Bible Society of South Africa

To The Word – Day 123

Joel 1–3, Psalm 138, Acts 2

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJoweli 1

Izwe liyachithwa yisikhonyane

1Izwi likaJehova elafika kuJoweli

indodana kaPhethuweli.

2Yizwani lokhu nina badala,

nibeke indlebe nina nonke enihlezi ezweni.

Kwake kwaba khona emihleni yenu noma emihleni yawobaba na?

3Kutsheleni abantwana benu,

nabantwana benu abantwana babo,

nabantwana babo esinye isizukulwane.

4Okushiywe yisibotho kudliwe yisikhonyane,

nokushiywe yisikhonyane kudliwe yizinkumbi,

nokushiywe yizinkumbi kudliwe yinkasa.

5Phaphamani, zidakwa, nikhale,

nihhewule nonke eniphuza iwayini

ukuthi iwayini linqanyulelwe emlonyeni wenu.

6Ngokuba kwenyukele ezweni lami

isizwe esinamandla nesingenakubalwa;

amazinyo aso angamazinyo engonyama,

namazinyo aso emihlathi angawengonyamakazi.

7Sichithile umvini wami,

saxebula umkhiwane wami;

siwuxhozile nokuwuxhoza, sawulahla,

amagatsha awo sawenza aba mhlophe.

8Khala njengentombi ebhince indwangu yamasaka

ngomyeni wobusha bayo.

9Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa

inqamukile endlini kaJehova;

abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.

10Amasimu achithekile,

umhlabathi uyalila,

ngokuba amabele achithiwe;

iwayini elisha lishile,

amafutha ayawuma.

11Jabhani, balimi, nihhewule nina baphathi bezivini

ngokolweni nangebhali,*

ngokuba isivuno samasimu sichithakele.

12Umvini ubunile,

imikhiwane iwumile;

imipomegranati,* namasundu,

nemi-apula,*

nemithi yonke yasendle kubunile,

ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu.

13Bhincani, nikhale, bapristi,

nihhewule, nina zikhonzi ze-altare;

wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka,

zikhonzi zikaNkulunkulu wami,

ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa

kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.

14Ngcwelisani ukuzila ukudla,

nibize umhlangano;

buthani amalunga,

yebo, bonke abakhe ezweni,

endlini kaJehova uNkulunkulu wenu,

nikhale kuJehova.

15Hawu lolo suku!

Ngokuba usuku lukaJehova lusondele,

lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.

16Akunqunywanga ukudla kwethu phambi kwamehlo ethu,

intokozo nenjabulo endlini kaNkulunkulu wethu, na?

17Imbewu iyabola phansi kwamagade ayo;

izingobo zichithakele,

izinqolobane zidiliziwe,

ngokuba amabele omile.

18Yeka, ukububula kwezilwane!

Imihlambi yezinkomo ikhungathekile,

ngokuba ayinadlelo,

yebo, nemihlambi yezimvu izithwese icala.

19Ngikhala kuwe Jehova,

ngokuba amadlelo asehlane adliwe ngumlilo,

nelangabi lishisile yonke imithi yasendle.

20Yebo, nezilwane zasendle ziyakulangazelela,

ngokuba imifula yamanzi ishile,

nomlilo udlile amadlelo asehlane.

UJoweli 2

Usuku lukaJehova

1Bethani icilongo eSiyoni,

nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele;

mabathuthumele bonke abakhe ezweni,

ngokuba luyeza usuku lukaJehova,

ngokuba lusondele;

2usuku lobumnyama nolwesigayegaye,

usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu,

njengokusa kwenekwe ezintabeni,

abantu abaningi abanamandla

abangazange babe ngabanjalo kwasendulo,

nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo

kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.

3Phambi kwabo kuyadla umlilo,

nasemva kwabo kushisa ilangabi;

izwe liphambi kwabo njengensimu yase-Edene,

nangasemva kwabo kuyihlane lencithakalo,

akukho okubabalekelayo.

4Isimo sabo sinjengesimo samahhashi,

bagijima njengabamahhashi.

5Bangqabashiya ngomsindo wezinqola eziqongweni zezintaba,

njengokuchochoza kwelangabi lomlilo elidla amabibi

nanjengabantu abanamandla, abahlelelwe ukulwa.

6Phambi kwabo abantu bayathuthumela,

bonke ubuso buyaphaphatheka.

7Bagijima njengamaqhawe,

bakhwela ezingangeni njengamadoda empi;

bahamba,

kube yilowo nalowo ngendlela yakhe,

abaphambanisi izindlela zabo.

8Abahlohlolozani omunye nomunye;

bahamba,

kube yilowo nalowo ngendlela yakhe;

baziphonsa phakathi kwezikhali,

abakhawuli.

9Batheleka emzini,

bagijima ogangeni;

bakhuphukela ezindlini,

bangena ngamafasitele njengesela.

10Umhlaba uyazamazama phambi kwabo,

amazulu ayathuthumela;

ilanga nenyanga kuphenduka ubumnyama,

nezinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.

11UJehova uzwakalisa izwi lakhe phambi kwempi yakhe,

ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu,

nowenza izwi lakhe unamandla;

yebo, usuku lukaJehova lukhulu,

luyesabeka kakhulu;

ngubani ongaluthwala na?

12“Kepha manje,” usho uJehova,

“phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke,

nangokuzila ukudla, nangokukhala,

nangokulila.”

13Niklebhule inhliziyo yenu,

hhayi izingubo zenu,

niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,

ngokuba yena unomusa,

unobumnene,

wephuza ukuthukuthela,

unesihe esikhulu,

uhawukela nomubi.

14Ngubani owaziyo uma engayikubuya,

ahawukele,

ashiye isibusiso emva kwakhe,

kube ngumnikelo wempuphu nomnikelo wokuphuzwa

kuJehova uNkulunkulu wenu, na?

15Bethani icilongo eSiyoni,

ningcwelise ukuzila ukudla,

nibize umhlangano;

16buthani abantu, ningcwelise ibandla,

niqoqe abadala, nibuthe izingane nabancelayo;

umyeni makaphume ekamelweni lakhe,

nomakoti emgonqweni wakhe.

17Abapristi, izikhonzi zikaJehova,

mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi:

“Hawukela abantu bakho, Jehova,

unganikeli isabelo sakho sibe yinhlamba,

ukuze abezizwe bababhinqe;

yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi:

‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”

18UJehova wayesehawukela izwe lakhe,

wabahawukela abantu bakhe.

19UJehova waphendula,

wathi kubantu bakhe:

“Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha,

nisuthe ngakho,

ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe.

20“Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho,

ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo,

ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga,

umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga,

kukhuphuke ukunuka kwakhe,

kwenyuke iphunga lakhe elibi;”

ngokuba wenzile izinto ezinkulu.

21Ungesabi, lizwe;

jabula, uthokoze,

ngokuba uJehova wenzile izinto ezinkulu.

22Ningesabi, zilwane zasendle,

ngokuba amadlelo asehlane ayahluma,

nemithi ithela izithelo,

umkhiwane nomvini kuveza amandla akho.

23Jabulani, bantwana baseSiyoni,

nithokoze kuJehova uNkulunkulu wenu,

ngokuba uninika imvula yokuqala ngokulunga,

unehlisela imvula,

eyokuqala neyamuva,

njengasekuqaleni.

24Izibuya ziyakugcwala amabele,

nezikhongozelo ziyakuchichima iwayini namafutha.

25“Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane,

nezinkumbi, nenkasa, nesibotho,

impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.

26Niyakudla nokudla, nisuthe,

nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu

oniphathe ngokumangalisayo;

abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.

27Niyakwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli

nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu,

akakho omunye;

abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.

28“Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama;

amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha,

abadala benu baphuphe amaphupho,

izinsizwa zenu zibone imibono;

29naphezu kwezinceku nezincekukazi ngalezo zinsuku

ngiyakuthulula uMoya wami.

30Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni,

igazi, nomlilo, nezinsika zomusi.

31Ilanga liyakuphenduka ubumnyama,

inyanga ibe yigazi,

lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.

32Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova

bakhululwe,

ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalema

kuyakuba ngabasindileyo,

njengalokho eshilo uJehova,

naphakathi kwabaseleyo kube ngababizwa nguJehova.

UJoweli 3

Ukwahlulelwa kwezizwe

1“Ngokuba ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,

lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,

2ngiyakubutha zonke izizwe,

ngizehlisele esigodini sikaJehoshafati,

ngahlulelane nazo khona ngenxa yabantu bami

nesabelo sami u-Israyeli,

ezibahlakazile phakathi kwezizwe,

zabela izwe lami.

3Zenza inkatho ngabantu bami,

zanika umfana ngesifebe,

zathengisa ngentombazana ngenxa yewayini,

zaliphuza.

4“Niyini kimi, nina Tire neSidoni, nayo yonke imikhawulo yaseFilistiya na? Niyakungibuyisela utho na? Uma ningibuyisela utho ngiyakushesha ngibuyisele masinyane phezu kwekhanda lenu izenzo zenu, 5njengalokho nithathile isiliva lami negolide lami, nangenisa izinto zami ezinhle emathempelini enu, 6nathengisa ngabantwana bakwaJuda nangabantwana baseJerusalema kumadodana aseJavani ukuba nibadedisele kude nemikhawulo yabo.

7“Bhekani, ngiyakubavusa endaweni enithengisile kuyo ngabo, ngibuyisele ekhanda lenu isenzo senu. 8Ngiyakuthengisa ngamadodana enu nangamadodakazi enu esandleni sabantwana bakwaJuda, bona bathengise ngabo kumaSheba, isizwe esikude,” ngokuba uJehova ukhulumile.

9Memezelani lokhu phakathi kwabezizwe,

ningcwelise impi,

niwavuse amaqhawe;

mawasondele,

enyuke onke amadoda empi.

10Khandani amakhuba enu abe yizinkemba,

ocelemba benu babe yimikhonto,

obuthakathaka asho ukuthi ngiyiqhawe.

11Sheshani nifike nina bezizwe zonke nxazonke, nibuthane,

wehlisele khona amaqhawe akho, Jehova.

12“Mabazivuse abezizwe,

benyukele esigodini sikaJehoshafati,

ngokuba ngahlulele bonke abezizwe nxazonke.

13Fakani isikela,

ngokuba okuzakuvunwa sekuvuthiwe;

ngokuba isikhamo sewayini sigcwele,

nezikhongozelo ziyachichima,

ngokuba ububi babo bukhulu.”

14Yizixuku ngezixuku esigodini sokwahlulela,

ngokuba usuku lukaJehova lusondele esigodini sokwahlulela.

15Ilanga nenyanga kuba mnyama,

izinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.

16UJehova uyaduma eseSiyoni,

ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema;

izulu nomhlaba kuyazamazama,

kepha uJehova uyisiphephelo sabantu bakhe,

nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli.

17Bese nikwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu

engihlala eSiyoni, intaba yami engcwele;

iJerusalema liyakuba ngcwele,

abafokazi abasayikulidabula.

18“Kuyakuthi ngalolo suku

izintaba ziconse iwayini elimnandi,

amagquma agobhoze ubisi,

yonke imifula yakwaJuda igobhoze amanzi;

kuyakuvela umthombo endlini kaJehova

oyakunisela isigodi saseShithimi.

19IGibithe liyakuba yincithakalo,

u-Edomi abe yihlane lencithakalo

ngenxa yendluzula eyenziwe kubantwana bakwaJuda,

ngokuba bachithile igazi elingenacala ezweni labo.

20Kepha uJuda uyakuhlala kuze kube phakade,

neJerusalema ezizukulwaneni ngezizukulwane.

21Ngiyakuphindisela igazi labo engingakaliphindiseli,”

ngokuba uJehova wakhile eSiyoni.

Ihubo 138

Ukubonga uJehova omkhulu omnene

ElikaDavide.

1Ngiyakukubonga ngenhliziyo yami yonke;

phambi kwawonkulunkulu ngiyakukuhubela.

2Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele,

ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho,

ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho.

3Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula;

wangiqunga isibindi,

wangipha amandla emphefumulweni wami.

4Onke amakhosi omhlaba ayakukubonga, Jehova,

lapho ezwile amazwi omlomo wakho.

5Yebo, ayakuhlabelela ngezindlela zikaJehova,

ngokuba inkulu inkazimulo kaJehova.

6Ngokuba noma uJehova ephakeme,

uyanakekela nokho ophansi;

uyamazi ozidlayo ekude.

7Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko,

uyakungiphilisa;

uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami,

esokunene sakho singisindise.

8UJehova uyakufeza okwami;

Jehova, umusa wakho umi phakade;

ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.

IzEnzo 2

Ukuthululwa kukaMoya oNgcwele

1Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye. 2Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo. 3Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo. 4Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.

5Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu; 6kwathi kuzwakele lowo mdumo, uquqaba lwabuthana, lwaphithiza, ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo. 7Bethuka, bamangala bathi: “Bheka, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na? 8Yini, pho, ukuba sonke ngabanye sizwe ngolimi lwakithi esazalwa nalo na? 9AmaParte, namaMede, nama-Elamithi, nabakhile eMesopotamiya, naseJudiya, naseKhaphadosiya, nasePontu, nase-Asiya, 10naseFrigiya, nasePhamfiliya, naseGibithe, nasezweni laseLibiya ngaseKhurene, nezihambi zaseRoma, 11nabaJuda namaproselite,* abaseKrethe nabase-Arabiya, siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.” 12Bonke bamangala, basambatheka, bathi omunye komunye: “Kuthini lokhu na?”

13Kepha abanye bebabhuqa bathi: “Bagcwele iwayini elimnandi.”

Intshumayelo kaPetru

14Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye, waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo:

“Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami. 15Ngokuba laba kabadakiwe njengokucabanga kwenu, lokhu kuseyihora lesithathu lemini; 16kodwa lokhu kuyikho okwakhulunywa ngomprofethi uJoweli ukuthi:

17“ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu,

ngiyakuthulula uMoya wami

phezu kwayo yonke inyama;

amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha,

izinsizwa zenu zibone imibono,

abadala benu baphuphe amaphupho;

18yebo, naphezu kwezinceku zami

nezincekukazi zami

ngiyakuthulula uMoya wami ngaleyo mihla,

ziyakuprofetha.

19Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini phezulu

nezibonakaliso emhlabeni phansi,

igazi, nomlilo, nokuthunqa komusi.

20Ilanga liyakuphenduka ubumnyama,

inyanga ibe yigazi,

lungakafiki usuku olukhulu

noluqhamileyo lweNkosi.

21Kuyakuthi yilowo nalowo

obiza igama leNkosi uyakusindiswa.’

22“Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu, 23yena lo, esenikelwe ngesu elimisiweyo nangokwaziphambili kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala; 24lowo uNkulunkulu wamvusa ethukulula iminjunju yokufa, lokhu kwakungenakwenzeka ukuba abanjwe yikho. 25Ngokuba uDavide uthi ngaye:

“ ‘Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo,

ngokuba ingakwesokunene sami,

ukuze nginganyakaziswa.

26Ngalokho inhliziyo yami iyajabula,

nolimi lwami luyethaba;

ngisho nenyama yami iyakuhlala

ngokwethemba.

27Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami eHayidese,*

futhi awuyikuvuma oNgcwele wakho

abone ukubola.

28Wangazisa izindlela zokuphila;

uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.’

29“Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa, nokuthi wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla. 30Ngakho lokhu engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wayefungile kuye ngesifungo ukuthi enzalweni yokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi, 31ebona kuse phambili, wakhuluma ngokuvuka kukaKristu ukuthi akashiywanga eHayidese,* nenyama yakhe ayibonanga ukubola. 32UJesu lo uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke; 33ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo. 34Ngokuba uDavide akenyukelanga ezulwini, kepha yena uthi: ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, 35ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.” ’

36“Ngakho indlu yonke yakwa-Israyeli mayazi impela ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu uJesu lo enambethela nina esiphambanweni.”

Ukuphenduka nokubhapathizwa kwaba yizinkulungwane ezintathu

37Sebekuzwa bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, siyakwenze njani na?”

38UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele. 39Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”

40Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.” 41Ngakho abalamukeleyo izwi lakhe babhapathizwa, kwenezelwa ngalowo muhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu.

Ibandla laseJerusalema

42Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli, nasekuhlanganeni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni. 43Kepha kwaba yilowo nalowo muntu wehlelwa ngukwesaba; kwenziwa ngabaphostoli izimangaliso nezibonakaliso eziningi. 44Bonke abakholwayo babe ndawonye, bahlanganyela izinto zonke; 45bathengisa ngemfuyo nangempahla, babela bonke ngayo njengokuswela kwabo. 46Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo, 47bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU