Bible Society of South Africa

To The Word – Day 118

2 Kings 6–10, Psalm 140

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 AmaKhosi 6

U-Elisha nembazo elahlekileyo. Impi nama-Aramu

1Amadodana abaprofethi athi ku-Elisha: “Bheka, indawo esihlezi kuyo phambi kwakho, siminyene kuyo. 2Masihambe siye eJordani, sithathe khona, kube yilowo nalowo umshayo ube munye, senzele khona indawo esingahlala kuyo.”

Wathi: “Hambani.”

3Kepha omunye wathi: “Vuma uhambe nezinceku zakho.”

Wathi: “Ngiyakuhamba.” 4Wayesehamba nabo. Sebefike eJordani bagawula imithi. 5Kwathi lapho omunye esegawula umshayo, insimbi yawela emanzini; wakhala wathi: “Maye, nkosi! Ibitshelekiwe!”

6Wathi lowo muntu kaNkulunkulu: “Iwelephi na?” Wamkhombisa indawo. Wayesenquma uthi, waluphonsa khona, insimbi yantanta. 7Wayesethi: “Yikhuphule.” Welula isandla sakhe, wayithatha.

8Inkosi yase-Aramu yayisilokhu ilwa no-Israyeli; yelulekana nezinceku zayo ngokuthi: “Ukumisa kwami kuyakuba sekuthinithini.”

9Umuntu lowo kaNkulunkulu wathumela enkosini yakwa-Israyeli, wathi: “Qaphela ukuba ungadluli kuleyo ndawo, ngokuba ama-Aramu aseyaphumula khona.” 10Inkosi yakwa-Israyeli yayisithuma umuntu kaNkulunkulu kuleyo ndawo ayishoyo, wayixwayisa ngayo, yaqaphela kungekanye, kungekabili kuphela.

11Inhliziyo yenkosi yase-Aramu yayiphethwe yitwetwe ngale ndaba, yabiza izinceku zayo, yathi kuzo: “Ningengitshele yini ukuthi ngobani abakithi abavuma inkosi yakwa-Israyeli na?”

12Enye yezinceku zayo yathi: “Hhayi, nkosi yami, nkosi, kodwa u-Elisha, umprofethi wakwa-Israyeli, uyayitshela inkosi yakwa-Israyeli amazwi owakhulumayo ekamelweni lakho lokulala.”

13Yayisithi: “Hamba ubone ukuthi uphi ukuba ngithumele ngimlande.” Watshelwa ukuthi: “Bheka, useDothani.” 14Wathuma khona amahhashi, nezinqola, nempi enkulu; bafika ebusuku, bakaka umuzi nxazonke.

15Isikhonzi somuntu kaNkulunkulu sesivukile ekuseni, saphuma, bheka, impi enamahhashi nezinqola yayiwukakile umuzi. Yayisithi inceku kuye: “Maye, nkosi! Sesiyakwenze njani?”

16Wathi: “Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.”

17U-Elisha wakhuleka, wathi: “Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.” UJehova wavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe u-Elisha.

18Sebehlela kuye, u-Elisha wakhuleka kuJehova, wathi: “Mawushaye lesi sizwe ngobumpumputhe.” Wasishaya ngobumpumputhe njengezwi lika-Elisha.

19Wayesethi u-Elisha kubo: “Le akusiyo indlela, nalona akusiwo umuzi; ngilandeleni, nginiyise kumuntu enimfunayo.” Wabayisa eSamariya.

20Kwathi sebefike eSamariya, u-Elisha wathi: “Jehova, vula amehlo alaba bantu ukuba babone.” UJehova wavula amehlo abo, babona; bheka, base bephakathi kweSamariya.

21Inkosi yakwa-Israyeli yathi ku-Elisha, isibabonile: “Baba, ngibabulale na? Ngibabulale na?”

22Kepha wathi: “Awuyikubabulala; ungababulala yini labo obathumbile ngenkemba yakho nangomnsalo wakho na? Beka isinkwa namanzi phambi kwabo ukuba badle, baphuze, baye enkosini yabo.” 23Yayisibalungisela idili, badla, baphuza; yabavumela ukuba bahambe, baya enkosini yabo. Amaviyo ama-Aramu awabe esaphinda ukungena ezweni lakwa-Israyeli.

Indlala yaseSamariya

24Kwathi emva kwalokho uBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu, wabutha yonke impi yakhe, wenyuka, wavimbezela iSamariya. 25Kwaba khona indlala enkulu eSamariya; bheka, balivimbezela kwaze kwathengiswa ngekhanda lembongolo ngezinhlamvu ezingamashumi ayisishiyagalombili zesiliva nokwesine kwesigaxa somswani wejuba ngezinhlamvu eziyisihlanu zesiliva.

26Kwathi inkosi yakwa-Israyeli idlula phezu kogange, kwamemeza kuyo owesifazane, wathi: “Siza, nkosi yami, nkosi.”

27Kepha yathi: “Uma uJehova engakusizi, mina ngingatholaphi usizo na? Esibuyeni noma esikhamweni sewayini na?” 28Yayisithi inkosi kuye: “Unani na?”

Wathi: “Lo wesifazane wathi kimi: ‘Letha indodana yakho ukuba siyidle namuhla, sidle indodana yami kusasa.’ 29Sase siyipheka indodana yami, sayidla; ngase ngithi kuye ngosuku olulandelayo: ‘Letha indodana yakho ukuba siyidle;’ wayeseyifihlile indodana yakhe.”

30Kwathi inkosi isizwile amazwi alo wesifazane, yaklebhula izingubo zayo isadlula phezu kogange; abantu babuka, bheka, yayinendwangu yamasaka phansi emzimbeni wayo. 31Yathi: “UNkulunkulu makenze njalo, enezele futhi, uma ikhanda lika-Elisha, indodana kaShafati, liyakube lisekuye namuhla.”

32Yayisithuma umuntu phambi kwayo, u-Elisha esahlezi endlini yakhe, namalunga ehlezi naye; kepha, singakafiki kuye isithunywa, wathi emalungeni: “Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukunquma ikhanda lami na? Bhekani, ekufikeni kwesithunywa manivale isivalo, nisibuyisele emuva isithunywa ngesivalo; angithi izigqi zezinyawo zenkosi yaso zisemva kwaso na?”

33Esakhuluma nawo, bheka, inkosi yehlela kuye; yathi: “Bheka, lobu bubi buvela kuJehova; ngisamhlalelelani uJehova na?”

2 AmaKhosi 6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 AmaKhosi 7

1Wayesethi u-Elisha: “Zwanini izwi likaJehova; usho kanje uJehova, uthi: ‘Kusasa ngalesi sikhathi iseya* lempuphu ecolekileyo liyakuthengiswa ngeshekeli,* namaseya amabili ebhali* ngeshekeli esangweni laseSamariya.’ ”

2Induna inkosi eyencika esandleni sayo yaphendula umuntu kaNkulunkulu, yathi: “Bheka, uma uJehova enza amafasitele ezulwini, le nto ingenzeka kanjani na?”

Wathi: “Bheka, uyakukubona ngamehlo akho, ungadli kukho kodwa.”

Abanochoko basemnyango waseSamariya. Ukubaleka kwama-Aramu

3Kwakukhona esikhaleni sesango abantu abane abanochoko; bathi omunye komunye: “Sihlalelani lapha size sife na? 4Uma sithi: ‘Siyakungena emzini,’ indlala isemzini, siyakufela khona; uma sihlezi lapha, siyakufa futhi. Ngalokho masihambe sisukele ikamu* lama-Aramu; uma esiyeka, siyakuphila; uma esibulala, siyakufa.”

5Basuka kuhwelela, baya ekamu* lama-Aramu; sebefike emaphethelweni ekamu lama-Aramu, bheka, kwakungekho muntu lapho. 6INkosi ibiyizwisile impi yama-Aramu umsindo wezinqola, nomsindo wamahhashi, nomsindo wempi enkulu aze akhuluma omunye komunye ngokuthi: “Bheka, inkosi yakwa-Israyeli isiqashele amakhosi amaHeti namakhosi aseGibithe ukuba asifikele.” 7Ayesesuka, abaleka kuhwelela, ashiya amatende awo, namahhashi awo, nezimbongolo zawo, nekamu* linjengalokhu linjalo, abaleka ukuba asinde.

8Labo abanochoko sebefike emaphethelweni ekamu,* bangena kwelinye itende, badla, baphuza, basusa khona isiliva, negolide, nezingubo, baya bakuthukusa; babuya, bangena kwelinye itende, basusa nakhona, baya bakuthukusa.

9Base bethi omunye komunye: “Asenzi kahle. Lolu suku lwanamuhla lungusuku lwentokozo; uma sithula nje silinda kuze kube sekuntweleni kokusa, siyakuficwa yicala; ngalokho masihambe, sitshele indlu yenkosi.”

10Base behamba, babiza abalindisango bomuzi, babatshela ukuthi: “Sike safika ekamu* lama-Aramu; bheka, kwakungekho muntu lapho, nazwi lomuntu, kuphela ngamahhashi aboshiweyo, nezimbongolo eziboshiweyo, namatende enjengalokhu enjalo.” 11Abalindisango bamemeza, babikela indlu yenkosi ngaphakathi.

12Inkosi yavuka phakathi kobusuku, yathi ezincekwini zayo: “Ake nginitshele lokhu ama-Aramu asenzela khona. Ayazi ukuthi silambile; ngalokho aphumile ekamu* ukuba acashe, ethi: ‘Lapho bephuma emzini, siyakubabamba besezwa, singene emzini.’ ”

13Enye yezinceku zayo yaphendula yathi: “Makuthathwe amahhashi ayisihlanu aseleyo, asele lapha bheka, anjengesixuku sonke sakwa-Israyeli esisele lapha, anjengesixuku sonke sakwa-Israyeli esesiphelile sithumele, sibone.”

14Bathatha izinqola ezimbili namahhashi; inkosi yathumela emva kwempi yama-Aramu ngokuthi: “Hambani nibone.” 15Bawalandela baze bafika eJordani; bheka, yonke indlela yayigcwele izingubo nezimpahla ama-Aramu ayezilahlile ekubalekeni kwawo. Izithunywa zabuya, zayitshela inkosi. 16Abantu baphuma, baphanga ikamu* lama-Aramu. Iseya* lempuphu ecolekileyo lathengiswa ngeshekeli,* namaseya amabili ebhali* ngeshekeli njengezwi likaJehova.

17Inkosi yabeka esangweni induna eyencika esandleni sayo; abantu bayinyathela esangweni, yafa njengokusho kwalowo muntu kaNkulunkulu akukhuluma ekwehleleni kwenkosi kuye. 18Kwathi lowo muntu kaNkulunkulu esekhulumile enkosini ngokuthi: “Kuyakuba ngamaseya amabili ebhali ngeshekeli neseya lempuphu ecolekileyo ngeshekeli ngalesi sikhathi kusasa esangweni laseSamariya,” 19induna yaphendula umuntu kaNkulunkulu, yathi: “Bheka, noma uJehova ewenza amafasitele ezulwini, le nto ingenzeka na?” Wathi: “Bheka, uyakukubona ngamehlo akho, ungadli kukho kodwa.” 20Kwaba njalo kuyo: abantu bayinyathela esangweni, yafa.

2 AmaKhosi 7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 AmaKhosi 8

Iminyaka eyisikhombisa yendlala

1U-Elisha wayekhulumile nowesifazane ondodana yakhe ayivusile ngokuthi: “Suka uhambe wena nabendlu yakho, uhlale lapho ungahlala khona, ngokuba uJehova umemezele indlala, futhi iyakufika ezweni iminyaka eyisikhombisa.” 2Wasuka lowo wesifazane, wenza njengezwi lomuntu kaNkulunkulu; wahamba nabendlu yakhe, wagogobala ezweni lamaFilisti iminyaka eyisikhombisa.

3Kwathi ngasekupheleni kweminyaka eyisikhombisa lowo wesifazane wabuya ezweni lamaFilisti; waphuma, wazikhalela enkosini ngendlu yakhe nangezwe lakhe. 4Inkosi yayisilokhu ikhuluma noGehazi inceku yomuntu kaNkulunkulu ukuthi: “Ake ungilandise zonke izinto ezinkulu azenzileyo u-Elisha.” 5Kwathi esayilandisa inkosi ukuthi uvusile ofileyo, bheka, owesifazane ondodana yakhe ayivusileyo wakhala enkosini ngendlu yakhe nangezwe lakhe. Wayesethi uGehazi: “Nkosi yami, nkosi, yilo owesifazane, yile indodana yakhe u-Elisha ayivusileyo.” 6Inkosi yayisimbuza owesifazane, wayilandisa. Inkosi yammisela induna ethile ngokuthi: “Buyisa konke okwakungokwakhe nazo zonke izithelo zensimu, kusukela osukwini owasuka ngalo ezweni kuze kube manje.”

UHazayeli uyinkosi e-Aramu

7Wayesefika u-Elisha eDamaseku; uBeni Hadadi inkosi yase-Aramu wayegula; watshelwa ukuthi: “Umuntu kaNkulunkulu ufikile lapha.” 8Inkosi yayisithi kuHazayeli: “Zithathele ngesandla sakho izipho, uhambe umhlangabeze lowo muntu kaNkulunkulu, ubuze kuJehova ngaye ukuthi: ‘Ngiyakusinda kulesi sifo na?’ ”

9Wayesehamba uHazayeli ukumhlangabeza, wazithathela ngesandla sakhe izipho ezintweni zonke ezinhle zaseDamaseku, imithwalo yamakamela angamashumi amane, weza wema phambi kwakhe, wathi: “Indodana yakho uBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu, ingithumile kuwe ngokuthi: ‘Ngiyakusinda kulesi sifo na?’ ”

10U-Elisha wathi kuye: “Hamba, uthi kuye: ‘Uyakusinda nokusinda,’ kodwa uJehova ungibonisile ukuthi ngempela uyakufa nokufa.” 11U-Elisha wayesemgqolozela, UHazayeli waze waba namahloni. Wayeseqhumuka ekhala umuntu kaNkulunkulu.

12UHazayeli wathi: “Inkosi yami ikhalelani na?”

Yathi: “Ngokuba ngiyazi okubi oyakukwenza kubantwana bakwa-Israyeli; uyakuthungela izinqaba zabo ngomlilo, ubulale izinsizwa zabo ngenkemba, uphahlaze izingane zabo, uqaqe abesifazane babo abakhulelweyo.”

13Kepha uHazayeli wathi: “Kodwa iyini inceku yakho eyinja nje ukuba yenze le nto enkulu na?”

Wathi u-Elisha: “UJehova ungibonisile ukuthi uyakuba yinkosi e-Aramu.”

14Wayesesuka ku-Elisha, weza enkosini yakhe; yathi kuye: “Utheni kuwe na?” Wathi: “Uthe kimi uyakusinda nokusinda.” 15Kepha kwathi ngangomuso wathatha indwangu embozayo, wayicwilisa emanzini, wayimboza ubuso ngayo, yafa; uHazayeli waba yinkosi esikhundleni sayo.

OJehoramu no-Ahaziya bangamakhosi kwaJuda

16Ngomnyaka wesihlanu kaJoramu indodana ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, uJehoshafati eyinkosi kwaJuda, uJehoramu, indodana kaJehoshafati, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi. 17Wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema. 18Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba indodakazi ka-Ahabi yayingumkakhe; wenza okubi emehlweni kaJehova. 19Kepha uJehova akathandanga ukuchitha uJuda ngenxa kaDavide inceku yakhe njengokusho kwakhe kuye ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.

20Emihleni yakhe u-Edomi wahlubuka phansi kwesandla sakwaJuda, wazibekela inkosi. 21UJoramu wayesewelela eSayiri, nazo zonke izinqola zakhe zinaye; wavuka ebusuku, wamchitha u-Edomi omhaqileyo nxazonke, nezinduna zezinqola, kepha abantu babalekela ematendeni abo. 22Wahlubuka-ke u-Edomi phansi kwesandla sakwaJuda kuze kube namuhla. Khona lahlubuka neLibina ngasona leso sikhathi.

23Ezinye izindaba zikaJoramu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 24UJoramu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; u-Ahaziya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

25Ngomnyaka weshumi nambili kaJoramu indodana ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda waba yinkosi. 26U-Ahaziya waba yinkosi eneminyaka engamashumi amabili nambili, wabusa umnyaka eJerusalema; igama likanina lalingu-Athaliya, indodakazi ka-Omri inkosi yakwa-Israyeli. 27Wahamba ngendlela yendlu ka-Ahabi, wenza okubi emehlweni kaJehova njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba wayengumkhwenyana wendlu ka-Ahabi.

28Wahamba noJoramu, indodana ka-Ahabi, ukuba alwe noHazayeli inkosi yase-Aramu eRamoti Gileyadi; ama-Aramu amlimaza uJoramu. 29Inkosi uJoramu yabuyela ukwelashwa eJizreyeli emanxebeni ayo ayemlimaze wona ama-Aramu eRama ekulweni kwayo noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Ahaziya, indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehlela ukumbona uJoramu, indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.

2 AmaKhosi 8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 AmaKhosi 9

UJehu uyinkosi kwa-Israyeli

1U-Elisha umprofethi wabiza enye yamadodana abaprofethi, wathi kuyo: “Khwica, uphathe lo mfuma wamafutha esandleni sakho, uye eRamoti Gileyadi. 2Ekufikeni kwakho khona, wofuna uJehu indodana kaJehoshafati kaNimishi, ungene, umsukumise phakathi kwabafowabo, umyise ekamelweni elingaphakathi. 3Bese wuthatha umfuma wamafutha, uwathele ekhanda lakhe, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: “Ngikugcobile ube yinkosi kwa-Israyeli.” ’ Bese wuvula umnyango, ubaleke, ungalibali.”

4Yayisihamba leyo nsizwa, insizwa engumprofethi, yaya eRamoti Gileyadi. 5Ekufikeni kwayo, bheka, izinduna zempi zazihlezi; yathi: “Nginendaba kuwe nduna.”

Wathi uJehu: “Kubani phakathi kwethu sonke na?”

Yathi-ke: “Kuwena nduna.”

6Yasukuma, yangena endlini; yathela amafutha ekhanda lakhe, yathi kuye: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngikugcobile ube yinkosi yabantu bakaJehova kwa-Israyeli. 7Uyakuchitha indlu ka-Ahabi inkosi yakho ukuba ngiphindisele igazi lezinceku zami abaprofethi negazi lezinceku zonke zikaJehova esandleni sika-Izebeli. 8Yonke indlu ka-Ahabi iyakubhubha; ngiyakunquma ku-Ahabi wonke umlisa, omncane nomkhulu. 9Ngiyakwenza indlu ka-Ahabi ibe njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati nanjengendlu kaBahasha indodana ka-Ahiya. 10Izinja ziyakumudla u-Izebeli esiqeshini sezwe laseJizreyeli; akuyikubakho muntu wokummbela.’ ” Yayisivula umnyango, yabaleka.

11UJehu waphumela ezincekwini zenkosi yakhe; enye yathi kuye: “Konke kusalungile na? Luzeleni lolo hlanya kuwe na?”

Wathi kuzo: “Nina niyamazi lowo muntu nakukhulumileyo.”

12Kepha zathi: “Amanga; ake usitshele.”

Wayesethi: “Wakhuluma kimi ukuthi nokuthi, ethi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Sengikugcobile ube yinkosi kwa-Israyeli.’ ”

13Zase zishesha, zathatha, kwaba yileyo naleyo ingubo yayo, zazibeka phansi kwakhe esikhwelweni, zabetha icilongo, zathi: “UJehu uyinkosi.”

14UJehu, indodana kaJehoshafati, kaNimishi, wamenzela ugobe uJoramu – uJoramu wayelinda eRamoti Gileyadi, yena naye wonke u-Israyeli ngenxa kaHazayeli, inkosi yase-Aramu; 15kepha inkosi uJoramu yayibuyele eJizreyeli ukuba yelashwe emanxebeni ayo eyayilinyazwe wona ngama-Aramu ekulweni kwayo noHazayeli, inkosi yase-Aramu, uJehu wathi: “Uma kungumqondo wenu lokhu, makungabaleki muntu, aphume emzini, aye ukubika eJizreyeli.” 16UJehu wayesekhwela inqola, waya eJizreyeli, ngokuba uJoramu wayelele lapho. U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, wayehlele ukumbona uJoramu.

17Umlindi owayemi embhoshongweni waseJizreyeli wabona iviyo likaJehu lisafika, wathi: “Ngibona iviyo.”

UJoramu wathi: “Zithathele owehhashi umthume ukubahlangabeza ngokuthi: ‘Kusahleziwe kahle na?’ ”

18Owehhashi wayesehamba ukumhlangabeza, wathi: “Isho kanje inkosi, ithi: ‘Kusahleziwe kahle na?’ ”

UJehu wathi: “Unandabani nokuhlala kahle na? Buyela emva kwami.”

Wayesebika umlindi, ethi: “Isithunywa safika kubo, kepha asibuyanga.”

19Wayesethuma owehhashi wesibili owaya kubo, wathi: “Isho kanje inkosi, ithi: ‘Kusahleziwe kahle na?’ ”

Wathi uJehu: “Unandabani nokuhlala kahle na? Buyela emva kwami.”

20Umlindi wabika wathi: “Sifikile kubo, kepha asibuyi; ukuqhuba kufana nokuqhuba kukaJehu indodana kaNimishi; ngokuba uqhuba kungathi uyahlanya.”

21Wayesethi uJoramu: “Bophela.” Babophela-ke inqola yakhe. UJoramu inkosi yakwa-Israyeli no-Ahaziya inkosi yakwaJuda baphuma, kwaba yilowo nalowo ngenqola yakhe, baphuma ukumhlangabeza uJehu, bamfumana esiqeshini sezwe likaNaboti waseJizreyeli. 22Kwathi uJoramu esembonile uJehu, wathi: “Kusahleziwe kahle, Jehu, na?”

Wathi: “Ukuhlala kahle kuni, kuse kuningi ukufeba nokulumba kukanyoko u-Izebeli, na?”

23UJoramu wayesephenduka wabaleka, wathi ku-Ahaziya: “Ngugobe, Ahaziya!”

24UJehu wayesensala umnsalo ngamandla akhe onke, wamcibishela uJoramu phakathi kwamahlombe akhe, umcibisholo waphuma ngasenhliziyweni yakhe, wawela phansi enqoleni yakhe. 25Wayesethi kuBidikari, induna yakhe: “Mthathe, umntshinge esiqeshini sezwe likaNaboti waseJizreyeli, ngokuba khumbula ukuthi, lapho mina nawe sasigibela sobabili emva kuka-Ahabi uyise, uJehova wamthwesa lolu daba 26lokuthi: ‘Impela ngibone izolo igazi likaNaboti negazi lamadodana akhe, usho uJehova; ngiyakukuphindisela kulesi siqephu, usho uJehova.’ Ngalokho mthathe, umntshinge kulesi siqephu njengezwi likaJehova.”

27U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, esebone lokho wabaleka ngendlela yendlu yasensimini. Kepha uJehu wamlandela, wathi: “Mbulaleni naye enqoleni yakhe.” Benze njalo-ke ngasemmangweni waseGuri ongaseJibileyamu. Wabalekela eMegido, wafela khona. 28Izinceku zakhe zamyisa ngenqola eJerusalema, zammbela ethuneni lakhe kanye nawoyise emzini kaDavide.

29Ngomnyaka weshumi nanye kaJoramu indodana ka-Ahabi u-Ahaziya waba yinkosi kwaJuda.

30UJehu esefikile eJizreyeli, u-Izebeli wakuzwa, wagqaba amehlo akhe, wahlobisa ikhanda lakhe, walunguza efasiteleni. 31UJehu esengena esangweni wathi: “Kusahleziwe kahle wena Zimri, mbulali wenkosi yakho, na?”

32Waphakamisela ubuso bakhe ngasefasiteleni, wathi: “Ubani onami na? Ngubani?” Kwase kulunguza kuye izinduna ezimbili noma ezintathu. 33Wathi: “Mphonseni phansi.” Zamphonsa; igazi lakhe lasaphazeka odongeni nasemahhashini; wamnyathela phansi kwezinyawo zakhe.

34Wangena, wadla, waphuza; wayesethi: “Mbhekeni lo mqalekiswakazi, nimmbele, ngokuba uyindodakazi yenkosi.” 35Baya ukummbela, kepha abafumananga lutho kuye, kuphela inhloko, nezinyawo, nezintende zezandla. 36Babuya, bamtshela. Wathi: “Nanti izwi likaJehova owalikhuluma ngesandla senceku yakhe u-Eliya waseThishibi, ethi: Esiqeshini sezwe laseJizreyeli izinja ziyakuyidla inyama ka-Izebeli; 37isidumbu sika-Izebeli siyakuba njengomquba ebusweni bomhlaba esiqeshini sezwe laseJizreyeli ukuba bangasho ukuthi: ‘Nangu u-Izebeli.’ ”

2 AmaKhosi 9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 AmaKhosi 10

UJehu uyachitha indlu ka-Ahabi: uqothula izinceku zikaBali

1U-Ahabi wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa eSamariya. UJehu waloba izincwadi, wazithuma eSamariya ezinduneni zaseJizreyeli kumalunga nakubondli bakwa-Ahabi, wathi: 2“Manje njengalokhu le ncwadi ifika kinina, lokhu amadodana enkosi yenu ekini, kukhona futhi kini izinqola namahhashi, kanye nomuzi obiyelweyo, nezikhali, 3ziboneleni enhle nefaneleyo kumadodana enkosi yenu, niyibeke esihlalweni sobukhosi sikayise, nilwele indlu yenkosi yenu.”

4Kepha besaba kakhulu impela, bathi: “Bheka, amakhosi amabili awemanga phambi kwakhe; pho, thina singema kanjani na?”

5Umphathi wendlu nomphathi womuzi kanye namalunga nabondli bathumela kuJehu, bathi: “Siyizinceku zakho, siyakwenza konke oyakusitshela khona; asiyikwenza muntu abe yinkosi; yenza okuhle emehlweni akho.”

6Wayeseloba incwadi yesibili kubo, ethi: “Uma ninami, nilalela izwi lami, thathani amakhanda alaba bantu, amadodana enkosi yenu, nize kimi eJizreyeli ngalesi sikhathi kusasa.” Amadodana enkosi engabantu abangamashumi ayisikhombisa ayekwabakhulu bomuzi ababewondla. 7Kwathi incwadi isifikile kubo, bawathatha amadodana enkosi, bawabulala, abantu abangamashumi ayisikhombisa, babeka amakhanda awo emaqomeni, bawathuma kuye eJizreyeli. 8Kwafika isithunywa, samtshela ukuthi: “Balethile amakhanda amadodana enkosi.”

Wathi: “Wabekeni abe yizinqwaba ezimbili ngasesikhaleni sesango kuze kube sekuseni.”

9Kwathi ekuseni waphuma, wema, wathi kubantu bonke: “Nina nilungile; bhekani, mina ngenzele inkosi yami ugobe, ngayibulala, kepha ngubani ogence bonke laba na? 10Qaphelani manje ukuthi akuyikuwela phansi lutho lwezwi likaJehova alikhulumayo uJehova ngendlu ka-Ahabi; uJehova wenzile lokho akukhulumayo ngesandla senceku yakhe u-Eliya.” 11UJehu wayesebulala bonke abaseleyo bendlu ka-Ahabi eJizreyeli, nabo bonke abakhulu bakhe, nabazana naye, nabapristi bakhe, waze wangamshiyela noyedwa owasalayo.

12Wayesesuka, wahamba waya eSamariya; kwathi esendlini yokugunda kwabelusi endleleni, 13uJehu wafumana abafowabo baka-Ahaziya inkosi yakwaJuda, wathi: “Nina ningobani na?”

Bathi: “Singabafowabo baka-Ahaziya; siyehla ukubingelela abantwana benkosi nabantwana benkosikazi.”

14Wathi: “Babambeni besaphila.” Babathatha besaphila, bababulala ngasemgodini wendlu yokugunda, abantu abangamashumi amane nambili; kashiyanga muntu kubo.

15Esesukile khona wafumana uJehonadaba indodana kaRekabi eza ukumhlangabeza; wambingelela, wathi kuye: “Inhliziyo yakho ilungelene nenhliziyo yami njengeyami ilungelene neyakho na?”

Wathi uJehonadaba: “Yebo.”

Wathi uJehu: “Uma kunjalo, nginike isandla sakho.” Wamnika isandla sakhe, wamkhwelisa enqoleni yakhe. 16Wayesethi: “Hamba nami, ubone ukushisekela kwami uJehova.” Base bemkhwelisa enqoleni yakhe.

17Esefike eSamariya wabulala bonke abaseleyo baka-Ahabi eSamariya, waze wamqeda njengezwi likaJehova alikhuluma ku-Eliya.

18UJehu wabutha bonke abantu, wathi kubo: “U-Ahabi wamkhonza uBali kancane, kepha uJehu uyakumkhonza kakhulu. 19Ngalokho ngibizele bonke abaprofethi bakaBali, zonke izinceku zakhe, nabo bonke abapristi bakhe, kungasali muntu, ngokuba nginomhlatshelo omkhulu kuBali; bonke abafunyaniswa bengekho abayikuphila.” Kepha uJehu wakwenza ngobuqili ukuba abhubhise izinceku zikaBali.

20Wayesethi uJehu: “Mngcweliseleni uBali umhlangano womkhosi.” Bawumemezela-ke. 21UJehu wathumela ku-Israyeli wonke; zonke izinceku zikaBali zafika, akwaze kwasala muntu ongafikanga; zangena endlini kaBali, indlu kaBali yagcwala yathi swi, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni. 22Wathi kumphathi wekamelo lezambatho: “Zikhiphele zonke izinceku zikaBali izambatho.” Wazikhiphela izambatho.

23Wayesengena uJehu noJehonadaba indodana kaRekabi endlini kaBali; wathi ezincekwini zikaBali: “Cingani, nibone ukuba kungabikho kini lapha noyedwa wezinceku zikaJehova, izinceku zikaBali kuphela.” 24Bangena ukunikela ngemihlatshelo nangeminikelo yokushiswa. UJehu wayezimisele ngaphandle abantu abangamashumi ayisishiyagalombili, wathi: “Uma kuphunyuka umuntu walaba bantu engibaletha ezandleni zenu, kuyakuba ngukuphila ngokuphila.”

25Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa, uJehu wathi kubalindi nasezinduneni: “Ngenani, nibabulale, kungaphumi muntu.” Bababulala ngosiko lwenkemba. Abalindi nezinduna babantshinga phandle, bangena ekamelweni eliphakathi lendlu kaBali. 26Bakhipha izinsika ezazisendlini kaBali, bazishisa. 27Babhidliza insika kaBali, badiliza indlu kaBali, bazenza izindlu zendle kuze kube namuhla.

28UJehu wamchitha-ke uBali kwa-Israyeli. 29Kepha akasukanga ekulandeleni izono zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, namathole egolide ayeseBethele nakwaDani.

30UJehova wathi kuJehu: “Ngenxa yokuba wenze kahle ngokufeza okulungile emehlweni ami, futhi wenze kuyo indlu ka-Ahabi njengakho konke okwakusenhliziyweni yami, amadodana akho ezizukulwane ezine ayakuhlala esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli.” 31Kodwa uJehu akagcinanga ukuhamba emthethweni kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngayo yonke inhliziyo yakhe, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu onisa ngazo u-Israyeli.

32Ngalezo zinsuku uJehova waqala ukunqinda elakwa-Israyeli; uHazayeli wabachitha emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli, 33kusukela eJordani ngasempumalanga, lonke izwe lakwaGileyadi, abakwaGadi, nabakwaRubeni, nabakwaManase, kusukela e-Aroweri elingasemfuleni i-Arinoni, elakwaGileyadi neBashani.

34Ezinye izindaba zikaJehu, nakho konke akwenzayo, nawo onke amandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

35UJehu wayeselala koyise, bammbela eSamariya. UJehowahazi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe. 36Isikhathi uJehu abusa ngaso kwa-Israyeli, eSamariya saba yiminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili.

2 AmaKhosi 10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 140

Umkhuleko wokulondolozwa

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1Ngikhulule, Jehova, kumuntu omubi,

ngilondoloze kumuntu oyisidlwangudlwangu.

2Baceba okubi enhliziyweni yabo;

izinsuku zonke baviva impi.

3Bayalola ulimi lwabo njengenyoka;

isihlungu samabululu siphansi kwezindebe zabo. Sela*

4Ngilondoloze ezandleni zomubi,

ngilinde kumuntu oyisidlwangudlwangu,

oceba ukukhuba izinyawo zami.

5Abazidlayo bangifihlela ugibe;

ngezintambo bendlala inetha;

eceleni kwendlela bangibekela izihibe. Sela*

6Ngathi kuJehova:

“UnguNkulunkulu wami wena.”

Yizwa, Jehova, izwi lokunxusa kwami.

7Jehova Nkosi yami, mandla ensindiso yami,

uvikela ikhanda lami ngosuku lokulwa.

8Ungazivumeli, Jehova, izifiso zababi;

ungaphumelelisi amacebo abo,

funa baziphakamise. Sela*

9Maqondana nesihlungu sabangizungezayo

mabambozwe ngububi bomlomo wabo.

10Amalahle ashisayo mawawele phezu kwabo;

mabaphonswe emlilweni

nasemigodini ejulileyo,

bangabe besavuka.

11Umuntu wamanga makangamiswa emhlabeni;

ububi mabuzingele umuntu oyisidlwangudlwangu, abhujiswe.

12Ngiyazi ukuthi uJehova uyakumela udaba lohluphekayo

nokufaneleyo kwabampofu.

13Impela abalungileyo bayakubonga igama lakho;

abaqotho bayakuhlala ebusweni bakho.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU