Bible Society of South Africa

To The Word – Day 16

Exodus 1–6

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Eksodusi 1

1Lawa angamagama amadodana ka-Israyeli afika eGibithe noJakobe; yileyo naleyo yafika nomuzi wayo: 2ngoRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda, 3no-Isakare, noZebuloni, noBenjamini, 4noDani, noNafetali, noGadi, no-Asheri. 5Bonke abantu abaphuma okhalweni lukaJakobe babe ngabantu abangamashumi ayisikhombisa; uJosefa wayeseGibithe.

6UJosefa wafa, nabo bonke abafowabo, naso sonke leso sizukulwane. 7Abantwana bakwa-Israyeli bazala, bachuma, banda, baba baningi; izwe lagcwala bona.

Abakwa-Israyeli baphenduka izigqila

8Kwavela inkosi entsha eGibithe eyayingamazi uJosefa. 9Yathi kubantu bayo: “Bhekani, abantu babantwana bakwa-Israyeli baningi, futhi banamandla kunathi; 10masizihlakaniphele maqondana nabo, funa bande, kuze kuthi lapho kuphuma impi, bahlangane nezitha zethu, balwe nathi, bamuke ezweni.”

11Kwase kubekwa phezu kwabo izinduna zokubasebenzisa ezabahlupha ngemithwalo yazo. Bamakhela uFaro imizi yokubekelela, iPitomu neRamesesi. 12Kepha ngokubahlupha kwazo kwaba yikhona banda, basabalala; baba novalo ngabantwana bakwa-Israyeli. 13AbaseGibithe babakhonzisa abantwana bakwa-Israyeli ngamandla. 14Benza ukuphila kwabo kwaba munyu ngemisebenzi esindayo odakeni nasezitinini, nangemisebenzi yonke yasendle, yebo, yonke imisebenzi yabo ababebakhonzisa ngayo.

15Inkosi yaseGibithe yakhuluma kubabelethisi bamaHeberukazi, igama lomunye wabo linguShifira, elomunye linguPhuwa, 16yathi: “Nxa nibelethisa amaHeberukazi, niwabona esesihlalweni sokubeletha, uma kuyindodana, anoyibulala, kepha uma kuyindodakazi, izakuphila.” 17Kodwa ababelethisi babemesaba uNkulunkulu, abenzanga njengalokho yasho kubo inkosi yaseGibithe, babasindisa abafana. 18Inkosi yaseGibithe yayisibiza ababelethisi, yathi kubo: “Nenzeleni lokhu, nasindisa abafana, na?”

19Ababelethisi bathi kuFaro: “Kungokuba amaHeberukazi engenjengabaseGibithe; anamandla, abeletha, engakafiki umbelethisi kuwo.”

20UNkulunkulu wabenzela ababelethisi okuhle; abantu banda, baba baningi kakhulu. 21Kwathi ngokuba ababelethisi bamesaba uNkulunkulu, wabavusela imizi.

22UFaro wayesebayala abantu bakhe bonke, ethi: “Bonke abafana abazalwayo anobaphonsa emfuleni, kepha amantombazana niwasindise onke.”

U-Eksodusi 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Eksodusi 2

Ukuzalwa nokukhuliswa kukaMose

1Kwasuka umuntu wendlu kaLevi, wathatha indodakazi kaLevi. 2Wakhulelwa lowo mfazi, wazala indodana; esebonile ukuthi inhle, wayithukusa izinyanga ezintathu. 3Engasenakuyithukusa wayithathela ibhokisi lebungu, walihuqa ngebitume* nangekolitayi,* wamfaka umfana kulo, walibeka emhlangeni ngasogwini lomfula. 4Udadewabo wayemi kudana, ukuze azi ukuthi kuyakwenziwani kuye.

5Kwase kwehla indodakazi kaFaro ukuyogeza emfuleni; amantombazana ayo ahamba eceleni komfula; ibona ibhokisi emhlangeni yathuma intombazana ukulilanda. 6Yalivula, yabona umntwana; bheka, kwakungumfana; wakhala. Yamhawukela, yathi: “Lona ungowabantwana bamaHeberu.”

7Udadewabo wayesethi kuyo indodakazi kaFaro: “Ngihambe ngikubizele umzanyana kuwo amaHeberu ukuba akuncelisele ingane na?”

8Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Hamba.” Yasuka intombazana, yabiza unina wengane. 9Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Hamba nalo mntwana, ungincelisele yena; ngizakukukhokhela.” Owesifazane wamthatha-ke umntwana, wamncelisa. 10Umfana wakhula, wayiswa kuyo indodakazi kaFaro, waba yindodana yayo. Yamqamba igama lokuthi uMose, ithi: “Ngokuba ngamkhipha emanzini.”

Ukubaleka kukaMose

11Kwathi ngalezo zinsuku uMose esekhulile, waphuma, waya kubafowabo, wabuka imithwalo yabo; wabona owaseGibithe eshaya umHeberu, omunye wabafowabo. 12Waphendukela ngalapha nangalapha; esebonile ukuthi akukho muntu, wambulala owaseGibithe, wamthukusa esihlabathini. 13Waphuma nangosuku olulandelayo; bheka, nanko amadoda amabili amaHeberu exabene; wathi kowonileyo: “Umshayelani owakini na?”

14Wathi yena: “Ngubani okumise induna nomahluleli phezu kwethu na? Ufuna ukungibulala mina, njengalokho ubulele owaseGibithe, na?”

UMose wayesesaba, ethi: “Impela le ndaba iyazeka.”

15UFaro esekuzwile lokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka ebusweni bukaFaro, wahlala ezweni lakwaMidiyani; wahlala phansi ngasemthonjeni. 16UMpristi wakwaMidiyani wayenamadodakazi ayisikhombisa; afika ukukha amanzi, agcwalisa imiqengqe eyophuzisa izimvu zikayise. 17Kwafika abelusi, bawaxosha. Kepha wayesesukuma uMose, wawasiza, waphuzisa izimvu zawo.

18Lapho esefika kuRehuweli uyise, wathi yena: “Yini ukuba nisheshe nibuye namuhla na?”

19Athi: “OwaseGibithe usophulile esandleni sabelusi, futhi wasikhelela amanzi, waphuzisa izimvu.”

20Wathi kuwo amadodakazi akhe: “Uphi yena? Nimshiyeleni na? Mbizeni, eze ukuzokudla.”

21UMose wazimisela ukuhlala kulowo muntu; wamupha uMose uSipora indodakazi yakhe. 22Wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uGereshomu,* ngokuba wathi: “Ngangingumfokazi ezweni elingesilo elami.”

23Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi, inkosi yaseGibithe yafa; abakwa-Israyeli babubula ngenxa yobugqila, bakhala; ukukhala kwabo kwenyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo. 24UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo; uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe. 25UNkulunkulu wabona abantwana bakwa-Israyeli, wabanakekela.

U-Eksodusi 2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Eksodusi 3

UNkulunkulu uzibonakalisa esihlahleni esivuthayo

1UMose wayalusa izimvu zikaJetiro umukhwe wakhe, umpristi wakwaMidiyani; waziqhuba izimvu, waya ngaphambili kwehlane, waze wafika entabeni kaNkulunkulu iHorebe. 2Kwabonakala kuye ingelosi kaJehova elangabini lomlilo livela phakathi kwesihlahla; wabuka, bheka, isihlahla savutha umlilo, kepha isihlahla asiphelanga nokho. 3Wayesethi uMose: “Mangiphambuke, ngiye ngibone lesi sibonakaliso esikhulu ukuba isihlahla asishi ngani.”

4UNkulunkulu esebona ukuthi uyaphambuka ukuyobuka, uNkulunkulu wambiza ephakathi kwesihlahla, wathi: “Mose, Mose!”

5Wathi: “Ngilapha.”

Wayesethi: “Ungasondeli lapha; khumula izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele.” 6Wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe; uMose wasitha ubuso bakhe, ngokuba wesaba ukumbheka uNkulunkulu.”

7Wayesethi uJehova: “Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo, ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo; 8ngehle ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe, ngibakhuphule kulelo zwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi, indawo yamaKhanani, neyamaHeti, neyama-Amori, neyamaPherizi, neyamaHivi, neyamaJebusi. 9Bheka, manje ukukhala kwabantwana bakwa-Israyeli sekufike kimi; futhi ngikubonile ukucindezela abaseGibithe ababacindezela ngakho. 10Ngakho hamba, ngiyakukuthuma kuFaro ukuba ukhiphe eGibithe abantu bami, abantwana bakwa-Israyeli.”

11UMose wayesethi kuNkulunkulu: “Ngingubani mina ukuba ngiye kuFaro, ngikhiphe eGibithe abantwana bakwa-Israyeli na?”

12Wathi: “Ngizakuba nawe ngempela; lokhu kuyakuba luphawu kuwe ukuthi ngikuthumile; nxa ukhiphile isizwe eGibithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.”

13UMose wayesethi kuNkulunkulu: “Bheka lapho ngifika kubantwana bakwa-Israyeli, ngithi kubo: ‘UNkulunkulu wawoyihlo ungithumile kini,’ bese bethi kimi: ‘Ngubani igama lakhe?’ ngizakuthini kubo na?”

14UNkulunkulu wathi kuMose: “Nginguye enginguye.” Wathi: “Uzakusho njalo kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UNgikhona* ungithumile.’ ”

15UNkulunkulu wathi futhi kuMose: “Uzakusho njalo kubo abantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ungithumile kini.’ Yileli eliyigama lami kuze kube phakade, lesi siyisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.

16“Hamba ubuthe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, ubonakele kimi, wathi: Nginihambele nokunihambela, ngibonile okwenziwa kini eGibithe. 17Ngishilo ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi nezinyosi.’

18“Bayakulalela izwi lakho; uyakufika wena kanye namalunga akwa-Israyeli enkosini yaseGibithe, nithi kuyo: ‘UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uhlangene nathi; ake sihambe manje ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.’ 19Kepha ngiyazi mina ukuthi inkosi yaseGibithe ayiyikuvuma ukuba nihambe, ngisho nangesandla esinamandla. 20Kodwa ngiyakwelula isandla sami, ngilishaye iGibithe ngezimangaliso engiyakuzenza phakathi kwalo, andukuba iniyeke.

21“Ngiyakunika lesi sizwe umusa emehlweni abaseGibithe, kuze kuthi lapho nisuka, aniyikuhamba ningaphethe lutho, 22kepha yilowo nalowo wesifazane uyakucela kumakhelwane wakhe nakuye ogogobeleyo endlini yakhe izinto zesiliva nezinto zegolide, nezingubo; niyakuzifaka kumadodana enu nakumadodakazi enu, niphange abaseGibithe.”

U-Eksodusi 3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Eksodusi 4

UMose uphiwa amandla okwenza izimangaliso

1UMose waphendula wathi: “Kepha bheka, abayikukholwa yimi, bangalaleli izwi lami, ngokuba bayakusho ukuthi: ‘UJehova akabonakalanga kuwe.’ ”

2Wayesethi kuye uJehova: “Kuyini lokhu okusesandleni sakho na?”

Wathi: “Yinduku.”

3Khona wathi: “Yiphonse phansi.” Wayeseyiphonsa phansi. Yaphenduka inyoka; uMose wayibalekela. 4Wayesethi uJehova kuMose: “Yelula isandla sakho, uyibambe ngomsila.” Wayeselula isandla sakhe, wayibamba; yaphenduka induku esandleni sakhe – 5ukuba bakholwe ukuthi uJehova, uNkulunkulu wawoyise, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ubonakele kuwe.

6UJehova wathi futhi kuye: “Faka isandla sakho esifubeni sakho.” Wayesefaka isandla sakhe esifubeni sakhe; lapho esesikhipha, bheka, isandla sakhe sasinochoko, sinjengeqhwa.

7Wayesethi kuye: “Buyisela isandla sakho esifubeni sakho.” Wayesesibuyisela isandla sakhe esifubeni sakhe; kuthe esikhipha esifubeni sakhe, bheka, sase siphendukile, sinjengenyama yakhe.

8“Kuyakuthi uma bengayikukholwa nguwe, bengalaleli izwi lesibonakaliso sokuqala, bayakukholwa yizwi lesibonakaliso sasemuva. 9Kuzakuthi-ke uma bengayikukholwa nayilezi zibonakaliso ezimbili, bengalaleli izwi lakho, uyakukha amanzi omfula, uwathele emhlabathini owomileyo; amanzi owakha emfuleni ayakuphenduka igazi emhlabathini owomileyo.”

10UMose wayesethi kuJehova: “Nkosi, angizange ngibe ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho, ngokuba umlomo wami unzima, unamalimi.”

11UJehova wayesethi kuye: “Ngubani owenzile umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu, nesithulu, nobonayo, nempumputhe na? Akusimina, uJehova, na? 12Ngalokho hamba; ngizakuba nomlomo wakho, ngikufundise lokho ozakukukhuluma.”

13Kepha wathi: “O Nkosi, ake uthume ngesandla salowo ozakumthuma.”

14Intukuthelo kaJehova yamvuthela uMose; wathi: “Akakho umfowenu u-Aroni, umLevi, na? Ngiyazi ukuthi ukhuluma kahle yena. Futhi bheka, uyaphuma ukukuhlangabeza; nalapho ekubona, uyakuthokoza enhliziyweni yakhe. 15Uyakukhuluma kuye, ufake amazwi emlonyeni wakhe; ngizakuba nomlomo wakho nomlomo wakhe, nginifundise lokho eniyakukwenza. 16Uyakukukhulumela kubantu, abe ngumlomo kuwe, wena ube njengoNkulunkulu kuye. 17Uzakuphatha le nduku ngesandla sakho, oyakwenza izibonakaliso ngayo.”

UMose ubuyela eGibithe

18Wayesehamba uMose, wabuyela kuJetiro umukhwe wakhe, wathi kuye: “Ake ngihambe, ngibuyele kubafowethu abaseGibithe, ngize ngibone ukuthi basekhona yini.”

UJetiro wathi kuMose: “Hamba nokuthula.”

19UJehova wathi kuMose kwaMidiyani: “Hamba ubuyele eGibithe, ngokuba sebafa abantu bonke abafuna ukukubulala.” 20UMose wayesethatha umkakhe namadodana akhe, wabakhwelisa embongolweni, wabuyela ezweni laseGibithe; uMose waphatha induku kaNkulunkulu ngesandla sakhe.

21UJehova wathi kuMose: “Ekuhambeni kwakho usubuyela eGibithe bhekisisa ukuba wenze ebusweni bukaFaro zonke izimangaliso engizibeke esandleni sakho; kepha mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yakhe; akayikubayeka abantu ukuba bahambe. 22Uyakuthi kuFaro: ‘Usho kanje uJehova, uthi: U-Israyeli uyindodana yami, uyizibulo lami. 23Ngiyakutshela: “Yiyeke indodana yami ukuba ihambe ingikhonze,” kepha awuyiyekanga; bheka, sengiyakubulala indodana yakho, izibulo lakho.’ ”

24Kwathi endleleni endlini yezihambi uJehova wahlangana naye, wafuna ukumbulala. 25USipora wayesethatha insengetsha, wanquma ijwabu lendodana yakhe, waliphonsa ngasezinyaweni zakhe, wathi: “Impela ungumyeni wegazi kimi.” 26Wamdedela-ke. Khona wathi: “Ngumyeni wegazi ngenxa yokusoka.”

27UJehova wayesethi ku-Aroni: “Hamba umhlangabeze uMose ehlane.” Wahamba, wahlangana naye entabeni kaNkulunkulu, wamanga. 28UMose wamtshela u-Aroni onke amazwi kaJehova amthume nawo, nezibonakaliso zonke amyale ngazo.

29OMose no-Aroni baya, babutha onke amalunga abantwana bakwa-Israyeli; 30u-Aroni wakhuluma onke amazwi uJehova awakhulume kuMose, wazenza izibonakaliso emehlweni abantu. 31Abantu bakholwa-ke. Sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ukubonile ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.

U-Eksodusi 4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Eksodusi 5

OMose no-Aroni bephambi kukaFaro

1Ngasemuva oMose no-Aroni bafika, bathi kuFaro: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangenzele umkhosi ehlane.’ ”

2Wathi uFaro: “Ngubani uJehova ukuba ngilalele izwi lakhe, ngimyeke u-Israyeli ukuba ahambe na? Angimazi uJehova, futhi angiyikumvumela u-Israyeli ukuba ahambe.”

3Base bethi: “UNkulunkulu wamaHeberu uhlangene nathi; ake sihambe ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, funa asehlele ngesifo nangenkemba.”

4Inkosi yaseGibithe yathi kubo: “Nibakhumulelani abantu emithwalweni yabo nina Mose no-Aroni na? Hambani, niye emisebenzini yenu.” 5UFaro wathi: “Bheka, abantu sebebaningi ezweni, nokho niyabaphumuza emithwalweni yabo.”

6Ngalona lolo suku uFaro wayala abaphathi babantu nezinduna zabo, wathi: 7“Anisayikubanika abantu utshani bokwenza izitini njengaphambili; mabahambe bazibuthele utshani. 8Kepha isilinganiso sezitini ekade besenza, bamiseleni sona, ningasinciphisi, ngokuba bayenqena; ngalokho bayakhala bathi: ‘Masihambe sihlabele uNkulunkulu wethu.’ 9Mayenziwe ibe nzima imisebenzi phezu kwabantu, bayisebenze, banganakekeli amazwi okukhohlisa.”

10Baphuma-ke abaphathi babantu nezinduna zabo, bakhuluma kubantu, bathi: “UFaro usho uthi: ‘Angisayikuninika utshani.’ 11Hambani nina, nizifunele utshani, lapho ningabuthola khona, ngokuba imisebenzi yenu ayiyikuncishiswa ngalutho.” 12Base behlakazeka abantu ezweni lonke laseGibithe ukuyobutha izinhlanga zibe yibona tshani babo. 13Abaphathi babaqhuba, bathi: “Qedani imisebenzi yenu, imisebenzi yemihla ngemihla, njengasezinsukwini kusekhona utshani.” 14Izinduna zabantwana bakwa-Israyeli abazibeke phezu kwabo abaphathi bakaFaro zashaywa, zabuzwa ukuthi: “Aniqedanga ngani umsebenzi wenu izolo nanamuhla ukubumba izitini njengaphambili na?”

15Zase zifika izinduna zabantwana bakwa-Israyeli, zakhala kuFaro, zathi: “Uziphathelani izinceku zakho kanje na? 16Izinceku zakho aziphiwanga tshani; nokho bathi kithi: ‘Bumbani izitini.’ Futhi bheka, izinceku zakho ziyashaywa, kepha icala likubantu bakho.”

17Kepha wathi: “Yinina enenqena, yebo, niyenqena; ngalokho nithi: ‘Ake sihambe sihlabele uJehova.’ 18Ngalokho hambani nisebenze, ngokuba aniyikuphiwa tshani, kepha isilinganiso sezitini niyakusiqeda.”

19Izinduna zabantwana bakwa-Israyeli zabona ukuthi basekuhluphekeni, lapho kuthiwa: “Aniyikunciphisa izitini zenu esilinganisweni semihla ngemihla.” 20Zahlangana noMose no-Aroni ababemi khona ukuzihlangabeza zisaphuma kuFaro. 21Zathi kubo: “UJehova makanibheke, ahlulele, ngokuba nilenzile iphunga lethu linuke kabi emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe, nibeke inkemba esandleni sabo ukuba basibulale.”

22UMose wayesebuyela kuJehova, wathi: “Nkosi, wenzeleni okubi kulaba bantu na? Ungithumeleni mina na? 23Selokhu ngafika kuFaro ukukhuluma egameni lakho, ubaphathe kabi laba bantu, nawe awubophulanga nakanci abantu bakho.”

U-Eksodusi 5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Eksodusi 6

Isithembiso sikaMose siyaphindwa

1UJehova wathi kuMose: “Manje usuzakubona lokho engiyakukwenza kuFaro, ngokuba ngenxa yesandla esiqinileyo uyakubayeka ukuba bahambe, nangenxa yesandla esinamandla uyakubaxosha ezweni lakhe.”

2UNkulunkulu wakhuluma kuMose, wathi kuye: “NginguJehova; 3ngabonakala ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe njengoSomandla, kepha ngegama lami lokuthi uJehova ngangingaziwa kubo. 4Futhi ngamisa isivumelwano sami nabo ukuyobanika izwe laseKhanani, izwe lokugogobala kwabo, lapho bebegogobala khona. 5Yebo, futhi ngizwile ukububula kwabantwana bakwa-Israyeli abenziwe izigqila ngabaseGibithe; ngiyakhumbula isivumelwano sami.

6“Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu. 7Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe. 8Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakunipha lona libe yifa; nginguJehova.’ ”

9UMose wakhuluma-ke kanjalo kubo abantwana bakwa-Israyeli; kepha abamlalelanga uMose ngenxa yenhliziyo encane nemisebenzi esindayo.

10UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 11“Ngena ukhulume kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba ivumele abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.”

12UMose wakhuluma ebusweni bukaJehova, wathi: “Bheka, abantwana bakwa-Israyeli abangilalelanga; uFaro angangilalela kanjani, nginezindebe zomlomo ezingasokwanga, na?”

13UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni ukuba bayale abakwa-Israyeli noFaro inkosi yaseGibithe ukukhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe.

Inzalo kaMose neka-Aroni

14Laba bayizinhloko zezindlu zawoyise: amadodana kaRubeni izibulo lika-Israyeli: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi; yile imindeni kaRubeni.

15Amadodana kaSimeyoni: ngoJemuweli, noJamini, no-Ohade, noJakini, noSohari, noShawule indodana yowesifazane waseKhanani; yile imindeni kaSimeyoni.

16Lawa angamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo: ngoGereshoni, noKohati, noMerari; iminyaka yokuhamba kukaLevi yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.

17Amadodana kaGereshoni: ngoLibini noShimeyi ngemindeni yawo.

18Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli; iminyaka yokuhamba kukaKohati yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nantathu.

19Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi; yile imindeni yamaLevi ngezizukulwane zayo.

20U-Amramu wazithathela uJokebedi udadewabo kayise, abe ngumkakhe; wamzalela o-Aroni noMose; iminyaka yokuhamba kuka-Amramu yayiyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.

21Amadodana kaJisihari: ngoKora, noNefegi, noZikiri.

22Amadodana ka-Uziyeli: ngoMishayeli, no-Elisafani, noSitri.

23U-Aroni wazithathela u-Elisheba indodakazi ka-Aminadaba, udadewabo kaNaheshoni, abe ngumkakhe; wamzalela oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.

24Amadodana kaKora: ngo-Asiri, no-Elkana, no-Abiyasafa; yile imindeni kaKora.

25U-Eleyazare indodana ka-Aroni wazithathela enye yamadodakazi kaPhuthiyeli, ibe ngumkakhe; yamzalela uFinehasi. Yilezi izinhloko zawoyise bamaLevi ngemindeni yawo.

26Yibo labo o-Aroni noMose uJehova athi kubo: “Khiphani ezweni laseGibithe abantwana bakwa-Israyeli ngamabandla abo.” 27Yibo labo ababekhuluma kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba akhiphe abantwana bakwa-Israyeli eGibithe; yibo oMose no-Aroni.

28Kwathi mhla uJehova ekhuluma kuMose ezweni laseGibithe, 29uJehova washo kuMose, wathi: “NginguJehova; khuluma kuFaro inkosi yaseGibithe konke engikukhuluma kuwe.”

30Wayesethi uMose ebusweni bukaJehova: “Bheka, ngingowezindebe zomlomo ezingasokiwe; uFaro angangilalela kanjani na?”

U-Eksodusi 6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU