Bible Society of South Africa

To The Word – Day 185

Jeremiah 38–42, Psalm 55

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJeremiya 38

Ukukhululwa kukaJeremiya emgodini

1UShefathiya indodana kaMathani, noGedaliya indodana kaPhashuri, noJukali indodana kaShelemiya, noPhashuri indodana kaMalikhiya bawezwa amazwi uJeremiya awakhulumayo kubo bonke abantu ukuthi: 2“Usho kanje uJehova, uthi: ‘Osele kulo muzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kepha ophumela kumaKaledi uyakuphila, nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile.’ 3Usho kanje uJehova, uthi: ‘Lo muzi uyakunikelwa nokunikelwa esandleni sempi yenkosi yaseBabele, iwuthathe.’ ”

4Zase zithi izikhulu enkosini: “Makabulawe lo muntu, njengokuba edangalisa izandla zamadoda empi asele kulo muzi nezandla zabantu bonke ngokukhuluma amazwi anjalo kubo, ngokuba lo muntu akafuni ukuthula kwalaba bantu, ubafunela okubi.”

5USedekiya inkosi wayesethi: “Bhekani, usesandleni senu, ngokuba inkosi ayinamandla okuphambana nani ngalutho.”

6Zase zimthatha uJeremiya, zamphonsa emgodini kaMalikhiya indodana yenkosi owawusegcekeni letilongo, bamehlisa uJeremiya ngezintambo. Emgodini kwakungekho manzi, udaka lodwa; uJeremiya washona odakeni.

7U-Ebedi Meleki umKushe, umthenwa, owayesendlini yenkosi, esezwile ukuthi bamfake uJeremiya emgodini, inkosi ihlezi esangweni lakwaBenjamini, 8u-Ebedi Meleki waphuma endlini yenkosi, wakhuluma enkosini, wathi: 9“Nkosi yami, nkosi, laba bantu benzile okubi ngakho konke abakwenzile kuJeremiya umprofethi, abamphonsile emgodini; uyakufela endaweni lapho ekhona ngokulamba, ngokuba akusekho ukudla emzini.”

10Inkosi yayisimyala u-Ebedi Meleki umKushe, ithi: “Thatha lapha abantu abangamashumi amathathu, uhambe nabo, umkhiphe uJeremiya umprofethi emgodini, engakafi.”

11U-Ebedi Meleki wabathatha abantu, wahamba nabo, waya endlini yenkosi phansi kwendlu yengcebo, wakhipha khona amadlephudlephu amadala namanikiniki abolileyo, wawehlisela kuJeremiya emgodini ngezintambo. 12U-Ebedi Meleki umKushe wathi kuJeremiya: “Faka lawa madlephudlephu amadala namanikiniki abolileyo emakhwapheni phansi kwezintambo.” UJeremiya wenze njalo. 13Base bemdonsa uJeremiya ngezintambo, bamkhipha emgodini; uJeremiya wahlala egcekeni letilongo.

UJeremiya uhlangana ngasese noSedekiya

14USedekiya inkosi wathumela wamthatha uJeremiya umprofethi, wamzisa kuye esikhaleni sesithathu esisendlini kaJehova; inkosi yathi kuJeremiya: “Ngithanda ukubuza into kuwe, ungangifihleli lutho.”

15UJeremiya wathi kuSedekiya: “Uma ngikutshela, awuyikungibulala nokungibulala na? Uma ngikululeka, awuyikungilalela.”

16Inkosi uSedekiya yayisifunga ngasese kuJeremiya, yathi: “Kuphila kukaJehova owasenzela lo mphefumulo, angiyikukubulala, futhi angiyikukunikela esandleni salawa madoda afuna ukuphila kwakho.”

17Wayesethi uJeremiya kuSedekiya: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Uma uphuma nokuphuma, uye ezikhulwini zenkosi yaseBabele, umphefumulo wakho uyakuphila, futhi lo muzi awuyikushiswa ngomlilo, uphile wena nendlu yakho; 18kepha uma ungaphumi uye ezikhulwini zenkosi yaseBabele, lo muzi uyakunikelwa esandleni samaKaledi, awushise ngomlilo, ungaphunyuki esandleni sabo.’ ”

19Inkosi uSedekiya yathi kuJeremiya: “Ngiyesaba abaJuda abahlubukele kumaKaledi, funa nginikelwe esandleni sabo, bangiklolodele.”

20Kepha uJeremiya wathi: “Abayikukunikela. Ake ulilalele izwi likaJehova kulokhu engikukhulumayo kuwe; kuyakuba kuhle kuwe, umphefumulo wakho uphile. 21Kepha uma wala ukuphuma, yileli zwi uJehova angibonisile lona lokuthi: 22Bheka, bonke abesifazane abasele endlini yenkosi yakwaJuda bayakukhishelwa izikhulu zenkosi yaseBabele; bheka, bayakuthi:

“ ‘Abahlobo bakho abakhulu bakududile,

bakwahlula;

kepha lapho izinyawo zakhe

zishone exhaphozini,

babuyele emuva.’

23“Bayakukhiphela amaKaledi bonke abafazi bakho nabantwana bakho; awuyikuphunyuka esandleni sabo, kepha uyakubanjwa ngesandla senkosi yaseBabele, wenze ukuba lo muzi ushiswe ngomlilo.”

24USedekiya wayesethi kuJeremiya: “Makungabikho muntu owazi lawa mazwi, funa ufe. 25Uma izikhulu zizwa ukuthi ngikhulumile nawe, bese zifika kuwe, zithi kuwe: ‘Ake usitshele okukhulumileyo enkosini, ungasifihleli khona, asiyikukubulala, nalokho inkosi eyakukhuluma kuwe,’ 26uyakuthi kubo: ‘Nganxusa enkosini ukuba ingangibuyiseli endlini kaJonathani, funa ngifele khona.’ ”

27Zonke izikhulu zafika kuJeremiya, zambuza. Wazitshela onke lawa mazwi inkosi emyale ngawo. Zathula, zasuka kuye, ngokuba indaba ayizwakalanga.

28Kepha uJeremiya wasala egcekeni letilongo, kwaze kwafika usuku elanqotshwa ngalo iJerusalema.

UJeremiya 38ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 39

Ukunqotshwa kweJerusalema

1Kwathi lapho iJerusalema selinqotshiwe ngomnyaka wesishiyagalolunye kaSedekiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nempi yakhe yonke eJerusalema, walivimbezela; 2ngomnyaka weshumi nanye kaSedekiya ngenyanga yesine ngolwesishiyagalolunye lwenyanga umuzi wafohlwa 3kwangena zonke izikhulu zenkosi yaseBabele, zahlala esangweni eliphakathi, oNerigali Sareseri, noSamigari Nebo, noSaresekimi induna yezinceku, noNerigali Sareseri induna yabapristi, kanye nazo zonke ezinye izikhulu zenkosi yaseBabele. 4Kwathi lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda nawo onke amadoda empi bezibona, babaleka, bephuma emzini ebusuku ngendlela yensimu yenkosi ngesango phakathi kwezingange zombili; waphuma ngendlela yase-Araba.

5Kepha impi yamaKaledi yabaxosha, yamfica uSedekiya emahlane aseJeriko, yambamba, yamkhuphulela kuNebukadinesari, inkosi yaseBabele, eRibila ezweni laseHamati, wamahlulela. 6Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya eRibila phambi kwamehlo akhe; futhi inkosi yaseBabele yabulala bonke abakhulu bakwaJuda. 7Yakhipha namehlo kaSedekiya, yambopha ngamaketanga ukuba imyise eBabele.

8AmaKaledi ashisa indlu yenkosi nezindlu zabantu ngomlilo, azidiliza izingange zaseJerusalema. 9Insali yabantu ababesala emzini, nabahlubuki ababehlubukela kuye, nensali yabantu abaseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumbela eBabele. 10Kepha uNebuzaradani induna yabalindi wabashiya abantu abampofu ababengenalutho ezweni lakwaJuda, wabanika izivini namasimu ngasikhathi sinye.

11UNebukadinesari, inkosi yaseBabele, wamyala uNebuzaradani, induna yabalindi, ngoJeremiya, wathi: 12“Mthathe, umbheke, ungamenzeli lutho olubi, kepha wenze kuye njengokusho kwakhe kuwe.” 13UNebuzaradani induna yabalindi kanye noNebushazibani induna yezinceku, noNerigali Sareseri induna yabapristi, nezikhulu zonke zenkosi yaseBabele base bethumela, 14bathuma bamkhipha uJeremiya egcekeni letilongo, bamnikeza kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba amyise ekhaya; wayesehlala phakathi kwabantu.

15Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya esavalelwe egcekeni letilongo, lithi: 16“Hamba ukhulume ku-Ebedi Meleki umKushe, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakwehlisela amazwi ami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, abe ngaphambi kwakho ngalolo suku. 17Kepha ngiyakukophula ngalolo suku, usho uJehova, unganikelwa esandleni sabantu obesabayo. 18Ngokuba ngiyakukukhulula nokukukhulula, awuyikuwa ngenkemba, kepha ukuphila kwakho kuyakuba yimpango kuwe, ngokuba ungethembile, usho uJehova.’ ”

UJeremiya 39ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 40

UGedaliya

1Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, uNebuzaradani induna yabalindi esemvumele ukuba asuke eRama ngokumthatha eboshiwe ngamaketanga phakathi kwabo bonke abathunjwa baseJerusalema nakwaJuda ababeyakuthunjelwa eBabele. 2Induna yabalindi yamthatha uJeremiya, yathi kuye: “UJehova uNkulunkulu wakho wakhuluma lokhu okubi kule ndawo; 3usekulethile uJehova, wakwenza njengokukhuluma kwakhe, ngokuba nonile kuJehova, kanililalelanga izwi lakhe; ngalokho le nto inehlele. 4Bheka, manje sengiyakukhulula namuhla emaketangeni asezandleni zakho. Uma kukuhle emehlweni akho ukuya nami eBabele, woza ngiyakukubheka; kepha uma kukubi emehlweni akho ukuya nami eBabele, kuyeke; bheka, izwe lonke lisebusweni bakho; lapho kukuhle nalapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho.” 5Engakabuyi, yathi: “Buyela kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani, inkosi yaseBabele emenze abe ngumbusi phezu kwemizi yakwaJuda, uhlale naye phakathi kwabantu; noma lapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho.” Induna yabalindi yayisimnika umphako nesipho, yamvumela ukuba ahambe. 6Wayesehamba uJeremiya, waya kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu, eMispa, wahlala naye phakathi kwabantu ababesele ezweni.

7Zonke izinduna zempi ezazisendle, zona nabantu bazo, sezizwile ukuthi inkosi yaseBabele imenzile uGedaliya indodana ka-Ahikamu umbusi ezweni nokuthi inikele kuye abesilisa, nabesifazane, nabantwana, nabayizimpofana bezwe abangathunjelwanga eBabele, 8zaya kuGedaliya eMispa: u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, noJohanani noJonathani amadodana kaKhareya, noSeraya indodana kaThanihumeti, namadodana ka-Efayi waseNethofa, noJahazaniya indodana yomMahakha, bona nabantu babo. 9UGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani wafunga kubo nakubantu babo, wathi: “Ningesabi ukukhonza amaKaledi: hlalani ezweni, niyikhonze inkosi yaseBabele, kuyakuba kuhle kini. 10Bhekani, mina ngiyakuhlala eMispa, ngiwakhonze lawo maKaledi ayakufika kithina, kepha nina, buthani iwayini, nezithelo, namafutha, nikubeke ezitsheni zenu, nihlale emizini yenu eniyithathileyo.”

11Futhi lapho bonke abaJuda ababekwaMowabi, naphakathi kwabantwana bakwa-Amoni, nakwa-Edomi, nababesemazweni onke sebezwile ukuthi inkosi yaseBabele ishiyile insali kwaJuda nokuthi ibeke phezu kwabo uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba abe ngumbusi phezu kwabo, 12bonke abaJuda babuya ezindaweni zonke ababexoshelwe kuzo, bafika ezweni lakwaJuda kuGedaliya eMispa, babutha kakhulu iwayini nezithelo.

13UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazisendle beza kuGedaliya eMispa, 14bathi kuye: “Uyazi yini ukuthi uBahalisi inkosi yabantwana bakwa-Amoni uthume u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ukuba akubulale na?” Kepha uGedaliya indodana ka-Ahikamu akabakholwanga.

15UJohanani indodana kaKhareya wakhuluma kuGedaliya eMispa ngasese, wathi: “Mangihambe ngimbulale u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, kungaziwa muntu; ubeyakukubulalelani, ukuze bonke abaJuda ababuthene kuwe bahlakazake, insali yakwaJuda ichithwe, na?”

16Kepha uGedaliya indodana ka-Ahikamu wathi kuJohanani indodana kaKhareya: “Awuyikwenza le nto, ngokuba ukhuluma amanga ngo-Ishmayeli.”

UJeremiya 40ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 41

1Kwathi ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ka-Elishama, wozalo lwenkosi nowezikhulu zenkosi, wafika namadoda ayishumi kuGedaliya indodana ka-Ahikamu eMispa, badla khona isinkwa kanyekanye eMispa. 2Wayesesuka u-Ishmayeli indodana kaNethaniya namadoda ayishumi ayenaye, bamshaya uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ngenkemba, bambulala, yena inkosi yaseBabele ebimenze umbusi ezweni. 3U-Ishmayeli wabulala nabo bonke abaJuda ababe naye uGedaliya eMispa, namaKaledi, amadoda empi ayefunyanwa khona.

4Kwathi ngosuku lwesibili esembulele uGedaliya, kungaziwa muntu, 5kwafika amadoda angamashumi ayisishiyagalombili evela eShekemi, naseShilo, naseSamariya, izilevu zawo ziphuculiwe nezingubo ziklejuliwe, bezisikile, bephethe iminikelo yempuphu nempepho ezandleni zabo ukuba bakulethe endlini kaJehova. 6U-Ishmayeli indodana kaNethaniya waphuma eMispa ukubahlangabeza, ehamba ekhala. Kwathi lapho esehlangana nabo, wathi kubo: “Ngenani kuGedaliya indodana ka-Ahikamu.”

7Kwathi sebengenile phakathi komuzi, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wababulala, wabalahla emgodini, yena namadoda ayenaye. 8Kepha kwafunyanwa amadoda ayishumi phakathi kwabo asho ku-Ishmayeli, athi: “Ungasibulali, ngokuba sinokolweni, nebhali,* namafutha, nezinyosi okubekelelwe endle.” Wayesebayeka, akababulalanga kanye nabafowabo. 9Umgodi u-Ishmayeli alahla kuwo zonke izidumbu zabantu ayebabulele wawungumgodi omkhulu owenziwa yinkosi u-Asa ngenxa kaBahasha inkosi ka-Israyeli; u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wawugcwalisa ngababuleweyo.

10U-Ishmayeli wayesethumba bonke abantu abaseleyo eMispa, amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele eMispa, uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka-Ahikamu, yebo, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabathumba, wahamba ukuba adlulele kubantwana bakwa-Amoni.

11Kepha lapho uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye sebezwile konke okubi u-Ishmayeli indodana kaNethaniya abekwenzile, 12bathatha bonke abantu, baya ukulwa no-Ishmayeli indodana kaNethaniya, bamfumana ngasemanzini amaningi aseGibeyoni. 13Kwathi lapho bonke abantu ababe no-Ishmayeli bembona uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye, bathokoza. 14Base bephenduka bonke abantu u-Ishmayeli ayebathumbile eMispa, babuya, baya kuJohanani indodana kaKhareya. 15Kepha u-Ishmayeli indodana kaNethaniya waphunyuka kuJohanani enamadoda ayisishiyagalombili, waya kubantwana bakwa-Amoni.

16UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye base bethatha yonke insali yabantu ayeyibuyisile ku-Ishmayeli indodana kaNethaniya eMispa, yena esembulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, amadoda empi, nabesifazane, nabantwana, nabathenwa ayebabuyisile eGibeyoni. 17Bahamba, bahlala endaweni yokuphumula eKimihamu elingaseBetlehema ukuba bahambe, bangene eGibithe 18ngenxa yamaKaledi, ngokuba babewesaba, lokhu u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ebembulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, inkosi yaseBabele eyamenza umbusi ezweni.

UJeremiya 41ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 42

Ukwehlela eGibithe

1Zase zisondela zonke izinduna zempi, noJohanani indodana kaKhareya, noJezaniya indodana kaHoshaya, nabantu bonke abancane nabakhulu, 2zathi kuJeremiya umprofethi: “Ukunxusa kwethu makwamukeleke ngaphambi kwakho, usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wakho, unxusele yonke le nsali, ngokuba sisele singaba yingcosana kwabaningi, njengalokhu amehlo akho ekubona nje, 3ukuba uJehova uNkulunkulu wakho asibonise indlela esiyakuhamba ngayo, nalokhu esiyakukwenza.”

4Wayesethi kubo uJeremiya umprofethi: “Nginizwile; bhekani, ngiyakukhuleka kuJehova uNkulunkulu wenu njengamazwi enu; kuyakuthi noma yintoni uJehova ayakuniphendula ngayo, nginitshele yona, nginganigodleli lutho.”

5Bathi kuJeremiya: “UJehova makabe ngufakazi oqinisileyo nothembekileyo ngathi, uma singenzi njengamazwi onke uJehova uNkulunkulu wakho ayakukuthuma nawo kithi. 6Noma lilihle, noma lilibi, siyakulilandela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye ukuba kube kuhle kithi, lapho sililalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”

7Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi izwi likaJehova lafika kuJeremiya. 8Wayesembiza uJohanani indodana kaKhareya, nazo zonke izinduna zempi ezazinaye, nabo bonke abantu abancane nabakhulu, wathi kubo: 9“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli eningithume kuye ukubeka ukunxusa kwenu phambi kwakhe, uthi: 10‘Uma nihlala nokuhlala kuleli zwe, ngiyakunakha nginganidilizi, nginitshale nginganisiphuli, ngokuba ngiyazisola ngokubi engikwenzile kini. 11Ningayesabi inkosi yaseBabele eniyesabayo; ningayesabi, usho uJehova, ngokuba nginani ukuba nginisindise, nginophule esandleni sayo. 12Ngiyakuniphatha ngobubele ukuba inihawukele, inibuyisele ezweni lakini.’

13“Kepha uma nithi: ‘Asiyikuhlala kuleli zwe,’ nize ningalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wenu, 14nithi: ‘Qha, ngokuba siyakuya ezweni laseGibithe, lapho singayikubona khona impi, singezwa ukukhala kwecilongo, singalambeli ukudla, sihlale khona,’ 15yizwa manje izwi likaJehova wena nsali yakwaJuda; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Uma nibhekisa nokubhekisa ubuso benu ukuya eGibithe, nihambe ukuba nigogobale khona, 16inkemba eniyesabayo iyakunifica khona ezweni laseGibithe, indlala eninovalo ngayo inamathele kini lapho eGibithe, nifele khona. 17Kuyakuba njalo bonke abantu ababhekisa ubuso babo ukuya eGibithe ukuba bagogobale khona; bayakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kungabikho kubo oyakusala, aphunyuke ebubini engiyakubehlisela phezu kwabo.’ 18Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalokhu intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululelwe phezu kwabakhileyo eJerusalema, kanjalo ukufutheka kwami kuyakuthululelwa phezu kwenu, nxa ningena eGibithe, nibe yisithuko, nesimangaliso nesiqalekiso, nehlazo, ningabe nisayibona le ndawo.’

19“UJehova ukhulumile ngani ukuthi: ‘Wena nsali yakwaJuda, ungayi eGibithe;’ yazi nokwazi ukuthi ngifakazile kini namuhla. 20Ngokuba nazidukisa, lapho nangithuma kuJehova uNkulunkulu wenu ukuthi: ‘Sinxusele kuJehova uNkulunkulu wethu, usitshele konke ayakukusho uJehova uNkulunkulu wethu, siyakukwenza.’ 21Namuhla senginitshelile, kepha anililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wenu nakokukodwa angithume ngakho kini. 22Ngalokho yazini nokwazi ukuthi niyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo endaweni enifisa ukuya kuyo ukuba nigogobale khona.”

UJeremiya 42ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 55

Umkhuleko ngabazalwane abambumbulu

Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. IMaskili* likaDavide.

1Lalela, Nkulunkulu,

umkhuleko wami,

ungazifihli ekunxuseni kwami.

2Ngizwele, ungiphendule;

ngiyayaluza ekukhaleni kwami, ngiyabubula

3ngenxa yezwi lesitha,

ngenxa yokucindezela komubi;

ngokuba bagingqela okubi phezu kwami;

bangizingela bethukuthele.

4Inhliziyo yami iyathuthumela phakathi kwami;

amavuso okufa angehlele.

5Ngifikelwe luvalo nokuqhaqhazela;

ngikhwelwe ngukwesaba okukhulu.

6Besengithi:

“Sengathi ngingaba namaphiko njengejuba;

ngabe ngindizela ekudeni,

ngihlale khona.”

7Bheka, bengiyakubaleka, ngiye kude,

ngingenise ehlane. Sela*

8Ngabe ngiphuthuma indawo yokuphepha

emoyeni ovunguzayo nasesiphephweni.

9Bachithe, Nkosi,

uphambanise ulimi lwabo,

ngokuba ngibonile ubudlwangudlwangu nokuxabana emzini.

10Imini nobusuku bahamba bezungeza phezu kwezingange zawo;

okubi nokushinga kuphakathi kwawo.

11Ububi buphakathi kwawo;

imbandezelo nenkohliso akusuki esigcawini sawo.

12Ngokuba akusiso isitha esingiklolodelayo;

ngabe ngiyakuthwala;

akusiye ongizondayo oziphakamise phezu kwami;

ngabe ngamcashela;

13kepha nguwe ntanga yami,

mhlobo wami nomngane wami.

14Sasihlalisana kamnandi;

sasiya endlini kaNkulunkulu kanye nebandla elithokozayo.

15Ukufa makubazume,

bashonele endaweni yabafileyo besezwa,

ngokuba ububi busezindlini zabo nasezinhliziyweni zabo.

16Mina ngizakukhala kuNkulunkulu;

uJehova uzakungisindisa.

17Kusihlwa nasekuseni nasemini ngizakuzikhalela, ngibubule,

abeselizwa izwi lami.

18Uyawuhlenga umphefumulo wami ngokuthula, bangasondeli kimi,

ngokuba baningi abamelene nami.

19UNkulunkulu uzakuzwa, abaphendule,

yena okhona kwaphakade. Sela*

Yibona kambe okungekho kubo ukuphenduka,

nabangamesabiyo uNkulunkulu.

20Ubeka isandla ngakuye ohlalisene kahle naye;

udumazile isivumelwano sakhe.

21Umlomo wakhe ubushelezi kunephehlwa,

kepha inhliziyo yakhe iyimpi;

amazwi akhe athambile kunamafutha;

nokho ayizinkemba ezikhokhiweyo.

22Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa;

akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.

23Wena Nkulunkulu uyakubaphonsa egodini lokubhubhisa;

abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo;

kepha mina ngizakwethemba wena.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU