Bible Society of South Africa

To The Word – Day 192

Ezekiel 11–15, Psalm 61

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UHezekeli 11

Abeluleki ababi

1UMoya wangiphakamisa, wangiyisa esangweni lendlu kaJehova lasempumalanga, elibhekene nempumalanga; bheka, ngasesivalweni sesango kwakukhona amadoda angamashumi amabili nanhlanu; ngabona phakathi kwawo uJahazaniya indodana ka-Azuri noPhelathiya indodana kaBenaya, izikhulu zabantu. 2Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yilawa madoda aceba okubi, anika iziluleko ezimbi kulo muzi, 3athi: ‘Akuseduze yini ukuba kwakhiwe izindlu? Lo muzi uyikhanzi, thina siyinyama.’ 4Ngalokho profetha ngabo, uprofethe, ndodana yomuntu.”

5UMoya kaJehova wehlela phezu kwami, wathi kimi: “Yisho uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Nisho njalo nina ndlu ka-Israyeli; ngiyazi mina okungena emoyeni wenu. 6Nandisile ababuleweyo benu kulo muzi, nigcwalisile izitaladi zawo ngababuleweyo.

7“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ababuleweyo benu enibabekile phakathi kwawo bayinyama, nawo uqobo uyikhanzi, kepha nina ngiyakunikhipha phakathi kwawo. 8Niyesabile inkemba; ngiyakunehlisela inkemba, isho iNkosi uJehova. 9Ngiyakunikhipha phakathi kwawo, ngininikele esandleni sabafokazi, ngahlulele phakathi kwenu. 10Niyakuwa ngenkemba, nginahlulele emkhawulweni wakwa-Israyeli; nazi ukuthi nginguJehova. 11Lo muzi awuyikuba yikhanzi, nani aniyikuba yinyama phakathi kwalo; ngiyakunahlulela emkhawulweni wakwa-Israyeli, 12nazi ukuthi nginguJehova, ngokuba anihambanga ngezimiso zami, nezahlulelo zami anizenzanga, kepha nenze njengezahlulelo zezizwe ezinihaqayo.”

Isiprofetho sokubuyiswa

13Kwathi lapho ngiprofetha, uPhelathiya indodana kaBenaya wafa. Ngase ngiwa ngobuso, ngakhala ngezwi elikhulu, ngathi: “O Nkosi Jehova, uyakwenza ukuba iphele insali yakwa-Israyeli na?”

14Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 15“Ndodana yomuntu, abafowenu, yebo, abafowenu abayizihlobo zakho nayo yonke indlu yakwa-Israyeli, bonke abakhileyo eJerusalema abashilo kubo ukuthi: ‘Dedani kuJehova; leli zwe linikiwe thina libe yifa.’

16“Thana ngabo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Noma ngibadedisele kude phakathi kwezizwe, ngabahlakazela emazweni, ngaba yindlu engcwele nokho kubo isikhashana emazweni ababehlakazelwe kuwo.’

17“Ngalokho thana: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakunibutha ezizweni, nginiqoqe emazweni enihlakazekelwe kuwo, ngininike izwe lakwa-Israyeli.’

18“Bayakufika khona, basuse lapho konke okuzondekayo kwalo nazo zonke izinengiso zalo. 19Ngiyakubanika inhliziyo ibe nye, ngibeke umoya omusha phakathi kwabo, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yabo, ngibanike inhliziyo yenyama 20ukuba bahambe ngezimiso zami, bagcine izahlulelo zami, bazenze, babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo. 21Kepha labo abanhliziyo zabo zilandela izinhliziyo zokuzondekayo kwabo nezinengiso zabo, ngiyakwehlisela phezu kwamakhanda abo indlela yabo, isho iNkosi uJehova.”

22Amakherubi* ayesephakamisa amaphiko awo namasondo ayeseceleni kwawo; inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayiphezu kwawo. 23Inkazimulo kaJehova yakhuphuka phakathi komuzi, yema entabeni engasempumalanga komuzi. 24UMoya wayesengiphakamisa, wangiyisa ngombono ngoMoya kaNkulunkulu eKalideya kubathunjwa. Wase wenyuka kimi umbono engiwubonileyo. 25Ngase ngikhuluma kubathunjwa zonke izinto uJehova angibonisile zona.

UHezekeli 11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UHezekeli 12

Ukuthunjwa

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, wena uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo nabanamehlo okubona bengaboni kodwa, abanezindlebe zokuzwa bengezwa nokho, ngokuba bayindlu ehlubukayo.

3“Wena ndodana yomuntu, zenzele impahla yokuhamba, usuke emini emehlweni abo, umuke endaweni yakho emehlweni abo, uye kwenye; mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo. 4Uyakukhipha impahla yakho emini emehlweni abo njengempahla yokuhamba, wena uphume kusihlwa emehlweni abo njengokuphuma ukuya ekuthunjweni. 5Gebhula ogangeni emehlweni abo, uyikhiphe impahla khona. 6Uyakuyithwala ehlombe emehlweni abo, uyikhiphe sekumnyama, usibekele ubuso bakho, ukuze ungaboni izwe, ngokuba ngikubeke ukuba ube yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli.”

7Ngenza njengokungiyala kwakhe; ngayikhipha impahla yami emini njengempahla yokuhamba, kusihlwa ngagebhula ogangeni ngesandla, nanxa sekumnyama ngayikhipha, ngayithwala ehlombe emehlweni abo.

8Lase lifika izwi likaJehova ekuseni, lathi: 9“Ndodana yomuntu, ayishongo kuwe yini indlu yakwa-Israyeli, indlu ehlubukayo, yathi: ‘Wenzani na?’

10“Thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lesi siprofetho ngesesikhulu saseJerusalema nesabo bonke abendlu yakwa-Israyeli abaphakathi kwalo.’ 11Thana: ‘Ngiyisibonakaliso senu;’ njengalokho ngenzile, kuyakwenziwa kanjalo kubo; bayakuya ekuthunjweni, baboshwe.

12“Isikhulu esiphakathi kwabo siyakuthwala ehlombe sekumnyama, siphume, bagebhule ogangeni ukuba bakhiphe khona, sisibekele usubo baso, ngokuba asiyikubona izwe ngamehlo aso. 13Ngiyakuleneka inetha lami phezu kwaso, sibanjwe ogibeni lwami; ngiyakusiyisa eBabele ezweni lamaKaledi. Kepha asiyikulibona, noma sifela khona. 14Bonke abasizungezayo ukusisiza namaviyo aso ngiyakubahlakazela kuyo yonke imimoya, ngihoshe inkemba emva kwabo.

15“Bayakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibahlakazela ezizweni, ngibasabalalisele emazweni. 16Kepha ngiyakushiya kubo abantu abayingcosana besala enkembeni, nasendlaleni, nasesifweni, ukuba balande ngazo zonke izinengiso zabo phakathi kwezizwe lapho befika khona, bazi ukuthi nginguJehova.”

17Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 18“Ndodana yomuntu, yidla isinkwa sakho ngokuqhaqhazela, uphuze amanzi akho ngokuthuthumela nangokwesaba, 19uthi kubantu bezwe: ‘Isho kanje iNkosi uJehova ngabakhileyo eJerusalema ezweni lakwa-Israyeli, ithi: Bayakudla isinkwa sabo ngokwesaba, baphuze amanzi abo ngokumangala, ngokuba izwe lalo liyakuchithwa, laphucwe konke ukugcwala kwalo ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo. 20Imizi ehlalwayo iyakuchithwa, izwe libe yincithakalo, nazi ukuthi nginguJehova.’ ”

21Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 22“Ndodana yomuntu, siyini leso saga eninaso ezweni lakwa-Israyeli sokuthi: ‘Izinsuku ziyajobeleleka, nayo yonke imibono iphuthile,’ na? 23Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwenza ukuba siphele leso saga, bangabe besafanisa ngaso kwa-Israyeli,’ kepha khuluma kubo ngokuthi: ‘Izinsuku sezisondele nokugcwaliseka kwemibono yonke. 24Ngokuba akusayikuba khona umbono oyize nokubhula okuthophayo endlini yakwa-Israyeli. 25Ngokuba mina Jehova ngiyakukhuluma izwi engiyakulikhuluma, lenzeke, lingabe lisalitshaziswa, ngokuba ezinsukwini zenu nina ndlu ehlubukayo ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, isho iNkosi uJehova.’ ”

26Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 27“Ndodana yomuntu, bheka, abendlu ka-Israyeli bathi: ‘Umbono awubonayo ungowezinsuku ezizayo, uprofetha ngezikhathi ezisekude.’

28“Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Akusayikulitshaziswa zwi, kepha izwi engiyakulikhuluma liyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.’ ”

UHezekeli 12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UHezekeli 13

Abaprofethi bamanga

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, profetha ngabaprofethi bakwa-Israyeli abaprofethayo, uthi kwabaprofetha okwenhliziyo yabo: ‘Zwanini izwi likaJehova. 3Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kubaprofethi abayiziwula, abalandela umoya wabo nabangakubonanga! 4O Israyeli, abaprofethi bakho banjengezimpungushe ezindaweni ezichithekileyo. 5Anenyukelanga ezikhaleni, anibiyelanga nokubiyela indlu yakwa-Israyeli ukuba ime ekulweni ngosuku lukaJehova. 6Babonile okuyize nokubhula kwamanga abathi: “Kusho uJehova,” kepha uJehova kabathumanga, kodwa bethemba ukuthi ubeyakuqinisa izwi labo. 7Anibonanga umbono oyize, anikhulumanga ukubhula kwamanga, lapho nithi: “Kusho uJehova,” mina ngingakhulumanga, na?

8“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba nikhulumile okuyize, nibonile amanga, ngalokho bhekani, ngimelene nani, isho iNkosi uJehova. 9Isandla sami siyakumelana nabaprofethi ababona okuyize nababhula amanga; abayikuba semkhandlwini wabantu bami, bangalotshwa encwadini yendlu yakwa-Israyeli, bangangeni ezweni lakwa-Israyeli, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

10“ ‘Ngokuba, yebo, ngokuba bedukisile abantu bami ngokuthi: “Ngukuthula,” kungekho ukuthula, nangokuba lapho kwakhiwa ugange, bheka, balunameka ngodaka olungavuthiwe, 11yisho kwabanamekayo ukuthi luyakuwa; kuyakuwa imvula ekhukhulayo; nina matshe esichotho niyakuwa, nomoya wesivunguvungu uyakuludabula. 12Bheka, lapho ugange seluwile, akuyikushiwo kini ukuthi: “Luphi udaka enanameka ngalo na?”

13“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakuludabula ngomoya wesivunguvungu ngokufutheka kwami, kube yimvula ekhukhulayo ngentukuthelo yami, namatshe esichotho ngokufutheka ukuba aluqede. 14Ngiyakulubhidliza ugange enalunameka ngodaka olungavuthiwe, ngiludilizele phansi, lunamathele emhlabathini, kwambulwe isisekelo salo; yebo, luyakuwa, nina niphele phakathi kwalo, nazi ukuthi nginguJehova. 15Ngiyakufeza ukufutheka kwami ogangeni nakubo abalunameka ngodaka olungavuthiwe, ngithi kini: “Alusekho ugange, abasekho abalunamekayo, 16abaprofethi bakwa-Israyeli abaprofetha ngeJerusalema, ababona imibono yokuthula ngalo, ukuthula kungekho, isho iNkosi uJehova.” ’

17“Wena ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuwo amadodakazi abantu bakho aprofetha okwenhliziyo yawo, uprofethe ngawo, 18uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kwabesifazane abathungela zonke izindololwane izicamelo, benze imigubuzelo yamakhanda ezimo zonke ukuba bazingele imiphefumulo. Niyakuzingela yini imiphefumulo yabantu bami, nisindise imiphefumulo yenu, 19nina eningingcolisa phakathi kwabantu bami ngezinkweshe zebhali* nangezingcezu zesinkwa ngokubulala imiphefumulo ebingayikufa nokusindisa imiphefumulo ebingayikuphila ngokuqamba kwenu amanga kubantu bami abalalela amanga, na?

20“ ‘Qha! Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nezicamelo zenu enizingela ngazo lapha imiphefumulo njengezinyoni; ngiyakuzihlwitha ezingalweni zenu, ngivumele imiphefumulo ukuba ihambe, le miphefumulo eniyizingelayo njengezinyoni. 21Ngiyakuklebhula nemigubuzelo yenu, ngibophule abantu bami esandleni senu, bangabe besababikho esandleni senu ukuba bazingelwe, nazi ukuthi nginguJehova. 22Ngokuba nidabukisile inhliziyo yolungileyo ngamanga, engingamdabukisanga mina, naqinisa izandla zababi ukuba bangabuyi endleleni yabo embi, basindiswe, 23ngalokho anisayikubona okuyize, ningabe nisabhula ukubhula; ngiyakubophula abantu bami esandleni senu, nazi ukuthi nginguJehova.’ ”

UHezekeli 13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UHezekeli 14

Isijeziso sabakhonza izithombe

1Kwafika kimi amadoda amalunga akwa-Israyeli, ahlala phambi kwami. 2Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 3“Ndodana yomuntu, lawa madoda angenisile izithombe zawo ezinhliziyweni zawo, abeka isikhubekiso sokona kwawo phambi kobuso bawo. Impela ngiyakubuzwa yiwo na? 4Qha! Ngalokho khuluma kuwona, uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Yilowo nalowo muntu wakwa-Israyeli ongenisa izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi, mina Jehova ngiyakumphendula ngokobuningi bezithombe zakhe, 5ukuze ngibambe indlu yakwa-Israyeli ngenhliziyo yabo, ngokuba bonke bazahlukanisile nami ngezithombe zabo.’

6“Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Phendukani, nibuye ezithombeni zenu, nifulathele zonke izinengiso zenu.

7“ ‘Ngokuba yilowo nalowo muntu wendlu ka-Israyeli nomfokazi ogogobele kwa-Israyeli, ozahlukanisa nami, angenise izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi ukuba azibuzele kimi, mina Jehova ngiyakumphendula ngokwami, 8ngibhekise ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimbeke abe yisibonakaliso nesaga, ngimnqume, asuke phakathi kwabantu bami, nazi ukuthi nginguJehova.

9“ ‘Uma umprofethi eyengwa akhulume izwi, mina Jehova ngimyengile lowo mprofethi; ngiyakwelulela isandla sami phezu kwakhe, ngimchithe phakathi kwabantu bami u-Israyeli. 10Bayakuthwala ukona kwabo, ukona kobuzayo kube njengokona komprofethi, 11ukuze indlu yakwa-Israyeli ingabe isaduka kimi, ingabe isazingcolisa ngeziphambeko zayo zonke, kepha ibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo, isho iNkosi uJehova.’ ”

12Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 13“Ndodana yomuntu, lapho izwe lona kimi ngokwenza iziphambeko, ngelulele isandla sami phezu kwalo, ngaphule uzime lwalo lwesinkwa, ngithume indlala kulo, nginqume kulo abantu nezilwane, 14noma ebekhona phakathi kwalo lawa madoda amathathu, oNowa, noDaniyeli, noJobe, wona ayeyakophula imiphefumulo yawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.

15“Uma ngidabulisa izilwane ezimbi ezweni, ziliphange libe yincithakalo, ukuze kungadluli muntu ngenxa yezilwane, 16noma ebekhona lawo madoda amathathu phakathi kwalo, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ayengayikophula amadodana noma amadodakazi, ophulwe wona odwa, izwe libe yincithakalo.

17“Nokuba bengiyakwehlisela inkemba phezu kwalelo zwe, ngithi: ‘Inkemba mayidabule ezweni,’ ukuze nginqume kulo abantu nezilwane, 18noma ebekhona lawo madoda amathathu phakathi kwalo, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ayengayikophula amadodana noma amadodakazi, ophulwe wona odwa.

19“Nokuba bengiyakuthuma isifo kulelo zwe, ngithele ukufutheka kwami phezu kwalo ngegazi ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, 20noma bebekhona oNowa, noDaniyeli, noJobe phakathi kwalo, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, bebengayikophula amadodana noma amadodakazi, bophule imiphefumulo yabo kuphela ngokulunga kwabo.

21“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kakhulu kangakanani, lapho ngithuma eJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nezilwane ezesabekayo, nesifo ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, na? 22Kepha bheka, kuyakushiywa kulo ababalekileyo abayakukhishwa, amadodana namadodakazi; bheka, ayakuphumela kini, nibone indlela yawo nemisebenzi yawo, niduduzwe ngokubi engehlisele khona phezu kweJerusalema, yebo, ngakho konke engehlisele khona phezu kwalo. 23Ayakuniduduza, lapho nibona indlela yawo nemisebenzi yawo, nazi ukuthi angenzanga ngaphandle kwesizathu konke engikwenzileyo phakathi kwalo, isho iNkosi uJehova.”

UHezekeli 14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UHezekeli 15

Umvini owomileyo

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, umuthi womvini udlula ngani imithi yonke, igatsha lomvini eliphakathi kwemithi yasehlathini, na? 3Kuyakuthathwa kuwo umuthi wokwenza umsebenzi, noma kuthathwe kuwo isikhonkwane ukuphanyeka isitsha, na? 4Bheka, uyafakwa emlilweni ukuba udliwe, ziqedwe ngumlilo izihloko zawo zombili, kuhanguke okuphakathi kwazo; usulungele umsebenzi na? 5Bheka, usaphelele awenziwanga waba ngokomsebenzi; kakhulu kangakanani, lapho umlilo uwuqedile wahanguka, uyobe usenziwa ube ngokomsebenzi, na?

6“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Njengomuthi womvini phakathi kwemithi yasehlathini engiwunike umlilo ukuba uqedwe, kanjalo ngiyakunikela abakhileyo eJerusalema. 7Ngiyakubhekisa ubuso bami bumelane nabo; baphumile emlilweni, kepha umlilo uyakubaqeda; niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibhekisa ubuso bami bumelane nabo. 8Ngiyakwenza izwe libe yincithakalo, ngokuba benze isiphambeko, isho iNkosi uJehova.”

UHezekeli 15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 61

Ukucelela inkosi isibusiso

Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. ElikaDavide.

1Yizwa, Nkulunkulu, ukukhala kwami,

ulalele umkhuleko wami.

2Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba,

lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni;

ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.

3Ngokuba ubuyisiphephelo sami,

inqaba eqinileyo ngakuso isitha.

4Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade;

ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho. Sela*

5Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami,

wabanika ifa abalesaba igama lakho.

6Uyakweleka izinsuku ezinsukwini zenkosi;

iminyaka yayo iyakuba njengezizukulwane nezizukulwane.

7Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade;

yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze.

8Khona ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade,

ukuze ngigcwalise izithembiso zami imihla ngemihla.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU