Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 12

Ubukhulu

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 89

5Izimangaliso zakho, Jehova, ziyadunyiswa ngamazulu,

ukuthembeka kwakho ebandleni labangcwele.

6Ngokuba ngubani osemafwini ongalinganiswa noJehova na?

Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noJehova na?

7UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele;

umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye.

8Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe na?

Unamandla, Jehova,

nokuthembeka kwakho kuyakuhaqa.

9Wena uyabusa ukukhukhumala kolwandle;

uma kuphakama amadlambi alo, uyawathulisa.

Ihubo 89:5-9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 8

Indodana yomuntu nenkazimulo yayo

Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi.* Ihubo likaDavide.

1Jehova Nkosi yethu,

igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke!

wena owabeka inkazimulo yakho ezulwini.

2Ngomlomo wezingane nowabancelayo

wagxilisa amandla ngenxa yabamelene nawe

ukuba uthulise isitha nophindisayo.

3Lapha ngibuka izulu lakho,

umsebenzi weminwe yakho,

inyanga nezinkanyezi ozimisileyo,

4umuntu uyini ukuba umkhumbule,

nendodana yomuntu ukuba uyinake na?

Ihubo 8:1-4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 19

Ukuzibonakalisa kukaNkulunkulu ngokudala nangezwi lakhe

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova,

nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.

Ihubo 19:1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 48

Ngobuhle bomuzi kaNkulunkulu waseSiyoni

Igama. Ihubo lamadodana kaKora.

1Mkhulu uJehova, udunyiswa kakhulu

emzini kaNkulunkulu wethu entabeni yakhe engcwele.

Ihubo 48:1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 48

10Njengalo igama lakho, Nkulunkulu,

kunjalo ukubongwa kwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba;

isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga.

11Mayijabule intaba yaseSiyoni,

kwethabe amadodakazi akwaJuda ngenxa yezahlulelo zakho.

Ihubo 48:10-11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU