Bible Society of South Africa

To The Word – Day 169

Job 38–42

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJobe 38

UJehova uyamphendula uJobe

1UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, ethi:

2“Ngubani lo owenza mnyama isiluleko

ngamazwi angenalwazi na?

3Bopha izinkalo zakho njengendoda;

ngizakukubuza, wena ungazise.

4Wawukuphi,

lapho ngasekela umhlaba, na?

Ngitshele, uma ukwazi ukuqonda.

5Ngubani owanquma izilinganiso zawo,

ngokuba uyakwazi phela!

Ngubani owelula umucu wokulinganisa phezu kwawo na?

6Izisekelo zawo zabekwa phezu kwani na?

Ngubani owabeka itshe lawo legumbi,

7lapho izinkanyezi zokusa zahlabelela kanyekanye,

nawo onke amadodana kaNkulunkulu ajabula, na?

8“Ngubani owavalela ulwandle ngezicabha,

lapha lwabhoboka kungathi lwaphuma esiswini,

9lapho ngabeka amafu aba yisambatho salo,

nesigayegaye saba yimbeleko yalo,

10nalapho ngalumisela umncele wami,

ngamisa imigoqo nezicabha,

11ngathi:

‘Uyakufika lapha, kepha ungadluli;

lapha amaza akho aziqhenyayo ayakumiswa,’ na?

12“Emihleni yakho uyalile ukusa,

wazisa umthende wokusa indawo yawo

13ukuba ubambe amagumbi omhlaba,

ababi bathintithwe kuwo, na?

14Uguquka njengebumba lophawu lokunamathelisa;

konke kuqhamuka kungathi kwembesiwe.

15Ababi sebenqatshelwe ukukhanya kwabo,

nengalo ephakemeyo yaphuliwe.

16“Wake wangena emithonjeni yolwandle,

wahamba phansi otweni, na?

17Amasango okufa uwavulelwe,

wabona amasango ethunzi lokufa, na?

18Uqondile ububanzi bomhlaba na?

Yisho, uma ukwazi konke.

19“Iphi indlela eya lapho kuhlala khona ukukhanya,

nobumnyama-ke, iphi indawo yabo,

20ukuze ukuyise emkhawulweni wakho,

uqonde imikhondo yendlu yakho, na?

21Angithi uyakwazi,

ngokuba wawusuzelwe,

nomumo wemihla yakho mkhulu, na?

22“Wake wangena ezinqolobaneni zeqhwa,

wabona izinqwaba zesichotho,

23engiziqongelele isikhathi sokuhlupheka

nosuku lokulwa nolwempi, na?

24Iphi indlela eya lapho ukukhanya

kwahlukaniselwa khona,

nalapho umoya wasempumalanga

uhlakazekela khona emhlabeni, na?

25Ngubani ovulele ukuchichima kwamanzi umsele

nonyazi lokuduma indlela,

26ukunisa imvula emhlabeni

lapho kungekho muntu khona,

nasehlane elingenamuntu,

27ukusuthisa ihlane kwahlongasibi,

nokuhlumisa uhlaza, na?

28Kukhona uyise wemvula na?

Ngubani owazala amathonsi amazolo na?

29Iqhwa lavela esiswini sikabani,

nesithwathwa sazalwa ngubani, na?

30Amanzi ayacasha kungathi ayitshe;

ubuso botwa buhlangene.

31“Ungabopha amaketanga esiLimela,

uthukulule izintambo zeMpambano, na?

32Ungakhipha izinkanyezi ngesikhathi sazo,

uhole iBhere* nabantwana balo, na?

33Uyazazi izimiso zasezulwini,

umise ukumisa kwazo emhlabeni, na?

34“Ungaphakamisela izwi lakho emafwini,

ukuze amanzi amaningi akusibekele, na?

35Ungathuma imibani ukuba ihambe,

isho kuwe, ithi: ‘Bheka, silapha’?

36Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu,

ngubani onika ukuqonda enhliziyweni na?

37Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha,

ngubani ongathulula izimvaba zasezulwini,

38lapho uthuli luphenduka isigaxa,

namagabade anamathelane, na?

39“Uyazingelela ibhubesikazi impango,

usuthise iphango lamabhongo,

40lapho elala emihumeni yawo,

ehlezi esikhundleni eqamekele, na?

41Ngubani olungisela igwababa ukudla kwalo,

lapho amaphuphu alo ekhala kuNkulunkulu,

ezulazula ngokuswela ukudla, na?

UJobe 39

Umusa kaNkulunkulu ubonakala naphakathi kwezilwane

1“Uyazi yini isikhathi sokuzala kwamagogo,

uqaphela ukuzala kwezindluzelekazi, na?

2Ungazibala izinyanga eziziqedayo,

uyasazi isikhathi ezizala ngaso, na?

3Ziyakhonkobala, zizala amazinyane azo,

zikhiphe okwemihlelo yazo.

4Amazinyane azo aqina,

akhulela endle;

ayahamba,

angabe esabuyela kuzo futhi.

5“Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe;

ngubani owathukulula izintambo zayo,

6engenza ihlane libe yindlu yayo,

nezwe likasawoti libe yindawo yayo yokuhlala, na?

7Ihleka umsindo wedolobha,

ingezwa ukumemeza komshayeli.

8Okufunyanwa ezintabeni kuyidlelo layo:

ifuna zonke izinto eziluhlaza.

9“Inyathi iyakuthanda ukukhonza,

ihlale ebusuku emkhombeni wakho, na?

10Ungayibophela inyathi ngentambo emseleni,

ibhuqe izigodi emva kwakho, na?

11Ungayethemba, ngokuba amandla ayo makhulu,

ushiye umshikashika wakho kuyo, na?

12Ungakholwa yiyo ukuba ibuyise imbewu yakho,

iyibuthele esibuyeni sakho, na?

13“Amaphiko entshe ayaphaphaza,

kepha angamakhombe nezimpaphe zothando na?

14Ngokuba iyashiya amaqanda ayo emhlabathini,

iwafudumeze othulini.

15Iyakhohlwa ukuthi unyawo lungawachoboza

nokuthi isilwane sasendle singawanyathela.

16Iphatha kalukhuni amazinyane ayo,

kungathi awasiwo awayo;

ayinangebhe yokuthi umshikashika wayo ungaba yize.

17Ngokuba uNkulunkulu wayenza ukuba ikhohlwe ukuhlakanipha,

akayabelanga ukuqonda.

18Lapho indizela phezulu,

ihleka amahhashi nabagibeli bawo.

19“Nguwe onika ihhashi amandla alo,

wembathisile intamo yalo umhlwenga oyephuzelayo, na?

20Ulenze ukuba lixhume njengenkumbi na?

Indumo yokuthimula kwalo iyesabeka.

21Liyaphanda ezigodini,

liyesasa ngamandla alo,

liyaphuma ukuhlangana nezimpi.

22Liyahleka ingebhe, alesabi,

alibuyi phambi kwenkemba.

23Isambo siyalikhehlezela

nomkhonto okhazimulayo, nengcula.

24Ngolaka lwalo nangokufutheka kwalo liyagwinya umhlabathi;

alimi ngokukhala kwecilongo.

25Ekuzwakaleni kwecilongo lithi:

‘Nakho-ke;’

lihogela ukulwa kusekude,

nendumo yezinduna nokumemeza kwazo.

26“Uklebe uyandiza ngokuqonda kwakho,

awelulele ngaseningizimu amaphiko akhe, na?

27Ukhozi lwenyukela phezulu ngezwi lakho,

lwakhe isidleke salo phezulu, na?

28Luhlala esiweni, lwakha khona,

eweni ledwala eliyinqaba yalo.

29Lulapho luhlola ukudla kwalo;

amehlo alo akubona kusekude.

30Amazinyane alo amunca igazi;

lapho kukhona abagwaziweyo,

lukhona nalo.”

UJobe 40

UBehemoti

1UJehova wayesemphendula uJobe, wathi:

2“Osolayo uyakuphikisana

noSomandla na?

Omkhuza uNkulunkulu makaphendule.”

3UJobe wamphendula uJehova, wathi:

4“Bheka, angiyinto yalutho;

ngingakuphendula ngokuthini na?

Ngibeka isandla sami emlonyeni wami.

5Ngikhulumile kanye,

angisayikuphendula,

yebo, kabili, kepha angiqhubeki.”

6UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, wathi:

7“Bopha izinkalo zakho njengendoda;

ngizakukubuza, wena ungazise.

8Imbala uyachitha ukwahlulela kwami,

ungilahle ukuba ube ngolungileyo, na?

9Unengalo njengoNkulunkulu,

ungaduma ngezwi elinjengelakhe, na?

10Zihlobise ngobukhosi nangokuphakama,

wembathe udumo nenkazimulo.

11Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho,

ubheke bonke abazidlayo, ubathobise.

12Bheka bonke abaziphakamisayo,

ubehlise phansi,

unyathele ababi ezindaweni zabo.

13Bafihle othulini kanyekanye,

ubophe ubuso babo endaweni ethukusiweyo.

14Khona ngiyakukudumisa nami

ngokuthi isandla sakho sokunene singakusindisa.

15“Ake ubheke uBehemoti* engamenza kanye nawe;

uyadla utshani njengenkabi.

16Bheka-ke, amandla akhe asezinkalweni zakhe,

nezikhwepha zakhe zisemisipheni yesisu sakhe.

17Uqinisa umsila wakhe njengomsedari;*

imisipha yamathanga akhe yalukene.

18Amathambo akhe anjengemibhobo yethusi;

izimbambo zakhe zinjengemigoqo yensimbi.

19Ungowokuqala wezidalwa zikaNkulunkulu;

ekwenziweni waphiwa inkemba yakhe.

20Izintaba ziyamvezela ukudla,

lapho kudlala khona izilwane zonke zasendle.

21Ulala phansi kwezihlahla ezinomthunzi

ekusitheni kwemihlanga nasemaxhaphozini.

22Izihlahla ezinomthunzi ziyamsibekela ngomthunzi wazo;

iminyezane yasemfuleni iyamphahla.

23Bheka, noma kuphuphuma umfula, akethuki;

uyaqalaba, noma iJordani ligijigijimela emlonyeni wakhe.

24Angabanjwa ebhekile,

liqhunjuzelwe ikhala lakhe umkhala, na?

UJobe 41

ULeviyathani

1“Ungakhipha uLeviyathani* ngodobo,

ucindezele phansi ulimi lwakhe ngentambo, na?

2Ungafaka igoda lomhlanga ekhaleni lakhe,

ubhoboze umhlathi wakhe ngodobo, na?

3Uyakwenza imikhuleko eminingi kuwe,

akhulume kuwe amazwi athambileyo, na?

4Uyakwenza isivumelwano nawe

ukuba umthathe abe yinceku kuze kube phakade na?

5Ungadlala naye njengenyoni,

umbophele amantombazana akho, na?

6Abathengi bangathengiselana ngaye,

bamahlukanise phakathi kwabahwebi, na?

7Ungagcwalisa isikhumba sakhe ngezinhlendla,

nekhanda lakhe ngamathatha ezinhlanzi, na?

8Beka isandla sakho kuye;

khumbula ukulwa;

awusayikukuphinda.

9Bheka, ithemba lakho liyakhohlisa;

nangokumbona nje uyawiswa phansi.

10Akakho onesibindi sokumvusa.

Ngubani, pho, ongema phambi kwami na?

11Ngubani ongandulele ukuba ngimbuyisele na?

Konke okuphansi kwezulu kungokwami.

12“Angiyikuthula ngezitho zakhe,

nangendaba yamandla akhe,

nangesimo sakhe esihle.

13Ngubani ongakhumula isambatho sakhe esingaphandle;

ngubani ongangena phakathi kwemihlathi yakhe emibili na?

14Izicabha zobuso bakhe ngubani ongazivula na?

Amazinyo akhe ayesabeka nxazonke.

15Umhlane wakhe uyizinhla zezihlangu;

zinamathelisiwe njengangophawu.

16Zisondelene esinye kwesinye,

kungangeni moya phakathi kwazo.

17Zinamathelene;

zibambelene, azinakwahlukaniswa.

18Ukuthimula kwakhe kubengezela ngokukhanya;

amehlo akhe anjengezinkophe zokusa.

19Emlonyeni wakhe kuphuma izihlanti,

nezinhlansi zomlilo ziyaqhasha.

20Emakhaleni akhe kuphuma umusi njengasesocweni esibilayo

nasemihlangeni eshayo.

21Ukuphefumula kwakhe kokhela amalahle,

nelangabi liphuma emlonyeni wakhe.

22Entanyeni yakhe kuhlala amandla,

nengebhe iyaxhuma phambi kwakhe.

23Amanya enyama yakhe anamathelene;

abunjiwe kuye, awanakususwa.

24Inhliziyo yakhe iqinile njengetshe,

yebo, iqinile njengetshe lokusila elingaphansi.

25Ekuvukeni kwakhe abanamandla bayesaba;

ngenxa yevuso baphela amandla.

26Noma inkemba ifinyelela kuye, ayinakusiza,

noma umkhonto nomcibisholo nengcula.

27Insimbi uyishaya utshani,

nethusi ibunga.

28Umcibisholo awunakumxosha;

amatshe endwayimana aphenduka amabibi kuye.

29Izagila uzishaya amabibi;

uyahleka ukugunquza kwengcula.

30Ingaphansi lakhe linjengezindengezi ezibukhali;

uyenaba njengesibhuqo odakeni.

31Wenza inzulu ibile njengekhanzi;

wenza ulwandle lufane nomfuma wamafutha.

32Wenza umgudu ukhazimule emva kwakhe;

kungathi utwa lungwevu.

33Emhlabeni akukho okufana naye

owenziwa abe ngongesabiyo.

34Ubona konke okuphakemeyo;

uyinkosi phezu kwabo bonke abantwana bokuzikhukhumeza.”

UJobe 42

Ukuzithoba kukaJobe

1UJobe wayesemphendula uJehova, wathi:

2“Ngiyazi ukuthi ungenza konke;

alinakuvinjwa icebo lakho.

3Ngubani ositheza iziluleko engenakwazi na?

Ngikhulumile lokho ngingakuqondanga,

izimangaliso ezinkulu kunami ebengingazazi.

4“Ake ungizwe, kukhulume mina;

ngiyakukubuza, wena ungazise.

5Ngangizwile ngawe ngokuzwa kwezindlebe,

kepha manje iso lami liyakubona.

6Ngalokho ngiyazinenga,

ngizisole othulini nasemlotheni.”

7Kwathi lapho uJehova esekhulumile lawo mazwi kuJobe, uJehova wathi ku-Elifazi umThemani: “Intukuthelo yami iyavuthela wena nabangane bakho ababili, ngokuba anikhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe. 8Ngalokho zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe, nizinikelele ngazo zibe ngumnikelo wokushiswa; uJobe inceku yami uyakunikhulekela, ngokuba uma ngivuma ubuso bakhe, angiyikwenza kini njengobuwula benu, lokhu ningakhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.” 9Base behamba u-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama, benza njengokukhuluma kukaJehova kubo; uJehova wavuma-ke ubuso bukaJobe.

Ukubusiswa kukaJobe

10UJehova wambuyisa uJobe ekuhluphekeni, lapho ekhulekela abangane bakhe; wenezela kukho konke uJobe ayenakho ngokukuphinda kabili. 11Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ababazana naye ngaphambili, badla endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uJehova amehlisele khona, yilowo nalowo wamnika uhlamvu lwemali necici legolide.

12Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe; waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane. 13Wayenamadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu. 14Wabiza igama leyokuqala ngokuthi uJemima, negama leyesibili ngokuthi uKesiya, negama leyesithathu ngokuthi uKereni Haphuki. 15Ezweni lonke akufunyanwanga abesifazane abahle njengamadodakazi kaJobe; uyise wabanika ifa phakathi kwabanewabo.

16Emva kwalokho uJobe wayesekhona iminyaka eyikhulu namashumi amane, wabona amadodana akhe namadodana amadodana akhe kwaze kwaba yizizukulwane ezine. 17Wafa-ke uJobe esemdala, esanelisiwe yizinsuku.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU