Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 38

Ithemba

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 27

Ukujabulela uNkulunkulu nezwi lakhe

ElikaDavide.

1UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami;

ngizakwesaba bani na?

UJehova uyinqaba yokuphila kwami;

ngizakuba novalo ngobani na?

2Ekusondeleni kwababi ukuba badle inyama yami

abamelene nami nezitha zami bayakhubeka, bawe.

3Noma impi imisa ngakimi,

inhliziyo yami ayesabi;

noma ngivukelwa ngukulwa,

nokho nginethemba.

Ihubo 27:1-3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 20

Abakwa-Israyeli bakhulekela inkosi yabo

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1UJehova makakuphendule ngosuku lokuhlupheka;

igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele.

Ihubo 20:1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 20

7Abanye izinqola, abanye amahhashi,

kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.

8Bayathoba, bawe;

kepha thina siyavuka, sime.

9Sindisa, Jehova!

INkosi mayisiphendule ngosuku lokukhala kwethu.

Ihubo 20:7-9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 62

UNkulunkulu uyisiphephelo sethu

Kumholi wokuhlabelela. KuJeduthuni.* Ihubo likaDavide.

1Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela;

insindiso yami ivela kuye.

2Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami;

angiyikunyakaziswa kakhulu.

Ihubo 62:1-2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 62

5Mphefumulo wami,

zithulisele kuNkulunkulu kuphela,

ngokuba ithemba lami livela kuye.

6Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami,

inqaba yami; angiyikunyakaziswa.

7Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu;

idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.

8Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu,

nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe;

uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela*

Ihubo 62:5-8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 56

3Mhla ngesabayo

ngiyakwethemba wena.

4KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe;

ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba;

inyama ingangenzani na?

Ihubo 56:3-4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 56

8Ukuzula kwami ukubalile wena;

yetha izinyembezi zami egabheni lakho;

azikho encwadini yakho na?

Ihubo 56:8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 56:21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 56:63ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU