. 34Wathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngabantu, ngokuba babe njengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa okuningi.

35Kwathi isikhathi sesihambile, beza kuye abafundi bakhe, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesidlulile; 36bamukise ukuba baye emaphandleni nasemizaneni ezungezileyo, bazithengele ukudla.”

37Wayesephendula, ethi kubo: “Bapheni nina ukudla.”

Bathi kuye: “Sihambe yini, siyothenga izinkwa zawodenariyu* abangamakhulu amabili, sibaphe badle na?”

38Wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki na? Hambani nibone.”

Sebazi bathi: “Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili.”

39Wabayala ukuba bonke bahlale phansi etshanini obuluhlaza izigaba ngezigaba. 40Base behlala phansi amaviyo ngamaviyo, kwaba ngamakhulu nangamashumi ayisihlanu. 41Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazibeke phambi kwabo; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke ngazo. 42Badla bonke, basutha. 43Babutha imvuthuluka, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele, neyezinhlanzi. 44Ababedlile izinkwa babe ngamadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu.

UJesu uhamba phezu kolwandle

(Math. 14:22; Joh. 6:16)

45Wayesecindezela masinyane abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya eBetsayida, yena aze amukise isixuku. 46Esebavalelisile wahamba waya entabeni ukuyokhuleka.

47Kwathi sekuhlwile, umkhumbi wawuphakathi nolwandle, yena eyedwa emhlabathini. 48Wababona behlupheka ekugwedleni, ngokuba umoya wawuphambene nabo, weza kubo ngomlindo wesine wobusuku ehamba phezu kolwandle. Kwangathi uyadlula kubo. 49Sebembonile ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi yisithunzi; bakhala. 50Ngokuba bonke bambona, bethuka.

Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.” 51Wayesekhwela emkhunjini kubo, umoya wanqamuka; bamangala kakhulu impela phakathi kwabo. 52Ngokuba abaqondanga okwezinkwa, lokhu inhliziyo yabo yayilukhuni.

53Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha, babopha ogwini. 54Ukuphuma kwabo emkhunjini yena wayaziwa masinyane. 55Bagijimela kulo lonke lelo zwe, baqala ukuletha abagulayo ngezinhlaka, lapho bemuzwa ukuthi ukhona.

56Kwathi nomaphi lapho engena khona, emizaneni, nasemizini, nasemaphandleni, babeka abagulayo ezigcawini, bamncenga ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela; bonke abamthinta basindiswa.

NgokukaMarku 6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMarku 7

AbaFarisi nababhali basolwa ngenxa yezimiso zabo

(Math. 15:1)

1Kwabuthana kuye abaFarisi nabanye bababhali bevela eJerusalema. 2Sebebonile ukuthi abanye babafundi bakhe badla izinkwa ngezandla ezimbi okungukuthi ezingahlanjiwe – 3ngokuba abaFarisi kanye nabaJuda bonke abadli bengahlambisisanga izandla, bebamba isiko labadala; 4nanxa bevela endalini, abadli bengakahlambi; kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokuhlanza izinkezo, nezinkamba, nezitsha zethusi – 5abaFarisi nababhali bambuza bathi: “Abafundi bakho abahambi ngani ngesiko labadala, kepha badla isinkwa ngezandla ezimbi na?”

6Wayesethi kubo: “U-Isaya waprofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi:

“ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo,

kepha inhliziyo yaso ikude nami;

7kodwa bangikhonza ngeze

befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’

8“Niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambe isiko labantu.”

9Wayesethi kubo: “Yebo, nichitha umyalo kaNkulunkulu ukuba nigcine isiko lenu. 10Ngokuba uMose wathi: ‘Yazisa uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Othuka uyise noma unina makafe nokufa;’ 11kepha nina nithi: ‘Uma umuntu ethi kuyise noma kunina: YiKorbana, okungukuthi umnikelo, lokho ongabe usizwa yimi ngakho,’ 12anisamvumeli ukuba enzele uyise noma unina utho. 13Izwi likaNkulunkulu nilenza libe yize ngesiko lenu enilivezileyo; nokunye okuningi okunjalo niyakwenza.”

14Khona wabuye wabiza isixuku, wathi kuso: “Ngizweni nonke, niqonde. 15Alukho utho olungaphandle komuntu lungene kuye olungamngcolisa; kepha okuphumayo kuye yilokho okumngcolisayo umuntu. 16Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.”

17Kuthe esengene endlini, evela esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalowo mfanekiso. 18Wayesethi kubo: “Kanti nani ningabangaqondiyo na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu kungemngcolise na? 19Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kungena esiswini, kuphumele ngaphandle, kuhlambulula ukudla konke.”

20Wayesethi: “Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisayo umuntu; 21ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala, 22nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi nanhloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula. 23Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu.”

Owesifazane waseSirofenike

(Math. 15:21)

24Wayesemuka lapho, waya emikhawulweni yaseTire. Wangena endlini, akathanda ukwaziwa muntu, kodwa wayengenakufihlakala. 25Kwathi masinyane owesifazane ondodakazi yakhe encane inomoya ongcolileyo esezwile ngaye, weza waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe. 26Kepha owesifazane lo wayengumGreki engumSirofenike ngokuzalwa, wamnxusa ukuba akhiphe idemoni endodakazini yakhe.

27UJesu wayesethi kuye: “Ake kusuthe abantwana kuqala, ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.”

28Kodwa waphendula, wathi kuye: “Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka yabantwana phansi kwetafula.”

29Wayesethi kuye: “Ngenxa yalelo zwi, hamba-ke; idemoni seliphumile endodakazini yakho.”

30Wayesemuka, waya endlini yakhe, wafumana umntwana elele embhedeni, idemoni liphumile.

Isithulu esinamalimi siyaphiliswa

(Math. 15:29)

31UJesu waphuma futhi emikhawulweni yaseTire, wadabula iSidoni, weza ngaselwandle lwaseGalile edabula izwe laseDekapholi. 32Baletha kuye isithulu esinamalimi, bamncenga ukuba abeke isandla phezu kwaso. 33Wagudluka naso esixukwini bebodwa, wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, waphatha ulimi lwaso, 34wabheka ngasezulwini, wabubula, wathi kuso: “Efatha!” okungukuthi: “Vuleka!” 35Zase zivuleka izindlebe zaso, wathukuluka masinyane umthambo wolimi lwaso, sakhuluma kahle.

36Wabayala ukuba bangatsheli muntu. Kepha kwathi nakuba ebayala kakhulu, kwayikhona bekwandisa kakhulu impela. 37Bamangala nokumangala, bathi: “Wenze kahle konke; nezithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.”

NgokukaMarku 7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU