Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 35

Isilingo

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 141

3Jehova, bekela umlomo wami umlindi,

ugcine umnyango wezindebe zami.

4Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embi

ukuba ngenze imisebenzi yobubi

kanye nabantu abenza okubi,

ngingadli izibilebile zabo.

5Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi;

angisole, kungamafutha ekhanda;

ikhanda lami malingawenqabi,

ngokuba nasebubini babo umkhuleko

wami uyobe usekhona.

Ihubo 141:3-5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 141

8Kepha amehlo ami akuwe Jehova Nkosi yami;

ngiyakwethemba wena;

ungathululi umphefumulo wami.

Ihubo 141:8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU