Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 20

Ukungabaluleki komuntu

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 62

9Abantwana babantu bangumoya nje,

abantwana bezikhulu bangamanga;

esilinganisweni bayakhuphuka,

balula kunomoya bonke.

10Maningakwethembi ukuqhwaga,

ningazigabisi ngokuphangiweyo;

uma imfuyo yanda,

ningayibeki inhliziyo kuyo.

11UNkulunkulu ukhulumile kanye,

ngikuzwe kabili

ukuthi amandla angakaNkulunkulu.

12Nomusa ungowakho, Nkosi;

ngokuba wena umphindisela umuntu

njengokwenza kwakhe.

Ihubo 62:9-12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 90

3Uyambuyisela umuntu othulini, uthi:

“Buyani, bantwana babantu.”

4Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezolo selidlulile,

nanjengomlindo ebusuku.

5Uyabamukisa njengesikhukhula, banjengobuthongo;

ekuseni banjengotshani obuhlumayo;

6ekuseni buyakhahlela, buhlume;

kusihlwa bunqunywe, bubune.

Ihubo 90:3-6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 144

3Jehova, uyini umuntu ukuba umazi,

nendodana yomuntu ukuba uyikhumbule, na?

4Umuntu ufana nomoya;

izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.

Ihubo 144:3-4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU