Bible Society of South Africa

A Triumphant King – Day 102

A series of readings on the Easter story, exploring the reality and wonder of Jesus' death and resurrection.

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaMathewu 28

Ukuvuka nokuzibonakalisa kukaJesu

1Kepha ekupheleni kwesabatha ngovivi lolokuqala lweviki kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, beza ukuyobona iliba.

2Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yahlala phezu kwalo. 3Ukubonakala kwayo kwakunjengonyazi, nesambatho sayo sasimhlophe njengongqoqwane. 4Kepha abalindi bathuthumela ngokuyesaba, baba njengabafileyo.

5Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni; 6kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; zanini nibone indawo lapho ebelele khona.

NgokukaMathewu 28:1-6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU