Bible Society of South Africa

A Triumphant King – Day 97

A series of readings on the Easter story, exploring the reality and wonder of Jesus' death and resurrection.

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaMathewu 26

EGetsemane

36Khona uJesu wafika nabo endaweni ethiwa iGetsemane, wathi kubafundi: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka laphaya.” 37Wathatha uPetru namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba nomunyu nosizi. 38Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.”

39Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesi sitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.”

NgokukaMathewu 26:36-39ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU