Bible Society of South Africa

40 Day Adventure – Day 9

WEEK 2 – To Google God

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

AbAhluleli 7

7Wayesethi uJehova kuGideyoni: “Ngalawo madoda amakhulu amathathu axhaphayo ngizakunisindisa, ngibanikele abakwaMidiyani esandleni sakho; bonke abanye abantu mabahambe, yilowo nalowo aye endaweni yakhe.” 8Abantu base bethatha umphako ngesandla sabo namacilongo abo; bonke abanye abakwa-Israyeli wabathuma, kwabayilowo nalowo etendeni lakhe, wagcina lawo madoda amakhulu amathathu; ikamu* lakwaMidiyani laliphansi kwakhe esigodini. 9Kwathi ngalobo busuku uJehova wathi kuye: “Vuka wehlele ekamu, ngokuba sengilinikele esandleni sakho. 10Kepha uma wesaba ukwehla, yehla noPhura udibi lwakho, niye ekamu; 11uzakuzwa ukuthi bathini, andukuba kuqiniswe izandla zakho ukuba wehlele ekamu.” Khona wehla noPhura udibi lwakhe emaphethelweni abahlomileyo abasekamu. 12AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abasempumalanga bahlala esigodini njengesikhonyane ngobuningi; amakamela abo ayengenakubalwa, engangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi.

13Lapho efika uGideyoni, bheka, umuntu wayelandisa umngane wakhe iphupho, wathi: “Ngaphupha iphupho; bheka, iqebelengwane lesinkwa sebhali* lagingqikela ekamu lakwaMidiyani, lafika etendeni, lalishaya laze lawa, laligumbuqela, labhadalala.”

14Umngane wakhe waphendula wathi: “Lokhu akulutho ngaphandle kwenkemba kaGideyoni indodana kaJowashi, umuntu wakwa-Israyeli; uNkulunkulu unikele esandleni sakhe uMidiyani nempi yonke.”

15Kwathi uGideyoni ekuzwa ukulandwa kwephupho nokuchazwa kwalo, wakhuleka; wabuyela ekamu lakwa-Israyeli, wathi: “Vukani, ngokuba uJehova unikele esandleni senu impi yakwaMidiyani.”

AbAhluleli 7:7-15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseRoma 8

Umuntu unqoba ngaye uJesu

31Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na? 32Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na? 33Ngubani ozakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? UNkulunkulu ungolungisisayo; 34ngubani olahlayo na? UKristu Jesu owafayo, yebo impela, owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, nguyena osinxuselayo. 35Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na? 36Kulotshiwe ukuthi:

“Ngenxa yakho sibulawa usuku lonke,

sithiwa izimvu zokuhlatshwa.”

37Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo. 38Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, 39nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.

KwabaseRoma 8:31-39ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU