Bible Society of South Africa

40 Day Adventure – Day 6

WEEK 1 – When God whispers

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UDuteronomi 6

Isiyalezo sokugcina imiyalo kaNkulunkulu nesokumthanda

1“Nansi imiyalo, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wenu ayala ukuba nifundiswe khona, nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla, 2ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho. 3Yizwa-ke, Israyeli, uqaphele ukukwenza ukuba kube kuhle kuwe, nande ngamandla, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wakuthembisa khona ezweni elivame ubisi nezinyosi.

4“Yizwa, Israyeli: uJehova uNkulunkulu wethu, uJehova, munye; 5wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho. 6Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho, 7ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka. 8Uyakuwabopha abe luphawu esandleni sakho, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho. 9Wowaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho.

UDuteronomi 6:1-9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzEnzo 2

Ukuthululwa kukaMoya oNgcwele

1Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye. 2Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo. 3Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo. 4Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.

5Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu; 6kwathi kuzwakele lowo mdumo, uquqaba lwabuthana, lwaphithiza, ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo. 7Bethuka, bamangala bathi: “Bheka, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na? 8Yini, pho, ukuba sonke ngabanye sizwe ngolimi lwakithi esazalwa nalo na?

IzEnzo 2:1-8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU