Bible Society of South Africa
Benescke Janse van Rensburg

Live Happy … Today – Day 12

Live happy ... trusting God

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 AmaKhosi 18

UHezekiya uyinkosi kwaJuda

1Kwathi ngomnyaka wesithathu kaHosheya indodana ka-Ela, inkosi yakwa-Israyeli, uHezekiya indodana ka-Ahazi inkosi yakwaJuda waba yinkosi. 2Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalingu-Abi indodakazi kaZakariya. 3Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uDavide uyise. 4Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izinsika, wanquma o-Ashera,* wachitha inyoka yethusi ayeyenzile uMose, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babeshisa impepho kuyo kwaze kwaba ngalezo zinsuku; yabizwa ngokuthi uNehushitani. 5Wamethemba uJehova uNkulunkulu wakwa-Israyeli kwaze kwangabakho onjengaye phakathi kwawo onke amakhosi akwaJuda nakuwo ayengaphambi kwakhe. 6Ngokuba wabambelela kuJehova, akasukanga ekumlandeleni, kepha wagcina imiyalo yakhe uJehova ayala ngayo uMose. 7UJehova wayenaye; nomaphi lapho eya khona, waphumelela; wayihlubuka inkosi yase-Asiriya, kayikhonzanga. 8Wachitha amaFilisti kwaze kwaba seGaza nemikhawulo yalo, imibhoshongo yabalindi nemizi ebiyelweyo.

IJerusalema lihlaselwa ngoShalimaneseri noSaneheribi

9Kwathi ngomnyaka wesine wenkosi uHezekiya owawungumnyaka wesikhombisa kaHosheya indodana ka-Ela, inkosi yakwa-Israyeli, uShalimaneseri inkosi yase-Asiriya wenyuka walivimbezela iSamariya. 10Ngasekupheleni kweminyaka emithathu balithatha; ngomnyaka wesithupha kaHezekiya owawungumnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya inkosi yakwa-Israyeli iSamariya lathathwa. 11Inkosi yase-Asiriya yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala naseHabori ngasemfuleni waseGozani nasemizini yamaMede, 12ngokuba abalalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wabo, kepha beqa isivumelwano sakhe; konke ayala ngakho uMose inceku kaJehova kabavumanga ukukulalela nokukwenza.

13Ngomnyaka weshumi nane wenkosi uHezekiya, uSaneheribi inkosi yase-Asiriya wenyuka wahlasela yonke imizi ebiyelweyo yakwaJuda, wayithatha. 14UHezekiya inkosi yakwaJuda wathumela enkosini yase-Asiriya eLakishi, wathi: “Ngonile; buya kimi; okubeka kimi ngiyakukwenza.” Inkosi yase-Asiriya yamnqumela uHezekiya inkosi yakwaJuda amatalenta* angamakhulu amathathu esiliva namatalenta angamashumi amathathu egolide. 15UHezekiya wamnika lonke isiliva elalifunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi.

16Ngaleso sikhathi uHezekiya wanquma izivalo zethempeli likaJehova nezinsika uHezekiya inkosi yakwaJuda ayezinamekile, wakunika inkosi yase-Asiriya.

Inkulumo kaRabi Shake

17Inkosi yase-Asiriya yathuma oTharithani, noRabi Sarisi, noRabi Shake ukuba basuke eLakishi, baye enkosini uHezekiya eJerusalema, benempi enkulu. Benyuka bafika eJerusalema. Sebenyukile bafika, bema ngasemseleni wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu yoMhlanzi. 18Bayibiza inkosi, kwaphumela kubo u-Eliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, noJowa indodana ka-Asafa, umabhalana.

19Wathi kubo uRabi Shake: “Ake nisho kuHezekiya, nithi: ‘Isho kanje inkosi enkulu, inkosi yase-Asiriya, ithi: Yithemba lini leli olethembayo na? 20Wena uyakhuluma, kepha kungamazwi angawomlomo nje lana ngesu nangamandla okulwa. Pho, wethemba bani, lokhu ungihlubukile, na? 21Manje bheka, wethemba udondolo lwalo mhlanga ofecekileyo oyiGibithe; kepha uma umuntu ezimelela ngalo, luyakungena esandleni sakhe, lusihlabe; unjalo uFaro inkosi yaseGibithe kubo bonke abamethembayo. 22Kepha uma nithi kimi: “Siyamethemba uJehova uNkulunkulu wethu,” akusiye yini ozindawo zakhe eziphakemeyo nama-altare akhe akususile uHezekiya, wathi kuJuda nakulo iJerusalema: “Niyakukhuleka phambi kwaleli altare eJerusalema,” na?

23“ ‘Ngalokho ake uvumelane nenkosi yami, inkosi yase-Asiriya, ngiyakukunika amahhashi ayizinkulungwane ezimbili, uma ungabeka izinkweli kuwo. 24Pho, ungaphindisela emuva kanjani nenduna eyodwa ezincekwini ezincane zenkosi yami na? Nokho wethemba iGibithe ukuthola khona izinqola nabamahhashi. 25Manje ngenyukele yini ngaphandle kukaJehova kule ndawo ukuba ngiyichithe na? UJehova wathi kimi: “Yenyukela kulelo zwe, ulichithe.” ’ ”

26Base bethi u-Eliyakimi indodana kaHilikiya noShebina noJowa kuRabi Shake: “Ake ukhulume ezincekwini zakho ngesi-Aramu, ngokuba siyaluzwa, ungakhulumi kithi ngolimi lwabaJuda ezindlebeni zabantu abasogangeni.”

27Kepha uRabi Shake wathi kubo: “Inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukukhuluma lawa mazwi na? Hhayi kulaba bantu yini abahlezi ogangeni ukuba badle amasimba abo, baphuze umshobingo wabo kanye nani, na?”

28Wayesema uRabi Shake, wamemeza ngezwi elikhulu ngolimi lwabaJuda, wakhuluma wathi: “Zwanini amazwi enkosi enkulu, inkosi yase-Asiriya. 29Isho kanje inkosi, ithi: ‘Maningakhohliswa nguHezekiya, ngokuba akayikuba namandla okunophula esandleni sami; 30futhi uHezekiya makanganenzi nethembe uJehova ngokuthi: “UJehova uyakusophula nokusophula, nalo muzi awuyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.” ’

31“Ningamlaleli uHezekiya, ngokuba inkosi yase-Asiriya isho kanje, ithi: ‘Yenzani ukuthula nami, niphumele kimi, nidle, kube yilowo nalowo emvinini wakhe, kube yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe, niphuze, kube yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe, 32ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lamabele nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini, izwe leminqumo nezinyosi, ukuba niphile, ningafi.’ Futhi ningamlaleli uHezekiya, lapho eniyenga ngokuthi: ‘UJehova uyakusophula.’ 33Abanye onkulunkulu bezizwe bake bophula nokophula yini izwe lakubo esandleni senkosi yase-Asiriya na? 34Baphi onkulunkulu baseHamati nase-Aripadi na? Baphi onkulunkulu baseSefarivayimi, nabaseHena, nabase-Iva, na? Balophulile iSamariya esandleni sami na? 35Ngobani phakathi kwabo bonke onkulunkulu bamazwe abophule izwe lakubo esandleni sami ukuba uJehova alophule iJerusalema esandleni sami na?”

36Kepha abantu bathula, abamphendulanga ngazwi, ngokuba umyalo wenkosi wathi: “Ningamphenduli.”

37Base befika u-Eliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu, noShebina umlobi, noJowa indodana ka-Asafa, umabhalana, kuHezekiya, izingubo zabo ziklebhukile, bamlandisa amazwi kaRabi Shake.

2 AmaKhosi 18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 46

10Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu;

ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe,

ngiphakame emhlabeni.

11UJehova Sebawoti unathi;

uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela*

Ihubo 46:10-11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Here is an excerpt from an e-mail from Johan, a Verse-a-Day reader from Kazakhstan, in response to Day 11s piece in which we are reminded that God’s ways are not our ways:

Johan: “My stepfather, whom I loved dearly, fell ill and was hospitalised a while ago. At the same time, a visiting minister held special services at our church. One night, after the church service, the minister invited all sick people (or those who wanted to stand in for a sick loved one) to go forward, so he could pray for us. I immediately went on my stepfather’s behalf.

The preacher prayed for everyone in the line. When he got to me, he did not pray for me, but moved onto the next person. I left, feeling very disappointed. When I got home, I received a call from my mother with the news that my stepfather had passed away after a heart attack.

I went back to church the following evening. After the service, I asked the minister why he did not pray for me the previous night. He told me that God showed him that my stepfather was seriously ill. If he prayed for him, my stepfather would have lived to die a much worse death later on.

During the autopsy, they discovered that my stepdad had cancer. It was never diagnosed when he was alive. I now know that God spared him from that.

God is sovereign. When it feels like he is not answering our prayers, he might actually be protecting us!”

Johan is right. God always knows best. It was demonstrated in King Hezekiah’s life as well. Hezekiah was a righteous and godly man who reigned in the heyday of Judah. In 2 Kings 18, we read that he fell seriously ill. On his deathbed, he begged God not to end his life. God heard his prayer and extended his life for 15 years more.

At first, this sounds great. However, look closer to the 15 “extra years” and you will find that pride entered Hezekiah’s life. He forgot to give God the honour when he boasted with the Babylonians about his wealth and possessions. In addition, his son Manasseh was born. Manasseh became the evil king later on, deeply involved with the occult, which caused severe punishment on the nation. Would Hezekiah have been better off if his life was not extended? Quite possibly, yes.

What are you begging God for today? Sometimes we need to remind ourselves of the words in Psalm 46:10-11: “‘Be still, and know that I am God; I will be exalted among the nations, I will be exalted in the earth.’ The Lord Almighty is with us; the God of Jacob is our fortress.”

God is yesterday, today and forever the same. He is love and he wants what is best for your life. Therefore, do not try to kick a door open. Apart from hurting your foot, you might not even like what is waiting behind the door. Instead, rely on God. He knows the future and he will protect you, if you allow Him to. God bless.

Bible Society of South Africav.4.23.0
SITHOLE KU