Bible Society of South Africa

To The Word – Day 189

Lamentations 1–5, Psalm 50

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

IsiLilo 1

Ukuchithwa kweJerusalema

1Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi!

Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi.

Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo.

2Uyakhala nokukhala ebusuku,

izinyembezi zawo zisezihlathini zawo;

kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo;

bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso,

sebe yizitha zawo.

3UJuda uthunjiwe ngenxa

yokuhlupheka nobugqila obuningi;

uhlala phakathi kwabezizwe,

katholi ukuphumula;

bonke abamzingelayo bamfica ephakathi kobuhlungu.

4Izindlela zaseSiyoni ziyalila

ngokuba kungeziwa emikhosini emisiweyo;

onke amasango achithekile,

abapristi balo bayabubula;

izintombi zalo ziyahlupheka,

nalo linomunyu.

5Abamelene nalo sebe yinhloko,

izitha zalo zinokuthula,

ngokuba uJehova ulihluphile

ngenxa yobuningi beziphambeko zalo;

izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha.

6Bonke ubukhosi bumukile

endodakazini yaseSiyoni;

izikhulu zalo sezinjengezindluzele ezingafumani idlelo,

zihambile zingenamandla ebusweni babaxoshayo.

7IJerusalema liyakhumbula ezinsukwini

zokuhlupheka kwalo nezinsizi zalo

konke okuhle okwakukhona ezinsukwini zasendulo;

lapho abantu balo bewela esandleni sezitha,

kungekho olisizayo,

abamelene nalo balibona,

bahleka ukuchithwa kwalo.

8IJerusalema lalonile kakhulu;

ngalokho seliyisinengiso;

bonke ababelidumisa sebelidelela

ngokuba bebone ubunqunu balo;

seliyabubula nalo, libuyela emuva.

9Ukungcola kwalo

kwakusemaphethelweni alo,

alikhumbulanga ukuphela kwalo;

lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi.

Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami,

ngokuba isitha sizikhulisile.

10Isitha selulile isandla saso

phezu kwakho konke okumnandi kwalo,

ngokuba sibonile ukuthi abezizwe

bangene endlini yalo engcwele,

owabayala ukuthi abayikungena ebandleni lakho.

11Bonke abantu balo bayabubula,

befuna isinkwa sabo;

banika okumnandi kwabo ngokudla

ukuba babuyise umphefumulo.

Bheka, Jehova, ubhekisise,

ngokuba ngiyadelelwa.

12“Akulutho kinina nonke enidlula

ngendlela na?

Bhekani, nibone

ukuba kukhona yini ubuhlungu

obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo,

uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.

13“Ephezulu ungithumele umlilo

emathanjeni ami, wawahlula;

wenekele izinyawo zami inetha,

wangibuyisela emuva.

Ungenze incithakalo,

ngiphele amandla usuku lonke.

14“Iziphambeko zami zaboshwa ngesandla sakhe,

zaba yijoka;

zalukwa, sezisentanyeni yami;

wakhubekisa amandla ami.

INkosi inginikele esandleni sabo engingenakumelana nabo.

15“INkosi ilahlile onke amaqhawe ami phakathi kwami;

ingibizele umhlangano ukuphahlaza izinsizwa zami;

iNkosi inyathele njengasesikhamweni sewayini

intombi eyindodakazi yakwaJuda.

16“Ngiyakhala ngalokhu;

iso lami, iso lami liyamululeka izinyembezi,

ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami.

Abantwana bami bachithekile,

ngokuba isitha sahlulile.”

17ISiyoni liyelula izandla zalo,

akakho oliduduzayo.

UJehova uyalile ngoJakobe ukuba abamzungezayo babe yizitha zakhe.

IJerusalema linjengesinengiso phakathi kwabo.

18“UJehova ulungile,

ngokuba ngihlubukile izwi lakhe.

Ake nizwe, bantu bonke,

nibone ubuhlungu bami.

Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.

19“Ngazibiza izithandwa zami, zangikhohlisa.

Abapristi bami namalunga ami bafela emzini,

besafuna ukudla ukuba babuyise umphefumulo wabo.

20“Bheka, Jehova, ngokuba nginosizi;

izibilini zami ziyaxhaphazela.

Inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami,

ngokuba ngihlubukile nokuhlubuka.

Endle yinkemba eyaphucayo,

ekhaya ngukufa.

21“Bezwile ukuthi ngiyabubula,

kepha anginamduduzi.

Zonke izitha zami zizwile ukuhlupheka kwami;

ziyathokoza ukuthi nguwe okwenzileyo.

Ululethile usuku olumemezileyo,

kepha ziyakuba njengami.

22“Mabufike bonke ububi bazo ebusweni bakho,

wenze kuzo njengokwenza kwakho kimi

ngenxa yazo zonke iziphambeko zami,

ngokuba ukububula kwami kukhulu,

nenhliziyo idangele.”

IsiLilo 2

Ukwahlulelwa kweJerusalema

1Yeka ukwembesa kweNkosi indodakazi yaseSiyoni

amafu ngentukuthelo yayo.

Uphonsile ubuhle buka-Israyeli emhlabeni busuke ezulwini,

angasikhumbulanga isenabelo sezinyawo zayo

ngosuku lwentukuthelo yayo.

2INkosi igwinyile onke amakhaya

kaJakobe ingahawukelanga.

Ngentukuthelo yayo, ibhidlizile izinqaba zendodakazi yakwaJuda,

yazidilizela emhlabathini,

yangcolisa umbuso nezikhulu zawo.

3Yanquma ngokufutheka kolaka lwayo

zonke izimpondo zakwa-Israyeli,

yabuyisela emuva isandla sayo sokunene ebusweni bezitha,

yashisa uJakobe ngomlilo wamalangabi odla nxazonke.

4Yansala umnsalo wayo njengesitha,

yema njengomelene nathi ngesokunene sayo,

yabulala konke okwakumnandi emehlweni ethu.

Etendeni lendodakazi yaseSiyoni yathulula ukufutheka kwayo njengomlilo.

5INkosi isinjengesitha,

imgwinyile u-Israyeli;

yagwinya zonke izindlu zakhe zobukhosi,

yachitha izinqaba zakhe;

yandisile endodakazini yakwaJuda ukukhala nokulila.

6Yachitha idokodo layo njengelensimu,

yaqeda indawo yayo yokuhlangana.

UJehova wenza ukuba kukhohlakale

imikhosi emisiweyo namasabatha eSiyoni,

wadelela ngokufutheka kolaka lwakhe inkosi nompristi.

7INkosi yalilahla i-altare layo,

yanengwa yindlu yayo engcwele,

yanikela izingange zezindlu zayo zamakhosi esandleni sesitha.

Ziphakamise izwi endlini kaJehova njengasosukwini lomkhosi omisiweyo.

8UJehova wayecebile ukuchitha ugange

lwendodakazi yaseSiyoni;

wawelula umucu wokulinganisa,

akabuyisanga isandla sakhe ekuchitheni;

wenza ukuba kukhale ugange nodonga,

kudangale kanyekanye.

9Amasango alo ashona emhlabathini;

wachitha, wayaphula imigoqo yalo.

Inkosi nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe,

lapho kungekho khona umthetho.

Nabaprofethi balo abatholi mbono kuJehova.

10Amalunga endodakazi yaseSiyoni

ahlezi emhlabathini, athule;

athele uthuli emakhanda awo,

abhince indwangu yamasaka.

Izintombi zaseJerusalema zithobisela phansi amakhanda azo.

11Amehlo ami ayaphela izinyembezi,

izibilini zami ziyaxhaphazela;

isibindi sami sithululelwe emhlabathini

ngenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami,

ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.

12Bathi konina: “Aphi amabele newayini?”

lapho bedangala njengababulawayo ezigcawini zomuzi,

imiphefumulo yabo ithululelwe ezifubeni zawonina.

13Ngingafakaza ngokuthini ngawe,

ngikufanise nani,

ndodakazi yaseSiyoni, na?

Ngingakulinganisa nani ukuba ngikududuze,

ntombi eyindodakazi yaseSiyoni na?

Ngokuba ukuchitheka kwakho kukhulu njengolwandle.

Ngubani ongakuphulukisa na?

14Abaprofethi bakho bakubonele imibono eyize nobuwula;

abambulanga ukona kwakho ukuba babuyise ukuthunjwa kwakho.

Kepha bakubonele iziprofetho eziyize nezikhohlisayo.

15Bonke abadlula ngendlela bakushayela ihlombe,

bancimfe, banikine amakhanda abo ngenxa yendodakazi yaseJerusalema ngokuthi:

“Yiwo lo muzi owawubizwa ngokuthi

ubuhle obupheleleyo nentokozo yomhlaba wonke na?”

16Zonke izitha zikukhamisela umlomo wazo,

zincimfa, zigedla amazinyo, zithi:

“Siwugwinyile.

Impela yilo usuku esilulindele;

sesilufumene, silubonile.”

17UJehova wenzile lokhu abekucebile;

uligcwalisile izwi lakhe,

ayeyale ngalo ezinsukwini zasendulo;

ubhidlizile engenasihawu,

wenza ukuba isitha sithokoze phezu kwakho,

waphakamisa uphondo lwabamelene nawe.

18Izinhliziyo zabo zikhala eNkosini;

wena lugange lwendodakazi yaseSiyoni,

izinyembezi mazehle njengemifula imini nobusuku.

Mawungazivumeli ukuphumula,

inhlamvu yeso lakho ingayeki.

19Vuka ukhale ebusuku ekuqaleni kwemilindo,

uthulule inhliziyo yakho njengamanzi phambi kobuso beNkosi;

phakamisa izandla zakho kuyo ngenxa yokuphila kwezingane

ezidangala ngendlala ezingosini zezitaladi zonke.

20“Bheka, Jehova,

ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani.

Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo,

izingane eziphathiweyo kahle, na?

Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na?

21“Balele phansi ezitaladini,

abasha nabadala.

Izintombi zami nezinsizwa zami ziwile ngenkemba.

Wababulala ngosuku lwentukuthelo yakho,

wabulala ungahawukelanga.

22“Wabiza njengasosukwini lomhlangano

izesabiso zami nxazonke;

akubangakho ngosuku lwentukuthelo

kaJehova owasindayo nowasalayo.

Labo engangibaphathile, ngabondla,

izitha zami zibaqedile.”

IsiLilo 3

Ukuhlupheka nosizi

1Ngingumuntu obone ukuhlupheka

ngentonga yentukuthelo yakhe.

2Ungiholile, wangihambisa ebumnyameni,

kungesikho ekukhanyeni.

3Impela uyangiphendulela isandla sakhe

ephinda njalo zonke izinsuku.

4Ugugisile inyama yami nesikhumba sami,

waphula amathambo ami.

5Ungakhele, wangihaqa

ngenyongo nangokushikashikeka.

6Ungihlalisile ebumnyameni

njengabakade bafa.

7Ungibiyele ukuze ngingaphumi,

wenza amaketanga ami ukuba asinde.

8Nalapho ngikhala ngicela ukusindiswa,

uyavalela umkhuleko wami.

9Ubiyele izindlela zami ngamatshe abaziweyo,

wagwegwisa imikhondo yami.

10Ukimi njengebhere* eliqamekelayo

nengonyama ezindaweni ezisithekileyo.

11Wachezukisa izindlela zami, wangidwengula,

wangenza incithakalo.

12Wansala umnsalo wakhe,

wangimisa ngibe yisigcibisholo somcibisholo.

13Wahlaba izinso zami

ngemicibisholo yesambo sakhe.

14Sengingohlekwayo kubantu bonke,

ngihaywa usuku lonke.

15Wangisuthisa ngokubabayo,

wangigcwalisa ngomhlonyane.

16Waphula amazinyo ami ngohlalwane,

wangembesa umlotha.

17Walahla kude nokuthula umphefumulo wami,

ngakhohlwa inhlanhla.

18Ngathi:

“Amandla ami nethemba lami kuJehova kuphelile.”

19Khumbula ukuhlupheka kwami nosizi lwami,

umhlonyane nenyongo.

20Umphefumulo wami uyakukhumbula nokukukhumbula,

uthobile phakathi kwami.

21Kepha yilokhu engiyakukubuyisela enhliziyweni yami,

ngalokho nginethemba:

22ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe,

ngokuba ububele bakhe abupheli.

23Busha ekuseni njalo;

ukuthembeka kwakho kukhulu.

24UJehova uyisabelo sami,

usho umphefumulo wami;

ngakho ngiyakwethemba kuye.

25UJehova muhle kwabamethembayo,

kumphefumulo omfunayo.

26Kuhle ukumethemba nokulindela ngokuthula

ukusindisa kukaJehova.

27Kuhle kumuntu ukuba athwale ijoka

ebusheni bakhe.

28Makahlale yedwa, athule,

lapho emthwesa lona.

29Makabeke umlomo wakhe othulini;

mhlawumbe kungaba khona ithemba.

30Makanike isihlathi sakhe komshayayo,

asuthe ngenhlamba.

31Ngokuba uJehova akayikulahla

kuze kube phakade.

32Ngokuba noma edabukisile,

uyakuhawukela nokho ngokobukhulu bomusa wakhe.

33Ngokuba akahluphi,

angadabukisi abantwana babantu ngenxa yokuba ekuthanda.

34Ukuphahlaza phansi kwezinyawo

zonke iziboshwa zasemhlabeni,

35nokuchezukisa imfanelo yomuntu

phambi kobuso boPhezukonke,

36nokona umuntu ecaleni lakhe,

iNkosi ayikuboni lokhu na?

37Kwasho ubani, kwenzakala,

iNkosi ingakuyalelanga, na?

38Akuphumi okuhle nokubi

emlonyeni woPhezukonke na?

39Ukhononelani umuntu ophilayo,

umuntu ojeziswa ngezono zakhe, na?

40Masiphenye, sicinge izindlela zethu,

sibuyele kuJehova.

41Masiphakamise izinhliziyo zethu kanye nezandla zethu

kuNkulunkulu ezulwini.

42Siphambukile, sahlubuka;

wena awukuyekelanga.

43Wazembesa ulaka, wasixosha,

wabulala, ungahawukelanga.

44Wazembesa ifu,

ukuze imikhuleko yethu ingafinyeleli.

45Usenze umphucuzo nemfucumfucu

phakathi kwabantu.

46Zonke izitha zethu

zisikhamisele imilomo yazo.

47Uvalo nomgodi kusehlele,

ukubhujiswa nokuchithwa.

48Iso lami liyamululeka imifula yamanzi

ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.

49Iso lami liyamululeka, alinqamuki;

akukho ukukhawuka,

50aze abheke uJehova,

abone esezulwini.

51Iso lami lenza umphefumulo wami ube buhlungu

ngenxa yawo onke amadodakazi omuzi wakithi.

52Abayizitha zami ngeze

bangizingele nokungizingela njengenyoni.

53Banqume ukuphila kwami emgodini,

bangiphonsa ngetshe.

54Amanzi aminzisa ikhanda lami.

Ngathi: “Nginqunyiwe.”

55Ngalibiza igama lakho, Jehova,

ngisemgodini phansi.

56Wezwa izwi lami;

ungasithezi indlebe yakho

lapho ngikhalela ukusizwa.

57Wasondela ngosuku

lokubiza kwami, wathi: “Ungesabi.”

58Nkosi, umela indaba yomphefumulo wami,

uyahlenga ukuphila kwami.

59Jehova, uyabona ukoniwa kwami;

thetha indaba yami.

60Uyabona konke ukuphindisa kwabo

nawo onke amacebo abo ngami.

61Uyezwa inhlamba yabo, Jehova,

nawo onke amacebo abo ngami,

62izindebe zabangivukeleyo

nemicabango yabo ngami izinsuku zonke.

63Bheka ukuhlala kwabo nokuvuka kwabo;

ngihaywa yibo.

64Uyakubaphindisela, Jehova,

ngokwemisebenzi yezandla zabo.

65Uyakubanika isimbozo senhliziyo,

isiqalekiso sakho sibe phezu kwabo.

66Uyakubaxosha ngentukuthelo,

ubabhubhise,

bangabe besaba khona phansi kwezulu likaJehova.

IsiLilo 4

Intukuthelo kaJehova ngeJerusalema

1Yeka ukufiphala kwegolide

nokuguquka kwegolide elihle!

Amatshe endlu engcwele ahlakazekile

ezingosini zazo zonke izitaladi.

2Amadodana anqabileyo aseSiyoni,

elingene negolide elihle,

yeka ukuthiwa kwawo ayizitsha zebumba,

imisebenzi yezandla zombumbi!

3Namakhanka ehlisa,

ancelise amazinyane awo.

Indodakazi yabantu bami isinonya, njengezintshe zasehlane.

4Ulimi loncelayo lunamathela

olwangeni lwakhe ngokoma.

Izingane zicela isinkwa,

kepha akakho ozihlephulelayo.

5Abakade bedla okumnandi

sebechithakele ezitaladini.

Ababekhuliswa ngokububende sebesingatha izala.

6Ukona kwendodakazi yabantu bami

kukhulu kunesono saseSodoma

elachithwa ngokuphazima kweso,

kungasondelanga zandla kulo.

7Abakhulu balo babehlambulukile kunongqoqwane,

babe mhlophe kunobisi;

imizimba yabo yayibomvana kunekorali,*

isimo sabo sasinjengesafire.*

8Ubuso babo sebumnyama kunelahle,

abaziwa ezitaladini.

Isikhumba sabo sinamathela emathanjeni abo,

sishwabene, saba njengomuthi.

9Babe ngcono ababebulawa

ngenkemba kunababebulawa ngendlala,

ababuna behlatshiwe ngokuswela ukudla kwensimu.

10Izandla zabesifazane abahawukelayo

zapheka izingane zabo;

zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.

11UJehova ufezile ukufutheka kwakhe,

uthululile ukufutheka kwentukuthelo yakhe;

uphembile umlilo eSiyoni oqedile izisekelo zalo.

12Amakhosi omhlaba

ayengakholwa kanye nabo bonke abakhileyo ezweni

ukuthi abamelene nabo nezitha zabo

babeyakungena emasangweni aseJerusalema.

13Kungenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi balo

ababechitha igazi labalungileyo phakathi kwalo.

14Bazulazula njengezimpumputhe ezitaladini,

bengcolile ngegazi

ngangokuba zazingenakuthintwa izingubo zabo.

15“Chezukani, ningcolile!”

bamemeza kubo:

“Chezukani, chezukani, ningathinti!”

Lapho bebaleka bezulazula,

bathi phakathi kwabezizwe:

“Abasayikugogobala lapha.”

16Ubuso bukaJehova buyabahlakaza,

akasayikubanakekela.

Abahloniphi ubuso babapristi,

kababanga namusa kumalunga.

17Amehlo ethu ayaphela ukubheka usizo lwethu oluyize;

ekulindeni kwethu silindela isizwe esingenakusindisa.

18Bazingela izinyathelo zethu

ukuba singahambi ezigcawini zethu.

Ukugcina kwethu kuseduze,

izinsuku zethu zigcwele,

yebo, ukugcina kwethu kufikile.

19Abasixoshayo babenejubane kunezinkozi zezulu;

basizingela ezintabeni,

basiqamekela ehlane.

20Umoya wamakhala ethu,

ogcotshiweyo kaJehova,

wabanjwa emigodini yabo,

esathi ngaye:

“Phansi kwethunzi lakhe

siyakuphila phakathi kwezizwe.”

21Jabula, uthokoze,

ndodakazi yakwa-Edomi,

ohlala ezweni lase-Uzi.

Indebe iyakudlulela nakuwena;

uyakudakwa, uzenze nqunu.

22Ububi bakho sebuphelile,

ndodakazi yaseSiyoni,

kasayikukuthumba.

Ububi bakho,

ndodakazi yakwa-Edomi,

uyakubuhambela,

azambule izono zakho.

IsiLilo 5

Umkhuleko wokuzwelwa

1Khumbula, Jehova, esehlelwe yikho;

bheka, ubone ihlazo lethu.

2Ifa lethu seliphendulelwe abafokazi,

nezindlu zethu kwabezizwe.

3Siyizintandane, asinababa;

omame banjengabafelokazi.

4Amanzi ethu siyawaphuza ngemali,

izinkuni zethu ziza ngentengo.

5Abasixoshayo basezintayeni zethu;

sikhathele, asinakuphumula.

6Sinike isandla sethu kulo iGibithe

nakulo i-Asiriya ukuba sisuthe isinkwa.

7Obaba bona abasekho;

thina sithwala ububi babo.

8Izigqila ziyasibusa;

akakho osikhulula esandleni sabo.

9Sithola ukudla kwethu ngokuzidela amathambo

ngenxa yenkemba yasehlane.

10Isikhumba sethu siyasha njengeziko

ngokushisa kwendlala.

11Balala nabesifazane eSiyoni,

izintombi zasemizini yakwaJuda.

12Izikhulu zaphanyekwa ngezandla zabo;

ubuso babadala ababuhloniphanga.

13Izinsizwa zathwala amatshe okugaya,

abantwana bakhubeka phansi kwezinkuni.

14Abadala baphelile esangweni,

nezinsizwa ekuhlabeleleni kwazo.

15Intokozo yenhliziyo yethu iphelile;

ukusina kwethu kuphenduke ukulila.

16Umqhele uwile ekhanda lethu.

Maye kithina, ngokuba sonile!

17Ngalokho inhliziyo yethu idangele;

ngalezi zinto amehlo ethu afiphele,

18ngenxa yentaba yaseSiyoni echithekile,

zize zihambe kuyo izimpungushe.

19Wena Jehova umi phakade;

isihlalo sakho sobukhosi

sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane.

20Usikhohlelwani kuze kube phakade,

usishiye izinsuku eziningi, na?

21Sibuyisele kuwe Jehova, siyakubuya;

yenza izinsuku zethu zibe zintsha njengasendulo,

22ngokuba usilahlile nokusilahla,

wasithukuthelela kakhulu.

Ihubo 50

Ukukhonza uNkulunkulu ngeqiniso

Ihubo lika-Asafa.

1UNkulunkulu uMninimandla onke,

uJehova, uyakhuluma, ubiza umhlaba

kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo.

2ESiyoni eliphelele ebuhleni

uNkulunkulu uqhamile ekukhanyeni.

3UNkulunkulu wethu uyeza, akayikuthula;

umlilo udla phambi kwakhe;

uphahlwe yisivunguvungu esikhulu.

4Ubiza izulu ngaphezulu

kanye nomhlaba ukuba ahlulele isizwe sakhe:

5“Buthelani kimi abangcwele bami

abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.”

6Izulu lishumayela ukulunga kwakhe,

ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela*

7“Yizwa, sizwe sami, ngiyakukhuluma;

Israyeli, ngizakufakaza kuwe ukuthi:

NginguNkulunkulu,

uNkulunkulu wakho.

8Angiyikukujezisa ngenxa yemihlatshelo yakho;

iminikelo yakho yokushiswa iphambi kwami njalo.

9Angiyikuthatha nkunzi endlini yakho

nampongo ezibayeni zakho.

10Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi,

nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane.

11Ngiyazazi zonke izinyoni zasezintabeni,

nezilwane zasendle zaziwa yimi.

12Uma bengilambile,

bengingekutshele wena,

ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo.

13Ngiyakudla yini inyama yezinkunzi,

ngiphuze igazi lezimpongo, na?

14Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga,

uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke;

15ngibize ngosuku lwenhlupheko;

ngiyakukukhulula,

wena uyakungidumisa.”

16Kepha komubi uNkulunkulu uthi:

“Yini ukuba ushumayele izimiso zami,

uphathe isivumelwano sami ngomlomo wakho,

17ingani uyazonda ukuqondiswa,

amazwi ami uwalahla emva kwakho, na?

18Uma ubona isela, uvumelana nalo;

neziphingi uhlanganyela nazo.

19Umlomo wakho uwuyekela ebubini;

ulimi lwakho luqamba inkohliso.

20Uhlala uhleba umfowenu;

unyevuza indodana kanyoko.

21Lokho ukwenzile, ngathula;

ushaye sengathi nginjengawe;

ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho.

22“Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu,

funa nginidwengule,

kungabikho osindisayo.

23Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa;

oqaphela indlela yakhe

ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU