Bible Society of South Africa

To The Word – Day 11

Genesis 37–41, John 20–21

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UGenesise 37

Amaphupho kaJosefa

1UJakobe wakha ezweni lokugogobala kukayise, ezweni laseKhanani. 2Lokhu kuyindaba kaJakobe. UJosefa eseneminyaka eyishumi nesikhombisa wawalusa umhlambi kayise enabafowabo; engumfana nje wayekuwo amadodana kaBiliha nakuwo amadodana kaZilipa omkayise; uJosefa waletha kuyise imibiko emibi ngabo.

3Kepha u-Israyeli wathanda uJosefa kakhulu kunabantwana bakhe bonke, ngokuba wayeyindodana yobuxhegu bakhe; wamenzela ingubo enemikhono emide. 4Abafowabo babona ukuthi uyise umthanda kunabafowabo bonke; khona bamzonda, bengenakukhuluma kuye ngokuthula.

5UJosefa waphupha iphupho, wabalandisa lona abafowabo; babelokhu bemzonda kakhulu. 6Wathi kubo: “Ake nizwe leli phupho engiliphuphileyo. 7Bhekani, besibopha izithungu ensimini; naso-ke isithungu sami sivuka sima; nazo-ke izithungu zenu zisiphahla, zisikhothamela isithungu sami.”

8Base bethi kuye abafowabo: “Impela uyakuba yinkosi yethu, usibuse na?” Bamzonda kakhulu kunakuqala ngenxa yamaphupho akhe namazwi akhe.

9Waphupha nelinye iphupho, wabalandisa lona abafowabo, wathi: “Bhekani, ngiphuphe nelinye iphupho; bhekani-ke ilanga nenyanga nezinkanyezi eziyishumi nanye kwangikhothamela.”

10Wabalandisa uyise nabafowabo; uyise wamsola, wathi kuye: “Yiphupho lini leli oliphuphileyo na? Impela mina nonyoko nabafowenu siyakuza, sikukhothamele emhlabathini na?” 11Abafowabo baba nomhawu ngaye, kepha uyise wawalonda lawa mazwi.

Ukuthengiswa kukaJosefa

12Abafowabo baya ukwalusa umhlambi kayise eShekemi. 13U-Israyeli wathi kuJosefa: “Abafowenu abawalusi umhlambi eShekemi na? Woza, ngiyakukuthuma kubo.”

Wathi kuye: “Ngilapha.”

14Wayesethi kuye: “Hamba-ke, ubone ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi, uze ungibuyisele izwi.” Wamthuma esuka esigodini saseHebroni, waze wafika eShekemi. 15Umuntu othile wamfumana ezulazula endle; lo muntu wambuza wathi: “Ufunani na?”

16Wathi: “Ngifuna abafowethu; ake ungitshele ukuthi baluselaphi.”

17Wathi lowo muntu: “Basukile lapha, ngokuba ngabezwa bethi: ‘Asiye eDotayini.’ ” UJosefa walandela abafowabo, wabafumana eDotayini. 18Bambona esekude; engakasondeli kubo, bamenzela ugobe lokumbulala.

19Bakhulumisana omunye nomunye, bathi: “Bhekani, inyanga yamaphupho iyeza. 20Ngalokho wozani, siyibulale, siyiphonse komunye wemigodi, bese sithi: ‘Isilwane esibi siyidlile,’ sibone ukuthi azakuba yini amaphupho ayo.”

21URubeni wakuzwa, wamophula esandleni sabo ngokuthi: “Asingambulali.” 22URubeni wathi kubo: “Ningachithi gazi; mphonseni kulo mgodi osehlane, ningabeki isandla kuye,” ukuba amophule esandleni sabo, ambuyisele kuyise.

23Kwathi uJosefa esefike kubafowabo, bamkhumula ingubo yakhe, leyo ngubo enemikhono emide ayeyigqokile. 24Bamthatha, bamphonsa emgodini; umgodi wawungenalutho, kungekho manzi kuwo.

25Bahlala phansi ukuba badle isinkwa; baphakamisa amehlo abo, babona; bheka, kwafika ihele labakwa-Ishmayeli livela kwaGileyadi, linamakamela alo ethwele inhlaka nebhalisamu* nemure,* likwewusela eGibithe.

26Wayesethi uJuda kubafowabo: “Kuyakusizani, uma simbulala umfowethu, sifihle igazi lakhe, na? 27Wozani sithengise ngaye kwabakwa-Ishmayeli, isandla senu singabi phezu kwakhe, ngokuba ungumfowethu, uyinyama yethu.” Abafowabo bamlalela.

28Kwase kudlula abathengi bakwaMidiyani; bamdonsa uJosefa, bamkhuphula emgodini, bathengisa ngoJosefa kwabakwa-Ishmayeli ngezinhlamvu ezingamashumi amabili zesiliva. Labo-ke bamusa uJosefa eGibithe.

29URubeni wabuyela emgodini; bheka, uJosefa wayengasekho emgodini; waklebhula izingubo zakhe. 30Wayesebuyela kubafowabo, ethi: “Akasekho umntwana; mina-ke ngizakushonaphi na?”

31Base bethatha ingubo kaJosefa, bahlaba impongo, bacwilisa ingubo egazini. 32Bathumela leyo ngubo enemikhono emide, bayiyisa kuyise, bathi: “Siyitholile lena; ake ubone, uma le ngubo ingeyendodana yakho yini, noma akusiyo na?”

33Wayibona, wathi: “Yiyo ingubo yendodana yami; isilwane esibi simdlile; yebo, uJosefa udatshuliwe nokudatshulwa.”

34UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wafaka indwangu yamasaka okhalweni lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi. 35Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukuyomduduza, kepha wala ukududuzwa, wathi: “Ngiyakwehla, ngiye endodaneni yami endaweni yabafileyo ngilila.” Uyise wamlilela-ke.

36AbakwaMidiyani bathengisa ngaye eGibithe kuPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi bakhe.

UGenesise 37ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 38

Amadodana kaJuda

1Kwathi ngaleso sikhathi uJuda wasuka kubafowabo, wehla, waya kumuntu wase-Adulamu ogama lakhe linguHira. 2UJuda wabona lapho indodakazi yomuntu waseKhanani ogama lakhe linguShuwa; wayithatha, wangena kuyo. 3Yakhulelwa, yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi u-Eri. 4Yabuye yakhulelwa, yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi u-Onani. 5Yabuye yazala futhi indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uShela; uJuda wayeseKesibi ekuyizaleni kwayo.

6UJuda wamthathela u-Eri izibulo lakhe umfazi ogama lakhe linguTamari. 7U-Eri izibulo likaJuda wayemubi emehlweni kaJehova; uJehova wambulala.

8UJuda wathi ku-Onani: “Yiya kumkamfowenu, umngene, umvusele umfowenu inzalo.” 9U-Onani wayekwazi ukuthi inzalo ayiyikuba ngeyakhe; kwathi nxa engena kumkamfowabo, wachitha emhlabathini ukuba angamniki umfowabo inzalo. 10Kwaba kubi emehlweni kaJehova lokho akwenzileyo; wambulala naye futhi.

11UJuda wayesethi kuTamari umalokazana wakhe: “Hlala ungumfelokazi endlini kayihlo, aze akhule uShela indodana yami,” ngokuba wathi: “Ukuba angafi njengabafowabo.” UTamari waya wahlala kwabo.

OJuda noTamari

12Emva kwezinsuku eziningi yafa indodakazi kaShuwa umkaJuda; eseduduzekile uJuda wakhuphuka, waya kubo abagundi bezimvu zakhe eThimna, yena kanye nomhlobo wakhe uHira wase-Adulamu.

13Kwatshelwa uTamari ukuthi: “Bheka, uyihlozala uyakhuphukela eThimna ukuyogunda izimvu zakhe.” 14Wayesekhumula izingubo zakhe zobufelokazi, wagubuzela, wazimboza, wahlala esangweni lase-Enayimi ngasendleleni eya eThimna, ngokuba wabona ukuthi uShela usekhulile, engamnikwa nokho abe ngumkakhe.

15UJuda esembona wacabanga ukuthi uyisifebe, ngokuba wayegubuzele ubuso. 16Waphambukela kuye endleleni, wathi: “Woza, ake ngingene kuwe,” ngokuba wayengazi ukuthi ungumalokazana wakhe.

Wathi: “Uyakungiphani ukuba ungene kimi na?”

17Wayesethi: “Mina ngizakukuthumela izinyane lembuzi elisemhlambini.”

Wathi: “Uzakunginika isibambiso, uze ulithume, na?”

18Wathi: “Ngikuphe sibambiso sini na?”

Wathi: “Indandatho yakho, nentambo yakho, nodondolo lwakho olusesandleni sakho.” Wamupha, wangena kuye; wakhuliselwa nguye. 19Wasuka, wahamba, wakhumula iveli lakhe, wembatha izingubo zakhe zobufelokazi.

20UJuda wathuma izinyane lembuzi ngesandla somhlobo wakhe wase-Adulamu ukuba athathe isibambiso esandleni sowesifazane, kepha akamfumananga. 21Wayesebuza abantu bendawo yakhe, wathi: “Siphi isifebe esasise-Enayimi ngasendleleni na?”

Bathi: “Akuzange kube khona isifebe lapha.”

22Wayesebuyela kuJuda, ethi: “Angisifumananga; nabantu bendawo bathi: ‘Akuzange kube khona isifebe lapha.’ ”

23Wathi uJuda: “Masizithathele sona, funa sibe nehlazo; bheka, ngithume leli zinyane, kepha awusifumananga.”

24Kwathi emva kwezinyanga ezintathu uJuda watshelwa ukuthi: “UTamari umalokazana wakho ufebile; bheka, futhi ukhulelwe ngokufeba kwakhe.”

UJuda wathi: “Mletheni, ashiswe.”

25Eselethiwe wathumela kuyisezala, wathi: “Ngikhuleliswe yile ndoda engumnini walezi zinto.” Wathi futhi: “Ake ubone ukuthi ngokukabani le ndandatho, nale ntambo, nalolu dondolo na?”

26Wakuvuma uJuda, wathi: “Ulungile kunami, njengokuba ngingamnikanga uShela indodana yami.” Akabange esamazi futhi.

27Kwathi ngesikhathi sokubeletha kwakhe, bheka, ngamawele asesiswini sakhe. 28Kwathi esabeletha, omunye wakhipha isandla; umbelethisi wathatha, wabopha esandleni sakhe ngentambo ebomvu, wathi: “Lo uphume kuqala.” 29Kwathi ukuba afinyeze isandla sakhe, nangu umfowabo ephuma; wathi: “Ufuzuleleni na?” Ngalokho igama lakhe laqanjwa ngokuthi uPheresi.* 30Ngasemuva waphuma umfowabo owayenentambo ebomvu esandleni sakhe; igama lakhe lathiwa uZera.

UGenesise 38ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 39

Isikhundla sikaJosefa

1UJosefa wehliselwa eGibithe; uPotifari inceku kaFaro, induna yemilindankosi, owaseGibithe, wamthenga esandleni sabakwa-Ishmayeli ababemehlisele khona.

2UJehova wayenaye uJosefa, waba ngumuntu onenhlanhla; wayesendlini yenkosi yakhe yaseGibithe. 3Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye nokuthi konke akwenzayo uJehova wakuphumelelisa esandleni sakhe. 4UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yambeka abe yinduna phezu kwendlu yayo, nakho konke okwayo yakunikela esandleni sakhe. 5Kusukela kuleso sikhathi embeke ngaso ukuba abe yinduna phezu kwendlu yayo naphezu kwakho konke okwayo, uJehova wabusisa indlu yowaseGibithe ngenxa kaJosefa; isibusiso sikaJehova sasikukho konke okwayo endlini nasensimini. 6Yashiya konke okwayo esandleni sikaJosefa; yayingazi lutho olwayo, ukudla eyakudlayo kuphela. UJosefa wayengumgembeleza, eyigeza.

Ubumhlophe bukaJosefa

7Kwathi emva kwalezo zinto umkankosi yakhe waphonsa amehlo kuJosefa, wathi: “Lala nami.”

8Kepha wala, wathi kumkankosi yakhe: “Bheka, inkosi yami ayikwazi enginakho endlini, inikele konke okwayo esandleni sami; 9ayinkulu kunami kule ndlu; futhi ayingigodlelanga lutho ngaphandle kwakho kuphela, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu na?” 10Kwathi esakhuluma kuJosefa izinsuku ngezinsuku, akamlalelanga ukuba alale naye, nokuba abe naye.

11Kwathi ngosuku lumbe engena endlini ukuyokwenza imisebenzi yakhe, kungekho lapho phakathi noyedwa owendlu, 12wambamba ngengubo yakhe, wathi: “Lala nami,” kepha washiya ingubo yakhe esandleni sakhe, wabaleka, wagijimela phandle.

13Kwathi esebone ukuthi ushiyile ingubo esandleni sakhe, wabaleka, 14wabiza abantu bendlu, wakhuluma kubo, wathi: “Bonani usilethele umHeberu ukuba adlale ngathi; uze kimina ukuba alale nami; ngamemeza ngezwi elikhulu; 15wathi ezwa ukuthi ngiphakamisa izwi lami ngimemeza, washiya ingubo yakhe kimi, wabaleka, wagijimela phandle.”

16Wayesebeka le ngubo kuye, yaze yafika ekhaya inkosi yakhe. 17Wakhuluma kuyo wona lawa mazwi, wathi: “Le nceku engumHeberu, osilethele yona, ize kimi ukuba idlale ngami; 18kwathi ukuba ngiphakamise izwi lami ngimemeza, yashiya ingubo yayo kimi, yabalekela phandle.”

Ukuboshwa kukaJosefa

19Yathi inkosi yakhe isizwe amazwi omkayo ayewakhulume kuyo, ethi: “Yenze njalo kimi inceku yakho,” lwavutha ulaka lwayo. 20Inkosi kaJosefa yamthatha, yamfaka etilongweni, indawo lapho iziboshwa zenkosi zaziboshwa khona; waba khona etilongweni. 21Kepha uJehova wayenaye uJosefa, wamupha umusa, wamenzela ububele emehlweni omlindi wetilongo. 22Umlindi wetilongo wanikela esandleni sikaJosefa zonke iziboshwa ezazisetilongweni; konke ezazikwenza khona nguyena owayekwenza. 23Umlindi wetilongo akabanga esabheka lutho olusesandleni sakhe, ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo uJehova wakuphumelelisa.

UGenesise 39ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 40

Amaphupho omphathizitsha nomphekizinkwa

1Kwathi emva kwalezo zinto umphathizitsha wenkosi yaseGibithe nomphekizinkwa wayo bona enkosini yabo, inkosi yaseGibithe. 2UFaro wazithukuthelela lezo zinceku zakhe zombili, induna yabaphathizitsha nenduna yabaphekizinkwa. 3Wazibeka ukuba zilindwe endlini yenduna yemilindankosi etilongweni, indawo lapho wayeboshwe khona uJosefa. 4Induna yemilindankosi yamyala ngazo uJosefa ukuba azibheke; wazikhonza; zazisekulindweni izinsukwana. 5Baphupha iphupho bobabili, kwaba yilowo nalowo iphupho lakhe ngabusuku bunye, yilowo nalowo ngokokuchazwa kwephupho lakhe, umphathizitsha nomphekizinkwa wenkosi yaseGibithe, ababeboshwe etilongweni.

6UJosefa wangena kubo ekuseni, wabona ukuthi badabukile. 7Wayesebuza izinceku zikaFaro ezazinaye zilindwe endlini yenkosi yakhe, ethi: “Ubuso benu budabukeleni namuhla na?”

8Bathi kuye: “Siphuphe iphupho, akakho ongalichaza.”

UJosefa wathi kubo: “Ukuchaza akusikho okukaNkulunkulu na? Ake ningilandise lona.”

9Induna yabaphathizitsha yayisimlandisa uJosefa iphupho layo, yathi kuye: “Ephusheni lami kwakukhona umvini phambi kwami; 10emvinini kwakukhona amagatsha amathathu; wahluma qede wakhahlela, amahlukuzo awo athela izithelo. 11Indebe kaFaro yayisesandleni sami; ngathatha izithelo zomvini, ngazikhamela endebeni kaFaro, indebe ngayinikela esandleni sikaFaro.”

12Wathi uJosefa kuye: “Nakho ukuchazwa kwalo: lawo magatsha amathathu ayizinsuku ezintathu; 13zingakadluli izinsuku ezintathu, uFaro uzakuphakamisa ikhanda lakho, akubuyisele esikhundleni sakho; uzakunikela indebe esandleni sikaFaro njengokwenza kwakho kwakuqala, lapho wawungumphathizitsha wakhe. 14Kepha ngikhumbule, nxa usuhlezi kahle, ungenzele umusa, ungibike kuFaro, ungikhiphe kule ndlu. 15Ngokuba ngebiwa nokwebiwa ezweni lamaHeberu, nalapha futhi angenzanga lutho ukuba bangifake emgodini.”

16Kwathi induna yabaphekizinkwa ibona ukuthi lokho kuchazwa kwakukuhle, yathi kuJosefa: “Nakimi ephusheni lami kwakungathi kukhona amaqoma amathathu esinkwa esimhlophe ekhanda lami. 17Eqomeni elingaphezulu kwakukhona izinhlobo zonke zokudla kukaFaro; izinyoni zazikudla eqomeni eliphezu kwekhanda lami.”

18UJosefa waphendula wathi: “Lokhu kungukuchazwa kwalo: lawo maqoma amathathu ayizinsuku ezintathu; 19zingakadluli izinsuku ezintathu, uFaro uzakuphakamisa ikhanda lakho, alisuse kuwe, akuphanyeke emthini; izinyoni ziyakudla inyama yakho, ziyisuse kuwe.”

20Kwathi ngosuku lwesithathu, usuku lokuzalwa kukaFaro, wazenzela izinceku zakhe zonke idili, waphakamisa ikhanda lenduna yabaphathizitsha nelenduna yabaphekizinkwa phakathi kwezinceku zakhe. 21Wayibuyisela induna yabaphathizitsha esikhundleni sayo, waze wanikela indebe esandleni sikaFaro; 22kepha wayiphanyeka induna yabaphekizinkwa, njengalokho ebebachazele uJosefa.

23Nokho induna yabaphathizitsha ayamkhumbula uJosefa, yamkhohlwa.

UGenesise 40ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 41

Amaphupho kaFaro

1Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emibili waphupha uFaro; bheka, wayemi ngasemfuleni. 2Bheka, kwakhuphuka emfuleni izithole eziyisikhombisa ezibukeka kahle, zikhuluphele, zadla emhlangeni. 3Nazo ezinye izithole eziyisikhombisa zenyuka emfuleni emva kwazo, zibukeka kabi, zondile; zema kwezinye izithole ogwini lomfula. 4Izithole ezibukeka kabi ezondileyo zadla izithole ezibukeka kahle ezikhulupheleyo. Wayesephaphama uFaro.

5Walala ubuthongo, waphupha ngokwesibili; bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, zibhoxile, zizinhle. 6Bheka, nezikhwebu eziyisikhombisa ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo. 7Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu ezibhoxileyo ezipheleleyo. Wayesephaphama uFaro; bheka, kwakuyiphupho.

8Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathazeka; wathuma wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zonke zalo; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha akubangakho ongachazela wona uFaro.

9Yayisikhuluma induna yabaphathizitsha kuFaro, ithi: “Ngiyakhumbula namuhla amacala ami. 10UFaro wathukuthelela izinceku zakhe, wangifaka ukuba ngilindwe endlini yenduna yemilindankosi, mina kanye nenduna yabaphekizinkwa. 11Saphupha iphupho ngabona lobo busuku mina naye. Saphupha, kwaba yilowo nalowo ngokokuchazwa kwephupho lakhe. 12Kwakukhona nathi lapho insizwa, umHeberu, inceku yenduna yemilindankosi; sayilandisa yona, yasichazela amaphupho ethu, yachazela, kwaba yilowo nalowo ngokwephupho lakhe. 13Kwathi njengalokho yasichazela, kwaba njalo; mina inkosi yangibuyisela esikhundleni sami, yena yamphanyeka.”

14UFaro wayesethuma wambiza uJosefa; bashesha bamkhipha emgodini; waphucula, waphendulela ezinye izingubo, wangena kuFaro.

15Wayesethi uFaro kuJosefa: “Ngiphuphe iphupho, kakho ongalichaza; sengizwe kuthiwa ngawe, lapho ulizwa iphupho, ungalichaza.”

16UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Akukimi lokho; uNkulunkulu uzakumphendula kahle uFaro.”

17UFaro wakhuluma kuJosefa, wathi: “Ephusheni lami, bheka, ngangimi ogwini lomfula; 18bheka, kwase kukhuphuka emfuleni izithole eziyisikhombisa ezikhulupheleyo ezibukeka kahle; zadla emhlangeni. 19Nazo ezinye izithole eziyisikhombisa zenyuka emva kwazo, zizacile, zibukeka kabi kakhulu, zondile, engingazange ngibone ezimbi njengalezo ezweni lonke laseGibithe. 20Izithole ezondileyo ezimbi zadla eziyisikhombisa zokuqala ezikhulupheleyo. 21Lapho sezingene eziswini zazo, akwabonakala ukuthi zingene eziswini zazo; zazisabukeka zizimbi njengakuqala. Ngase ngiphaphama.

22“Futhi ngabona ephusheni lami, bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, ziphelele, zizinhle. 23Bheka, nezikhwebu eziyizintshwamu ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo. 24Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle; ngakulandisa izanusi, kepha sasingekho esingangazisa khona.”

25UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro linye; lokho uNkulunkulu azakukwenza umazise uFaro khona. 26Izithole eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa; izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa; iphupho linye. 27Izithole ezondileyo ezimbi ezakhuphuka emva kwazo ziyiminyaka eyisikhombisa kanye nezikhwebu ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga; ziyiminyaka eyisikhombisa yendlala.

28“Yikho lokhu engikushilo kuFaro: lokho uNkulunkulu asezakukwenza ukubonakalisile kuFaro. 29Bheka, kuyeza iminyaka eyisikhombisa yenala enkulu ezweni lonke laseGibithe. 30Emva kwayo iyakuvela iminyaka eyisikhombisa yendlala; iyakukhohlakala inala yonke ezweni laseGibithe; indlala iyakuliqeda izwe. 31Inala ayiyukwaziwa ezweni ngenxa yendlala elandelayo, ngokuba iyakuba nzima kakhulu. 32Lokhu ukuthi iphupho liphindwe kabili kuFaro, kungokuba le nto inqunywe nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyakushesha ayenze.

33“Manje uFaro makakhethe umuntu oqaphelayo ohlakaniphileyo, ambeke phezu kwezwe laseGibithe. 34Makenze njalo uFaro, abeke ababonisi phezu kwezwe, bahlukanise okwesihlanu kwezwe laseGibithe ngeminyaka eyisikhombisa yenala. 35Mababuthe konke ukudla kwale minyaka emihle ezayo, banqwabele phansi kwesandla sikaFaro amabele emizini, abe ngukudla, bawalonde. 36Lokhu kudla kuyakubekelelwa izwe ngenxa yeminyaka eyisikhombisa yendlala eyakuba khona ezweni laseGibithe ukuba izwe lingabhubhi ngendlala.”

Ukuphakanyiswa kukaJosefa

37Leli zwi laba lihle emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe zonke. 38Wayesethi uFaro ezincekwini zakhe: “Singamthola yini umuntu onjalo, onoMoya kaNkulunkulu, na?”

39Wathi uFaro kuJosefa: “Njengokuba uNkulunkulu ekwazise wena konke lokhu, akakho oqaphelayo ohlakaniphileyo njengawe. 40Wena uzakuba phezu kwendlu yami; ngezwi lakho bayakuhlelwa bonke abantu bami; esihlalweni sobukhosi kuphela ngiyakuba mkhulu kunawe.”

41Wathi uFaro kuJosefa: “Bheka, sengikubeke phezu kwezwe lonke laseGibithe.” 42UFaro wayesekhumula indandatho yakhe esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izingubo zelineni elicolekileyo, wafaka umnaka wegolide entanyeni yakhe. 43Wamkhwelisa enqoleni yesibili emva kwakhe; bamemeza phambi kwakhe, bathi: “Guqani!” Wambeka phezu kwezwe lonke laseGibithe.

44UFaro wathi kuJosefa: “NginguFaro; ngaphandle kwakho akuyikuphakamisa muntu isandla sakhe nonyawo lwakhe ezweni lonke laseGibithe.” 45UFaro waqamba igama likaJosefa ngokuthi uSafenati Phaneya; wamnika u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni abe ngumkakhe. UJosefa waphuma, wahamba izwe lonke laseGibithe.

46UJosefa wayeneminyaka engamashumi amathathu mhla emi phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe. UJosefa waphuma ebusweni bukaFaro, wahamba izwe lonke laseGibithe. 47Ngeminyaka eyisikhombisa yenala umhlaba wathela kakhulu. 48Waqoqa konke ukudla kwale minyaka eyisikhombisa eyayisezweni laseGibithe, wabekelela ukudla emizini; ukudla kwamasimu azungeza yilowo nalowo muzi wakubekelela kuwo. 49UJosefa waqongelela amabele angangesihlabathi solwandle, okuningi kakhulu, waze wayeka ukubala, ngokuba kwakungenakubalwa.

Indlala

50UJosefa wazalelwa amadodana amabili, kungakafiki mnyaka wendlala, amzalela wona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni. 51UJosefa waqamba igama lezibulo ngokuthi uManase,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngikhohlwe konke ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.” 52Igama lowesibili waliqamba ngokuthi u-Efrayimi,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngizale ezweni lokuhlupheka kwami.”

53Iminyaka eyisikhombisa yenala eyayisezweni laseGibithe yaphela. 54Iminyaka eyisikhombisa yendlala yayisiqala ukufika, njengalokho eshilo uJosefa; kwakuyindlala emazweni onke; kepha ezweni lonke laseGibithe ukudla kwakukhona. 55Kwathi selilambile izwe lonke laseGibithe, abantu bakhala kuFaro ngokudla; uFaro wathi kubo bonke abaseGibithe: “Yanini kuJosefa; lokho anitshela khona, nikwenze.”

56Indlala yayisebusweni bezwe lonke; uJosefa wavula zonke izinqolobane, wathengisela abaseGibithe; indlala yayinzima ezweni laseGibithe. 57Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuyothenga amabele, ngokuba indlala yayinzima emhlabeni wonke.

UGenesise 41ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 20

Ukuvuka kukaJesu

(Math. 28:1; Mark. 16:1; Luk. 24:1)

1Kwathi ngosuku lokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni. 2Khona wayesegijima waya kuSimoni Petru nakulowo mfundi omunye uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapha beyibeke khona.”

3Ngakho wayesephuma uPetru nomunye umfundi, beza ethuneni. 4Bagijima bobabili kanyekanye; kepha umfundi omunye wagijima kakhulu kunoPetru, wafika kuqala ethuneni; 5elunguza wabona izindwangu zelineni zikhona, kepha akangenanga. 6Khona wafika noSimoni Petru emlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zikhona, 7neduku ebelisekhanda lakhe libekiwe lingekho ezindwangwini zelineni, kepha lisongwe lilodwa kwenye indawo. 8Khona wayesengena nomfundi omunye ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa; 9ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanele ukuvuka kwabafileyo.

10Base bemuka abafundi, baphindela kubo.

Ukuzibonakalisa kukaJesu

11Kepha uMariya wema ethuneni ngaphandle ekhala; esakhala walunguza ethuneni; 12wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe, zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona.

13Zona-ke zathi kuye: “Mame, ukhalelani na?”

Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibekephi.” 14Eseshilo lokho waphenduka, wabona uJesu emi, kepha wayengazi ukuthi nguJesu.

15UJesu wathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Ufuna bani na?”

Kepha yena ethi ngumphathi wensimu wathi kuye: “Nkosi, uma umsusile, ngitshele ukuthi umbekephi, ngiye ngiyakumthatha mina.”

16UJesu wathi kuye: “Mariya!”

Waphenduka, wathi kuye ngesiHeberu: “Rabuni,” okungukuthi: “Mfundisi.”

17UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha yana kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”

18UMariya Magdalena weza wabikela abafundi ukuthi: “Ngiyibonile iNkosi,” nokuthi: “Ishilo lokho kimi.”

19Kwathi-ke kusihlwa ngalolo suku, olokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho abafundi bekhona ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.” 20Eseshilo lokho wabakhombisa izandla nohlangothi lwakhe. Base bethokoza abafundi beyibona iNkosi.

21Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina. Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina.” 22Kwathi ukuba asho njalo, wabaphephetha, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele. 23Enibathethelela izono zabo bathethelelwe; nenibabamba ngazo babanjiwe.”

24Kepha uTomase, omunye kwabayishumi nambili, othiwa uDidimu, wayengekho kubo mhla efika uJesu. 25Ngakho-ke abanye abafundi bathi kuye: “Siyibonile iNkosi.”

Kepha wathi kubo: “Uma ngingaboni ezandleni zayo inxeba lezipikili, ngifake umunwe wami enxebeni lezipikili, ngifake isandla sami ohlangothini lwayo, angisoze ngakholwa.”

26Emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe babesendlini futhi, uTomase enabo. UJesu wafika iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kinina.” 27Wayesethi kuTomase: “Zisa lapha umunwe wakho, ubone izandla zami; zisa isandla sakho, usifake ohlangothini lwami; ungabi ngongakholwayo kodwa okholwayo.”

28UTomase waphendula, wathi kuye: “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!”

29UJesu wathi kuye: “Ngokuba ungibonile, ukholiwe na? Babusisiwe abakholwa bengabonanga.”

30Izibonakaliso ezinye eziningi uJesu wazenza phambi kwabafundi bakhe, ezingalotshiwe kule ncwadi. 31Kodwa lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuba nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.

NgokukaJohane 20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 21

UJesu uzibonakalisa kubafundi ngaselwandle lwaseTiberiya

1Emva kwalokho uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi ngaselwandle lwaseTiberiya; wazibonakalisa kanje: 2kwakukhona ndawonye oSimoni Petru, noTomase othiwa uDidimu, noNathanayeli waseKhana laseGalile, nabakaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe. 3USimoni Petru wathi kubo: “Ngiya kodoba.”

Bathi kuye: “Nathi sihamba nawe.” Base bephuma, bangena emkhunjini; kepha ngalobo busuku ababambanga lutho.

4Kuthe sekusa, uJesu wayemi ogwini. Kepha abafundi babengazi ukuthi nguJesu.

5UJesu wathi-ke kubo: “Bantwana, aninakho ukudla na?”

Bamphendula bathi: “Qha.”

6Wayesethi kubo: “Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi, nizakuthola.” Base bephonsa, ababe besaba namandla ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi.

7Khona lowo mfundi uJesu amthandayo wathi kuPetru: “YiNkosi.” USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka, ngokuba wayehamba ze, waziphonsa elwandle. 8Kepha abanye abafundi beza ngesikebhe, ngokuba bebengekude nenhlabathi kepha kungathi izingalo ezingamakhulu amabili, bedonsa inetha linezinhlanzi. 9Kuthe sebephumele emhlabathini, babona umlilo wamalahle, nezinhlanzi zibekwe kuwo, nesinkwa.

10UJesu wathi kubo: “Lethani izinhlanzi kwenizibambe manje.”

11Wasuka uSimoni Petru, walihudulela emhlabathini inetha. Ligcwele izinhlanzi ezinkulu, ziyikhulu namashumi ayisihlanu nantathu; noma zingako, inetha alidabukanga. 12UJesu wathi kubo: “Wozani nidle.” Kepha akwabakho kubafundi owaba nesibindi sokumbuza ngokuthi: “Ungubani wena na?” Bazi ukuthi yiyo iNkosi. 13UJesu weza, wathabatha isinkwa, wabapha, nezinhlanzi futhi. 14Lokho sekungokwesithathu uJesu ebonakaliswa kubafundi, esevukile kwabafileyo.

Ukuvivinywa kukaPetru

15Khona sebedlile uJesu wathi kuSimoni Petru: “Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na?”

Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.”

Wathi kuye: “Yipha amawundlu ami.”

16Wabuye wathi kuye ngokwesibili: “Simoni kaJona, uyangithanda na?”

Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.”

Wathi kuye: “Yalusa izimvu zami.”

17Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?”

UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.”

UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami. 18Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Usemusha wawugqoka, uhambe lapho uthanda khona; kepha nxa usumdala, uyakwelula izandla zakho, omunye akugqokise, akuyise lapho ungathandi khona. 19Kepha wakusho lokho ekhomba ukufa azakumdumisa uNkulunkulu ngakho.” Eseshilo lokho wathi: “Ngilandele.”

20UPetru ephenduka wabona umfundi uJesu amthandayo elandela, oyena futhi wayencike esifubeni sakhe ekudleni, nowathi: “Nkosi, ngubani ozakukukhaphela na?” 21Kuthe uPetru embona lowo, wathi kuJesu: “Nkosi, kepha lona, pho?”

22UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? Wena landela mina.” 23Ngakho-ke leli zwi laphumela kubazalwane lokuthi lowo mfundi akayikufa. Kanti uJesu akashongo ukuthi akayikufa kodwa ukuthi: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na?”

Isigcino

24Nguye lo mfundi ofakaza ngalezi zinto nokulobile lokhu; siyazi ukuthi ubufakazi bakhe buqinisile.

25Kukhona nezinye izinto eziningi azenza uJesu; uma zilotshiwe zona ngazinye, ngithi nezwe lonke lingezanele izincwadi ezingalotshwa.

NgokukaJohane 21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU