Bible Society of South Africa

To The Word – Day 13

Genesis 48–50, Psalm 31

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UGenesise 48

UJakobe ubusisa uJosefa namadodana akhe

1Kwathi emva kwalezo zinto kwathiwa kuJosefa: “Bheka, uyihlo uyagula.” Wayesethatha amadodana akhe omabili, oManase no-Efrayimi. 2Kwase kushiwo kuJakobe ukuthi: “Bheka, indodana yakho uJosefa iyeza kuwe.” Wayeseziqinisa u-Israyeli, wahlala embhedeni.

3UJakobe wathi kuJosefa: “UNkulunkulu uSomandla wabonakala kimi eLuze ezweni laseKhanani, wangibusisa, 4wathi kimi: ‘Bheka, ngizakukuchumisa, ngikwandise, ngikwenze izizwe eziningi, ngiyiphe inzalo yakho leli zwe emva kwakho libe yifa elingunaphakade.’

5“Manje amadodana akho amabili owazalelwa wona ezweni laseGibithe, ngingakafiki kuwe eGibithe, angawami; o-Efrayimi noManase njengoRubeni noSimeyoni bazakuba ngabami. 6Kepha inzalo yakho oyizala emva kwabo izakuba ngeyakho; iyakubizwa ngegama labafowabo efeni lalabo. 7Kepha mina ekusukeni kwami ePhadani Aramu ngafelwa nguRaheli endleleni ezweni laseKhanani, kuse yibangana ukuya e-Efrati; ngammbela khona endleleni eya e-Efrati” (eliyiBetlehema).

8U-Israyeli wabona amadodana kaJosefa, wathi: “Ngobani laba na?”

9UJosefa wathi kuye: “Ngamadodana ami angiphe wona lapha uNkulunkulu.”

Wayesethi: “Ake uwalethe kimi, ngiwabusise.”

10Kepha amehlo ka-Israyeli ayefiphele ngobudala, engasenakubona; wawasondeza kuye; wawanga, wawagona.

11Wayesethi u-Israyeli kuJosefa: “Ngangingacabanganga ukuthi ngizakubona ubuso bakho; bheka, uNkulunkulu ungibonise nenzalo yakho.”

12UJosefa wawakhipha emathangeni akhe; wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi. 13UJosefa wayesebathatha bobabili, u-Efrayimi ngesokunene, engakwesokhohlo sika-Israyeli, noManase ngesokhohlo, engakwesokunene sika-Israyeli, wabasondeza kuye. 14U-Israyeli wayeselula isandla sakhe sokunene, wasibeka ekhanda lika-Efrayimi, kanti ungomncane, nesokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe, ngokuba uManase wayeyizibulo.

15Wambusisa uJosefa, wathi:

“UNkulunkulu abahamba ebusweni bakhe

obaba o-Abrahama no-Isaka,

uNkulunkulu ongondlile konke ukuhamba kwami

kuze kube namuhla,

16ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana;

mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o-Abrahama no-Isaka;

mabande, babe baningi phakathi kwezwe.”

17Wabona uJosefa ukuthi uyise wabeka isandla sakhe sokunene ekhanda lika-Efrayimi, kwaba kubi emehlweni akhe; wasibamba isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda lika-Efrayimi, asibeke ekhanda likaManase. 18Wayesethi uJosefa kuyise: “Kungabi njalo, ngokuba lo uyizibulo; beka esokunene sakho ekhanda lakhe.”

19Kepha uyise wala, wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi; naye uyakuba yisizwe, abe mkhulu naye; kodwa umfowabo uyakuba mkhulu kunaye, inzalo yakhe ibe yizizwe eziningi.” 20Wayesebabusisa ngalolo suku ngokuthi:

“Ngawe u-Israyeli uyakubusisa ethi:

‘UNkulunkulu makakwenze

ube njengo-Efrayimi nanjengoManase.’ ”

Wayesembeka-ke u-Efrayimi ngaphambi kukaManase.

21Wayesethi u-Israyeli kuJosefa: “Bheka, mina ngiyafa, kepha uNkulunkulu uyakuba nani, anibuyisele ezweni lawoyihlo. 22Wena ngikunike olunye ukhalo ngaphezu kwabafowenu engaluthatha esandleni sama-Amori ngenkemba yami nangomnsalo wami.”

UGenesise 48ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 49

UJakobe ubusisa amadodana akhe

1UJakobe wabiza amadodana akhe, wathi: “Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo.

2“Qoqanani, nizwe,

nina madodana kaJakobe,

nimlalele u-Israyeli uyihlo.

3“Rubeni, uyizibulo lami wena,

amandla ami,

ukuqala kwezikhwepha zami,

ingqongqo ngesithunzi,

ingqongqo ngamandla.

4Uyachichima njengamanzi,

awuyikuba nabungqongqo,

ngokuba wakhwela embhedeni kayihlo, wawona;

wakhwela okhukhweni lwami.

5“OSimeyoni noLevi bayizelamani;

izinkemba zabo ziyizikhali zobudlwangudlwangu.

6Ungangeni emkhandlwini wabo,

mphefumulo wami;

ungahlangani nebandla labo,

nhliziyo yami,

ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu;

ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.

7Makuqalekiswe ulaka lwabo, ngokuba

lwalunamandla,

nentukuthelo yabo,

ngokuba yayinonya;

ngizakubahlukanisa kwaJakobe,

ngibasakaze kwa-Israyeli.

8“Juda,

abafowenu bazakukudumisa wena;

isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho;

amadodana kayihlo ayakukukhothamela.

9UJuda uyibhongo lengonyama.

Wenyuke empangweni,

ndodana yami.

Uguqile, ulele njengengonyama nanjengengonyamakazi;

ngubani oyakumvusa na?

10Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda,

nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe,

aze afike yena olufanele lona;

nezizwe ziyakumlalela.

11Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini,

ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle;

uhlanza izingubo zakhe ewayinini,

nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini.

12Amehlo akhe ayaklwela iwayini,

amazinyo akhe amhlophe ubisi.

13“UZebuloni uyakwakha ngasogwini lolwandle,

abe sosebeni lwemikhumbi;

umkhawulo wakhe uzakuba ngaseSidoni.

14“U-Isakare uyimbongolo enamandla,

elala phakathi kwezibaya.

15Wabona indawo yakuphumula ukuthi inhle,

nezwe ukuthi limnandi;

wafolisa ihlombe ukuba athwale,

waba yinceku yempoqo.

16“UDani uyakuthetha amacala abantu bakhe,

njengesinye sezizwe zakwa-Israyeli.

17UDani uyakuba yinyoka endleleni,

inhlangwana emkhondweni eluma izithende zehhashi,

awe nyovane olikhweleyo.

18“Ngiyihalele insindiso yakho, Jehova.

19“UGadi, iviyo liyakumcindezela,

kepha yena uyakucindezela isithende salo.

20“Ku-Asheri kuvela amanoni abe ngukudla kwakhe;

uyakuveza isilovela samakhosi.

21UNafetali uyindluzelekazi ethukululekileyo;

uveza amazwi amnandi.

22“UJosefa uyingatsha entsha ethelayo,

ingatsha ethela ngasemthonjeni;

amagatsha akhe akhwela odongeni.

23Abacibishelayo bayamkhathaza,

bayamdubula, bayamzingela;

24kepha umnsalo wakhe uhlala uqinile;

amandla ezandla zakhe aqiniswa

ngezandla zoMninimandla kaJakobe,

okuvela kuye uMalusi netshe lika-Israyeli,

25ngoNkulunkulu kayihlo ozakukusiza,

ngoSomandla ozakukubusisa

ngezibusiso zasezulwini phezulu,

nangezibusiso zasotweni olukhona phansi,

nangezibusiso zamabele nezesizalo.

26Izibusiso zikayihlo zinamandla

kunezibusiso zawokhokho bami,

kuze kube semkhawulweni wokugcina wezintaba ezimiyo;

ziyakuba phezu kwekhanda likaJosefa phakade,

nasokhakhayini lwakhe owahlukaniswa nabafowabo.

27“UBenjamini uyimpisi ehomfuzayo;

ekuseni uyadla impango,

kusihlwa uyahlukanisa akuphangileyo.”

28Bonke labo bayizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli; yilokhu uyise akukhuluma kubo, wababusisa; wababusisa, kwaba yilowo ngokwesibusiso sakhe.

29Wabayala, wathi kubo: “Mina sengiyakubuthelwa kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti, 30umhume osensimini yaseMakaphela eliphambi kweMamre ezweni laseKhanani, awuthenga u-Abrahama kanye nensimu ku-Efroni umHeti, ube yindawo yakhe yokumbela; 31lapho bembela o-Abrahama noSara umkakhe; lapho bembela o-Isaka noRebeka umkakhe; lapho ngembela uLeya; 32insimu nomhume okuyo okwathengwa kubantwana bakwaHeti.”

33UJakobe eseqedile ukuyala amadodana akhe waqoqela izinyawo zakhe embhedeni, wagqibuka, wabuthelwa kubantu bakhe.

UGenesise 49ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 50

Ukumbelwa kukaJakobe

1UJosefa wawa ebusweni bukayise, wakhala phezu kwakhe, wamanga. 2UJosefa wayala izinceku zakhe izinyanga ukuba zimgqumise uyise ngemithi; izinyanga zamgqumisa-ke u-Israyeli ngemithi. 3Zaphelela izinsuku zakhe ezingamashumi amane, ngokuba ziphelela kanjalo izinsuku zokugqumisa ngemithi; abaseGibithe bamkhalela izinsuku ezingamashumi ayisikhombisa.

4Sezidlulile izinsuku zokumkhalela, uJosefa wakhuluma kuyo indlu kaFaro, wathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni enu, ake nikhulume ezindlebeni zikaFaro ngokuthi 5ubaba wangifungisa wathi: ‘Bheka, ngiyafa; ethuneni engizimbele lona ezweni laseKhanani uzakungingcwaba kulo.’ Ngalokho ake ngikhuphuke, ngimmbele ubaba, bese ngibuya.”

6Wayesethi uFaro: “Khuphuka, ummbele uyihlo njengokukufungisa kwakhe.”

7Khona uJosefa wakhuphuka ukuyommbela uyise; zakhuphuka naye zonke izinceku zikaFaro, nezikhulu zendlu yakhe, nezikhulu zonke zezwe laseGibithe, 8nendlu yonke kaJosefa, nabafowabo, nendlu kayise; bashiya ezweni laseGosheni izingane zabo, nezimvu zabo, nezinkomo zabo kuphela. 9Kwakhuphuka nabo nezinqola, nabamahhashi; kwaba yibandla elikhulu impela.

10Baya, bafika eGoreni Hathadi elingaphesheya kweJordani; lapho bakhala nokukhala impela, okunzima kakhulu; wamenzela uyise isililo izinsuku eziyisikhombisa. 11Abakhileyo ezweni, amaKhanani, sebebone isililo eGoreni Hathadi bathi: “Lokhu kuyisililo esinzima sabaseGibithe.” Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi i-Abela Misirayimi* elingaphesheya kweJordani.

12Amadodana akhe amenzela njengalokho ewayalile; 13ngokuba amadodana akhe amyisa ezweni laseKhanani, ammbela emhumeni wasensimini yaseMakaphela, u-Abrahama awuthenga kanye nensimu ku-Efroni umHeti, ube yindawo yokumbela, ngaphambi kweMamre. 14UJosefa wayesebuyela eGibithe, yena nabafowabo, nabo bonke ababekhuphuke naye ukummbela uyise, emva kokungcwaba kwakhe uyise.

15Sebebonile abafowabo bakaJosefa ukuthi uyise ufile, bathi: “Mhlawumbe uJosefa uzakusizonda, asiphindisele nokusiphindisela konke okubi esakwenza kuyena.” 16Base bethumela kuJosefa, bethi: “Uyihlo wayala engakafi, wathi: 17‘Niyakusho kuJosefa ukuthi: Ake uthethelele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo, ngokuba bakwenzela okubi.’ Manje siyakucela ukuthi: Ake uthethelele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo.” UJosefa wakhala, besakhuluma kuye.

18Base befika nabafowabo, bawa phansi ebusweni bakhe, bathi: “Bheka, siyizinceku zakho.”

19UJosefa wayesethi kubo: “Ningesabi; kanti ngisesikhundleni sikaNkulunkulu na? 20Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba akwenze kube njenganamuhla, asindise abantu abaningi. 21Ngalokho ningesabi; mina ngiyakunondla, nina nezingane zenu.” Wabaduduza, wakhuluma kuzo izinhliziyo zabo.

Ukufa kukaJosefa

22UJosefa wahlala eGibithe, yena nendlu kayise; uJosefa wahamba iminyaka eyikhulu neshumi. 23UJosefa wabona abantwana bakwa-Efrayimi besizukulwane sesithathu; nabantwana bakwaMakiri indodana kaManase bazalelwa emathangeni kaJosefa.

24Wayesethi uJosefa kubafowabo: “Mina sengiyafa, kepha uNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, anikhuphule kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.” 25UJosefa wayesefungisa amadodana ka-Israyeli, ethi: “UNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, nina nikhuphule amathambo ami lapha.”

26Wayesefa uJosefa eneminyaka eyikhulu neshumi; bamgqumisa ngemithi, wafakwa ebhokisini eGibithe.

UGenesise 50ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 31

Ukumethemba uJehova

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova;

mawungangijabhisi naphakade;

ngikhulule ngokulunga kwakho.

2Beka kimi indlebe yakho,

ungophule masinyane,

ube yidwala eliqinileyo kimi,

indlu yezinqaba yokungisindisa.

3Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami;

ngenxa yegama lakho uyakungihola,

ungiqondise.

4Uyakungikhipha enetheni abangicuphe ngalo,

ngokuba wena uyinqaba yami.

5Ngibeka umoya wami esandleni sakho;

uyangihlenga, Jehova Nkulunkulu othembekayo.

6Ngiyabazonda abakhonza onkulunkulu abayize,

kepha mina ngithemba uJehova.

7Ngizakwethaba,

ngijabule ngomusa wakho,

ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami,

wazinaka izinsizi zomphefumulo wami;

8awunginikelanga esandleni sesitha,

wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.

9Yiba nomusa kimi, Jehova,

ngokuba ngiyahlupheka;

iso lami liyafa usizi,

nomphefumulo wami nomzimba wami.

10Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini,

neminyaka yami ekububuleni;

amandla ami aphelile ngokona kwami,

namathambo ami ancunzekile.

11Ngenxa yezitha zami zonke sengaba yisihlamba,

ikakhulu kubakhelwane bami ngaba ngobesabisayo abangane bami;

abangibona endleleni bayangibalekela.

12Sengakhohlakala enhliziyweni njengofileyo;

nginjengesitsha esifileyo.

13Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi

ngokwesabisayo nxazonke;

besenza icebo ngami

bahlosa ukubulala umphefumulo wami.

14Kepha mina ngithemba wena Jehova;

ngithi: “UnguNkulunkulu wami.”

15Izikhathi zami zisesandleni sakho;

ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo.

16Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho;

ngisindise ngomusa wakho.

17Jehova, mawungangijabhisi,

ngokuba ngiyakubiza;

mabajabhiswe ababi,

bathuliswe endaweni yabafileyo.

18Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo

ngokuzidla nangokweyisa.

19Yeka ubukhulu bomusa wakho

obagodlele wona abakwesabayo,

owenzele bona ababalekela kuwe,

phambi kwabantwana babantu.

20Ubafihla ekusithekeni kobuso bakho

ngenxa yezigungu zabantu;

ubalondoloza edokodweni

ekuxabaneni kwezilimi.

21Makabongwe uJehova,

ngokuba ungenzele umusa wakhe omangalisayo

emzini oqinileyo.

22Mina-ke ngithe ovalweni lwami:

Ngixoshiwe emehlweni akho;

nokho walizwa izwi lokunxusa kwami ekukhaleni kwami kuwe.

23Mthandeni uJehova nina nonke enimkhonzayo;

uJehova uyabalondoloza abakholekileyo,

amphindisele kakhulu ozidlayo.

24Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,

nina nonke enithemba uJehova.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU