Bible Society of South Africa

To The Word – Day 130

Amos 1–5, Psalm 25

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Amose 1

Iziprofetho ngokwahlulelwa kwezizwe

1Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa, owabonayo ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba. 2Wathi:

“UJehova uyaduma eseSiyoni,

ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema;

amadlelo abelusi ayakulila,

nesiqongo saseKarmeli siyakubuna.”

3Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseDamaseku,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba babhula iGileyadi ngezibhulo ezibukhali zensimbi.

4Kepha ngiyakuthuma umlilo endlini kaHazayeli,

uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.

5Ngiyakwaphula imigoqo yaseDamaseku,

nginqume abakhileyo eBikati Aveni,

nophethe intonga eBeti Edene,

abantu base-Aramu bathunjelwe eKhiri,” usho uJehova.

6Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseGaza,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba bathumba abantu ngokuthumba okupheleleyo

ukuba babakhaphele ku-Edomi.

7Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseGaza,

uqede izindlu zalo zamakhosi.

8Ngiyakunquma abakhileyo e-Ashidodi,

nophethe intonga e-Ashikeloni,

ngiphendulele isandla sami e-Ekroni;

nensali yamaFilisti iyakuphela,” isho iNkosi uJehova.

9Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseTire,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba bakhaphela abantu ngokuthumba okupheleleyo ku-Edomi,

bangakhumbuli isivumelwano sabazalwane.

10Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseTire,

uqede izindlu zalo zamakhosi.”

11Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba,

walahla isihe sakhe,

wagcina ulaka lwakhe,

wayilondoloza intukuthelo yakhe.

12Kepha ngiyakuthuma umlilo eThemani,

uqede izindlu zamakhosi zaseBosira.”

13Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantwana bakwa-Amoni,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba baqaqile abakhulelweyo kwaGileyadi

ukuba bayenze banzi imikhawulo yabo.

14Kepha ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseRaba,

uqede izindlu zalo zamakhosi ngokumemeza ngosuku lokulwa,

nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.

15Inkosi yabo iyakuya ekuthunjweni,

yona nezikhulu zayo kanyekanye,” usho uJehova.

U-Amose 2

1Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaMowabi,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba washisa amathambo enkosi yakwa-Edomi

aba ngumcako.

2Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi,

uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote,

uMowabi afe ngokuxokozela,

nangokumemeza,

nangokukhala kwecilongo.

3Ngiyakunquma umahluleli phakathi kwakhe,

ngibulale zonke izikhulu zakhe kanye naye,” usho uJehova.

4Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova,

abagcinanga izimiso zakhe,

namanga abo abadukisile,

abawalandelayo nawoyise.

5Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda,

uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.”

6Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Israyeli,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba bathengisile olungileyo ngesiliva,

nompofu ngamabhangqa ezicathulo.

7Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi,

bachezukisa indlela yabathobileyo;

indoda noyise baya entombininye,

ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,

8bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambiso

eceleni kwawo onke ama-altare,

baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.

9“Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo,

akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari,*

ayenamandla njengama-oki;*

kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulu

nezimpande zawo phansi.

10“Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe,

nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlane

ukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.

11Ngavusa kumadodana enu abaprofethi

nasezinsizweni zenu amaNaziri.*

Akunjalo, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova.

12“Kepha naphuzisa amaNaziri iwayini,

ngokuthi: ‘Ningaprofethi.’

13“Bhekani, ngiyakunicindezela endaweni yenu

njengengqukumbane icindezela,

igcwele izithungu.

14Onejubane uyakuswela ukubaleka;

onamandla akayikuqinisa amandla akhe,

neqhawe aliyikuzikhulula.

15Obambe umnsalo akayikuma;

onejubane ngezinyawo zakhe kayikuzikhulula,

nokhwele ihhashi akayikuzikhulula;

16onesibindi phakathi kwamaqhawe

uyakubaleka ze ngalolo suku,” usho uJehova.

U-Amose 3

Ukujeziswa kuka-Israyeli

1Yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngani bantwana bakwa-Israyeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi:

2“Nginazile nina kuphela emindenini yonke yomhlaba;

ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.”

3Kuhamba ababili kanyekanye,

uma bengavumelananga, na?

4Ingonyama iyabhodla ehlathini,

ingenampango, na?

Ibongo lengonyama liyezwakalisa izwi lalo emphandwini walo,

uma lingabambanga lutho, na?

5Inyoni iwela ogibeni emhlabathini,

ingenasihibe, na?

Ugibe luyaxhuma emhlabathini,

lungabambanga nokubamba, na?

6Kungabethwa icilongo emzini,

bangesabi abantu, na?

Umuzi ungehlelwa ngokubi,

engakwenzamga uJehova, na?

7Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho,

ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.

8Ingonyama ibhongile,

ngubani ongayikwesaba na?

INkosi uJehova ikhulumile,

ngubani ongayikuprofetha na?

Ukwahlulelwa kweSamariya

9Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase-Ashidodi,

nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe, nithi:

“Buthanani ezintabeni zaseSamariya,

nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo,

nokucindezelwa okukulo.”

10“Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” usho uJehova;

“babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.”

11Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“Isitha siyakulihaqa izwe,

sehlise kini izinqaba zenu,

ziphangwe izindlu zenu zamakhosi.”

12Usho kanje uJehova, uthi:

“Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyama

imilenze emibili noma inxenye yendlebe,

kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakophulwa,

abahlala eSamariya ezingosini zezihlalo

naphezu kwezingubo zikasilika* zemibhede.”

13“Yizwani, nifakaze ngendlu kaJakobe, isho iNkosi uJehova, uNkulunkulu Sebawoti.

14“Ngokuba mhla ngiyakumhambela u-Israyeli

ngeziphambeko zakhe,

ngiyakuhambela nama-altare aseBethele,

kunqunywe izimpondo ze-altare,

ziwe phansi.

15Ngiyakushaya indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo,

kuphele izindlu zophondo lwendlovu,

yebo, izindlu eziningi ziyakuphela,” usho uJehova.

U-Amose 4

Amazwi ngabesifazane baseSamariya

1Yizwani leli zwi,

nina zinkomo zaseBashani

enisentabeni yaseSamariya,

enicindezela abaphansi,

enichoboza abampofu,

enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”

2INkosi uJehova ifungile ubungcwele bayo

ukuthi: “Bhekani, izinsuku ziyakunehlela

lapho niyakususwa ngezingwegwe,

nabaseleyo kini ngezindobo.

3Niyakuphuma emifantwini,

kube yilowo nalowo ngoqondene naye,

nilahlwe eHermoni,” usho uJehova.

U-Israyeli akafundi

4“Wozani eBethele, niphambeke,

naseGiligali, nandise iziphambeko,

nilethe imihlatshelo yenu ekuseni njalo,

nokweshumi kwenu kanye ngezinsuku ezintathu,

5nishise umnikelo wokubonga ngokuvutshelweyo,

nimemezele iminikelo yesihle,

niyizwakalise,

ngokuba nithanda kanjalo,

bantwana bakwa-Israyeli,” isho iNkosi uJehova.

6“Mina nganinika ukuhlanzeka kwamazinyo emizini yenu yonke

nokuswela isinkwa kuzo zonke izindawo zenu,

kepha anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

7“Futhi ngagodla kini imvula,

kusasele izinyanga ezintathu ukuba kuvunwe,

ngalinisa phezu komunye umuzi,

komunye umuzi angilinisanga;

esinye isiqephu saniselwa,

nesiqephu esinganiselwanga sasha.

8Kwase kuhamba imizi emibili noma emithathu,

yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi,

kodwa ayaneliswanga;

kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

9“Nganishaya ngokuhamuka nesikhutha;

izivande zenu, nezivini zenu,

nemikhiwane yenu,

neminqumo yenu eminingi

kwadliwa yisibotho,

kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

10“Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe,

ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba,

ngathumba amahhashi enu,

ngenza ukuba ukunuka kwekamu* lenu

kukhuphukele nasemakhaleni enu,

kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

11“Nganichitha njengalokho

uNkulunkulu achitha iSodoma neGomora;

naninjengesikhuni esophulwe emlilweni,

kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

12“Ngalokho ngiyakwenze njalo kuwe Israyeli;

njengokuba ngiyakwenza lokhu kuwe,

zilungiselele ukuhlangana noNkulunkulu wakho, Israyeli.”

13Ngokuba bheka, owabumba izintaba,

nowawudala umoya,

otshela umuntu umqondo wakhe,

owenza ukusa kube ngubumnyama,

onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba,

igama lakhe linguJehova,

uNkulunkulu Sebawoti.

U-Amose 5

U-Israyeli uyabizwa ukuba aphenduke

1Zwanini leli zwi engiliphakamisa phezu kwenu libe yisililo ngendlu ka-Israyeli.

2“Iwile intombi yakwa-Israyeli,

ayisayikuvuka;

iphonsiwe phansi,

akakho ongayivusa.”

3Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“Umuzi owaphuma uyinkulungwane uyakushiya ikhulu,

nowaphuma uyikhulu uyakushiya ishumi kuyo indlu yakwa-Israyeli.”

4Ngokuba usho kanje uJehova kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi:

“Ngifuneni, niphile.

5Kepha ningalifuni iBethele,

ningangeni eGiligali,

ningadluleli eBeri Sheba,

ngokuba iGiligali liyakuthunjwa nokuthunjwa,

neBethele liyakuba yize.”

6Funani uJehova, niphile,

funa afikele indlu kaJosefa njengomlilo,

udle, kungekho owucimayo eBethele.

7Nina enihlanekezela ukwahlulela kube ngumhlonyane,

nilahle phansi ukulunga;

8nimfune owenza isiLimela neMpambano,

ophendula ithunzi lokufa libe ngukusa,

ayenze imini ibe mnyama njengobusuku,

obiza amanzi olwandle,

awathululele ebusweni bomhlaba nguJehova igama lakhe

9owenza ukuchitha ukuba kunyazime phezu kwabanamandla,

nencithakalo ukuba yehlele izinqaba.

10Bayamzonda ofakazela ukulunga esangweni; okhuluma ubuqotho

banengwa nguye.

11Ngalokho,

ngokuba ninyathela abampofu,

namukele kuye isipho samabele,

noma nakha izindlu ngamatshe abaziweyo

aniyikuhlala kuzo,

nokuba nitshala izivini ezinhle

aniyikuphuza iwayini lazo.

12Ngokuba ngiyazi ukuthi iziphambeko zenu ziningi

nokuthi izono zenu zinkulu,

nina enicindezela abalungileyo,

namukela umvuzo,

nenichezukisa abampofu esangweni.

13Ngalokho ohlakaniphileyo uyakuthula ngaleso sikhathi,

ngokuba kuyisikhathi esibi lesi.

14Funani okuhle, hhayi okubi,

ukuze niphile,

abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo,

njengalokhu nisho.

15Zondani okubi, nithande okuhle,

nimise ukwahlulela esangweni;

mhlawumbe uJehova uNkulunkulu Sebawoti uyakuba nomusa

kuyo insali yakwaJosefa.

16Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, iNkosi, uthi:

“Ezigcawini zonke kuyakuba khona ukukhala,

nakuzo zonke izitaladi bayakusho ukuthi:

‘Maye, maye!’

babize umlimi ukuba akhale,

nabaziyo izililo ukuba balile;

17nakuzo zonke izivini kuyakuba khona ukukhala,

ngokuba ngiyakudlula phakathi kwakho,” usho uJehova.

Usuku lukaJehova

18Wo kinina enifisa usuku lukaJehova!

Luyakunisizani usuku lukaJehova?

Lungubumnyama, alusikho ukukhanya.

19Kunjengalokhu umuntu ebalekela ingonyama,

kuhlangane naye ibhere,*

noma engena endlini

encike ngesandla odongeni,

alunywe yinyoka.

20Lungubumyama usuku lukaJehova,

alusikho ukukhanya,

nesigayegaye okungekho kuso ukukhazimula.

21“Ngiyayizonda, ngiyayidelela imikhosi yenu,

angenameli imihlangano yenu.

22Noma ninikela kimi ngeminikelo yenu

yokushiswa kanye neminikelo yenu yempuphu,

angiyenameli, futhi angibheki

iminikelo yenu yokubonga yamathole akhuluphalisiweyo.

23Susa kimi umsindo wezihlabelelo zakho,

angiyikuzwa imvunge yezingubhu zakho.

24Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,

nokulunga njengomfula onganqamukiyo.

25“Naletha kimi imihlatshelo neminikelo yempuphu ehlane

iminyaka engamashumi amane, nina ndlu ka-Israyeli, na?

26Seniyakuthwala uSakuti inkosi yenu

noKhewani inkanyezi kankulunkulu wenu,

izithombe zenu enizenzele zona.

27Ngiyakunenza ukuba nithunjelwe ngaphesheya kweDamaseku,”

usho uJehova ogama lakhe linguNkulunkulu Sebawoti.

Ihubo 25

Umkhuleko wocela ukubuswa nguNkulunkulu nokuvikelwa nguye

ElikaDavide.

1Jehova, ngiphakamisela kuwena umphefumulo wami.

2Nkulunkulu wami,

ngiyethemba kuwe;

mawungangijabhisi;

izitha zami mazingethabi ngami.

3Yebo, akuyikujabha noyedwa kwabakulindelayo;

bayakujabha abaphambuka ngeze.

4Ngazise imendo yakho, Jehova;

ngifundise izindlela zakho.

5Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise,

ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami;

ngilindela wena usuku lonke.

6Khumbula, Jehova, ububele bakho nomusa wakho,

ngokuba kukhona kwaphakade.

7Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami;

ngikhumbule ngokomusa

wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova.

8UJehova muhle, ulungile;

ngalokho ufundisa izoni indlela.

9Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo,

abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.

10Zonke izindlela zikaJehova zingububele neqiniso

kulabo abagcina isivumelwano sakhe nezifakazelo zakhe.

11Ngenxa yegama lakho, Jehova,

ngithethelele ukona kwami,

ngokuba kukhulu.

12Ngumuphi umuntu omesaba uJehova na?

Nguyena oyakufundiswa nguye indlela ayakuyikhetha.

13Umphefumulo wakhe uzakuhlala ngokwenama,

inzalo yakhe iyakuzuza izwe.

14Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo;

uyakubazisa isivumelwano sakhe.

15Amehlo ami akuye uJehova njalo,

ngokuba nguyena okhipha izinyawo zami enetheni.

16Phendukela kimi, ube nomusa kimi,

ngokuba nginesizungu, ngihluphekile.

17Izinsizi zenhliziyo yami zikhulile;

ngikhiphe ezinhluphekweni zami.

18Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami,

ungithethelele zonke izono zami.

19Bheka izitha zami, ngokuba ziningi;

ziyangizonda ngenzondo yonya.

20Londoloza umphefumulo wami, ungikhulule;

mawungangijabhisi,

ngokuba ngiphephela kuwe.

21Ukulunga nobuqotho makungilondoloze,

ngokuba ngilindele wena.

22Nkulunkulu, hlenga u-Israyeli

kuzo zonke izinkathazo zakhe.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU