Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 14

Ithemba

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 27

11Ngifundise indlela yakho, Jehova,

ungihole endleleni ekhanyayo

ngenxa yezitha zami.

12Unganginikeli entandweni yezitha zami;

ngokuba ofakazi bamanga bangivukele kanye nabafutha

ukudlozomela.

13Yeka, uma bengingathembanga ukubona

okuhle kukaJehova ezweni labaphilayo!

14Lindela uJehova, uqine,

inhliziyo yakho ime isibindi;

yebo, lindela uJehova.

Ihubo 27:11-14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 37

23Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova;

uyayithanda indlela yakhe.

24Noma ekhubeka, akayikuwa phansi,

ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe.

25Kade ngimusha, manje sengimdala;

angizange ngibone olungileyo eshiyiwe

nenzalo yakhe iphanza ukudla.

26Usuku lonke uyahawukela,

atsheleke, nenzalo yakhe iyisibusiso.

Ihubo 37:23-26ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 37

39Ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova;

uyinqaba yabo esikhathini sokuhlupheka.

40UJehova uyabasiza, abakhulule;

ubakhulula kwababi, abasindise,

ngokuba bayamethemba.

Ihubo 37:39-40ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU