Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 30

Ukwethembeka

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 119

89Kuze kube phakade, Jehova,

izwi lakho limi liqinile ezulwini.

90Ezizukulwaneni ngezizukulwane ukuthembeka kwakho kukhona;

wamisa umhlaba; usemi.

91Ngokwezahlulelo zakho kusekhona nanamuhla,

ngokuba konke kuyizinceku zakho.

Ihubo 119:89-91ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 89

Umkhuleko wocela ukusizwa

IMaskili* lika-Ethani umEzra.

1Ngiyakuhlabelela ngomusa kaJehova kuze kube phakade,

ngomlomo wami ngazise izizukulwane

ngezizukulwane ukuthembeka kwakho.

2Ngokuba ngithe: “Umusa uyakwakhiwa kuze kube phakade;

ezulwini uyaqinisa ukuthembeka kwakho.”

3Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami,

ngifungile kuye uDavide inceku yami ukuthi:

4“Ngiyakuqinisa inzalo yakho kuze kube phakade,

ngisakhe isihlalo sobukhosi ezizukulwaneni ngezizukulwane.” Sela*

5Izimangaliso zakho, Jehova, ziyadunyiswa ngamazulu,

ukuthembeka kwakho ebandleni labangcwele.

6Ngokuba ngubani osemafwini ongalinganiswa noJehova na?

Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noJehova na?

7UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele;

umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye.

8Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe na?

Unamandla, Jehova,

nokuthembeka kwakho kuyakuhaqa.

9Wena uyabusa ukukhukhumala kolwandle;

uma kuphakama amadlambi alo, uyawathulisa.

10Wena uchobozile uRahabi njengobuleweyo;

uhlakazile izitha zakho ngengalo yakho enamandla.

11Ngelakho izulu, ngowakho umhlaba;

izwe nokugcwala kwalo,

kukho konke ubeke isisekelo.

12Inyakatho neningizimu wakudala wena;

iThabori neHermoni kuyajabula egameni lakho.

13Ingalo yakho inobuqhawe,

isandla sakho sinamandla,

esokunene sakho siphakeme.

14Ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi;

umusa neqiniso kuyahamba phambi kobuso bakho.

15Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo;

siyahamba, Jehova,

ekukhanyeni kobuso bakho.

16Egameni lakho siyathokoza usuku lonke;

ngokulunga kwakho siyaphakanyiswa.

17Ngokuba wena uyinkazimulo yamandla abo;

ngomusa wakho uphondo lwethu luyaphakama.

18Ngokuba isihlangu sethu singesikaJehova;

inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli.

19Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi:

“Ngibekile usizo eqhaweni,

ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu.

20Ngifumene inceku yami uDavide,

ngimgcobile ngamafutha ami angcwele.

21Isandla sami siyakuba naye siqinile,

ingalo yami iyakumqinisa.

22Isitha asiyikumahlula,

nendodana yobubi ayiyikumhlupha.

23Ngiyakuchoboza izitha zakhe ebusweni bakhe,

ngihluphe abamzondayo.

24Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye;

egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe.

25Ngiyakubeka isandla sakhe phezu kolwandle,

esokunene sakhe phezu kwemifula.

26Uyakungibiza ngokuthi: ‘UnguBaba,

unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.’

27Ngiyakumenza abe yizibulo nophakamileyo

kunamakhosi omhlaba.

28Ngiyakumgcinela umusa wami kuze kube phakade;

isivumelwano sami soba siqinile kuye.

29Ngiyakwenza inzalo yakhe ime kuze kube phakade,

isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengezinsuku zezulu.

30“Uma abantwana bakhe beshiya umthetho wami

bengahambi ngezahlulelo zami,

31uma bephula izimiso zami

bengagcini imiyalo yami,

32ngiyakuhambela izono zabo ngenduku,

namacala abo ngemivimbo.

33Kepha umusa wami angiyikuwususa kuye,

ngingaphikisi ukuthembeka kwami.

34Angiyikwaphula isivumelwano sami,

nokuphumileyo ezindebeni zami angiyikukuguqula.

35Ngafunga kanye ubungcwele bami,

angiyikuqamba amanga kuDavide.

36Inzalo yakhe iyakuma phakade,

isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami.

37Iyakuma phakade njengenyanga

nanjengofakazi othembekileyo osemafwini.” Sela*

38Kepha usumlahlile, wamala,

wamthukuthelela ogcotshiweyo wakho.

39Uchithile isivumelwano senceku yakho,

wadumaza umqhele wayo, wawuphonsa emhlabathini.

40Udilizile zonke izindonga zakhe,

wazenza izinqaba zakhe zaba yincithakalo.

41Bonke abadlula ngendlela bayamphanga;

waba yihlazo kwabakhelene naye.

42Uphakamisile esokunene sabamelene naye,

wajabulisa zonke izitha zakhe.

43Futhi ubuyisele emuva usiko lwenkemba yakhe,

awumvumelanga ukuma ekulweni.

44Ususile inkazimulo yakhe,

wawisa phansi emhlabathini isihlalo sakhe sobukhosi.

45Ufinyezile izinsuku zobusha bakhe,

wamthela ngamahloni. Sela*

46Koze kube nini uyakuzisitha, Jehova,

nentukuthelo yakho ivutha njengomlilo, na?

47Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani

nokuthi wadalela ize bonke abantwana babantu.

48Ngubani oyakuphila engayikubona ukufa,

akhulule umphefumulo wakhe emandleni endawo yabafileyo, na? Sela*

49Nkosi, uphi umusa wakho wakuqala

owawufungela kuDavide ngokuthembeka kwakho na?

50Khumbula, Nkosi, ihlazo lezinceku zakho

nokuthi ngithwele esifubeni sami ihlazo lezizwe eziningi kakhulu,

51ezisola ngalo izitha zakho, Jehova,

ezisola ngalo ukuhamba kogcotshiweyo wakho.

52Makabongwe uJehova kuze kube phakade.

Amen, Amen.

Ihubo 48

Ngobuhle bomuzi kaNkulunkulu waseSiyoni

Igama. Ihubo lamadodana kaKora.

1Mkhulu uJehova, udunyiswa kakhulu

emzini kaNkulunkulu wethu entabeni yakhe engcwele.

2Inhle ngokuphakama,

ingukuthokoza komhlaba wonke

intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho,

umuzi weNkosi enkulu.

3UNkulunkulu uyaziwa ezindlini zawo zobukhosi

ukuthi uyinqaba.

4Ngokuba bheka, amakhosi abuthana;

aqhubeka kanyekanye.

5Abona, ayesemangala;

ashaywa luvalo, aphaphatheka.

6Ehlelwa lapho ngukuthuthumela,

yivuso njengakobelethayo.

7Ngomoya wasempumalanga

waphula imikhumbi yaseTharishishi.

8Njengalokho sizwile,

kanjalo sikubonile

emzini kaJehova Sebawoti,

emzini kaNkulunkulu wethu;

uNkulunkulu uyakuwumisa kuze kube phakade. Sela*

9Siyazindla ngomusa wakho, Jehova,

siphakathi ethempelini lakho.

10Njengalo igama lakho, Nkulunkulu,

kunjalo ukubongwa kwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba;

isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga.

11Mayijabule intaba yaseSiyoni,

kwethabe amadodakazi akwaJuda ngenxa yezahlulelo zakho.

12Zungezani iSiyoni, nilikake,

nibale imibhoshongo yalo.

13Qaphelani izindonga zalo,

nidabule izindlu zalo zobukhosi,

ukuze nilandisele isizukulwane esizayo.

14Ngokuba lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu phakade naphakade;

uzakusihola kuze kube sekufeni.

Ihubo 90

Ubuphakade bukaNkulunkulu nokuphela komuntu

Umkhuleko kaMose, umuntu kaNkulunkulu.

1Nkosi, wena uyisiphephelo sethu ezizukulwaneni ngezizukulwane.

2Kungakaveli izintaba,

ungakawenzi umhlaba nezwe,

kuthi kusukela phakade kuze kube phakade

wena Nkulunkulu ukhona.

Ihubo 90:1-2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 90

14Sisuthise ngomusa wakho,

kuse sekuseni,

ukuze sithokoze, sijabule izinsuku zethu zonke.

15Sithokozise ngangezinsuku owasihlupha ngazo,

nangangeminyaka esabona okubi ngayo.

16Izenzo zakho mazibonakale kuzo izinceku zakho,

nenkazimulo yakho kubantwana bazo.

17Yebo, ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu,

umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu;

yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise.

Ihubo 90:14-17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU