Bible Society of South Africa

To The Word – Day 153

Ezra 7–10, Psalms 33 & 35

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Ezra 7

U-Ezra uya eJerusalema

1Emva kwalokho esabusa u-Aritahishashita, inkosi yasePheresiya, u-Ezra kaSeraya ka-Azariya kaHilikiya, 2kaShalumi kaSadoki ka-Ahithubi 3ka-Amariya ka-Azariya kaMerayoti 4kaZeraya ka-Uzi kaBuki 5ka-Abishuwa kaFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi omkhulu, 6u-Ezra lo wakhuphuka eBabele; wayengumbhali echwepheshile emthethweni kaMose awunikiweyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo ngokwesandla sikaJehova uNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe. 7Kwakhuphuka nabanye abantwana bakwa-Israyeli, nabapristi, namaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini,* baya eJerusalema ngomnyaka wesikhombisa ka-Aritahishashita inkosi.

8Wafika eJerusalema ngenyanga yesihlanu ngomnyaka wesikhombisa wenkosi. 9Ngokuba ngolokuqala lwenyanga yokuqala waqala ukukhuphuka eBabele; ngolokuqala lwenyanga yesihlanu wafika eJerusalema ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe, 10ngokuba u-Ezra wayebhekise inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova, nokwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwa-Israyeli.

11Lokhu kuyimpinda yencwadi inkosi u-Aritahishashita eyamnika yona u-Ezra umpristi nombhali, umbhali wamazwi emiyalo kaJehova nawezimiso zakhe ku-Israyeli, yokuthi:

12“U-Aritahishashita, inkosi yamakhosi ku-Ezra, umpristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu; ukuthula, nokuthi nokuthi.

13“Ngikhipha isimemezelo sokuthi bonke abantu bakwa-Israyeli, nabapristi babo, namaLevi embusweni wami, abafuna ukuya eJerusalema, bangahamba nawe, 14njengokuba uthunyiwe yinkosi nabeluleki bayo abayisikhombisa ukubuza ngelakwaJuda neJerusalema njengokomthetho kaNkulunkulu wakho osesandleni sakho, 15nokuyisa isiliva negolide inkosi nabeluleki bayo abalinikele ngesihle kuNkulunkulu ka-Israyeli ondlu yakhe iseJerusalema, 16kanye nalo lonke isiliva negolide oyakukufumana ezweni lonke laseBabele, neminikelo yesihle yabantu neyabapristi, benikelela ngesihle indlu kaNkulunkulu wabo eseJerusalema. 17Ngalokho uyakuthenga ngesineke sonke ngale mali izinkunzi, nezinqama, namawundlu kanye neminikelo yakho yempuphu neminikelo yakho yokuphuzwa, unikele ngakho e-altare lendlu kaNkulunkulu wenu eseJerusalema.

18“Okuhle kuwe nakubafowenu ukuba nikwenze ngesiliva negolide eliseleyo, kwenzeni ngokwentando kaNkulunkulu wenu. 19Izitsha onikwe zona ukuba zibe ngezenkonzo yendlu kaNkulunkulu wakho, zibuyisele phambi kukaNkulunkulu waseJerusalema. 20Okunye okudingekayo endlini kaNkulunkulu wakho, ofanele ukukunika, kukhiphe endlini yengcebo yenkosi.

21“Kimina, yebo, mina Aritahishashita inkosi, kukhishwa isimemezelo kubo bonke abaphathizikhwama abangaphesheya koMfula* ukuthi konke u-Ezra umpristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu ayakukubiza kini, makwenziwe ngesineke sonke, 22kuze kube ngamatalenta* ayikhulu esiliva, namakhora* ayikhulu kakolweni, namabhati* ayikhulu ewayini, namabhati ayikhulu amafutha, nosawoti ongabaliwe. 23Konke okusesimemezelweni sikaNkulunkulu wezulu makwenzelwe ngesineke indlu kaNkulunkulu wezulu, ngokuba kungase kube khona intukuthelo phezu kombuso wenkosi namadodana ayo na? 24Futhi siyanazisa ukuthi akakho onegunya lokuthelisa abapristi namaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini,* nezinceku zale ndlu kaNkulunkulu intela, nenkokhiso, nemali yendlela.

25“Wena-ke, Ezra, ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu wakho okusesandleni sakho, misa abahluleli nabaholi abayakwahlulela bonke abantu abangaphesheya koMfula,* bonke abazi imithetho kaNkulunkulu wakho; nongayaziyo nimfundise. 26Bonke abangayikwenza umthetho kaNkulunkulu wakho nomthetho wenkosi mabahlulelwe ngaso sonke isineke, noma kube ngokokufa noma okokuxoshwa, noma impahla yabo ibe yisizi, noma kube ngukuboshwa.”

27Makabongwe uJehova uNkulunkulu wawobaba obeke enhliziyweni yenkosi ukuhlobisa indlu kaJehova eseJerusalema, 28wehlisela phezu kwami umusa phambi kwenkosi, nabeluleki bayo, naphambi kwezikhulu zonke zenkosi ezingamaqhawe. Mina ngaqiniswa ngokwesandla seNkosi uNkulunkulu wami esasiphezu kwami, ngabutha ku-Israyeli abayizinhloko ukuba bakhuphuke nami.

U-Ezra 8

Abakhuphuka no-Ezra

1Nazi izinhloko zawoyise, nazi izizukulwane zabakhuphuka nami eBabele ekubuseni kuka-Aritahishashita inkosi:

2Kumadodana kaFinehasi: nguGereshomu; kumadodana ka-Itamari: nguDaniyeli; kumadodana kaDavide: nguHathushi. 3Kumadodana kaShekaniya, kumadodana kaPharoshi: nguZakariya; kanye naye kwabhalwa ngezizukulwane abesilisa abayikhulu namashumi ayisihlanu. 4Kumadodana kaPhahati Mowabi: ngu-Eliyohenayi indodana kaZeraya; kanye naye ngabesilisa abangamakhulu amabili. 5Kumadodana kaShekaniya: yindodana kaJahaziyeli; kanye nayo ngabesilisa abangamakhulu amathathu. 6Kumadodana ka-Adini: ngu-Ebedi indodana kaJonathani; kanye naye ngabesilisa abangamashumi ayisihlanu. 7Kumadodana ka-Elamu: nguJeshaya indodana ka-Athaliya; kanye naye ngabesilisa abangamashumi ayisikhombisa. 8Kumadodana kaShefathiya: nguZebadiya indodana kaMikayeli; kanye naye ngabesilisa abangamashumi ayisishiyagalombili. 9Kumadodana kaJowabe: ngu-Obadiya indodana kaJehiyeli; kanye naye ngabesilisa abangamakhulu amabili neshumi nesishiyagalombili. 10Kumadodana kaShelomiti: yindodana kaJosifiya; kanye nayo ngabesilisa abayikhulu namashumi ayisithupha. 11Kumadodana kaBebayi: nguZakariya indodana kaBebayi; kanye naye ngabesilisa abangamashumi amabili nesishiyagalombili. 12Kumadodana ka-Azigadi: nguJohanani indodana kaHakathani; kanye naye ngabesilisa abayikhulu neshumi. 13Kumadodana ka-Adonikamu, awokugcina: nanka amagama awo: ngo-Elifeleti, noJehiyeli, noShemaya, nabesilisa abangamashumi ayisithupha kanye nabo. 14Kumadodana kaBigivayi: ngo-Uthayi noZabudi; kanye nabo ngabesilisa abanamashumi ayisikhombisa.

15Ngababutha emfuleni oya e-Ahava; samisa khona izinsuku ezintathu; ngabheka abantu nabapristi, angifumananga khona noyedwa wamadodana kaLevi. 16Ngase ngithuma ngibiza o-Eliyezeri, no-Ariyeli, noShemaya, no-Elinathani, noJaribi, no-Elinathani, noNathani, noZakariya, noMeshulamu abayizinhloko, kanye noJoyaribi no-Elinathani abafundisayo. 17Ngabathuma ku-Ido, inhloko yasendaweni yaseKhasifiya, ngabeka emlonyeni wabo amazwi abayakuwakhuluma ku-Ido nakubafowabo amaNethini* endaweni yaseKhasifiya ukuba basilethele izinceku zendlu kaNkulunkulu wethu. 18Ngesandla esihle sikaNkulunkulu wethu esasiphezu kwethu basilethela umuntu onengqondo wamadodana kaMaheli indodana kaLevi ka-Israyeli, kanye noSherebiya namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nesishiyagalombili, 19noHashabiya enoJeshaya wamadodana kaMerari, nabafowabo namadodana abo, bengamashumi amabili, 20nakuwo amaNethini* uDavide nezikhulu ababewanikele enkonzweni yamaLevi amaNethini angamakhulu amabili namashumi amabili, abizwa onke ngamagama.

21Ngase ngimemezela khona ukuzila ukudla ngasemfuleni i-Ahava ukuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu, sizifunele kuye indlela emhlophe, thina nabantwana bethu, nemfuyo yethu yonke. 22Ngokuba nganginamahloni ukucela enkosini impi nabamahhashi ukuba basisize ezitheni zasendleleni, ngokuba sasikhulumile enkosini, sathi: “Isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfunayo ukuba kube kuhle, kepha amandla akhe nentukuthelo yakhe kuphezu kwabo bonke abamshiyayo.” 23Sase sizila-ke, sanxusa uNkulunkulu wethu ngalokho, wasizwa.

24Ngase ngahlukanisa ezikhulwini zabapristi abayishumi nambili: oSherebiya, noHashabiya, nabafowabo abayishumi kanye nabo, 25ngabalinganisela isiliva negolide nezitsha, umnikelo wendlu kaNkulunkulu wethu, okwakunikelwe ngawo yinkosi nabeluleki bayo, nezikhulu zayo, naye wonke u-Israyeli owayelapho; 26ngalinganisela ezandleni zabo amatalenta* angamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu esiliva, namatalenta ayikhulu ayizitsha zesiliva, namatalenta ayikhulu egolide, 27nezindebe ezingamashumi amabili zegolide ezingamadarike* ayinkulungwane, nezitsha ezimbili zethusi elikhazimulayo nelihle, eliyigugu njengegolide.

28Ngathi kubo: “Ningcwele kuJehova, nezitsha zingcwele; isiliva negolide kungumnikelo wesihle kuJehova uNkulunkulu wawoyihlo. 29Lindani, nikugcine, nize nikulinganise ngaphambi kwezikhulu zabapristi nezamaLevi nezikhulu zawoyise bakwa-Israyeli eJerusalema emakamelweni endlu kaJehova.” 30Base bamukela abapristi namaLevi okulinganisiweyo, isiliva negolide nezitsha, ukuba bakuyise eJerusalema endlini kaNkulunkulu wethu.

31Sase sisuka emfuleni i-Ahava ngolweshumi nambili lwenyanga yokuqala ukuba siye eJerusalema; isandla sikaNkulunkulu wethu sasiphezu kwethu, wasophula esandleni sesitha nakumqamekeli endleleni. 32Safika eJerusalema, sahlala khona izinsuku ezintathu.

33Ngosuku lwesine kwalinganiswa isiliva negolide nezitsha endlini kaNkulunkulu wethu, kwanikezwa esandleni sikaMeremoti, indodana ka-Uriya, umpristi; u-Eleyazare indodana kaFinehasi wayenaye; uJozabadi indodana kaJeshuwa noNohadiya, indodana kaBinuwi, amaLevi, babe nabo, 34konke-ke kwenziwa ngomumo nangesisindo; sonke isisindo salotshwa ngaleso sikhathi.

35Abathunjwa abaphuma ekuthunjweni banikela ngeminikelo yokushiswa kuNkulunkulu ka-Israyeli eyizinkunzi eziyishumi nambili ngaye wonke u-Israyeli, nezinqama ezingamashumi ayisihiyagalolunye nesithupha, namawundlu angamashumi ayisikhombisa nesikhombisa, nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wokona; konke kwakungumnikelo wokushiswa kuJehova. 36Banika imithetho yenkosi kothulasizwe benkosi nakubabusi phesheya koMfula;* basekela abantu nendlu kaNkulunkulu.

U-Ezra 9

Ukuhlangana kwabakwa-Israyeli nabezizwe

1Kwathi sekuphelile lokho, izikhulu zasondela kimi, zathi: “Abantu bakwa-Israyeli nabapristi namaLevi abazahlukanisanga nabantu bezizwe nezinengiso zabo, ezamaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi, nama-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseGibithe, nama-Amori. 2Ngokuba bazithathele amadodakazi abo, bona namadodana abo, kuze kuthi inzalo engcwele isixubene nabantu bezizwe; izandla zezikhulu nababusi yizona ebeziphambili kuleso siphambeko.”

3Lapho ngizwa leyo ndaba, ngaklebhula ingubo yami nejazi lami, ngahluthula izinwele zekhanda lami nesilevu sami, ngahlala phansi ngimangele. 4Kwase kubuthana kimi bonke abathuthumela ngamazwi kaNkulunkulu ka-Israyeli ngenxa yesiphambeko sabathunjwa; ngahlala ngimangele kwaze kwaba sesikhathini somnikelo wakusihlwa.

5Ngesikhathi somnikelo wakusihlwa ngavuka ekuzileni kwami, ingubo yami nejazi lami kuklebhukile, ngaguqa ngamadolo, ngelulela izandla zami kuJehova uNkulunkulu wami, 6ngathi: “Nkulunkulu wami, nginamahloni, ngiyakhophoza ukuba ngiphakamisele ubuso bami kuwe Nkulunkulu wami, ngokuba izono zethu zandile ngaphezu kwamakhanda ethu, namacala ethu akhulile kuze kube sezulwini. 7Kusukela ezinsukwini zawobaba kuze kube namuhla sinecala elikhulu; ngenxa yezono zethu sanikelwa thina namakhosi ethu nabapristi bethu ezandleni zamakhosi abezizwe enkembeni, nasekuthunjweni, nasekuphangweni, nasemahlonini obuso njenganamuhla.

8“Kepha manje senzelwe isikhashana umusa ovela kuJehova uNkulunkulu wethu ukusishiyela insali yabasindileyo nokusinika isikhonkwane endaweni yakhe engcwele ukuba uNkulunkulu wethu akhanyise amehlo ethu, asinike ikhefu elincane ebugqileni bethu. 9Ngokuba siyizigqila; nokho uNkulunkulu wethu akasishiyanga ebugqileni bethu, kepha usenzele isihawu emehlweni amakhosi asePheresiya ukuba asinike ikhefu, simise indlu kaNkulunkulu wethu, sivuse incithakalo yayo, asinike ugange kwaJuda naseJerusalema.

10“Manje siyakuthini, Nkulunkulu wethu, emva kwalokhu na? Ngokuba sishiyile imiyalo yakho 11oyale ngayo ngezandla zezinceku zakho abaprofethi ngokuthi: ‘Izwe eniya kulo ukulidla liyizwe elingcolileyo ngenxa yokungcola kwabantu bezizwe ngezinengiso zabo eziligcwalisile ngokonakalisa kwabo, kusukela ekuqaleni kuze kufike ekugcineni. 12Ngalokho ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, futhi ningathatheli amadodana enu amadodakazi abo, ningafuni ukuthula kwabo nenhlalakahle yabo kuze kube phakade, ukuze nibe namandla, nidle okuhle kwezwe, nilishiye libe yifa labantwana benu kuze kube phakade.’

13“Ngasemva kwakho konke okufike phezu kwethu ngenxa yezenzo zethu ezimbi, nangecala lethu elikhulu, nangokuba wena Nkulunkulu wethu awusijezisanga ngokufanele izono zethu, wasinika isigaba sabasindileyo njengalesi, 14singabuye saphule yini imiyalo yakho, sendiselane nalabo bantu abazenza lezi zinengiso na? Nga ungasithukutheleli uze usiqede, kuze kungabikho nsali nosindayo na? 15Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ulungile, ngokuba sishiyiwe siyinsali nje njenganamuhla; bheka, siphambi kwakho necala lethu, nokho akakho ongema phambi kwakho ngenxa yalokho.”

U-Ezra 10

Abesifazane babezizwe bayalahlwa

1U-Ezra esakhuleka, evuma izono ngokukhala, eziwise phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, kwabuthana kuye kuvela ku-Israyeli ibandla elikhulu kakhulu labesilisa nabesifazane nabantwana, ngokuba abantu bakhala ngokukhala okukhulu. 2UShekaniya, indodana kaJehiyeli, enye yamadodana ka-Elamu, wathatha wathi ku-Ezra: “Siphambukile kuNkulunkulu wethu, sithathe abesifazane babezizwe kubantu bezwe. Nokho lisekhona ithemba ku-Israyeli ngale nto. 3Ngalokho masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu ukuba silahle bonke abesifazane nabazelwe yibo ngesiluleko senkosi nesabathuthumela ngomyalo kaNkulunkulu wethu; akwenziwe ngomthetho. 4Vuka, ngokuba iphezu kwakho le ndaba; thina sinawe; yiba nesibindi, ukwenze.”

5Wayesevuka u-Ezra, wafungisa izikhulu zabapristi, namaLevi, naye wonke u-Israyeli ukuba benze ngokwaleli zwi. Bafunga-ke. 6Wayesevuka u-Ezra phambi kwendlu kaNkulunkulu, wangena ekamelweni likaJehohanani indodana ka-Eliyashibi, kepha esefike khona akadlanga sinkwa, kaphuzanga manzi, ngokuba walila ngenxa yesiphambeko sabathunjwa.

7Bathumela izwi kwaJuda naseJerusalema kubo bonke abathunjwa ukuba babuthane eJerusalema 8ngokuthi bonke abangafiki ngezinsuku ezintathu ngokwesiluleko sezikhulu namalunga kuyakudliwa yonke impahla yabo, bona bahlukaniswe nebandla labathunjwa.

9Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBenjamini babuthana eJerusalema ngezinsuku ezintathu; kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngolwamashumi amabili lwenyanga; bonke abantu bahlala esigcawini ngaphambi kwendlu kaNkulunkulu bethuthumela ngale ndaba nangemvula enkulu. 10U-Ezra, umpristi, wasukuma, wathi kubo: “Niphambukile nithathe abesifazane babezizwe ukwandisa icala lakwa-Israyeli. 11Ngalokho vumani izono kuJehova uNkulunkulu wawoyihlo, nenze intando yakhe, nizahlukanise nabantu bezwe nabesifazane babezizwe.”

12Lase liphendula lonke ibandla, lathi ngezwi elikhulu: “Njengokusho kwakho kithina nga sikwenza. 13Kepha abantu baningi, futhi kuyisikhathi semvula enkulu, asinakuma phandle, futhi lo msebenzi awusiwo walusuku lunye nowezimbili, ngokuba siphambukile kakhulu ngale ndaba. 14Izinduna zethu mazime phambi kwebandla lonke; bonke abasemizini yethu abathathe abesifazane babezizwe mabeze ngesikhathi esinqunyiweyo, benamalunga emizi ngemizi nabahluleli bayo, ize ibuye kithi intukuthelo evuthayo kaNkulunkulu wethu kule ndaba.” 15UJonathani, indodana ka-Asaheli, noJahazeya indodana kaThikiva kuphela bamelana nalokho; oMeshulamu noShabethayi umLevi babasiza.

16Kepha abathunjwa benze njalo. Kwakhethwa u-Ezra, umpristi, namadoda ayizinhloko zawoyise njengezindlu zawoyise, bonke ngamagama; bahlala ngosuku lokuqala lwenyanga yeshumi ukuyiphenya le ndaba. 17Baqeda namadoda ayethathe abesifazane babezizwe ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala.

18Abafunyaniswa phakathi kwamadodana abapristi ukuthi bathathe abesifazane babezizwe nampa: kumadodana kaJeshuwa indodana kaJosadaki nakubafowabo: ngoMahaseya, no-Eliyezeri, noJaribi, noGedaliya. 19Banika izandla zabo zokuthi bayakulahla abafazi babo; lokhu benecala, banikela ngenqama yomhlambi ngecala labo. 20Kumadodana ka-Imeri: ngoHanani noZebadiya. 21Kumadodana kaHarimi: ngoMahaseya, no-Eliya, noShemaya, noJehiyeli, no-Uziya. 22Kumadodana kaPhashuri: ngo-Eliyohenayi, noMahaseya, no-Ishmayeli, noNethaneli, noJozabadi, no-Eleyasa. 23KumaLevi: ngoJozabadi, noShimeyi, noKhelaya onguKelitha, noPhethahiya, noJuda, no-Eliyezeri. 24Kubahlabeleli: ngu-Eliyashibi; kubalindisango: ngoShalumi, noTeleme, no-Uri. 25Ku-Israyeli: Kumadodana kaPharoshi: ngoRamiya, no-Iziya, noMalikhiya, noMijamini, no-Eleyazare, noMalikhiya, noBenaya. 26Kumadodana ka-Elamu: ngoMathaniya, noZakariya, noJehiyeli, no-Abidi, noJeremoti, no-Eliya. 27Kumadodana kaZathu: ngo-Eliyohenayi, no-Eliyashibi, noMathaniya, noJeremoti, noZabadi, no-Aziza. 28Kumadodana kaBebayi: ngoJehohanani, noHananiya, noZabayi, no-Atilayi. 29Kumadodana kaBani: ngoMeshulamu, noMaluki, no-Adaya, noJashubi, noSheyali, noJeremoti. 30Kumadodana kaPhahati Mowabi: ngo-Adina, noKhelali, noBenaya, noMahaseya, noMathaniya, noBesaleli, noBinuwi, noManase. 31Amadodana kaHarimi: o-Eliyezeri, noJishiya, noMalikhiya, noShemaya, noShimeyoni, 32noBenjamini, noMaluki, noShemariya. 33Kumadodana kaHashumi: ngoMathenayi, noMathatha, noZabadi, no-Elifeleti, noJeremayi, noManase, noShimeyi. 34Kumadodana kaBani: ngoMahadayi, no-Amramu, no-Uweli, 35noBenaya, noBedeya, noKeluhi, 36noVaniya, noMeremoti, no-Eliyashibi, 37noMathaniya, noMathenayi, noJahasu, 38noBani, noBinuwi, noShimeyi, 39noShelemiya, noNathani, no-Adaya, 40noMakenadebayi, noShashayi, noSharayi, 41no-Azareli, noShelemiya, noShemariya, 42noShalumi, no-Amariya, noJosefa. 43Kumadodana kaNebo: ngoJehiyeli, noMatithiya, noZabadi, noSebina, no-Ido, noJoweli, noBenaya.

44Bonke labo babethathe abesifazane babezizwe; kwakukhona phakathi kwabo abesifazane ababezele abantwana.

Ihubo 33

Ukumdumisa uNkulunkulu uMninimandla onke ngenxa yezenzo zakhe ezinhle

1Yethabani kuJehova nina balungileyo;

ukudumisa kubafanele abaqotho.

2Bongani uJehova ngehabhu;*

mdumiseni ngogubhu oluzintambo ziyishumi.

3Mhubeleni ihubo elisha,

nibethe kahle ngenhlokomo.

4Ngokuba izwi likaJehova lilungile;

zonke izenzo zakhe ziyakholeka.

5Uthanda ukulunga nokwahlulela;

umhlaba ugcwele umusa kaJehova.

6Ngezwi likaJehova izulu lenziwa,

namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.

7Ubuthela ndawonye amanzi olwandle njengenqwaba;

uwabeka ajulileyo ezinqolobaneni.

8Umhlaba wonke mawumesabe uJehova;

bonke abakhileyo ezweni mabathuthumele phambi kwakhe.

9Ngokuba wakhuluma, kwaba khona;

wayaleza, kwema khona.

10UJehova uchitha icebo labezizwe;

uphuthisa imicabango yabantu.

11Icebo likaJehova limi phakade,

nemicabango yenhliziyo yakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.

12Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova,

isizwe asikhethileyo sibe yifa lakhe.

13UJehova uyabheka esezulwini;

uyababona bonke abantwana babantu.

14Esendaweni lapho ehlala khona

uyababuka bonke abakhileyo ezweni,

15yena owadala izinhliziyo zabo bonke,

oqaphela zonke izenzo zabo.

16Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo;

isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso.

17Ihhashi liyize ekusindiseni,

alihlangulisi ngobukhulu bamandla alo.

18Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo,

abathemba umusa wakhe,

19ukuba akhulule umphefumulo wabo ekufeni,

abaphilise endlaleni.

20Umphefumulo wethu ulindela uJehova;

ungukusiza kwethu nesihlangu sethu.

21Ngalokho inhliziyo yethu ithokoza ngaye,

ngokuba sithemba igama lakhe elingcwele.

22Umusa wakho, Jehova,

mawube phezu kwethu,

njengalokhu sithemba wena.

Ihubo 35

Umkhuleko wocela ukusindiswa ezitheni

ElikaDavide.

1Phikisana, Jehova,

nabaphikisana nami,

ulwe nabo abalwa nami.

2Thatha ihawu nesihlangu,

uvuke, ungisize.

3Hosha umkhonto, uvimbe indlela kwabangizingelayo;

yisho kuwo umphefumulo wami, uthi:

“Mina ngiyinsindiso yakho.”

4Mabajabhe, bahlazeke abafuna umphefumulo wami;

mababuyiselwe emuva, bajabhiswe abangisongelayo.

5Mababe njengamakhoba emoyeni,

ingelosi kaJehova ibadudule.

6Indlela yabo mayibe mnyama, ibebushelezi,

ingelosi kaJehova ibaxoshe.

7Ngokuba bangenzele ngasesitha igebe lenetha labo, kungekho sici,

bembele umphefumulo wami umgodi, kungekho cala.

8Ukubhujiswa makumehlele engazelele;

inetha lakhe alibeke ngasesitha malimbambe yena;

makawele kulo kube ngukubhujiswa kwakhe.

9Khona umphefumulo wami uzakwethaba kuJehova,

uthokoze ngokusindisa kwakhe.

10Onke amathambo ami azakuthi:

“Jehova, ngubani onjengawe,

wena okhulula ohluphekayo,

yebo, ohluphekayo nompofu komphangayo, na?”

11Ofakazi abangalungile bayasukuma,

babuza kimi engingakwaziyo.

12Bangiphindisela okubi ngokuhle;

umphefumulo wami bawusozisele.

13Kanti ekuguleni kwabo mina ngangembethe ezokuzila;

umphefumulo wami ngawuhlupha ngokuzila ukudla;

umkhuleko wami wabuyela esifubeni sami.

14Ngahamba kungathi bekungumngane wami nomfowethu;

njengokhalela unina ngakhothama ngokulila.

15Kepha ekuweni kwami bahlekisa ngami, babuthana ndawonye;

abashayi engingabaziyo bangibunganyela;

badumaza bengayeki.

16Njengezinteli ezikhonzela ucezu lwesinkwa

bangigedlela amazinyo.

17Nkosi, lokho uzakukubukela kuze kube nini na?

Sindisa umphefumulo wami ekubhubhiseni kwabo,

ukuphila kwami ezingonyameni ezingamabhongo.

18Ngizakukubonga ebandleni elikhulu,

ngikudumise phakathi kwabantu abaningi.

19Mabangajabuli ngami abayizitha zami bengenasizathu;

mabangaqwayizi amehlo abangizonda ngeze.

20Ngokuba abakhulumi ukuthula,

kepha baqamba amazwi enkohliso ngabazithuleleyo emhlabeni.

21Yebo, bangikhamisela kakhulu umlomo wabo, bathi:

“Ashila, ashila, iso lethu liyabona!”

22Uyakubona, Jehova; mawungathuli;

Nkosi, mawungabi kude nami.

23Vuka, usukumele ukwahlulelwa kwami,

Nkulunkulu wami, Nkosi yami,

umele icala lami.

24Ngahlulele ngokulunga kwakho,

Jehova Nkulunkulu wami;

mabangajabuli ngami.

25Mabangasho enhliziyweni yabo ukuthi:

“He, kwaya ngesifiso sethu!”

Mabangasho ukuthi: “Simgwinyile.”

26Mabajabhe,

babe namahloni bonke abajabula ngokuhlupheka kwami;

abazikhukhumeza ngami mabembathiswe ukujabha nendumazo.

27Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami;

mabathi njalonjalo:

“Makadunyiswe uJehova

othokoza ngenhlanhla yenceku yakhe.”

28Ulimi lwami luzakushumayela ngokulunga kwakho,

usuku lonke ngodumo lwakho.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU