Bible Society of South Africa

To The Word – Day 39

Numbers 20–23, 1 Corinthians 5–6

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UNumeri 20

Ukufa kukaMiriyamu

1Abantwana bakwa-Israyeli, yonke inhlangano, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona futhi.

Amanzi aseMeriba

2Kwakungekho manzi lapho kuyo inhlangano; babahlanganyela oMose no-Aroni. 3Abantu balwa noMose, bakhuluma bathi: “Sengathi ngabe safa ekufeni kwabafowethu phambi kukaJehova. 4Niletheleni ibandla likaJehova kuleli hlane, ukuze sifele lapha, thina nezinkomo zethu, na? 5Nasikhuphulelani eGibithe, ukuze silethwe kule ndawo embi, na? Akusiyo indawo yembewu, noma eyamakhiwane, noma eyemivini, noma eyamapomegranati,* kungekho futhi amanzi okuphuza.”

6OMose no-Aroni basuka ebusweni bebandla ukuya ngasemnyango wetende lokuhlangana, bawa ngobuso babo; inkazimulo kaJehova yabonakala kubo. 7UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 8“Thabatha intonga, ubuthe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, nikhulume kulo idwala eliphambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo; uyakubavezela amanzi edwaleni, ukuze unike inhlangano nezinkomo zayo ukuphuza.”

9UMose wathabatha intonga phambi kukaJehova, njengalokho eyalile. 10OMose no-Aroni babutha ibandla phambi kwedwala; wathi-ke kubo: “Yizwani manje nina bahlubuki; siyakunivezela yini amanzi kuleli dwala na?” 11UMose waphakamisa isandla sakhe, walishaya idwala kabili ngentonga yakhe, kwaphuma amanzi amaningi, inhlangano yaphuza kanye nezinkomo zayo.

12UJehova wathi kuMose naku-Aroni: “Njengokuba anikholwanga yimi ukungingcwelisa emehlweni abantwana bakwa-Israyeli, ngalokho aniyikungenisa leli bandla ezweni engibanike lona.”

13Lokhu kwakungamanzi aseMeriba, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balwa noJehova, wangcweliswa kubo.

U-Edomi uvimbela u-Israyeli

14UMose wathuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi, zisuka eKadeshi, wathi: “Usho kanje umfowenu u-Israyeli: ‘Uyazazi zonke izinkathazo ezisehlele 15ukuthi obaba behlela eGibithe, sahlala eGibithe isikhathi eside; abaseGibithe basiphatha kabi thina nawobaba; 16lapho sakhala kuJehova, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, wasikhipha eGibithe; bheka sesiseKadeshi, umuzi oseceleni komkhawulo wakho; 17ake sidabule izwe lakho; asiyikudabula amasimu nezivini, singaphuzi amanzi emithombo; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi, singajiki ngakwesokunene nangakwesokhohlo size sidlule umkhawulo wakho.’ ”

18U-Edomi wathi kuye: “Awuyikudabula kimi, funa ngikusukele ngenkemba.”

19Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuye: “Siyakukhuphuka ngomgwaqo; uma siphuza amanzi akho, mina nezinkomo zami, ngiyakukhokhela imali yawo. Mangidabule nje ngezinyawo zami, kungabi ngokunye.”

20Kepha wathi: “Awuyikudabula.”

U-Edomi wayesephuma wamsukela nabantu abaningi nesandla esinamandla. 21Kanjalo u-Edomi wala ukuba u-Israyeli adabule izwe lakhe; ngalokho u-Israyeli wachezuka kuye.

Ukufa kuka-Aroni

22Basuka eKadeshi; abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika entabeni yaseHori. 23UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni entabeni yaseHori ngasemkhawulweni wezwe lakwa-Edomi, wathi: 24“U-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, ngokuba akayikungena ezweni engibanike lona abantwana bakwa-Israyeli, lokhu nahlubuka ezwini lami ngasemanzini aseMeriba. 25Thabatha o-Aroni no-Eleyazare, indodana yakhe, ubakhuphulele entabeni yaseHori, 26umkhumule u-Aroni izambatho zakhe, uzifake ku-Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, afele khona.”

27UMose wenza njengalokho uJehova eyalile; bakhuphukela entabeni yaseHori emehlweni enhlangano yonke. 28UMose wamkhumula u-Aroni izambatho zakhe, wazifaka ku-Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni wafela khona esiqongweni sentaba; oMose no-Eleyazare behla entabeni. 29Lapho inhlangano yonke ibona ukuthi u-Aroni ufile, bamlilela u-Aroni izinsuku ezingamashumi amathathu, yonke indlu yakwa-Israyeli.

UNumeri 20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UNumeri 21

Ukunqotshwa kwenkosi yase-Aradi

1UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owayakhe eningizimu, wezwa ukuthi u-Israyeli uyeza ngendlela yase-Atarimi; walwa no-Israyeli, wathumba abanye kubo. 2U-Israyeli wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma unikela nokunikela laba bantu esandleni sami, ngiyakuchitha impela imizi yabo.” 3UJehova walilalela izwi lika-Israyeli, wanikela amaKhanani; bawaqothula kanye nemizi yawo; igama laleyo ndawo lathiwa iHorma.*

Inyoka yethusi

4Basuka entabeni yaseHori ngendlela yoLwandle Olubomvu ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yaphela amandla ngenxa yendlela. 5Abantu bakhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na? Ngokuba akukho sinkwa, akukho manzi; umphefumulo wethu uyanengwa yilesi sinkwa esilulana.”

6UJehova wathuma izinyoka ezinesihlungu phakathi kwabantu, zabaluma abantu; abantu abaningi bakwa-Israyeli bafa. 7Abantu bafika kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi.” UMose wabakhulekela abantu.

8UJehova wathi kuMose: “Zenzele inyoka enesihlungu, uyibeke ensikeni; kuyakuthi yilowo nalowo olunywayo, lapho eyibheka, uyakusinda.” 9UMose wenza inyoka yethusi, wayibeka ensikeni; kwathi lapho inyoka imlumile umuntu, uma ebeyibheka inyoka yethusi, wasinda.

10Abantwana bakwa-Israyeli bahamba, bamisa e-Oboti. 11Basuka e-Oboti, bamisa e-Iye Abarimi ehlane elingaphandle kwelakwaMowabi ngasempumalanga. 12Basuka lapho, bamisa esiGodini saseZeredi. 13Basuka lapho, bamisa ngaphesheya kwe-Arinoni elisehlane, elivela emkhawulweni wama-Amori, ngokuba i-Arinoni lingumkhawulo welakwaMowabi, phakathi kwelakwaMowabi nama-Amori. 14Ngalokho kuthiwa eNcwadini yeziMpi zikaJehova:

“IVahebi laseSufa,

nezigodi zase-Arinoni,

15nomthambeka wezigodi

othambeka ngasezweni le-Ari,

oncike emkhawulweni wakwaMowabi.”

16Basuka lapho, baya eBeri; lokhu kungumthombo asho ngawo uJehova kuMose, wathi: “Butha abantu, ngibaphe amanzi.”

17U-Israyeli wayesehlabelela lesi sihlabelelo sokuthi:

“Mpompoza, mthombo,

nihlabelele kuwo,

18umthombo ezawumba izikhulu,

abawugubha abakhulu babantu

ngentonga yobukhosi nangezindondolo zabo.”

Basuka ehlane, baya eMathana. 19Basuka eMathana, baya eNahaliyeli; basuka eNahaliyeli, baya eBamoti; 20basuka eBamoti, baya esigodini esisezweni lakwaMowabi nasesiqongweni sasePisiga, elibheke ngenzansi ngasehlane.

Ukunqotshwa kukaSihoni no-Ogi

21U-Israyeli wathuma izithunywa kuSihoni inkosi yama-Amori, wathi:

22“Ake sidabule izwe lakho; asiyikuchezukela emasimini noma ezivinini, singaphuzi amanzi emithombo; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi, size sidlule umkhawulo wakho.”

23USihoni wayengamvumeli u-Israyeli ukudabula izwe lakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma eyomhlasela u-Israyeli ehlane, wafika eJahasi, walwa no-Israyeli. 24U-Israyeli wamnqoba ngosiko lwenkemba, wadla izwe lakhe, kusukela e-Arinoni kuze kufike eJaboki nakubo abantwana bakwa-Amoni, ngokuba umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni wawunamandla. 25U-Israyeli wathatha yonke le mizi; u-Israyeli wahlala emizini yonke yama-Amori eHeshiboni nasemizini yonke yalo. 26Ngokuba iHeshiboni lalingumuzi kaSihoni inkosi yama-Amori owayelwile nenkosi endala yakwaMowabi, wathatha lonke izwe lakhe esandleni sakhe kwaze kwafika e-Arinoni.

27Ngalokho abakhulu ngezaga basho bathi:

“Wozani eHeshiboni; makwakhiwe,

umuzi kaSihoni umiswe;

28ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni;

ilangabi livelile emzini kaSihoni;

liqedile i-Ari lakwaMowabi nabakhe emadulini ase-Arinoni.

29Maye kuwena Mowabi!

Niphelile, nina bantu bakaKemoshi;

unikele amadodana akhe abe ngababaleki,

namadodakazi akhe athunjwe kuSihoni inkosi yama-Amori.

30“Sibacibishele;

iHeshiboni liphelile kuze kube seDiboni;

sichithile kuze kube seNofa elingaseMedeba.”

31Kanjalo u-Israyeli wahlala ezweni lama-Amori.

32UMose wathuma ukuhlola iJazeri, bathatha imizi yalo, baxosha ama-Amori ayelapho. 33Baphenduka, bakhuphuka ngendlela yaseBashani; u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma, wabasukela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuyokulwa ngase-Edireyi.

34UJehova wathi kuMose: “Ningamesabi, ngokuba ngimnikele esandleni sakho kanye nabantu bakhe bonke nezwe lakhe; uyakwenza kuye njengalokho wenza kuSihoni inkosi yama-Amori owahlala eHeshiboni.”

35Base bemnqoba-ke, namadodana akhe, nabo bonke abantu bakhe, waze wangasalelwa muntu; badla izwe lakubo.

UNumeri 21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UNumeri 22

UBalaki ulanda uBileyamu

1Abantwana bakwa-Israyeli bahamba, bamisa emathafeni akwaMowabi ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko.

2UBalaki indodana kaSipori wabona konke akwenzile u-Israyeli kuwo ama-Amori. 3UMowabi wayesesaba kakhulu abantu, ngokuba babebaningi; uMowabi waba nosizi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.

4UMowabi wathi kumalunga akwaMidiyani: “Manje leli bandla liyakukhotha konke okungakithi nxazonke, njengalokhu inkabi ikhotha utshani bedlelo.”

UBalaki indodana kaSipori wayeyinkosi yakwaMowabi ngaleso sikhathi. 5Wathuma izithunywa kuBileyamu indodana kaBeyori ePethori elingasemfuleni ezweni labantwana babantu bakhe ukumbiza ngokuthi: “Bheka, nampa abantu abaphumile eGibithe; bheka, basibekela ubuso bomhlaba; sebehlala malungana nami; 6ngalokho ake uze manje, ungiqalekisele laba bantu, ngokuba bayangahlula; mhlawumbe ngingaze ngibe namandla ukuba sibanqobe, ngibaxoshe ezweni, ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nomqalekisayo uqalekisiwe.”

7Amalunga akwaMowabi namalunga akwaMidiyani asuka enenkokhelo yokubhula esandleni sawo; ayesefika kuBileyamu, akhuluma kuye amazwi kaBalaki.

8Wathi-ke kuwo: “Hlalani lapha lobu busuku, nginibuyisele izwi, njengalokhu uJehova eyakukhuluma kimi.” Izikhulu zakwaMowabi zahlala-ke kuBileyamu.

9UNkulunkulu wafika kuBileyamu, wathi: “Ngobani lawa madoda akuwe na?”

10UBileyamu wathi kuNkulunkulu: “UBalaki indodana kaSipori, inkosi yakwaMowabi, uthumile kimi wathi: 11‘Bheka, abantu abaphumile eGibithe basibekela ubuso bomhlaba; woza kalokhu, ungiqalekisele bona; mhlawumbe ngingaze ngibe namandla ukulwa nabo, ngibaxoshe.’ ”

12UNkulunkulu wathi kuBileyamu: “Awuyikuhamba nawo; awuyikuqalekisa abantu, ngokuba babusisiwe.”

13UBileyamu wavuka ekuseni, wathi kuzo izikhulu zikaBalaki: “Buyelani ezweni lakini, ngokuba uJehova uyangalela ukuba ngihambe nani.”

14Izikhulu zakwaMowabi zasuka, zaya kuBalaki, zathi: “UBileyamu uyala ukufika nathi.”

15UBalaki wabuye wathuma izikhulu, ziningi, zidumile kunezokuqala. 16Zafika kuBileyamu, zathi kuye: “Usho kanje uBalaki indodana kaSipori, uthi: ‘Ake ungavinjwa lutho ukuza kimi, 17ngokuba ngiyakukunika udumo olukhulu, nakho konke ongitshela khona ngiyakukwenza; ake uze ngalokho manje, ungiqalekisele laba bantu.’ ”

18UBileyamu waphendula wathi kuzo izinceku zikaBalaki: “Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova uNkulunkulu wami ukwenza okuncane nokukhulu. 19Ngalokho ake nihlale nani lapha lobu busuku, ukuze ngazi ukuthi uJehova useyakukhulumani kimi futhi.”

20UNkulunkulu weza kuBileyamu ebusuku, wathi kuye: “Uma amadoda efika ukukubiza, vuka uhambe nawo; kepha lelo zwi kuphela engilikhuluma kuwe uyakulenza.”

21UBileyamu wavuka ekuseni, wabophela imbongolo yakhe, wahamba nezikhulu zakwaMowabi. 22Intukuthelo kaNkulunkulu yavutha ngokuba wahamba; ingelosi kaNkulunkulu yema endleleni ukuba imelane naye. Wayekhwele imbongolo yakhe, izinceku zakhe ezimbili zinaye. 23Imbongolo yabona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; imbongolo yachezuka endleleni, yaya ensimini, kepha uBileyamu wayishaya imbongolo ukuyibuyisela endleleni.

24Ingelosi kaJehova yayisima endleleni engumngcingo phakathi kwezivini, kwaba ludonga ngalapha nodonga ngalapha. 25Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova, yazigqula odongeni, yalimaza unyawo lukaBileyamu ngasodongeni; wabuye wayishaya.

26Ingelosi kaJehova yaqhubeka yema endaweni eminyeneyo, lapho kwakungekho khona indlela yokujika ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. 27Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova, yalala phansi kukaBileyamu; intukuthelo kaBileyamu yavutha, wayishaya imbongolo ngenduku yakhe. 28UJehova wavula umlomo wembongolo, yathi kuBileyamu: “Ngenzeni kuwe ukuba ungishaye kathathu na?”

29UBileyamu wathi embongolweni: “Ngokuba ungiswabulele; sengathi ngabe kukhona inkemba esandleni sami, ngokuba ngabe sengikubulele.”

30Kepha imbongolo yathi kuBileyamu: “Angisiyo imbongolo yakho oyikhwele konke ukuhamba kwakho kuze kube manje na? Ngangivama ukwenza kanjalo kuwe na?”

Wathi: “Qha.”

31UJehova wayesevula-ke amehlo kaBileyamu, wayibona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; wagoba ikhanda, wawa ngobuso bakhe.

32Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kathathu na? Bheka, ngiphumele ukumelana nawe, ngokuba indlela yakho iyingozi phambi kwami; 33imbongolo yangibona, yachezuka phambi kwami kathathu; uma ibingachezukanga kimi, ngabe sengikubulele, ngayisindisa yona.”

34Wathi uBileyamu kuyo ingelosi kaJehova: “Ngonile; ngokuba bengingazi ukuthi umi endleleni umelene nami; ngalokho uma kukubi emehlweni akho, ngiyakubuyela emuva.”

35Yayisithi ingelosi kaJehova kuBileyamu: “Hamba nalawa madoda, kepha lelo zwi kuphela engiyakulikhuluma kuwe uyakulikhuluma.” UBileyamu wayesehamba nezikhulu zikaBalaki.

36UBalaki esezwa ukuthi uBileyamu uyeza, waphuma ukumhlangabeza e-Iri Mowabi elisemkhawulweni wase-Arinoni, liseceleni komkhawulo. 37UBalaki wathi kuBileyamu: “Angithumanga nokuthuma kuwe ukukubiza na? Awufikanga ngani kimi? Anginamandla yini okukunika udumo na?”

38UBileyamu wathi kuBalaki: “Bheka, sengifikile kuwe, anginamandla nokho manje okukhuluma utho. Izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami, ngiyakukhuluma lona.”

39UBileyamu wahamba noBalaki, bafika eKiriyati Husoti. 40UBalaki wanikela ngezinkabi nangezimvu, wazithuma kuBileyamu nakuzo izikhulu ezinaye. 41Kwathi ekuseni uBalaki wamthatha uBileyamu, wamyisa ezindaweni eziphakemeyo zikaBali, wabona elapho inxenye yabantu.

UNumeri 22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UNumeri 23

UBileyamu ubusisa u-Israyeli

1UBileyamu wathi kuBalaki: “Ngakhele lapha ama-altare ayisikhombisa, ungilungisele lapha izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.” 2UBalaki wenza-ke njengalokho uBileyamu ekhulumile; oBalaki noBileyamu banikela kulelo nalelo altare inkunzi nenqama.

3UBileyamu wathi kuBalaki: “Yima ngasemnikelweni wakho wokushiswa, mina ngihambe; mhlawumbe uJehova angafika ukungihlangabeza; konke angitshengisa khona ngiyakukutshela.” Waya edulini elingenalutho.

4UNkulunkulu wahlangana noBileyamu; yena wathi kuye: “Sengilungisile ama-altare ayisikhombisa, nganikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.”

5UJehova wafaka izwi emlonyeni kaBileyamu, wathi: “Buyela kuBalaki, ukhulume kanje.”

6Wayesebuyela kuye; bheka, wayemi ngasemnikelweni wokushiswa, yena nazo zonke izikhulu zakwaMowabi.

7Wayesethatha isisho sakhe, wathi:

“E-Aramu uBalaki ungilandile,

inkosi yakwaMowabi ezintabeni zasempumalanga:

woza ungiqalekisele uJakobe;

woza umdlelesele u-Israyeli.

8Ngingamqalekisa kanjani

ongaqalekiswanga nguNkulunkulu na?

Ngingamdlelesela

ongadleleselwanga nguNkulunkulu na?

9Ngokuba ngisesiqongweni samadwala

ngiyambona,

ngisemadulini ngiyambuka;

bheka, kungabantu abahlala bodwa,

abangayikubalwa phakathi kwezizwe.

10Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe,

abale okwesine kuka-Israyeli, na?

Mangife ukufa kolungileyo,

nokuphela kwami makube njengokwakhe.”

11UBalaki wathumela kuBileyamu, wathi: “Wenzeni kimi na? Ngakuthatha ukuba uqalekise izitha zami; bheka, uzibusisile nokuzibusisa.”

12Waphendula wathi: “Angiyikuqaphela ukukhuluma lokhu uNkulunkulu akufakile emlonyeni wami na?”

13UBalaki wayesethi kuye: “Ake uze nami, siye kwenye indawo, lapho ungababona khona; uyakubona inxenye yabo kuphela, ungaboni bonke; ungiqalekisele bona uselapho.” 14Wamyisa ensimini yaseSofimu esiqongweni sasePisiga, wakha ama-altare ayisikhombisa, wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.

15Wathi kuBalaki: “Yima lapha ngasemnikelweni wakho wokushiswa, mina ngilinde laphaya.”

16UJehova wayesehlangana noBileyamu, wafaka izwi emlonyeni wakhe, wathi: “Buyela kuBalaki, ukhulume kanje.”

17Wayesefika kuye; bheka, wayemi ngasemnikelweni wakhe wokushiswa, izikhulu zakwaMowabi zinaye. UBalaki wathi kuye: “UJehova ukhulume ngokuthini na?”

18Wayesethatha isisho sakhe, wathi:

“Vuka, Balaki, uzwe;

ngilalele, wena ndodana kaSipori:

19uNkulunkulu akasiye umuntu ukuba

aqambe amanga,

nandodana yomuntu ukuba azisole;

ushilo, angayikukwenza, na?

Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?

20Bheka, ngiyaliwe ukubusisa;

yena ubusisile, anginakukubuyisa.

21Akabonanga ingozi kuJakobe,

akabukanga nankathazo kwa-Israyeli.

UJehova uNkulunkulu wakhe unaye,

nesenanelo senkosi siphakathi kwabo.

22UNkulunkulu wabakhipha eGibithe;

unjengezimpondo zenyathi kubo.

23Ayikho imilingo engamelana

noJakobe;

akukho ukubhula okungamelana no-Israyeli;

manje sekuyashiwo ngoJakobe nango-Israyeli

ukuthi uNkulunkulu wenzeni.

24Bheka, abantu bavuka

njengengonyamakazi,

nanjengengonyama bayaziphakamisa;

abayikulala phansi, bengakayidli impango,

baphuze igazi lababuleweyo.”

25UBalaki wayesethi kuBileyamu: “Ungabaqalekisi nokubaqalekisa, futhi ungababusisi nokubabusisa.”

26Kepha uBileyamu waphendula, wathi kuBalaki: “Angikutshelanga yini ukuthi konke uNkulunkulu akukhulumayo ngiyakukwenza na?”

27Wathi uBalaki kuBileyamu: “Ake uze, ngikuyise kwenye indawo; mhlawumbe kungaba kuhle emehlweni kaNkulunkulu ukuba ungiqalekisele bona uselapho.” 28UBalaki wamyisa uBileyamu esiqongweni sasePeyori elibheke ngenzansi ngasehlane.

29UBileyamu wayesethi kuBalaki: “Ngakhele lapha ama-altare ayisikhombisa, ungilungisele izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.” 30UBalaki wenza-ke njengalokho eshilo uBileyamu; wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.

UNumeri 23ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 5

Ubufebe babaseKorinte. Ukuphathwa kwezoni

1Kuyezwakala ngempela ukuthi kukhona ubufebe phakathi kwenu, futhi ubufebe bohlobo olungekho ngisho nakwabezizwe, okungukuthi omunye kini uya kumkayise. 2Kepha nina nikhukhumele kunokuba nga nilila, ukuze akhishwe phakathi kwenu owenze leso senzo. 3Ngokuba mina ngokwami, noma ngingekho ngomzimba, nokho ngikhona ngomoya, senginqumile ngokungathi ngikhona ngalowo muntu owenze okunjalo ukuba 4egameni leNkosi uJesu nihlangane nina nomoya wami kanye namandla eNkosi yethu uJesu, 5onjalo anikelwe kuSathane kukho ukubhubha kwenyama, ukuze umoya usindiswe ngosuku lweNkosi uJesu.

6Akukuhle ukuzibonga kwenu. Anazi yini ukuthi imvubelo encane ibilisa inhlama yonke na? 7Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengalokhu ningabangenamvubelo. Ngokuba nelethu iphasika lihlatshiwe, elinguKristu. 8Njalo-ke masigubhe umkhosi, kungabi ngemvubelo endala, kungabi ngemvubelo yokushinga neyobubi, kodwa kube ngesinkwa esingenamvubelo sobuqotho neseqiniso.

9Nganilobela encwadini yami ukuba ningahlangani nezifebe; 10angisho izifebe zalo mhlaba, nokuba abahahayo nabaphangi, nokuba abakhonza izithombe, ngokuba phela ngabe nimelwe ukuphuma ezweni; 11kepha manje nganilobela ukuba ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo.

12Ngokuba nginandabani nokwahlulela abangaphandle na? Nani anahluleli abangaphakathi na? 13Kepha uNkulunkulu uyakwahlulela abangaphandle. Xoshani omubi phakathi kwenu.

1 kwabaseKorinte 5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 6

Ukukhuzwa kwabaseKorinte abamangalelanayo

1Ukhona yini umuntu kini, uma enendaba nomunye, onesibindi sokumangala kwabangalungile, kungabi kwabangcwele, na? 2Anazi yini ukuthi abangcwele bayakwahlulela izwe na? Kepha uma izwe lahlulelwa yinina, anifanele ukunquma namacala amancane na? 3Anazi yini ukuthi siyakwahlulela izingelosi na? Kakhulu-ke okwalokhu kuphila. 4Ngakho-ke uma ninamacala alokhu kuphila, niyababeka yini abangenasithunzi ebandleni babe ngabahluleli na? 5Ngisho lokhu ukuba nibe namahloni. Kunjalo kanti: akukho namunye phakathi kwenu ohlakaniphileyo onganquma phakathi kwabazalwane bakhe na? 6Kodwa umzalwane umangalela umzalwane, nalokhu akwenze phambi kwabangakholwayo na?

7Nempela nakalokhu sekuyisici esikini ukuba nimangalelane. Yini ukuba ningavumi nakanye ukoniwa? Yini ukuba ningavumi nakanye ukuphangwa na? 8Kepha nina uqobo niyona, niyaphanga; nikwenza lokhu nakubazalwane benu.

9Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, 10namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu. 11Babenjalo abanye kini, kepha senahlanzwa, senangcweliswa, senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.

Umzimba wethu uyithempeli likaNkulunkulu

12Konke kuvunyelwe kimi, kepha akusizi konke. Konke kuvunyelwe kimi, kepha mina anginakubuswa lutho. 13Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla; kepha uNkulunkulu uyakuqeda kokubili. Kepha umzimba asiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba; 14kepha uNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe. 15Anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKristu na? Pho, ngithathe izitho zikaKristu, ngizenze izitho zesifebe na? Qha nakanye. 16Kepha anazi yini ukuthi ohlangana nesifebe ungumzimba munye naso na? Ngokuba uthi yena: “Labo ababili bayakuba nyamanye.” 17Kepha ohlangene neNkosi ungumoya munye nayo.

18Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba. 19Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? 20Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.

1 kwabaseKorinte 6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU